Ukuqondisisa Izindaba
Abefundisi NeAIDS
“Izisulu ZeAIDS Ziyanda Phakathi Kwabefundisi BamaKatolika,” kusho isihloko esasikuInternational Herald Tribune. Umbiko wathi: “Nakuba kungenakwenzeka ukunikeza ubufakazi bobukhulu balenkinga, odokotela, amalungu esonto nezisebenzi zezenhlala-kahle emadolobheni ahlukahlukene kulo lonke izwe bathi isibalo sabefundisi bamaKatolika abaphethwe iAIDS siyanyuka, . . . Ukuqashelwa okwandayo kokuthi izisulu [zeAIDS] zihlanganisa nabefundisi bamaKatolika kuye kwa letha inkinga esontweni ngoba lokhu kusho ukuthi abanye abapristi nabazalwane abazange nje kuphela baphule izifungo zabo zo kungabi nobuhlobo bobulili kodwa futhi baye bahlanganyela ezenzweni zobungqingili bephula imithetho yesonto.”
Nokho, ukuphula izifungo zokungabi nobuhlobo bobulili akukhona kuphela okungasolwa, ngoba ngisho namasonto anabefundisi abavunyelwe ukushada aye abika izisulu zeAIDS phakathi kwabefundisi bawo. Umbiko ofanayo wembula ukuthi “iAIDS iye yathinta abantu abaningi baseMelika, kuhlanganise nabefundisi bamaJuda, abapristi baseSheshi, abefundisi baseBaptist nabanye abefundisi.”
Yebo, akubona bonke abefundisi abaneAIDS abangongqingili. IAIDS ingatholakala futhi ngobuhlobo bobulili obuvamile nangokumpontshelwa igazi. Noma kunjalo, izimo ezinjalo phakathi kwabefundisi zibonisa lokho okungenzeka lapho abantu behluleka ukulandela umthetho osobala owabekwa umkhandlu wekhulu lokuqala leminyaka eJerusalema, okungukuthi, “ukuyeka . . . igazi, inyama yezilwane eziqumbeleneyo, nobuhlobo bobulili obungemthetho.”—IzEnzo 15:29, The New American Bible (yamaKatolika).
Umzila Ongeyiwo
“Zithande; unguNkulunkulu.” Ingabe uthi, umbiko oyinqaba? Ngempela, kodwa phakathi kwenani elandayo labantu abaphendukele enkolweni yamasiko, lombiko uba yinto evamile. Lawomazwi, ashiwo yinkosikazi yaseCalifornia eneminyaka engama-27 uPenny Torres, kuthiwa eqinisweni ashiwo uMafu, “okuthile okwase kuziphendukele ‘ngokugcwele kuvela emkhakheni wesikhombisa phezulu’ okwagcina kuziveze njengokunochoko ePompeii yeKhulu Lokuqala Leminyaka,” uTorres asebenza ‘njengomzila’ wakho kubika iLos Angeles Times. UTorres ungomunye wabantu abaningi eUnited States ‘abawumzila wemimoya yabafileyo’ efundisa ukuthi wonke umuntu ungunkulunkulu wakhe siqu.
“Imizila,” ngokweTimes, “ingabalozi abazenza bazulelwe yingqondo kancane noma ngokuphelele ukuze bakhulumisane ‘nemimoya’ engabonakali.” Lapho bekulesimo, bangase bacelwe ukuba banikeze iseluleko, noma banikeze izimpendulo emibuzweni yezindaba zomuntu siqu. ELos Angeles kuphela kulinganiselwa ukuthi kunabantu abayi-1 000 abathi bayimizila. Kungani kunesithakazelo esingazelelwe emzileni? KuThe Miami Herald, uRonald F. Thiemann, inhloko yeSikole Sobufundisi SaseHarvard, uthi “inkolo iye yaba yinto engashaywa-mkhuba ngokwandayo kubantu baseMelika.”
Emakhulwini eminyaka ngaphambili, uMose waxwayisa uIsrayeli: “Makungafunyanwa kuwe umuntu . . . obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana.” Ngasiphi isizathu? “Yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova.”—Duteronomi 18:10-12.
Ukuphumputha Ebumnyameni
Amalungu eISSOL ([IntemationaI Society for the Study of the Origin of Life] INhlangano Yezizwe Zonke Yokufunda Ngesiqalo Sokuphila) nyakenye ahlangana eBerkeley, eCalifornia, emhlanganweni wawo wesishiyagalombili. Ngemva kokuvuma isidingo sokuba “bazihlolisise ngokucubungula lokho abaye bakufeza kuze kube manje,” omunye wabasunguli beISSOL uProfesa Klaus Dose waphawula kuNaturwissenschaftliche Rundschau, umagazini wesayensi wasejalimane, ukuthi iminyaka yokucubungula ayizange izilethe izazi zokuziphendukela kwemvelo ekuqondeni isiqalo sokuphila.
UProfesa Dose uyabhala: “Cishe asikho isigaba semfundo yesayensi yemvelo esizibonakalisa ngezinhlobo ezingaka zemiqondo ephikisanayo, imiqondo ecatshangelwayo, nemibono njengoba kwenza wonke umkhakha wokuziphendukela kokuphila. Ngo-1986, eminyakeni engaphezu kwama-30 ngemva kwesiqalo esaqala ngokuthembisayo senkathi yokuhlola okucatshangelwayo, awekho amaqiniso angeziwe esingawakhomba ekuchazeni inqubo yangempela yesiqalo sokuphila kunalawo kaErnst Haeckel eminyakeni eyi-120 edlule. Ngeshwa, kumelwe kuqashelwe ukuthi imikhiqizo evela ekuhloleni okucatshangelwayo, eqinisweni, kuqhele kakhulu ekuphileni kunezinhlanganisela ezakha itiyela.” Ngokufanayo, uprofesa waseYunivesithi yaseNew York uIrving Kristol wabhala ukuthi “ukushintsha kancane kancane kwezinhlobo zezinto eziphilayo zisuka kwesinye isigaba ziya kwesinye ziwumqondo ocatshangelwayo wesayensi yezinto eziphilayo, azilona iqiniso lesayensi yezinto eziphilayo.”
Nakuba izazi zokuziphendukela kwemvelo ziqhubeka nokuphumputha izimpendulo, incazelo yeBhayibheli ihlangana kahle nawo wonke amaqiniso aziwayo. Kunjengoba umlobi weBhayibheli uDavide aloba ngokuqiniseka: “Ngokuba ukuwe [Nkulunkulu] umthombo wokuphila.”—IHubo 36:9.