Ukwakha Ukholo Olugudluza Izintaba
“NGINALO ukholo; ngisize ukuba ngibe nolwengeziwe.” Lawa kwakungamazwi kayise okhungathekile womfana onesithuthwane okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulela lesi. (Marku 9:24, The Living Bible) Kungenzeka ukuthi lamazwi aveza futhi imizwa yakho. Uma kunjalo, qiniseka ngokuthi awuwedwa. Izimo zezwe namuhla zibonakala zenza ukholo kuNkulunkulu naseZwini lakhe lube buthakathaka. Ifilosofi yokungakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, ukuthanda izinto ezibonakalayo, usizi emasontweni, nokwanda okwesabekayo kobudlova konke kubonakala kululaza ukholo lweqiniso. Ngakho, umbuzo kaJesu Kristu wawufanaleke kahle kakhulu, “Nxa ifika iNdodana yomuntu, imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?”—Luka 18:8.
Kwesinye isehlakalo, ngisho nabaphostoli bakaJesu bancenga, “Yandisa ukukholwa kwethu.” Nokho, esikhundleni sokuba abanikeze ukholo olwengeziwe ngokuyisimangaliso, wathi: “Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulomthombe: Simbuka, utshaleke elwandle, ubuyakunilalela.” (Luka 17:5, 6) Ngakho, kungenzeka kanjani ukuba sithole ukholo olwengeziwe?
Ukwakha Ukholo
Umphostoli uPawulu wabhala: “Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na? . . . Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.” (Roma 10:14-17) Ngakho-ke, kusobala ukuthi uma sifuna ukholo olwengeziwe, kumelwe sizwe futhi singenise ulwazi lwemiBhalo. Yilokho umuntu okhubazeke izandla nezinyawo okukhulunywe ngaye ngaphambili akwenza. OFakazi BakaJehova batadisha naye iBhayibheli, wazuza ukholo, khona-ke wasebenzisa akufundile ekuphileni kwakhe kwansuku zonke. Ngakho wathola ukholo ukuze agudluze isihibe esinjengentaba ekuphileni kwakhe.
Kudinga isikhathi ukuqoqa ‘ubufakazi obanelisayo’ njengesisekelo sokholo. (Heberu 11:1) Futhi kudinga umzamo. Ingabe uzimisele ukusebenzisa njalo isikhathi futhi wenze umzamo ukuze uthole ubufakazi obudingekile bokwakha ukholo?
“Izitini” Zokwakha Ukholo
Umsebenzi wokwakha ukholo ungafaniswa nokumisa isakhiwo. Ngisho nezakhiwo ezinkulukazi zakhiwe ngezitini ngazinye. Isitini ngasinye sibekwa endaweni kanye namakhulu ezinye izitini ukuze kunikezwe isakhiwo ukuqina okudingekile ukuze simele iziphepho ezinamandla kanye nokushintsha kwesikhathi. Nokholo, lusekelwe ‘ezitinini’ ezihamba ngazodwa zobufakazi obubekwe ngokucophelela ngokuhlobene nezinye. “Isitini” ngasinye siyonezela ebufakazini bokuthi uNkulunkulu ukhona, ukuthi unguMdali wazo zonke izinto, nokuthi unenjongo ehilela indalo yakhe yesintu. Ziyini ‘lezitini’ zokwakha?
Okokuqala, bheka umzimba wakho siqu. Awububoni yini ubufakazi obanelisayo boMdali, ngokwesibonelo, engqondweni yakho emangalisayo—isitho isayensi engaphuphi ngisho nokuphupha ukusilingisa? Ungasho yini njengoba kwenza umhubi, “Ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo”? (IHubo 139:14) Uma ungasho, khona unaso “isitini” esisodwa ongakha ngaso ukholo lwakho.
Ingabe uyabuthola ubufakazi obengeziwe boMdali onothando ebuhleni obunhlobonhlobo bemithi, izitshalo, nezimbali? Uyabubona yini ubufakazi obunjalo ezilwaneni, izinyoni, izilwane zasolwandle nasekusebenzelaneni kwazo esinye nesinye nokubaluleka kwazo esintwini? Uma sizimisele ukulalela, ‘singazizwa’ zonke zithi, ‘UNkulunkulu ukhona!’—Roma 1:20.
Nokho, ukukholelwa ebukhoneni boMdali akwanele. Ukuze siphendule imibuzo ngaye nezinjongo zakhe, sidinga isambulo esivela kulo Nkulunkulu ongabonakali, nohlakaniphileyo. Futhi sinaso! Kuphi? EBhayibhelini. Kodwa abaningi abacabangeli lomthombo wokwaziswa njengonokwethenjelwa njengendalo ebonakalayo esizungezile.
Nokho, kunobufakazi obuningi, ubufakazi obanelisayo, bokuthi iBhayibheli liyincwadi ephefumlelwe uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ukuvumelana okukhona phakathi kwababhali balo—cishe abangama-40 sebebonke, bebhala phakathi nekhulu le-16 leminyaka—kuwubufakazi boMlobi oyedwa, uJehova uNkulunkulu. Ngokuphindaphindiwe okutholwa yisayensi yeqiniso nemivubukulo nakho kuye kwabonisa iBhayibheli njengeliyiqiniso nelinokwethenjelwa. Ngokwesibonelo, isazi sezinkanyezi uRobert Jastrow wabhala: “Imininingwane ayifani, kodwa izici ezidingekile ekulandiseni kukaGenesise okungokwezinkanyezi nokungokweBhayibheli ziyefana: uchungechunge lwezehlakalo eziholela kumuntu lwaqala ngokushesha ngesikhathi esithile, ngokuphazima kokukhanya namandla.”
Cabangela isibonelo esisodwa nje sendlela imivubukulo eye yaqinisekisa ngayo umlando weBhayibheli. Kweyesi-2 AmaKhosi 18:13-15, siyafunda: “Ngomnyaka weshumi nane weNkosi uHezekiya, uSaneheribi inkosi yaseAsiriya wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha.” Ngalesosikhathi “inkosi yaseAsiriya yamnqumela uHezekiya inkosi yakwaJuda amatalenta angamakhulu amathathu esiliva namatalenta angamashumi amathathu egolide.” Ekuqinisekiseni lokhu, phakathi nekhulu leminyaka le-19 umvubukuli uA. H. Layard wathola okubizwa ngokuthi iDwala leNkosi uSaneheribi. Umbhalo walo wecuneiform ufundeka kanje: “UHezekiya umJuda, ongazithobanga ejokeni lami, imizi yakhe enezingange, eqinile engama-46, . . . ngayinqoba futhi ngayithatha. . . . Ngenezela enteleni yokuqala, futhi ngabeka ngaphezu kwakhe njengenkokhelo yabo yaminyaka yonke, intela . . . amathalenta angama-30 egolide namathalenta angama-800 esiliva.” Ukuvumelana okuphawulekayo komlando weBhayibheli, kuhluka kuphela enanini lentela yesiliva!
Ezinye “Izitini” Zokwakha Ukholo
“Izitini” zokwakha eziphawuleka kakhulu yilezo ezinikezwe ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli. Isiprofetho siwukubikezelwa kwesehlakalo esithile sesikhathi esizayo. Lapho lesosehlakalo senzeka, sinikeza isibikezelo isigxivizo sokuba yiqiniso. Iziprofetho ezinjalo zingaphezu kwekhono lomuntu, futhi iBhayibheli ngokufanelekile lithi: “Akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.” (2 Petru 1:21) Ukubheka iziprofetho ezimbalwa ezinjalo zeBhayibheli ngokuqinisekile kuqinisa ukholo.
Cishe ngo-732 B.C.E., uIsaya wabikezela ukuwa kweBabiloni ezandleni zamaMede namaPheresiya, enikeza ngisho negama lomnqobi, uKoresi. Ngokuphawulekayo, lesiprofetho sanikezwa eminyakeni engama-200 ngaphambi kokuba uKoresi athumbe iBabiloni! Ngokwengxenye, isiprofetho sikhuluma ngoJehova ‘njengoshoyo kuwo umsinga ukuthi: Yisha ngiyakomisa imifula yakho.’ Kwabikezelwa ukuthi uNkulunkulu ‘wayeyovula iminyango phambi kukaKoresi, namasango angabe esavalwa.’ UJehova wathi, “Ngaphule izivalo zethusi, nginqume imigoqo yensimbi. Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama.” (Isaya 44:24–45:3) Sagcwaliseka kanjani lesiprofetho?
Kwenzeka ngobusuku bokuxokozela kokudakwa ngeBabiloni namakhosi alo. Ngokunganakekile futhi ebumnyameni bobusuku, impi kaKoresi yasebenza ngokuhlakanipha yahlukanisa amanzi oMfula iEwufrathe, lowo owawudlula unqamula enkabeni yomuzi. Lokhu kwavumela amabutho ukuba angene eBabiloni ngogu lomfula. Amasango omfula ayeshiywe evuliwe ngokunganaki phakathi nomkhosi. Khona-ke, amaMede namaPheresiya awabanga nabunzima ekuthatheni iBabiloni nayo yonke ingcebo yalo. Isiprofetho sikaIsaya sagcwaliseka kuyo yonke imininingwane yaso.
UJehova uNkulunkulu futhi wabona kufanele ukugxilisa kuJesu Kristu zonke iziprofetho ezibikezela imininingwane yokuzalwa kwakhe, ukuphila, inkonzo, nokufa, ezinye zazo zibhalwe emakhulwini eminyaka ngaphambili. Ngokwesibonelo, kwabikezelwa ukuthi wayezozalwa esizweni sakwaJuda somndeni kaDavide (Genesise 49:10; Isaya 11:1, 2) futhi emzini waseBetlehema. (Mika 5:2) Omunye asondelene naye kakhulu wayengezukuthembeka futhi wayezomkhaphela ngezinhlamvu ezingama-30 zesiliva. (IHubo 41:9; Zakariya 11:12) Kwakuyokwenziwa inkatho ngezingubo zakhe. (IHubo 22:18) Wayezogwazwa, kodwa akukho nelilodwa lamathambo akhe elalizophulwa. (Zakariya 12:10; IHubo 34:20) UDaniyeli 9:24-27 wabikezela ukuza kukaJesu njengoMesiya, noma uKristu, emva kwamasonto angama-69 eminyaka, inkathi yeminyaka engama-483 ukusukela ku-455 B.C.E. kuze kube sekubhapathizweni kukaJesu ngo-29 C.E. Ingxenye “yesonto” (iminyaka emi-3 1/2) kamuva, ngo-33 C.E., uJesu ‘wanqunywa’ ekufeni njengoba kwakubikezelwe. Eminye imininingwane ye siprofetho nayo yagcwaliseka.
Lezi “izitini” ezimbalwa ezingasetshenziselwa ukwakha ukholo olungagudluza izintaba. Ukuzihlanganisela ndawonye nokuzibeka endaweni yazo kudinga isikhathi, umzamo, nokubekezela. Kodwa kuye kwenziwa. UJohn, ohlala eSantos, eBrazil, angakufakazela ukuthi kungenziwa. Eminyakeni ethile edlule, wayenombono ophambene ngenkolo, engenalo ukholo eBhayibhelini, nakuba ayekholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. UJohn wavuma ukuvakashelwa omunye woFakazi BakaJehova. Izingxoxo zamasonto onke ekugcineni zamenelisa uJohn ngokuthi iBhayibheli lalingeyona incwadi evamile, futhi ekugcineni ‘walamukela, hhayi njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili.’ (1 Thesalonika 2:13) Kwathatha isikhathi, kodwa izifundo zeBhayibheli eziqhubekayo zasiza uJohn ukuba aqonde injongo kaNkulunkulu ngesintu. Ekugcineni, ngo-1970 wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Manje, njengomdala omisiwe webandla, usiza abanye ukuba bakhe futhi bagcine ukholo lwabo.
Ingabe uyalufuna usizo ekwakheni ukholo lwakho? Uma kunjalo, khumbula ukuthi “ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.” (Roma 10:17) OFakazi BakaJehova abangaphezu kwezi-3 000 000 ngenkuthalo basakaza ‘izwi likaKristu’ noMbuso kaNkulunkulu emazweni angaphezu kwama-200. Bayojabula ukukusiza ukuba ufunde okwengeziwe ngeZwi likaNkulunkulu ngezingxoxo zeBhayibheli zamahhala.
Qiniseka ngokuthi isikhathi osinikela ekulaleleni ‘okuzwayo’ siyoba isikhathi esisetshenziswe kahle. Kungakusiza ukuba wakhe ukholo olugudluza izintaba. Lokhu, nakho, kungaholela ekuphileni okuphakade, “ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abenokuphila okuphakade.”—Johane 3:16.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]
“IZITINI” Zokwakha Ukholo
Yazisa izinto uJehova azenzile
Yemukela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu
Phawula indlelaimivubukulo nomlandookuqinisekisa ngayo umlando weBhayibheli
Hlola ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli