Abamemezeli BoMbuso Bayabika
UJehova Wabusisa Ukumelela Kwabo Okuqinile Umthetho Wakhe
EZWENI eliseMpumalanga ePhakathi, ubaba wayelungisa ithaya eliphantshile eceleni komgwaqo lapho imoto ishayisa indodana yakhe eneminyaka emine ubudala futhi yayisibaleka ngesivinini. Enomntwana olimele emathangeni kanina, ubaba waya esibhedlela esiseduze lapho ayalelwa khona isibhedlela esiqhele ngamakhilomitha angama-25. Udokotela wanquma ukuthi umfana wayophele ngaphakathi nokuthi kwakudingeka ahlinzwe futhi ampontshelwe igazi. Abanye odokotela abayisishiyagalombili bavumelana naye. Njengoba bazi umthetho kaNkulunkulu ngokumelene nokumpontshelwa igazi, abazali benqaba. “Ninemizuzu emihlanu nje kuphela yokuba ninqume noma uma kungenjalo ngeke simthinte umntwana wenu ngisho noma nivuma ukuba ampontshelwe igazi kamuva,” kusongela udokotela. Phakathi nalesosikhathi, isisu somntwana saqhubeka sikhukhumala futhi sifinyelela izinga eliyingozi.
Umfowabo wegazi walobaba, ongekho eqinisweni, wamphoqelela ukuba avumele ukumpontshelwa kwegazi. Waze ngisho wathi: “Siza ubheke lomntwana njengokungathi akayena owakho kodwa owami. Njengoba unembeza wakho ekuhlupha, ngizothwala umthwalo wemfanelo, kuhlanganise nezindleko zesibhedlela, ukuze sinikeze umntwana igazi elidingekile. Lena indodana yakho okuwukuphela kwayo.” Ukucindezela kwakunzima ukukubekezelela, kodwa abazali babeqinile esinqumweni sabo.
Bathatha umfana bahamba, befuna isibhedlela esithile kodwa baduka. Ngenhlanhla babona uphawu lwesinye isibhedlela, futhi baya kuso, nakuba kwakungesona ababesifuna. Ngemva kokubona umfana, udokotela wathi: “Ukukhukhumala kwesisu salomfana kungase kube noma kungase kungabi uphawu lokophela ngaphakathi. Yekani umfana alale, futhi kusasa sizokwenza ukuxilonga okudingekile ukuze sibone.” Ukuxilonga kwabonisa ukuthi kwakungekho kopha, kodwa ukukhukhumala kwakungenxa yengozi. Sasingekho isidingo sokuhlinzwa. Eqinisweni, udokotela wathi ukuhlinza kwakungaba yingozi kakhulu. Abazali bathi: “Siyambonga uJehova ngenxa yokusinda kwendodana yethu nangokusiqondisa esibhedlela esifanele nakudokotela ofanele.”
Eminyakeni eyishumi kamuva, uye waba yini umphumela walesisimo? Ubaba uyalandisa: “Umfowethu owayengiphoqelela esibhedlela wakwazisa ukuma kwethu futhi wabona isiqondiso sikaJehova kulendaba. Lokhu kwavusa isithakazelo sakhe eqinisweni, lelo alamukela, futhi manje usebhapathiziwe futhi ukhonza njengomdala ebandleni. Umkakhe nabantwana bakhonza uJehova ngentshiseko kanye naye. Abanye abafowethu ababili nabo baseqinisweni nemikhaya yabo, futhi omunye wabo ukhonza njengenceku ekhonzayo. Ubaba nomama babhapathizwe muva nje nakuba sebegugile. Ngakho, nakuba kwakungokuhlangenwe nakho okubuhlungu ngami nomkami, ngenxa yakho amalungu omkhaya wakithi angama-30 aye amukela iqiniso; amanye kakade abhapathiziwe futhi akhonza njengabadala nanjengezinceku ezikhonzayo. Amanye asazobhapathizwa. Indodana yami, manje seyineminyaka eyi-14 ubudala, futhi iwummemezeli onempilo noshisekayo, futhi ibheke phambili ekubeni ibhapathizwe. Yeka ukuthi mina nomkami simbonga kanjani uJehova ngokusisiza ukuba senze isinqumo esiqondile ngokuvumelana nomthetho wakhe oshiwo kuzEnzo 15:29”!
[Isithombe ekhasini 27]
“Niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi”