Ukuvivinywa Nokuhlungwa Ezikhathini Zanamuhla
“Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na?”—MALAKI 3:2.
1. Lapho uJehova efika ethempelini elingokomoya ezikhathini zanamuhla, uye watholani, okuphakamisa miphi imibuzo?
LAPHO “iNkosi” ifika ethempelini elingokomoya ihamba ‘nesithunywa sayo sesivumelwano,’ ngokushesha ngemva kokumiswa koMbuso ezulwini ngo-1914, yini uJehova ayithola? Abantu bakhe babedinga ukucwengisiswa nokuhlanzwa. Ingabe babeyozithoba kulokhu futhi bakhuthazelele noma yikuphi ukuhlanzwa okudingekayo kwenhlangano yabo, umsebenzi, imfundiso, nokuziphatha? Njengoba uMalaki akubeka: “Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na?”—Malaki 3:1, 2.
2. Ezikhathini zanamuhla, obani “amadodana kaLevi” kaMalaki 3:3?
2 UJehova wamukela umthwalo wemfanelo wokuhlanza nokucwengisisa “amadodana kaLevi.” (Malaki 3:3) KuIsrayeli wasendulo, isizwe sakwaLevi sasinabapristi nabasizi basethempelini. “Amadodana kaLevi” anjalo afanekisela yonke indikimba yabagcotshiweyo namuhla abakhonza njengabapristi ngaphansi kukaJesu, umPristi oMkhulu. (1 Petru 2:7-9; Heberu 3:1) Yibo abavivinywa kuqala lapho uJehova efika ethempelini elingokomoya ‘nesithunywa sakhe sesivumelwano.’ Manje, yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi lokhu kucwengisiswa kwenzeka kusukela ezinsukwini zokuphela kweMpi Yezwe I kuqhubeke?
Isikhathi Sovivinyo Olunjengomlilo
3. Entwasahlobo ka-1918, sasiyini isimo sofakazi bakaNkulunkulu?
3 Lapho uJehova ehamba ‘nesithunywa sakhe sesivumelwano’ eya ethempelini elingokomoya, wathola insali idinga ukucwengisiswa nokuhlanzwa. Ngokwesibonelo, iThe Watch Tower yayikhuthazé abafundi bayo ukuba babekele eceleni uMay 30, 1918, njengosuku lomthandazo wokunqoba kwemibuso ebusa ngentando yeningi, njengoba kwakucele umkhandlu waseU.S. noMongameli uWilson. Lokhu kwakuwukwephulwa kokungathathihlangothi kobuKristu.—Johane 17:14, 16.
4. Yini eyenzeka ngokuqondene nokushushiswa kwezinceku zikaJehova?
4 Abefundisi nohulumeni baletha ukucindezela okukhulu ezincekwini zikaJehova ezigcotshiwe. Njengoba yayimangalelwe ngamanga ngokuvukela umbuso, insali egcotshiwe yazama ukwenza ubumsulwabayo bukhanye obala. Nokho, ngoMay 7, 1918, kwakhishwa izincwadi zokuba kuboshwe amalungu ayisishiyagalombili ezisebenzi eziqondisayo nezilobayo zeWatch Tower Bible and Tract Society, kuhlanganise nomongameli, uJ. F. Rutherford. Ukuthethwa kwecala lazo kwaqala ngoMsombuluko, ngoJune 3. NgoJune 20 abahluleli babuyisa isinqumo sokubalahla ngecala ngamacala amane. Khona-ke ngoJuly 4, 1918, lamadoda angamaKristu azinikezele athathwa ngesitimela ayiswa ejele eAtlanta, eGeorgia, eU.S.A.
5. Kwakusobala kanjani ukuthi kwakudingeka kube nokuhlungwa phakathi kwalabo ababekhonza uNkulunkulu, futhi yini ebonisa ukuthi lokhu kwenzeka?
5 Ehlobo lika-1918, izwi lensali elalinamandla, lihlelekile lokushumayela obala ngoMbuso kaJehova lase lehle kakhulu. Kwakunjengokungathi ‘babebulewe’ ngokuqondene nomsebenzi wabo wasobala. (IsAmbulo 11:3, 7) Ngesikhathi semihlangano yeNhlangano ngalelohlobo, ezinye izihlubuki zazikhipha futhi zakha amaqembu azo enkolo aphikisayo. Njengoba zazibonisa imikhuba ‘yenceku embi,’ ‘zeliwa’ ‘njengamakhoba’ ukuze zihlukaniswe nensali kaJehova ethembekile. (Mathewu 3:12; 24:48-51) ISikhumbuzo sokufa kukaKristu sagujwa ngeSonto, ngoApril 13, 1919, kunabayizi-17 961 ababekhona emazweni amaningi. Uma kuqhathaniswa nombiko ongaphelele ka-1917, ababa khona eSikhumbuzweni babehle ngabangaphezu kwezi-3 000, okwabonisa imiphumela yokuhlunga.
6. Kukanjani ukuvumela kukaJehova uvivinyo olunjalo kwaba nombono wokubusiswa kwabantu bakhe ekugcineni?
6 Nokho, ukuvumela kukaJehova uvivinyo olunjalo olunjengomlilo ukuba lwehlele abantu bakhe kwakunombono wokubusiswa kwabo ekugcineni. Akazange abashiye ngokuphelele. NgoLwesibili, ngoMarch 25, 1919, uJ. F. Rutherford, nabangane bakhe abayisikhombisa bakhululwa ejele ngebheyili futhi kamuva amacala abo asulwa ngokuphelele. Ngokushesha, kulaba abahlanziwe abasinda kule nkathi yokuhlunga kwase kufike inkululeko ekuthunjweni! Yebo, “umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo; base bema ngezinyawo zabo,” balungela umsebenzi.—IsAmbulo 11:11.
7. (a) Yini labofakazi ababuyiselwe manje abayenza? (b) Waba yini umphumela walokhu kucwengisiswa nokuhlanzwa?
7 Yini ababezoyenza manje? Njengomphakathi wobuKristu obuyiselwe, insali yazihlolisisa. Ya thandazela intethelelo kaJ ehova nganoma yiziphi izono zokuhlehla. (Qhathanisa neHubo 106:6; Isaya 42:24.) Yaqhubeka njengabantu abahlanziwe. Ngenxa yokucwengisiswa, insali enhliziyo ziqotho ‘yaba abantu abanikela ngeminikelo kuJehova ngokulunga.’ (Malaki 3:3) Imihlatshelo engokomoya yokudumisa eyayiyinikela yamthokozisa uNkulunkulu. (Heberu 13:15) Yajabula ngokuthi isikhathi esifushane sentukuthelo kaJehova sase siphelile. Yayinethemba lokuthi inkonzo yayo yesikhathi esizayo yayiyokwamukeleka kuye. (Isaya 12:1) Kusukela ngoSeptember 1 kuya ku-8, 1919, kwenziwa umhlangano ojabulisayo eCedar Point, eOhio, owaba nabayizi-7 000 ababa khona nabangama-200 ababhapathizwa. Konke lokhu kwabonisa ukubuyiselwa nokuzimisela ukufeza umsebenzi kaJehova wokushumayela.
8. (a) Inqubo yokucwengisisa nokuhlanza isithinta kanjani namuhla? (b) Ngaphezu ‘kwamadodana kaLevi’ osuku lwanamuhla, obani abanye okumelwe badlule ekuvivinyweni nasekuhlungweni?
8 Konke lokhu kubathinta kanjani abantu bakaNkulunkulu abaphila namuhla? Ngokwesiprofetho, uJehova, ehambisana nesithunywa sakhe, wayezofika ‘ahlale ecwengisisa ehlanza.’ (Malaki 3:3) Yebo, inqubo yokucwengisisa nokuhlanza yayizoqhubeka, futhi ‘wayezohlala’ abukisise. Iqiniso lokuthi insali ethembekile yadlula esikhathini sovivinyo olunjengomlilo ekuqaleni kwalelikhulu leminyaka lalingasho ukuthi uMcwengisisi oMkhulu wayeseqedile ukuyihlanza. Ukuvivinya nokuhlunga kuye kwaqhubekela osukwini lwethu. UJehova usesethempelini lakhe, uhlezi uyahlulela. Ubengahlanzi nje kuphela “amadodana kaLevi,” insali egcotshiwe. Isiprofetho sikaMalaki sabonisa ukukhathalela kwaKhe “abafokazi,” abafanekisela “isixuku esikhulu,” esinethemba lokuphila kwasemhlabeni. (Malaki 3:5; IsAmbulo 7:9, 10) Yebo, phakathi neminyaka engama-69 edlule, kuye kwaba nokuhlanzwa okuqhubekayo kwabantu bakaJehova ngezindlela ezine.
Ukucwengisiswa Kwenhlangano
9. Iziphi ezinye izenzakalo eziqhubekayo ekuhlelekeni kwenhlangano kusukela ngo-1919?
9 Okokuqala, ukuhlanzwa kwenziwa ngokuvumelanisa ngokuqhubekayo ibandla lomhlaba wonke nezimiso ezingokomBhalo ezazisanda kuqondakala. Kwakumelwe kube nokuyekwa kancane kancane kwezindlela zokuphatha izindaba zebandla ngentando yeningi. Cabangela ezinye izenzakalo eziqhubekayo ngokuoqndene nalokhu.
1919: Ukumisa okwenziwa yiNdikimba Ebusayo kwaqala ngokumisa kwendlunkulu yeWatch Tower Society umqondisi wenkonzo ongashintshi ebandleni ngalinye ukuba aqondise imisebenzi yenkonzo yasensimini.
1932: Ukukhethwa kwaminyaka yonke kwabadala namadiyakoni kwaqedwa; ukukhethelwa kwamadoda lezikhundla yibandla kwathathelwa indawo ukukhethwa kwekomiti yenkonzo esiza (futhi ihlanganisa) umqondisi wenkonzo omiswe yiNhlangano.
1937: Kwaqashelwa ukuthi “amaJonadaba” [labo abanethemba lasemhlabeni] bangaba sezikhundleni zomthwalo wemfanelo ebandleni.
1938: Bonke ababonisi nabasizi babo kwakumelwe bamiswe yiNhlangano ngendlela engokwasezulwini.
1972: Kwenziwa kwakhanya ukuthi indlela engokomBhalo yokuphatha ibandla ngalinye kwakungeyona nje eyokuba kube yindoda eyodwa engumKristu ovuthiwe kodwa yindikimba yabadala, njengoba imiswe yiNhlangano.
1975: Ukumiswa kwamakomiti eNdikimba Ebusayo ukuba anakekele imithwalo yemfanelo ehlukahlukene; hhayi ukuba indoda eyodwa iqondise izindaba, kodwa bonke abasekomitini babezokuba nezwi ngokufanayo futhi babeyobheka ngobunye ekuholeni kukaKristu Jesu.
10. (a) Uye waba yini umphumela wokucwengisiswa okunjalo? (b) Uzizwa kanjani ngalo lonke loloshintsho?
10 Uye waba yini umphumela woshintsho olunjalo? Ngokungangabazeki isibusiso sikaJehova besicebile, njengoba kufakazelwa ukukhula ngokomoya nangokwezibalo kwabakhulekeli bakhe. (Qhathanisa nezEnzo 6:7; 16:5.) Yiqiniso, ababonisi abathile nabanye baye bahlungwa ngenxa yokwehluleka ukuzithoba ngokwethembeka endleleni ekhonjwe uNkulunkulu. Nokho, iningi labantu bakaJehova liye lazibonakalisa lilalela futhi lizithoba ekuthuthukeni kwenhlangano. (Heberu 13:17) Bayaqaphela ukuthi ngoshintsho olunjalo uMcwengisisi oMkhulu uye wabaletha ekuvumelaneni okuseduze ngokwengeziwe nezindlela ezingokomBhalo emabandleni.
Inkonzo Yasensimini
11. Yiziphi izindlela ezithuthukile zokushumayela ezibe khona emashumini amuva eminyaka?
11 Okwesibili, ukuhlanza kuye kwenziwa ngokuvivinywa mayelana nokuhlanganyela enkonzweni yasensimini.
1922: Wonke amalungu amabandla akhuthazwa ukuba ahlanganyele enkonzweni yasensimini yendlu ngendlu. Kwatholakala iBulletin (manje INkonzo Yethu YoMbuso) yanyanga zonke equkethe iziqondiso zenkonzo.
1927: Ukushumayela njalo endlini ngendlu ngamaSonto kwaqala; izincwadi nezincwajana zahanjiswa ngomnikelo.
1937: Kwaphuma incwajanayokuqala yeSifundo Esiyisibonelo yezifundo zeBhayibheli zasekhaya.
1939: Kwenziwa umkhankaso wokuqala waminyaka yonke wesikhokhelo seNqabayokulinda; kwatholakala izikhokhelo ezintsha ezingaphezu kwezi-93 000.
1940: Kwaqala umsebenzi wokuhambisa umagazini emigwaqweni.
Lokhu kushumayela obala kwaba nezinye izindlela ezithuthukile, kuhlanganise ukwenziwa kwezimpindelo nokuqhutshwa kwezifundo zeBhayibheli zasekhaya.
12. (a) Iye yaba yini imiphumela yokucwengisiswa okunjalo kwenkonzo yasensimini? (b) Singakubonakalisa kanjani ukwethembeka kwethu endleleni uJehova aye wacwengisisa ngayo abantu bakhe?
12 Iye yaba yini imiphumela? Phakathi neminyaka edlule abanye baye bahlungwa ngoba bengazimisele ukuba amaKristu athela izithelo. (Johane 15:5) Nokho ngokuqinisekile iningi labantu bakaJehova liye lasabela obizweni lwabashumayeli boMbuso. Phela, lelobutho elincane labangaphansi kwezi-8 000 emuva ngo-1919 lakhula laba yinani labamemezeli boMbuso abayizi-3 229 022 ngo-1986! Kuthiwani ngenkonzo yesikhathi esigcwele? Uma kuqhathaniswa namacolporteur (amaphayona) akhuthele ayi-150 entwasahlobo ka-1919, ngonyaka odlule kwaba nesilinganiso sabamemezeli abangamaphayona abayizi-391 000 abakhuthele inyanga ngayinye—isibalo esiphakeme kunazo zonke emlandweni woFakazi BakaJehova banamuhla! Ngokuba nengxenye yenkuthalo ekushumayeleni izindaba ezinhle, sibonakalisa ukusekela kwethu ngokwethembeka indlela uJehova aye waqhubeka ehlanza ngayo abantu bakhe.—1 Korinte 9:16.
Ukukhanya Okwandayo
13. Ziyini ezinye zezibonelo zendlela uJehova aye wakhanyisela ngayo abantu bakhe?
13 Okwesithathu, ukuhlanza kwenzeka njengoba abantu bakaJehova babevivinywa ngokuqondene nokwamukela ukukhanyiselwa okungokomoya okuqhubekayo okuvela eBhayibhelini. (IzAga 4:18) Kusukela ngo-1919 kuze kube manje inala yangempela yamaqiniso asanda kuqondakala iye yageleza.
1925: Kwaqondakala ngokukhanyayo ukuthi kunezinhlangano ezimbili ezizimele neziphikisanayo—ekaJehova nekaSathane.
1931: Kwamukelwa igama elisha elithi oFakazi BakaJehova.
1935: “Isixuku esikhulu” sesAmbulo 7:9-15 sachazwa njengesigaba esinethemba lasemhlabeni.
1941: Ukufaneleka kobukhosi bukaJehova bendawo yonke kwaboniswa kuyimpikiswano eyinhloko eyaphakanyiswa yinselele kaSathane.
1962: “Amandla ombuso” abaseRoma 13:1 achazwa ngokufanelekile njengayiziphathimandla zohulumeni bezwe amaKristu okumelwe azithobe ngokulinganiselwe kuzo.
1986: Kwaqashelwa ukuthi kokubili insali “nesixuku esikhulu” kumelwe sidle ngokomfanekiso inyama negazi likaJesu ngokwamukela umhlatshelo wakhe ukuze sibe sekuvumelaneni naye.—Johane 6:53-56.
Emashumini eminyaka adlule, njengoba uJehova ebekhanyisela abantu bakhe, kwakhanya ukuthi kwakunesidingo sokunakekela kwebandla ukulondoloza inhlangano ehlanzekile, engathathi-hlangothi ehlonipha ubungcwele begazi.—1 Korinte 5:11-13; Johane 17:14, 16; IzEnzo 15:28, 29.
14. (a) Abantu bakaJehova baye basabela kanjani ekukhanyiselweni okunjalo okuqhubekayo? (b) Kuyini ukuzimisela kwakho siqu ngokuqondene nomzila kaJehova wokuxhumana?
14 Abantu bakaNkulunkulu baye basabela kanjani kulokho kukhanyiselwa okuqhubekayo? Sonke lesikhathi, bekulokhu kunabambalwa abebengenakulwamukela ushintsho oluthile. Laba ‘beliwa.’ (Mathewu 3:12) Ngakolunye uhlangothi, yeka indlela izinceku zikaJehova ezithembekile ezijabula ngayo ngokukhanyiselwa okunjalo okungokomoya! Ngesikhathi lapho eLobukholwa lidwanguza ebumnyameni obungokomoya, indlela yabantu bakaJehova iqhubeka ikhanya. Akumelwe yini sizimisele ukunamathela eduze nomzila wokuxhumana uJehova awusebenzisayo, samukele konke ukukhanyiselwa okunjalo okuqhubekayo ‘njengokudla ngesikhathi sakho’?—Mathewu 24:45.
Ukuyeka Imikhuba Engcolile
15. UJehova uye wabacwengisisa kanjani kancane kancane abantu bakhe ngokuqondene nemikhuba engcolile noma yaseBabiloni?
15 Okwesine, ukuhlanza kwenzeka lapho ukuyeka imikhuba engcolile noma yaseBabiloni kuba okuphoqelekile. Ngawo-1920 abantu bakaNkulunkulu bayeka ukugubha uKhisimusi namanye amaholide aboniswa njenganomsuka wobuqaba. Ngo-1945 kwachazwa isimo sobuKristu ngokumpontshelwa kwegazi. Phakathi nawo-1960 nawo-1970, njengoba isimo sokuziphatha ezweni sasiqhubeka siwohloka, INqabayokulinda yaqhubeka inikeza iseluleko esiqondile kubantu bakaNkulunkulu ngezindaba ezinjengokuziphatha okuhle phakathi kobulili obuhlukene nesidingo sokugqashula kugwayi nakweminye imilaliso.
16. Kumelwe lubhekwe kanjani ushintsho olunjalo ngokuqondene nemikhuba engcolile?
16 Yebo, ushintsho olunjalo ngokuqondene nemikhuba engcolile ngokuvamile luye lwaba uvivinyo lokwethembeka kubantu bakaNkulunkulu. Nokho, labo abenza ushintsho oludingekile babheka ushintsho olunjalo njengosizo ekukhumuleni ingubo engcolile. (Kolose 3:9, 10) Baqaphela ukuthi nakuba imikhuba ehlangene namaholide athile ingase ibonakale ingenangozi, kumelwe sikhathalele umbono kaJehova; wazibonela ngokwakhe imikhuba engokwenkolo yobuqaba lamaholide avela kuyo. Mayelana nezimfuneko zikaNkulunkulu zokuziphatha, bazibheka njengesivikelo kunomngcele, ngakho uJehova wababusisa ngokuhlanzeka kwabo. Uma kubonakala kunzima ukuqonda ushintsho, babethemba ukuthi uJehova ‘wayebafundisa okubasizayo.’—Isaya 48:17.
17, 18. (a) UMcwengisisi oMkhulu usivivinya kanjani ngabanye? (b) Kumelwe kube yini ukuzimisela kwethu njengoba silindela usuku lukaJehova?
17 Unyaka ngamunye uJehova uyaqhubeka ecwengisisa futhi ehlanza abantu bakhe. Njengesigaba, baye bazithoba enqubweni yokucwengisisa inhlangano yabo, umsebenzi, imfundiso, nokuhlanzeka kokuziphatha. Kodwa kuthiwani ngathi ngabanye? Ngenhlangano yakhe uJehova uyaqhubeka aba “ukudla okuqinileyo” ngenjongo yesiqondiso esicwengisisa inhliziyo. Izisusa zethu ziyavivinywa futhi zihlolwe. (Heberu 4:12; 5:14) Ngokusabela ekucwengisisweni, inqubo yokuhlanza yoMcwengisisi oMkhulu, sizigcina sihlanzekile njengoba silindela ‘ukufika kosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.’—Malaki 4:5.
18 Masimbonge uJehova, “iNkosi,” ‘nesithunywa sakhe sesivumelwano,’ uJesu Kristu, abasicwengisisayo nabasikhulula ekungcoleni kulesikhathi sokuvivinywa nokuhlungwa. Kwangathi sonke singazimisela ukuqhubeka sihamba ezindleleni zikaJehova ezihlanzekile zokuthula ngaphansi ‘kweNkosi yokuthula,’ uKristu Jesu, futhi ngaleyondlela silondoloze ubuhlobo bethu obujabulisayo noJehova.—Isaya 9:6; IHubo 72:7.
UJehova Uye Wabacwengisisa KanjanI Abantu Bakhe Ngokuqondene—
◻ Noshintsho olungokwenhlangano?
◻ Nokuhlanganyela enkonzweni yasensimini?
◻ Nokwamukela ukukhanyiselwa okuqhubekayo?
◻ Nokuyeka imikhuba engcolile?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 16]
Ngenxa yokuhlanzwa nokucwengisiswa, insali enezinhliziyo eziqotho yaba abantu abanikela ngeminikelo kuJehova ngokulunga’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]
Unyaka ngamunye uJehova uyaqhubeka ecwengisisa futhi ehianza abantu bakhe
[Isithombe ekhasini 17]
Imcwengisisi wasenduio wayengula ukungcoia, noma amanyela. Ngokufanayo, uJehova uvumela ukuvivinywa nokuhlungwa ukuze acwengisise abantu bakhe
[Isithombe ekhasini 18]
Abambalwa baye ‘beliwa’ ‘njengamakhoba,’ kodwa Izinceku zikaJehova ezithembekile zamuke ngenjabulo ukukhanyiselwa okungokomoya okuqhubekayo
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.