Idivosi—IBhayibheli Lithini Ngempela?
“LOKHO akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.” (Mathewu 19:6) Ngokuvamile lawomazwi aziwayo kaJesu Kristu siwezwa ecashunwa njengesimemezelo sokuphetha emkhosini womshado.
Nokho, ingabe ngalawomazwi uJesu wayesho ukuthi yonke imishado kumelwe ihlale njalo nokuthi akumelwe kube khona idivosi nhlobo? Uma sithatha lawomazwi njengoba enjalo, lokhu kungabonakala kunjalo. Nokho, yini eyaqhubezela uJesu ukuba akhulume lawomazwi? Ingabe wayeqalisa okuthile okusha?
“Kusukela Kwasekuqaleni Kwakungenjalo”
Amazwi kaJesu acashunwe ngenhla ayeyingxenye yempendulo yakhe embuzweni wabaFarisi othi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?” (Mathewu 19:3-6) Benganeliswa yilempendulo, abaFarisi baqhubeka bembuza, bethi: “Pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na?” Kulokho, uJesu wathi: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.” Wayesenezela: “Ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga [“ubufebe,” NW], aganwe ngomunye, uyaphinga.”—Mathewu 19:7-9.
Kumelwe siqaphele ukuthi amazwi kaJesu athi, “kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo,” ashiwo lapha kubhekiselwa kudivosi eyayenziwa ‘ngokunikwa incwadi yesahlukaniso.’ Ngamanye amazwi, lapho uNkulunkulu emisa umshado wokuqala phakathi kuka-Adamu noEva, akazange abanike ‘noma yiliphi icala’ lokuphelisa umshado wabo. Njengombhangqwana ophelele, kwakumelwe benze umshado wabo uphumelele. Wawuyophumelela uma babeqhubeka bephila ngokuvumelana nomthetho nokuqondisa kukaNkulunkulu.
Lapho isintu siwela esonweni nokungapheleli, kwaba kanjalo nangokumiswa komshado. (Roma 5:12) Njengoba isintu sase singasaphelele, ubuhlobo besintu balinyazwa futhi bonakaliswa ubugovu, ukuhaha, nokuzikhathalela. Yilokho uJesu abhekisela kukho ngokuthi ‘ubulukhuni benhliziyo,’ obenza uMthetho kaMose waba nelungiselelo ledivosi. Nokho, uJesu wakhumbuza abaFarisi: “Kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.” Manje, ngaphansi kwezimo zokungapheleli, abangane bomshado kumelwe benze umzamo odingekile ukuba baxazulule noma yibuphi ubunzima nezinkinga kunokuba bakusebenzise njengezizathu noma izaba zokuchitha umshado wabo. Nokho, uJesu waveza ukuthi kunesimo esisodwa esihlukile, okuwukuthi, ubufebe. Ukungathembeki emshadweni kungaba isizathu sokuchitha umshado.
Kuyathakazelisa ukuqaphela indlela izincazelo ezihlukahlukene zamazwi athi “kungengobufebe” ezibekwe ngayo ukuba zisekele imibono ethile ngedivosi. Iziphathi-mandla zamaKatolika ngokuvamile ziyaweqa lamazwi ngenxa yokuthi ukulandisa okufanayo kuMarku noLuka akuwaqukethe. Nokho, iCyclopedia kaMcClintock noStrong iyachaza: “Ukuvumelaniswa okucacile kwalezingxenye kumelwe kutholakale esimisweni sokuthi lesosimo esihlukile esichazwe ngokuningiliziwe kumelwe sichaze esifushanisiwe, uma lokhu kungenziwa ngaphandle kwezinkinga. Manje, njengoba idivosi ngenxa yalesosizathu esisodwa yayivunywa yibo bonke, kungenzeka ukuthi uMarku noLuka ngokwemvelo bathatha ngokuthi kuyaziwa ngaphandle kokuba bakusho.”
Abanye baphikisa ngokuthi njengoba uJesu asebenzisa igama elithi “ubufebe” (ngesiGreki, por·neiʹa) hhayi elithi “ukuphinga” (ngesiGreki moi·kheiʹa), kumelwe ukuthi wayesho isenzo esithile esingalungile sangaphambi komshado esasiyokwenza umshado ungabophi ngokomthetho. Lokhu kuyilinganisela ngokungadingekile incazelo yalelogama. Iziphathi-mandla ezihlukahlukene ziyaqaphela ukuthi ipor·neiʹa isho “ukungcola, ubundindwa, ubufebe,” nokuthi kuMathewu 19:9 “imelela, noma ihlanganisa, ukuphinga.” Abanye baphikisa ngokuthi uJesu wayecaphuna ubufebe njengesibonelo nje esisodwa phakathi kwezizathu eziningi zokudivosa. Ngokukhanyayo, lokhu kuwukuphoqa umbono othile kuleyongcaphuno.
Ngokwalokho osekushiwo, kusobala ukuthi iBhayibheli alisho ukuthi yonke imishado kumelwe ihlale njalo futhi idivosi ayivunyelwe nhlobo nganoma isiphi isizathu. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli linikeza isisekelo sedivosi esisodwa kuphela esamukelekayo, okuwukuthi, “ngenxa yobufebe.”
“Ukuganana Makuhlonishwe”
Ngokuvumela isizathu sokudivosa, ingabe iBhayibheli liyakukhuthaza? Ingabe lokhu kuvumela ukudivosa, kululaza umshado noma kuqeda ukuhlonipheka kwawo? Noma ngokuvumela isizathu esisodwa kuphela sokudivosa, ingabe iBhayibheli lithwesa labo abashadayo umthwalo ongenangqondo?
Ngokuphambene ngokuphelele nalokho, iBhayibheli likhuluma ngomshado njengesinye sezibopho ezinamathele futhi ezifudumele kunazo zonke abantu ababili abangasijabulela. “Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba-nyamanye,” kusho ukulandisa kukaGenesise ngomshado wokuqala. (Genesise 2:24) Futhi abangane bomshado kumelwe bavikele lobuhlobo bokuba ‘nyamanye’ njengokuthile okuyigugu. “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi-nasisihla,” kweluleka iBhayibheli.—Heberu 13:4.
Ngokuvamile kuye kwathiwa, ngandlela-thile, isisekelo somshado ohlala njalo nojabulayo asisilo uthando lokuthatheka kodwa ukungabi nabugovu. Yilokho kanye iBhayibheli elikubonisayo. Lithi: “Amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla; . . . kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.” (Efesu 5:28-33) Futhi ngenkulumo engagwegwesi, iBhayibheli liyeluleka: “Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze njalo endodeni. Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa yindoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo. Ningagodlelani.”—1 Korinte 7:3-5.
Lapho bobabili abangane boshado bezimisele ukulandela leseluleko esihlakaniphile, kungokungenakwenzeka ukuthi umshado wabo ube mubi kuze kube sezingeni lapho omunye wabo eyonquma ukuba abe nobuhlobo bobulili bangaphandle komshado, ngaleyondlela, eqeda ubuhlobo bokuba ‘nyamanye.’ Ngisho nanoma omunye wabangane bomshado engazamukeli izimiso ezinjalo zeBhayibheli, umlingane okholwayo angaba nethemba lokuthi indlela kaNkulunkulu isengengcono kunazo zonke, futhi izinkinga eziningi zomshado zingaxazululwa ngaleyondlela noma zigwenywe.
Khona-ke, kunokuba lituse idivosi njengendlela yokuphelisa umshado ongajabuli, iBhayibheli linxusa amaKristu ukuba asebenze ngokuzikhandla ukuba ahlanganise umshado wawo futhi awenze ube ojabulisayo. “Uthokoze ngomfazi wobusha bakho,” kusho esinye isaga seBhayibheli. “Weqiwe njalo luthando lwakhe.”—IzAga 5:18, 19.
Ingabe Idivosi Iyimpendulo?
Kuthiwani uma umngane womshado wothile engathembekile? Ngokuqinisekile, ukungathembeki emshadweni kubangela usizi olubuhlungu. Umngane ophingayo ulethe ubuhlungu nokukhathazeka okukhulu kulowo ongenacala, onelungelo elingokomBhalo lokuba adivose onecala futhi abuye ashade. Kodwa ingabe kumelwe kube khona idivosi? Ingabe lokho kuwukuphela kosizo?
Kumelwe sikhumbule ukuthi nakuba uJehova uNkulunkulu elungiselele isizathu esilungile sokudivosa, iBhayibheli lithi futhi ngaye: ‘Uyazonda ukwahlukana.’ (Malaki 2:16) Kunokuba asheshe agxumele esiphethweni sokuthi idivosi iwukuphela kwekhambi, umuntu angase acabangele ukuba nokwenzeka kokubonisa umusa nokuthethelela. Kungani?
Idivosi ngeke ibususe ubuhlungu nokudabuka, kodwa umusa nokuthethelela kuyokususa, ikakhulukazi lapho owonile ezisola ngempela ngesenzo sakhe esibi. Uthando oluboniswa esikhathini esinzima kanjalo lungase luwuqinise ngempela umshado. Ukubheka indaba ngalomqondo kuyosiza umngane ongenacala ukuba ahlolisise ukuthi iyiphi inkambo engase ibe ngengcono kakhulu ukuba ayilandele, ekhumbula amazwi kaJesu: “Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.”—Mathewu 5:7; qhathanisa noHoseya 3:1-5.
Okumelwe kucatshangelwe futhi izinkinga ezingavela ngokuphathelene nabantwana ekhaya elinomzali oyedwa. Isizungu somuntu odivosiwe, naso, sifanele ukucatshangelwa. Ngowesifazane, izinkinga zikhuliswa iphuzu lokuthi ezingxenyeni eziningi zezwe namuhla, abesifazane abakabi namalungelo ngokomnotho. Ngemva kokuba yisisebenzi sasekhaya iminyaka eminingana, kunzima ngomama ongasenandoda ukuba abuyele emsebenzini futhi ancintisane nabanye.
Abanye abesifazane banomuzwa wokuthi lapho besashadile, kumelwe bazilungiselele ukuba nokwenzeka kwedivosi. Bangase babhalise ezikoleni ezikhethekile noma baqhubeke nezifundo zabo ukuze balondoloze ukuzimela kwabo ngokomnotho. Ukuthi umuntu kumelwe aphishekele inkambo enjalo noma cha kungokuthile okuyisinqumo somuntu siqu. Nokho, kunokuchitha isikhathi namandla kulungiselelwa okungase kwenzeke, bekungeke yini kube ukulondoloza okuhlakaniphe ngokwengeziwe ukusebenzisa isikhathi namandla ekwakheni umshado ojabulisayo nohlala njalo? Ngokusebenza kanzima ekuhlakuleleni izithelo zomoya kaNkulunkulu nokulondoloza isimo esihle esingokomoya, owesifazane ongumKristu ngokunokwenzeka angajabulela uthando nokutusa komyeni wakhe. Futhi angathembela esithembisweni sikaNkulunkulu sokuthi unakekela izidingo zalabo abafuna uMbuso kuqala.—Mathewu 6:33; IzAga 31:28-30; Galathiya 5:22, 23.
Ikhambi Lokugcina
Uma nje sisaphila kulesimiso sezinto esingaphelele, singalindela ukuthi ziyoba khona izinkinga zomshado. Nokho, ngokulandela iseluleko esihlakaniphile seBhayibheli, zingancishiswa noma zisingathwe ngokuphumelelayo. Ngokungaphezulu, amadoda nabesifazane abazimisele ukuphila ngezindinganiso zikaJehova emshadweni nakwezinye izici zokuphila babusiswa ngethemba lokungena esimisweni esisha ‘okukhona kuso ukulunga.’—2 Petru 3:13.
Kulesosimiso, abantu bayokhululeka ebudloveni nakuyo yonke imiphumela edumazayo yesono nokungapheleli. Uma nje ilungiselelo lomshado lisaqhubeka lapha emhlabeni, ‘okwakunjalo kusukela ekuqaleni’ kuzoba indinganiso. Ngempela, lokho akuhlanganisile uNkulunkulu, akekho oyokuhlukanisa.
[Isithombe ekhasini 5]
UJesu wathini ngedivosi?
[Isithombe ekhasini 7]
Ezweni elisha, ngeke zisaba khona izinkinga zomshado eziholela ekudivoseni