Khonzani UJehova Nganhliziyonye
“Khona ngiyonikeza abantu ulimi oluhlanzekileyo, ukuze bonke babize egameni likaJehova, bamkhonze ngokuzwana.”—ZEFANIYA 3:9; American Standard Version.
1, 2. (a) Yisiphi isiprofetho uJehova abangela ukuba sigcwaliseke manje? (b) Lesiprofetho siphakamisa miphi imibuzo?
UJEHOVA UNKULUNKULU wenza okuthile namuhla abantu ababengasoze bakufinyelele bebodwa. Kukhulunywa izilimi ezingaba yizi-3 000 kulelizwe elihlukene, kodwa uNkulunkulu manje ubangela ukugcwaliseka kwalesiprofetho: “Ngiyakunika abantu ushintsho lolimi oluhlanzekileyo, ukuze bonke babize egameni likaJehova, ukuze bamkhonze ngokubambisana.”—Zefaniya 3:9, NW.
2 Luyini ‘lolulimi oluhlanzekileyo’? Obani abalukhulumayo? Futhi kusho ukuthini ‘ukukhonza uNkulunkulu ngokubambisana’?
Bakhuluma “Ulimi Oluhlanzekileyo”
3. Luyini “ulimi oluhlanzekileyo,” futhi kungani labo abalukhulumayo benobunye?
3 Ngosuku lwePentekoste ka-33 C.E., umoya ongcwele kaNkulunkulu wathululelwa phezu kwabafundi bakaJesu Kristu, ubanikeza amandla okuba bakhulume ngezilimi ababengazange bazifunde. Lokhu kwabenza bakwazi ukutshela abantu bezilimi eziningi “ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.” Kanjalo uJehova waqala ukuletha abantu bazo zonke izizinda zobuzwe ebunyeni. (IzEnzo 2:1-21, 37-42) Lapho abeZizwe abakholwayo kamuva beba abalandeli bakaJesu, ngempela izinceku zikaJehova zazingabantu bezilimi nezinhlanga eziningi. Nokho, azikaze zihlukaniswe yimigoqo yezwe, ngoba zonke zikhuluma “ulimi oluhlanzekileyo.” Lolu ulimi oluzihlanganisayo lweqiniso elingokomBhalo olwabikezelwa kuZefaniya 3:9. (Efesu 4:25) Labo abakhuluma “ulimi oluhlanzekileyo” abahlukene kodwa ‘bakhuluma-zwilinye,’ ‘bephelelisiwe emqondweni munye nasekuboneni kunye.’—1 Korinte 1:10.
4. UZefaniya 3:9 wakhomba kanjani ekubambisaneni kwabantu bezizwe nezinhlanga eziningi, futhi kutholakala kuphi namuhla?
4 “Ulimi oluhlanzekileyo” lwaluyosiza abantu bazo zonke izizwe nezinhlanga ukuba bakhonze uJehova “ngokubambisana,” ngokwezwi nezwi, ‘ngahlombe-linye.’ Babeyokhonza uNkulunkulu “ngokuzwana” (The New English Bible); “nganhliziyonye” (The New American Bible); noma “ngokuzwana nangokubambisana.” (The Amplified Bible) Enye inguqulo ifundeka kanje: “Khona ngiyoguqula izindebe zabantu bonke zihlanzeke, ukuze bonke babize egameni likaJehova futhi babambisane enkonzweni yakhe.” (Byington) Ukubambisana okunjalo kwabantu bezilimi nezinhlanga eziningi enkonzweni kaNkulunkulu kutholakala phakathi koFakazi BakaJehova kuphela.
5. OFakazi BakaJehova bakwazi ukulusebenziselani noma yiluphi ulimi lwabantu?
5 Njengoba bonke oFakazi BakaJehova bekhuluma “ulimi oluhlanzekileyo” lweqiniso elingokomBhalo, bayakwazi ukusebenzisa noma yiluphi ulimi lwabantu ngendlela ephakeme kakhulu—bedumisa uNkulunkulu futhi bememezela izindaba ezinhle zoMbuso. (Marku 13:10; Thithu 2:7, 8; Heberu 13:15) Yeka ukuthi kuhle kanjani ukuthi ngaleyondlela “ulimi oluhlanzekileyo” lusiza abantu bawo wonke amaqembu ezinhlanga ukuba bakhonze uJehova nganhliziyonye!
6. UJehova ubabheka kanjani abantu, kodwa yini eyoba wusizo uma izinga elithile lokukhetha lisekhona enhliziyweni yomKristu othile?
6 Lapho uPetru efakaza kuKorneliyu nakwabanye abeZizwe, wathi: “Ngiyabona ngokuqinisekile ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa kuzo zonke izizwe omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35, By) Ngokwezinye izinguqulo, uJehova “akayena uMbandlululi wabantu,” “akakhethi phakathi kwabantu,” futhi “akabonisi ukuthanda abanye kunabanye.” (The Emphatic Diaglott; Phillips; New International Version) Njengezinceku zikaJehova, kufanele sibheke abantu bawo wonke amaqembu ezinhlanga njengoba enza. Kodwa kuthiwani uma izinga elithile lokukhetha lisalokhu likhona enhliziyweni yomKristu othile? Khona kuyoba usizo ukuphawula indlela uNkulunkulu wethu ongakhethi asebenzelana ngayo nezinceku zakhe zazo zonke izizwe, imindeni, abantu nezilimi.—Bheka futhi iPhaphama! kaMay 8, 1985, amakhasi 3-11.
Bayanxaneleka
7. Ngokuqondene nobuhlobo noNkulunkulu, umKristu akahlukile kanjani komunye umKristu wesinye isizwe noma uhlanga?
7 Uma ungufakazi kaJehova obhapathiziwe, cishe ngesinye isikhathi ‘wawukhala ububula ngezinengiso’ ezenzekayo kulesimiso esibi. (Hezekeli 9:4) ‘Wawufile ezonweni zakho,’ kodwa ngomusa uNkulunkulu wakusondeza kuye ngoJesu Kristu. (Efesu 2:1-5; Johane 6:44) Ngalezizici, awuzange uhluke kwabanye okholwa kanye nabo manje. Nabo futhi babekhathazwa ububi, ‘babefile ezonweni zabo,’ futhi bamukela umusa kaNkulunkulu ngoJesu Kristu. Futhi kungakhathaliseki ukuthi singabaluphi uhlanga noma isizwe, kungokholo kuphela ukuthi noma ubani wethu unokuma okuhle noJehova uNkulunkulu njengofakazi wakhe.—Roma 11:20.
8. UHagayi 2:7 ugcwaliseka kanjani manje?
8 Amazwi angokwesiprofetho kaHagayi 2:7 asisiza ukuba sibone indlela okufanele sibheke ngayo esikholwa nabo bezizwe ezihlukahlukene. Lapho uJehova wamemezela: “Ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise lendlu ngenkazimulo.” Lokuphakanyiswa kwenkolo ehlanzekile okwabikezelwa kuyenzeka ethempelini likaNkulunkulu leqiniso, indawo yokukhulekelwa kwakhe. (Johane 4:23, 24) Kodwa kuyini “okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe”? Izinkulungwane zabathandi bokulunga ezisabela ngothando emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Bevela kuzo zonke izizwe nezinhlanga, bagobhozela ‘entabeni yendlu kaJehova,’ beba ofakazi bakhe ababhapathiziwe nengxenye ‘yesixuku esikhulu’ sezizwe zonke. (Isaya 2:2-4; IsAmbulo 7:9) Labo abadumisa uJehova njengengxenye yenhlangano yakhe yasemhlabeni bahlanzekile, baziphatha kahle, bangabantu abesaba uNkulunkulu—ngempela bayanxaneleka kakhulu. Khona-ke, ngokuqinisekile, wonke amaKristu eqiniso kufanele afune ukubonisa uthando lobuzalwane kubo bonke laba abanxanelekayo abamukelekayo kuBaba wethu sonke osezulwini.
Ubuntu Babo Busha
9. Ngisho noma nathi esikhathini esidlule sasingazange sibacabangele kahle abantu bakwamanye amazwe, kungani kufanele izinto zishintshe manje njengoba sesingamaKristu?
9 Abazalwane bethu nodade emhlabeni wonke bayanxaneleka futhi ngoba baye balalela iseluleko sokuba ‘bakhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, futhi bembathe umuntu omusha.’ “Owenziwe-musha abe-nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo, lapho kungekho-mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.” (Kolose 3:9-11) Uma umuntu ekuqaleni wayengambheki kahle umJuda, umGreki, noma abanye angabazi, kufanele izinto zishintshe manje njengoba esengumKristu. Kungakhathaliseki ukuthi bangabaluphi uhlanga, ubuzwe, noma isiko, labo abambethe “umuntu omusha” bahlakulela futhi babonise izithelo zomoya kaNkulunkulu—uthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ubuvi, ukukholeka, ubumnene, nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) Lokhu kubenza bathandeke kubakhulekeli bakaJehova abakanye nabo.
10. Uma silingeka ukuba sikhulume amazwi okugxeka angathandeki ngesikholwa nabo banoma yiluphi uhlanga noma isizwe, uThithu 1:5-12 angasisiza kanjani?
10 Ngokungafani nezinceku zikaJehova, abanye abantu bezwe bakhuluma amazwi ayiziswana ngabanye abantu bezizinda zobuhlanga ezihlukile kwezabo. Phela, omunye umprofethi waseKrethe wake wakhuluma lokhu ngokuqondene nabantu besizwe sakubo: “AbaseKrethe bangabaqambimanga njalo, izilwane ezimbi, iziminzi ezivilaphayo”! Umphostoli uPawulu wawakhumbula lawomazwi lapho kudingeka ukuba kuthuliswe abafundisi bamanga phakathi kwamaKristu esiqhingini saseKrethe. Kodwa ngokuqinisekile uPawulu wayengasho ukuthi: ‘Wonke amaKristu aseKrethe aqamba amanga futhi ayingozi, ayavilapha, futhi ayaminza.’ (Thithu 1:5-12) Cha, ngoba amaKristu awawakhulumi amazwi ayiziswana ngabanye. Ngaphezu kwalokho, iningi lalawomaKristu aseKrethe lalembethe “umuntu omusha,” futhi abanye babefaneleka ngokomoya ukuba bamiswe njengabadala. Lokhu kufanele sikucabangisise ngokungathi sína uma singake silingeke ukuba sikhulume amazwi okugxeka angathandeki ngabazalwane bethu nodade bohlanga oluthile noma isizwe.
Bheka Abanye Njengabakhulu Kunawe
11. Uma kunokukhetha kwanoma yiluphi uhlobo enhliziyweni yomKristu, yini angayenza?
11 Ngakolunye uhlangothi, uma umKristu ubekhetha olunye uhlanga noma isizwe, ngokunokwenzeka ubengakuveza lokhu ngamazwi noma ngezenzo. Futhi, lokhu kwakungadala imizwa elimele, ikakhulukazi ebandleni elakhiwe abantu abanezizinda zobuhlanga ezihlukahlukene. Ngokuqinisekile, akekho umKristu ongafuna ukuba abukhinyabeze kanjalo ubunye babantu bakaNkulunkulu. (IHubo 133:1-3) Ngakho uma kukhona ukukhetha okuthile enhliziyweni yomKristu, kungafaneleka ukuba athandaze: “Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; Ngilinge, wazi imicabango yami, ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.”—IHubo 139:23, 24.
12. Kungani kungafanele ukuba siqhoshe noma siqhoshele abanye ngesizinda sethu sobuhlanga?
12 Kuhle ukuba nombono ongokoqobo wokuthi sonke singabantu abangaphelele ababengeke babe nokuma okuhle noNkulunkulu ukuba kwakungengenxa yomhlatshelo kaJesu Kristu. (1 Johane 1:8–2:2) Yini-ke esenza sihluke kwabanye? Njengoba singenalutho esingaluphiwe, kungani kufanele siqhoshe noma siqhoshele abanye ngezizinda zethu zobuhlanga?—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 4:6, 7.
13. Singanikela kanjani ebunyeni bebandla, futhi yini engafundwa kweyabaseFilipi 2:1-11?
13 Singanezela ebunyeni bebandla uma siziqaphela izimfanelo ezinhle zabanye futhi sibonisa ukwazisa ngazo. Umphostoli uPawulu ongumJuda wasinika sonke okuthile esingazindla ngakho lapho etshela abeZizwe baseFilipi: “Gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe-mqondo munye, ninothando lunye, nibe-nhliziyonye, niqonde into inye, ningenzi-lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.” Isimo esifanele ngathi okudingeka sisibonise kwabanye abantu banoma yiluphi uhlanga noma isizwe saboniswa kuKristu Jesu. Nakuba wayeyisidalwa somoya esinamandla, ‘wenziwa ngomfanekiso wabantu,’ futhi wazithoba kwaze kwaba sezingeni lokufa esigxotsheni sokuhlushwa ngenxa yabantu abanesono bazo zonke izinhlanga nezizwe. (Filipi 2:1-11) Khona-ke, njengabalandeli bakaJesu, akufanele yini sibe nothando, sithobeke, futhi sibe nozwela, sivuma ukuthi abanye bakhulu kunathi?
Lalela Futhi Uqaphele
14. Singasizwa kanjani ukuba sibheke abanye njengabakhulu kunathi?
14 Singase sisizakale ukuba sicabangele abanye njengabakhulu kunathi uma ngempela sibalalela lapho bekhuluma futhi sikuqaphela ngokunakekela ukuziphatha kwabo. Ngokwesibonelo, kungase kudingeke ukuba sikuvume ngokwethembeka ukuthi umdala esikanye naye—mhlawumbe wolunye uhlanga—uye wasidlula ekhonweni lokunikeza iseluleko esiphefumlelwe eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Singase siphawule ukuthi ingokomoya lakhe, hhayi ubuciko bakhe bokuphimisela amagama noma indlela yokukhuluma, elimenza ukuba athole imiphumela emihle lapho esiza akholwa nabo, ukuba babe abamemezeli boMbuso abafanelekayo. Futhi kusobala ukuthi uJehova uyayibusisa imizamo yakhe.
15. Yini esingayiphawula uma silalela amazwi abakhulekeli esikanye nabo?
15 Lapho sixoxa nabazalwane bethu nodade noma silalela izimpendulo zabo emihlanganweni, singase sibone ukuthi abanye babo bawaqonda kangcono kunathi amaqiniso athile angokomBhalo. Singase siphawule ukuthi uthando lwabo lobuzalwane lubonakala luqine kakhudlwana, babonakala benokholo olwengeziwe, noma banikeza ubufakazi bokuthembela kakhulu kuJehova. Ngakho kungakhathaliseki ukuthi bangabesizinda sobuhlanga esifanayo nesethu noma cha, bavuselela uthando nemisebenzi emihle kithi, basiza ekuqiniseni ukholo lwethu, futhi basishukumisela ukuba sithembele ngokugcwele kuBaba wethu osezulwini. (IzAga 3:5, 6; Heberu 10:24, 25, 39) Ngokusobala uJehova uye wasondela eduze nabo, nathi kufanele senze kanjalo.—Qhathanisa noJakobe 4:8.
Babusisiwe Futhi Baqinisiwe
16, 17. Bonisa iqiniso lokuthi uJehova akakhethi lapho ebusisa izinceku zakhe ezanoma yisiphi isizwe noma uhlanga.
16 UJehova akakhethi ekubusiseni izinceku zakhe zanoma yisiphi isizwe noma uhlanga. Ngokwesibonelo, cabanga ngezwe laseBrazil. Abantu baseBrazil abaqalanga ukuzwa isigijimi soMbuso ngezithunywa zevangeli zakwamanye amazwe kodwa basizwa ngamatilosi ayisishiyagalombili aseBrazil cishe ngonyaka ka-1920. Isibusiso sikaJehova siye saba sobala, ngoba ngonyaka wenkonzo ka-1987, kwakunenani eliphakeme labamemezeli boMbuso abayizi-216 216 kulelizwe elinezakhamizi eziyizi-141 302 000—isilinganiso sommemezeli oyedwa kwabangama-654.
17 Cabanga ngesinye isibonelo sesibusiso saphezulu. NgoApril 1923 ofakazi bakaJehova ababili abansundu abavela esiqhingini saseCaribbean eTrinidad bathunyelwa ukuba bayomemezela isigijimi soMbuso eNtshonalanga Afrika. Kanjalo uMzalwane noDade W. R. Brown bakhonza lapho iminyaka eminingi, waze waziwa ngokuthi “uBhayibheli Brown.” ‘Batshala’ futhi “uNkulunkulu wakhulisa” njengoba nabanye futhi basebenza kuleyondawo enkulu. (1 Korinte 3:5-9) Namuhla, abamemezeli boMbuso bangaphezu kwezi-32 600 eGhana nabangaphezu kwezi-133 800 eNigeria kuphela.
18, 19. Nikeza izibonelo ezibonisa indlela uNkulunkulu wethu ongakhethi asekela ngayo izinceku zakhe zazo zonke izizwe noma izinhlanga.
18 UJehova akazibusisi nje kuphela izinceku zakhe zazo zonke izizwe nezinhlanga kodwa futhi uyazisekela. Ngokwesibonelo, cabanga ngendaba yofakazi bakaJehova ababili baseJapane. NgoJune 21, 1939, uKatsuo Miura nomkakhe baboshwa ngokungemthetho, bavalelwa ejele, futhi bahlukaniswa nomfanyana wabo oneminyaka emihlanu ubudala, okwadingeka ukuba anakekelwe ugogo wakhe. UDade Miura wakhululwa emva kwezinyanga eziyisishiyagalombili, kodwa uMzalwan’ uMiura wavalelwa iminyaka engaphezu kwemibili ngaphambi kokuba icala lakhe lithethwe. Waphathwa kabi, watholwa enecala, futhi wagwetshwa iminyaka emihlanu. Esejele eHiroshima, uNkulunkulu wamqinisa ngemiBhalo, eyayimnikeza induduzo engapheli namandla. UMzalwan’ uMiura wasinda ngendlela eyabonakala iyisimanga ngoAugust 6, 1945, ngesikhathi ukuqhuma kwebhomu leathomu kubhidliza ijele ayekulo. Ezinyangeni ezimbili kamuva, wakwazi ukuphinda ahlangane nomkakhe nendodana enyakatho neJapane.
19 Phakathi neMpi Yezwe II, oFakazi BakaJehova emazweni amaningi bahlangabezana nokushushiswa okunzima. Ngokwesibonelo, uRobert A. Winkler wayengomunye wabazalwane baseJalimane owahlushwa emakamu okuhlushwa obuNazi eJalimane naseNetherlands. Ngoba wayengenakubakhaphela oFakazi akanye nabo, washaywa ngesihluku kangangokuthi wayengasabonakali. Kodwa wabhala: “Imicabango yezithembiso zikaJehova zokusiza umuntu kuzo zonke izinhlobo zezinkathazo yanginikeza induduzo namandla okukubekezelela konke lokhu. . . . NgoMgqibelo ngangishaywe amaGestapo, futhi ngoMsombuluko olandelayo kwakumelwe ngiyobuzwa yiwo. Kwakuzokwenzekani manje futhi yini okwakumelwe ngiyenze? Ngaphendukela kuJehova ngomthandazo, ngithembela ezithembisweni zakhe. Ngangazi ukuthi lokhu kwakusho ukusebenzisa amacebo empi engokwasezulwini ngenxa yomsebenzi woMbuso nangenxa yokuvikeleka kwabafowethu abangamaKristu. Kwakuwuvivinyo olunzima ukuba ngilubekezelele futhi ngosuku lweshumi nesikhombisa ngase ngikhathele ngiyingcuba, kodwa ngabonga uJehova ukuthi ngakwazi ukulubekezelela loluvivinyo ngamandla akhe futhi ngigcine ubuqotho bami.”—IHubo 18:35; 55:22; 94:18.
Sibonge Ngobuzalwane Bethu
20. Inhlonipho yethu ngesikholwa nabo bazo zonke izinhlanga nezizwe ingakhuliswa kanjani?
20 Ngokungangabazeki, uJehova uyababusisa futhi abasekele ofakazi bakhe bazo zonke izizwe nezinhlanga. Akakhethi, futhi njengezinceku zakhe ezizinikezele, asinaso isaba noma isizathu sokuba sibonise ukukhetha. Ngaphezu kwalokho, inhlonipho yethu ngabazalwane bethu nodade bazo zonke izinhlanga nezizwe iyokhula uma sicabangela izindlela ababakhulu ngazo kunathi. Nabo futhi basebenzisa ukuhlakanipha kwaphezulu, okungabeki mingcele yokukhetha kodwa okuthela izithelo ezinhle. (Jakobe 3:13-18) Yebo, nomusa wabo, ukuphana, uthando, nezinye izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu zisibekela izibonelo ezinhle.
21. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?
21 Khona-ke, yeka ukuthi kufanele sibonge kangakanani ngobuzalwane bethu bezinhlanga nezizwe eziningi! Ngosizo nesibusiso sikaBaba wethu wasezulwini, ‘masimkhonze ngokubambisana’ ngothando lobuzalwane nangenhlonipho komunye nomunye. Ngempela, kufanele kube isifiso sethu esiqotho nenhloso egxilile ukukhonza uJehova nganhliziyonye.
Zithini Izimpendulo Zakho?
◻ “Ulimi oluhlanzekileyo” lusiza izinceku zikaJehova zazo zonke izizinda zobuhlanga ukuba zenzeni?
◻ UHagayi 2:7 ugcwaliseka kanjani namuhla, futhi lokhu kufanele kuwuthinte kanjani umbono wethu ngezinye izinceku zikaNkulunkulu?
◻ EyabaseFilipi 2:3 ingabuthinta kanjani ubuhlobo bethu nabantu bazo zonke izinhlanga nezizwe?
◻ Uma silalela futhi siqaphela, yini esiyoyiphawula ngesikholwa nabo bezinye izizinda zobuzwe?
[Izithombe ekhasini 17]
Abantu bazo zonke izinhlanga nezizwe badumisa uJehova nganhliziyonye
[Isithombe ekhasini 18]
Lalela ngokucophelela futhi ube oqaphelayo. Uyoshukunyiswa uthando nokholo olubonakala emazwini nasezenzweni zabanye ofakazi bakaJehova