Ngasindiswa Ethunzini Lokufa Ngokwelashwa Ngaphandle Kwegazi
Njengoba ilandiswa yilungu lezisebenzi zase-ndlunkulu yomhlaba wonke YoFakazi BakaJehova
KWABONAKALA kuphamba. NgoFebruary 1991, ngangiye eBuenos Aires, eArgentina, ngiyosiza ekuqhubeni imihlangano ephathelene nokusetshenziswa kwezinye izinto esikhundleni sokumpontshelwa igazi. Futhi manje ngangisethunzini lokufa, ngopha kakhulu ngophela ngaphakathi.
Inkinga yaqala esontweni elilodwa ngaphambili, lapho ngiseMexico. Ngezwa ubuhlungu obuthile esiswini kodwa angizange ngicabange ukuthi bungokungathi sína. Udokotela wendawo wathi kwakuvamile ngabantu baseMelika ukuba nezinkinga zesisu lapho bevakashele kulendawo. Wanginikeza umuthi ukuze udambise ubuhlungu.
Lapho ngisendizeni eya eBuenos Aires ngosuku olulandelayo, ubuhlungu bakhula. Ngezwa ukushisa okukhulu esiswini, futhi ezinsukwini ezimbili kamuva kwakunjengelangabi. Nganikezwa umjovo ukuze ulwisane nobuhlungu. Lokhu kwangenza ngakwazi ukuqeda ukusingatha izifundo engangizinikeza emhlanganweni. Ngemva kwalokho, ngathathwa egatsheni loFakazi BakaJehova, lapho mina nomkami sasihlala khona, ngayiswa esibhedlela sendawo. Lapho ngemva kokuxilongwa kwatholakala ukuthi nginesilonda sangaphakathi ngokusobala esasisanda kuyeka ukopha.
Lokhu kuxilonga kwakudida ngandlela-thile, ngoba ngangingakaze ngibe nesilonda sangaphakathi noma ngisho nezimpawu zaso. Nokho, kwakwethenjwa ukuthi ngangiyolulama ngokulala, ngemithi elwisana nama-acid, nangokudla ukudla okuduma. Ngeshwa, ngemva kokubuyela endlini yegatsha yokunakekela abagulayo, ukopha kwaqala futhi.
Indle yami yayimnyama, igcwele igazi, futhi ngangiphaphatheke njengesidumbu. Ekugcineni, ngaquleka, ngephutha ngidonsa ipayipi elalixhunywe engalweni yami. Umkami wagijima ephasishini ememeza umhlengikazi.
Ukuhlinzwa Noma Cha?
Ngokushesha odokotela ababili base beseceleni kombhede wami. Besebenzisa umhumushi, bangitshela ukuthi ihemoglobin yami yayehle yaba ngamagremu angu-6,8 ngedeciliter (ekahle icishe ibe ngu-15). Bathi babethintana ngocingo nochwepheshe wokuhlinza ngaphandle kwegazi. Wayesikisela ukuhlinzwa okuphuthumayo. Ngabuza ngezinye izinto ezingasetshenziswa esikhundleni sokuhlinzwa.
Kwathintwana nodokotela wezifo zesisu namathumbu. Wathi kwakungenzeka ukuba kudluliswe isipopolo emphinjeni wami siye esigodini esikupopopo, ingxenye yokuqala yamathumbu amancane. Lapho selifikile endaweni eyophayo, ithuluzi eliyikhemikhali lokuvimbela ukopha lingalahlelwa esilondeni ngomzamo wokunqanda ukopha.
“Ayini amathuba empumelelo?” ngibuza.
“Kungase kuphumelele, kungase kungaphumeleli,” ephendula. Nokho, udokotela ohlinzayo wathi uma ukusetshenziswa kwalelithuluzi kwehluleka, ukulibala nokulahlekelwa yigazi cishe kwakungakwenza ukuba kungenzeki ukuqhubeka nokuhlinza. Kwabonakala sengathi anginakuzikhethela ngaphandle kokuba ngihlinzwe.
Amaphaphu ayephezulu. Sangana mina nomkami. Ngaphambi kokuya esibhedlela ngeambulensi, ngenzelwa incwadi yokudlulisela ifa, futhi ngayisayina. Abangane bethu babenomuzwa wokuthi kungenzeka ngingasindi ekuhlinzweni.
Ukuhlinzwa
Ekamelweni lokuhlinza, ngabekwa kulokho okwakubonakala kuyitafula elikhulu lengilazi. Ukukhanya kwakuqhamuka ngezansi futhi kwehla kuvela ngenhla. Ukukhathazeka kwami kwakhula, okumelwe ukuba kwakusobala, njengoba omunye wodokotela abahlinzayo eza kimi. Wathi, “Ungakhathazeki. Konke kuzolunga.” Ukukhathalela kwakhe okufudumele kwakududuza. Nganikezwa isibulali-zinzwa ngokuhogela, futhi kulokho okwabonakala njengomzuzwana, ngaba nesiyezi, ngaba ndikindiki, ngaquleka.
Ngaphaphama njengoba babengisusa embhedeni oqhutshwayo bengiyisa embhedeni wasesibhedlela ovamile. Ngaqala ukuba novalo lapho ngizwa ubuhlungu obukhulu endaweni ehlinziwe nalobo obubangelwa amapayipi asekhaleni nasemphinjeni wami. Umkami, ekanye nomngane, bangiduduza. Ukoma kwami okukhulu kwancipha ngokuthi bahlikihle ngamanzi ezindebeni zami. Ngangijabulile ngokuthi ngiyaphila.
Nakuba ngaqinisekiswa ngokuthi ukuhlinzwa kwakuphumelele, isilinganiso sami segazi saqhubeka sehla. Yini okwakungenzeka ukuthi kuyiphutha? Ukuhlolwa kwendle yami kwabonisa ukuthi ngangisopha. Odokotela babeqiniseka ukuthi kwakungaveli endaweni ababesanda kuyilungisa—kodwa kwakuvelaphi-ke?
Odokotela baba nomuzwa wokuthi ngiye ngagwinya into ethile enoshevu ebangele isilonda, mhlawumbe kupopopo. Bathi ngangibuthakathaka kakhulu ukuba ngiphinde ngihlinzwe.
Ukucindezelwa Ukuba Ngamukele Igazi
Njengoba isilinganiso sami segazi sasiqhubeka sehla, ukucindezelwa ukuba ngamukele igazi kwakhula. Umhlengikazi owayenginakekela wathi ukuba ubengudokotela, wayezoqhubeka nje anginikeze igazi ngaphandle kokubuza. Cishe ngehora lesithathu ekuseni, udokotela weza kimi futhi wathi: “Kumelwe wamukele igazi uma ufuna ukuphila.”
Ngamchazela ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova nokuthi ngezizathu ezingokwenkolo nezokwelapha, ngangingeke ngamukele ukumpontshelwa igazi. (Levitikusi 17:10-14; IzEnzo 15:28, 29) Wayebonakala ukuthi uthukuthele, kodwa ngabona ukuthi isimo sakhe sengqondo sasibangelwa ukungakuqondi nokungakuhloniphi ukuma kwami okuqinile.
Ngenxa yokucindezela okukhulayo, kanye nezinye izimo esibhedlela, ngacela ukuba ngikhululwe. Ngokushesha ngabuyiselwa endlini yokunakekela abagulayo egatsheni ngeambulensi.
Ukwelashwa Okuphumelelayo Okusindisa Ukuphila
Ngacela udokotela lapho, omunye woFakazi BakaJehova, ukuba angiqinisekise ukuthi wayeyisebenzisile iEPO (erythropoietin), ihormone eyenziwe eshukumisa umnkantsha wamathambo ukuba ukhiqize amangqamuzana egazi abomvu ngezinga elisheshayo. Wathi wayekwenzile. Yiqiniso, umzimba usazidinga izakhi eziyisisekelo ukuze ukwazi ukukhiqiza amangqamuzana egazi abomvu aphilile. Lezizakhi ifolic acid, uvitamin B, nokusansimbi ikakhulukazi. Idextran yokusansimbi (i-Imferon) efakwe ngemithambo iyindlela eshesha kakhulu yokunikeza okusansimbi okudingekayo, futhi ngayicela.a
Nokho, i-Imferon yayingekho eArgentina. Kwakunzima ukuyithola ngisho naseUnited States, njengoba eningi yayo yayithunyelwe eMpumalanga Ephakathi ngenxa yempi yasePersian Gulf. Nokho, ethile yatholakala ekugcineni, futhi ngokushesha yaphathiswa omunye woFakazi BakaJehova owayesendleleni eya eArgentina.
Ngalesikhathi ihemoglobin yami yayingu-4 kuphela. Njengoba ngangazi ukuthi ukuthatha amasampula egazi amaningi ngokweqile kunganezela ekupheleni kwamangqamuzana egazi abomvu, ngatshela uchwepheshe wezokwelapha oweza egatsheni ukuthi ngangingasenakumvumela ukuba athathe igazi. Waphikisa: “Kumelwe silithathe ukuze sazi lokho okwenzekayo.”
“Uyakwazi lokho okwenzekayo,” ngiphendula. “Ngiyopha, futhi yini eyigugu kakhulu emzimbeni wami?”
“Igazi,” evuma.
“Futhi okwamanje nginqume ukungalikhiphi elinye,” ngisabela. Ukuthi sehla kangakanani isilinganiso segazi lami akwaziwa.
Ngalobobusuku ngathandaza ngobuqotho kuJehova, nginxusa ukuqondisa kwakhe futhi ngizwakalisa ithemba lami lokuvuka ngosuku olulandelayo. Ngavuka, kodwa ngezwa ukuthi amandla ami okuphila ayaphela. Ukufa kwakubonakala kuseduze. Ngokuvamile isilinganiso sami sehemoglobin sicishe sibe amagremu angu-17,2 ngedeciliter, siseqophelweni lokugcina lesilinganiso esamukelekayo, khona-ke ngangilahlekelwe amaphesenti angaphezu kuka-75 egazi lami. Kwakumelwe kwenziwe okuthile okwengeziwe.
Ekuseni ngalolosuku ngacela ukuxoxa nodokotela ababenginakekela ngokwelashwa kwami. Uvitamin K, obalulekile ukuze igazi lijiye, wawungasetshenziswanga, kodwa manje bavuma ngokushesha ukuba baqale ukuwusebenzisa. Ngokulandelayo ngabuza: “Kungenzeka yini ukuthi noma yisiphi salezidakamizwa enizisebenzisayo sibangela noma senezela kulokhu kopha?”
“Cha,” bephendula.
“Niyaqiniseka?” ngigcizelela.
Ekuseni ngosuku olulandelayo, omunye walabodokotela abahlinzayo weza kimi futhi wathi ngemva kokucwaninga okwengeziwe bathole ukuthi esinye sezidakamizwa kungenzeka sasinezela ekopheni. Ngokushesha sayekwa ukusetshenziswa. Ukuzimisela kodokotela ukungilalelisisa njengesiguli futhi bacwaninge ukwelashwa kwami kwakhulisa inhlonipho yami ngabo.
Ngesicelo engasenza, izincwadi zezokwelapha zalethwa embhedeni wami, futhi mina nomkami saqala ukuzicwaninga. Esinye isihloko sakhuluma ngekhemikhali lokuvimbela ukopha, umuthi onqanda ukopha. Ngokushesha ngemva kokuba siwutholile uDkt. Marcelo Calderón Blanco, uFakazi esikanye naye, wangena futhi wasazisa ngesifiso sakhe sokusebenzisa umkhiqizo ofanayo! Loluketshezi lwafakwa kimina ngokuchathwa. Cishe ngesikhathi esifanayo, i-Imferon yafika ivela eUnited States futhi nganikezwa yona ngemithambo.
Manje sasingalinda kuphela. Kungakapheli nosuku, ngaqala ukuzizwa nginamandla. Ezinsukwini ezintathu kamuva ngabavumela ukuba bathathe elinye igazi. Ngokumangalisayo, ihemoglobin yayikhuphukele ku-6! Kodwa, lapho yayihlolwa ezinsukwini eziyisihlanu ngaphambili, yayingu-4 futhi iqhubeka yehla! Odokotela babengakholwa. Benza okunye ukuhlola. Kwavumelana nokokuqala. IEPO neImferon zazisebenza!
Uchwepheshe emthola-mpilo owayehlole igazi lami washaya ucingo futhi wathi udokotela kumelwe ukuba wayesebenzise ukumpontshelwa igazi. “Asikho isilinganiso segazi somuntu esingakhuphuka ngokushesha kangaka ngaphandle kokumpontshelwa igazi,” egomela. Udokotela wamqinisekisa ngokuthi alikho igazi elalinikeziwe. “Iyiphi indlela yokwelapha elandelwayo ekhuphula isilinganiso segazi ngokushesha kangaka?” efuna ukwazi. Waziswa ngokusetshenziswa kwe-EPO neImferon.
UDkt. Amilcar Fernández Llerena, omunye wodokotela bami abangebona oFakazi, wangivakashela ngosuku okwatholwa ngalo ukuhlolwa kwegazi. Ngemva kokungixilonga, ngokumangala wathi: “Ngikunika igama elisha—uLazaru.” (Qhathanisa noJohane 11:38-44.) Kwadingeka ukuba ngisebenzise wonke amandla ami ukuze ngivimbe izinyembezi.
UDkt. Llerena wathi: “Ungabonga uNkulunkulu wakho, uJehova, ngokuthi uyaphila.” Ngambuza ukuthi wayesho ukuthini. “Ukuba wawubhema, usebenzisa kabi izidakamizwa, noma uphuza kakhulu,” ephendula, “ngabe awuphumelelanga kulokhu kuhlinzwa. Kodwa njengoba umzimba wakho uhlanzekile futhi unamandla ngenxa yokulalela umthetho kaNkulunkulu, usindile.”
Okuningi kokwaziswa engakusebenzisa endabeni yami kwakuyilokho esasikufundisa amaKomiti Okubonisana Nezibhedlela emihlanganweni eNyakatho Melika, eYurophu, naseLatin America. Lesimiso sigcizelela ezinye izinto eziphumelelayo ezingasetshenziswa ekusingatheni ukwelapha ngaphandle kwegazi. Ngokujabulisayo, ukwaziswa okuphathelene nalezizinto ezingasetshenziswa, odokotela bangazithola ngeKominti Yokubonisana Nezibhedlela, okukhona angaphezu kuka-800 manje emhlabeni wonke.
Nginethemba lokuthi okuhlangenwe nakho kwami kuyosiza abanye oFakazi abafuna ukwelashwa ngaphandle kwegazi. Isibhedlela engahlinzelwa kuso kamuva sathintana negatsha laseArgentina loFakazi BakaJehova futhi sathi manje siyaqaphela ukuthi sasinenqubo yokwelapha ephumelelayo yokwelapha iziguli ngemikhiqizo okungeyona eyegazi futhi bayojabulela ukubambisana nathi esikhathini esizayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole uhlu olunemininingwane lwezinye izinto ezingasetshenziswa, bheka iPhaphama! kaNovember 22, 1991, ikhasi 10.
[Isithombe ekhasini 13]
Ngiphuma esibhedlela ngemva kokuhlinzwa kwami