Isibonakaliso—Ingabe Siwubufakazi Bokuthi Izwe Elisha Liseduze?
“Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso: futhi kuyakubakhona indlala, nemiqedazwe yezifo nokuzamazama komhlaba, ezindaweni [ezihlukahlukene].”—Mathewu 24:7, King James Version.
LAPHO iMpi Yezwe I iviva, iThe Watch Tower, ka-April 15, 1917, yacaphuna lamazwi yathi: “Manje sibona ukugcwaliseka okuyingxenye kwalenkulumo engokwesiprofetho, ngenxa yokuthi ngendlela engokoqobo zonke izizwe zomhlaba zihileleke empini ebhubhisayo. Ukudla okukhona kuyancipha kuyo yonke indawo futhi izindleko zokuphila ziyaphakama.”
Manje, eminyakeni engama-71 kamuva, lomagazini usadonsela ukunakekela kwabafundi bawo kulesiprofetho. Izazi-mlando ezintathu zasendulo zabhala lesiprofetho njengesiyingxenye ‘yesibonakaliso’ esanikezwa uJesu Kristu.—Mathewu 24:3, 7; Marku 13:4, 8; Luka 21:7, 10, 11.
Kusukela ngo-1914, amakhulu ezigidi okuphila aye aqedwa izimpi, indlala, imiqedazwe yezifo, nezinye izinhlekelele. IThe New Encyclopædia Britannica (ka-1987) ifaka ohlwini “ukuzamazama komhlaba okukhulu okwaqopha umlando” okungama-63 okuhlehlela emuva eminyakeni eyi-1 700 edlule. Kulengqikithi, okungama-27, noma okungamaphesenti angama-43, kuye kwagadla kusukela ngo-1914. Incwadi ethi Terra Non Firma, ebhalwe ngoProfesa uGere noShah, inohlu oluhlanganisa inkathi ende ngokwengeziwe. Kulengqikithi yokuzamazama komhlaba “okuphawulekayo” kulolohlu okungamaphesenti angama-54 kuye kwenzeka kusukela ngo-1914.a Nakuba sivuma ukuthi imibhalo egciniwe esuka emakhulwini eminyaka adlule ayiphelele, asinakusibalekela isiphetho sokuthi esikhathini sethu isintu besilokhu sihlaselwa kakhulu ukuzamazama komhlaba.
Okuthile okwethusa ngisho nangokwengeziwe kwashaqisa abantu lapho kuqhuma amabhomu eathomu emadolobheni aseJapane Hiroshima neNagasaki. Imibuso enezikhali zenuzi manje inezikhali eziningi ezibhubhisa kakhulu kangangokuthi isintu sisongelwa ngokuqothulwa ngokuphelele. Njengoba isazi-mlando uLuka saqhubeka sibhala esiprofethweni sikaJesu: “Kube-khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini. . . . nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke . . . abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.”—Luka 21:11, 25, 26.
Nakuba imibuso emikhulu ingavumelana ngokunciphisa amanani ezikhali ezithile ezindaweni zayo zokugcina izikhali, izivumelwano ezinjalo ngeke zikunciphise ukwesaba komuntu ubugebengu bobudlova, ukuwohloka kwezomnotho, nobuphekula. “Okukhathaza abantu kakhulu namuhla,” kusho elinye iphephandaba laseAfrika, “ukulondeka kwabo siqu. . . . Ubugebengu sebuye badlanga . . . ; kukhona ukwesaba okusibekele yonke indawo.” Yebo, futhi uJesu wabikezela ukuthi ‘ukwanda kokubi’ kusengomunye umniningwane oshay’ emhloleni wesibonakaliso.—Mathewu 24:12.
“Izindaba Ezinhle”
Nokho, uzojabula ukuzwa ukuthi izinto ezidabukisayo okusanda kukhulunywa ngazo kubikezelwe ukuthi zaziyohambisana ‘nezindaba ezinhle, ezishunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe: (Mathewu 24:14, NW) ‘Izindaba ezinhIe’ zimayelana noMbuso kaNkulunkulu. Kakade, lowohulumeni wezwe onamandla angaphezu kwawomuntu usuye wahlanganisa ndawonye izigidi zezikhonzi ezithembekile. Uzongenela ngokushesha ezindabeni zabantu bese wanelisa isidingo somuntu sezwe elisha lokulunga.—Luka 21:28-32; 2 Petru 3:13.
Abaningi bachilizela ‘izindaba ezinhle’ eceleni ngenxa yokungakholwa. Abanye bathi bayazikholelwa, kodwa abenzi lutho ngazo. Abanye basabela kuzo okwesikhashana, bese beqala ukungabaza. Ingabe ukusabela okunjalo okungaqondile nakho kwabikezelwa njengokuyingxenye yesibonakaliso? Okubaluleke ngisho nangokwengeziwe, wena ngokwakho ungazuza kanjani kulesibonakaliso?
[Umbhalo waphansi]
a IThe World Book Encyclopedia (ka-1987) ifaka ohlwini “Ukuzamazama Komhlaba Okukhulu” okungama-37, kusukela ngo-526 C.E. kuqhubeke. Kuloluhlu, okungama-65 kuye kwenzeka kusukela ngo-1914.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Cover photos: U.S. National Archives photo WFP/FAO photo by F. Mattioli