Ukusiza Abanye Ukuba Bakhulekele UNkulunkulu
‘Uma kungena ongakholwayo noma ongafundile, okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu.’—1 KORINTE 14:24, 25.
1-3. Abaningi basizwa kanjani eKorinte ukuba bazuze ukwamukelwa uNkulunkulu?
OHAMBWENI lwakhe lwesibili lwezithunywa zevangeli, umphostoli uPawulu wahlala unyaka nengxenye emzini waseKorinte. Lapho ‘wayekhathalela izwi, efakaza.’ Kwaba namuphi umphumela? ‘Abaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa.’ (IzEnzo 18:5-11) Baba “abangcwelisiwe . . . , ababiziweyo abangcwele.”—1 Korinte 1:2.
2 Kamuva uApholo wavakashela eKorinte. Ngaphambidlana, uPrisila noAkwila babemsize ukuba aqonde “indlela kaNkulunkulu,” kuhlanganise nendaba yobhapathizo. Kanjalo waba umKristu othakazelelwa noma owemukelwa uNkulunkulu. (IzEnzo 18:24–19:7) Ngokufanayo, uApholo wasiza abaseKorinte ‘ababeholwa izithombe eziyizimungulu.’ (1 Korinte 12:2) Ngokunokwenzeka labantu babenikezwa imfundo yeBhayibheli emakhaya abo; babengafunda futhi ngokuba khona emihlanganweni yobuKristu.—IzEnzo 20:20; 1 Korinte 14:22-24.
3 Umphumela wokufundiswa okunjalo waba ukuthi abaningi ‘ababengakholwa nabangafundile’ badonselwa ekukhulekeleni kweqiniso. Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwakwanelisa kanjani ukubona amadoda nabesifazane bethuthukela ekubhapathizweni nasekwamukelweni uNkulunkulu! Lokhu namanje kusanelisa.
Ukusiza ‘Abangakholwayo Nabangafundile’
4. Kungaziphi izindlela abaningi namuhla abasizwa ngazo njengalabo baseKorinte?
4 OFakazi BakaJehova nanamuhla balalela umyalo kaJesu ‘wokwenza abantu bezizwe zonke abafundi, bababhapathize.’ (Mathewu 28:19, 20) Ngemva kokutshala imbewu yeqiniso ezinhliziyweni ezamukelayo, bayaphindela ukuze bayinisele. (1 Korinte 3:5-9; Mathewu 13:19, 23) OFakazi basikisela izifundo zeBhayibheli zasemakhaya zamahhala eziqhutshwa masonto onke ukuze abantu baphendulelwe imibuzo yabo, futhi bakwazi ukufunda amaqiniso eBhayibheli. Abantu abanjalo futhi bamenyelwa ukuba babe khona emihlanganweni yebandla yoFakazi BakaJehova, ngisho nanjengoba ‘abangakholwayo’ bekhulu lokuqala babeba khona emihlanganweni eKorinte. Kodwa oFakazi BakaJehova kufanele bababheke kanjani abantu abafunda iBhayibheli futhi beze emihlanganweni?
5. Yisiphi isisekelo esingokomBhalo esikhona sokuqapha ekusebenzelaneni nabantu abathile?
5 Siyakujabulela ukubabona besondela kuNkulunkulu. Nokho, sikhumbula njalo ukuthi abakabi amakholwa abhapathiziwe. Khumbula futhi izifundo ezimbili ezisekelwe esihlokweni esandulelayo. (1) AmaIsrayeli abonisa ukuqapha ngakwabayizakhamuzi ezingabafokazi, lezo, nakuba zaziphakathi kwabantu bakaNkulunkulu futhi zilalela imithetho ethile, zazingewona amaproselithe asokiwe, abazalwane ekukhulekeleni. (2) AmaKristu aseKorinte ayesebenzelana ‘nabangakholwayo nabangafundile’ ayeqaphile ngenxa yamazwi kaPawulu: “Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na?”—2 Korinte 6:14.
6. ‘Abangakholwayo’ ‘bangasolwa’ kanjani yimihlangano, futhi siyini isimo sokusola okunjalo?
6 Ngakho nakuba sibamukela ‘abangakholwayo nabangafundile,’ siyaqaphela ukuthi abakahlangabezani nezindinganiso zikaNkulunkulu. Njengoba iBhayibheli libonisa kweyoku-1 Korinte 14:24, 25, abanjalo bangase badinge ‘ukuhlolisiswa,’ ngisho ‘nokusolwa,’ ngalokho abakufundayo. Ukusolwa okunjalo akukhona okohlobo lokwahlulela; ababizelwa phambi kwekomiti yokwahlulela yebandla njengoba nje bengakabi amalungu alo abhapathiziwe. Kunalokho, ngenxa yalokho abakufundayo, laba abasebasha bayaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyazilahla noma yiziphi izindlela zobugovu nezokuziphatha okubi.
7. Iyiphi intuthuko eyengeziwe abafundi abaningi abayofuna ukuyenza futhi ngani?
7 Abaningi abangakabhapathizwa ngokuhamba kwesikhathi bangase bafune ukudlulela ngale kokuba khona nje emihlanganweni njengabafundi abathakazelayo. Lamazwi kaJesu ayabonisa ukuthi kungani: “Umfundi kaphezu komfundisi; kepha yilowo ophelelisiwe uyakuba-njengomfundisi wakhe.” (Luka 6:40) Umfundi weBhayibheli angabona ukuthi umfundisi wakhe ubheka inkonzo yasensimini njengebalulekile futhi uthola injabulo kuyo. (Mathewu 24:14) Ngakho, ngokholo olukhulayo, lowo obefunda amaqiniso eBhayibheli futhi eba khona emihlanganweni angase athathe lamazwi ngokungathi sina: “Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, nomemezela ukuthula, obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa.” (Isaya 52:7; Roma 10:13-15) Nakuba engabhapathiziwe, angase afune ukuba ummemezeli woMbuso ozihlanganisa nebandla loFakazi BakaJehova.
8, 9. (a) Yini okufanele yenziwe uma umfundi weBhayibheli efuna ukuhlanganyela enkonzweni yasobala? (b) Lapho abadala ababili behlangana nommemezeli owethembisayo nomfundisayo, yini abayoyenza? (c) Yimuphi umthwalo wemfanelo ummemezeli osemusha awungenelayo?
8 Lapho uFakazi oqhuba isifundo seBhayibheli ezwa ukuthi umfundi ufuna ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini, angase axoxe nombonisi owengamele ngalendaba, oyohlela ukuba abadala ababili bahlangane nomfundi weBhayibheli nomfundisi wakhe. Abadala bayajabula lapho umuntu omusha efuna ukukhonza uNkulunkulu. Ngeke bamlindele ukuba abe nezinga lolwazi ababhapathiziwe nabathuthuke kakhudlwana eqinisweni abanalo, okudingeka okwengeziwe kubo. Nokho, abadala bayofuna ukubona ukuthi ngaphambi kokuba osemusha ahlanganyele enkonzweni yasensimini nebandla, unolwazi oluthile lwezimfundiso zeBhayibheli futhi uye wavumelanisa ukuphila kwakhe nezimiso zikaNkulunkulu. Ngakho-ke kungenxa yezizathu ezinhle ukuba abadala ababili bahlangane nalommemezeli othembisayo kanye noFakazi oqhuba isifundo.a
9 Labadala ababili bayomazisa umfundi ukuthi lapho efaneleka futhi ehlanganyela enkonzweni yasensimini, angase alethe umbiko wenkonzo yasensimini futhi uyokwenzelwa ikhadi loMbiko Wommemezeli Webandla ngegama lakhe. Lokho kuyobonisa ukuhlanganyela kwakhe nenhlangano engokwasezulwini yoFakazi BakaJehova nokuzithoba kwakhe kuyo. (Kuyoba okufanayo futhi nangabo bonke abaletha imibiko yenkonzo yasensimini.) Ingxoxo futhi kufanele ihlanganise iseluleko seBhayibheli, esinjengaleso esichazwe emakhasini 98 no-99 encwadi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu.b Ngakho, lesi kuyoba isikhathi esifanele ngomfundi ukuba athole ikhophi yakhe siqu yaleyoncwadi.
10. (a) Ummemezeli ongabhapathiziwe angaqhubeka kanjani ethuthuka, futhi enamuphi umgomo? (b) Kungani kwenziwa ukulungisa ngokuphathelene negama elithi “ilungu elamukelekayo”? (Bheka umbhalo waphansi.)
10 Umuntu oye wakufanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe wezindaba ezinhle uye wathatha uhlangothi lokuba ‘umuntu othakazelelwayo.’c (Luka 2:14) Nakuba engazinikezele futhi engabhapathiziwe, manje angakwazi ukubika umsebenzi wakhe wokufakaza kanye nezigidi zabantu abakhuthele kuwo wonke umhlaba ‘abashumayela izwi likaNkulunkulu.’ (IzEnzo 13:5; 17:3; 26:22, 23) Isaziso sokuthi ungummemezeli omusha ongabhapathiziwe singenziwa ebandleni. Kufanele aqhubeke etadisha iBhayibheli, ehlanganyela emihlanganweni, esebenzisa lokho akufundayo, futhi ekuhlanganyela nabanye. Kungakapheli isikhathi eside, uyofuna ukuthatha isinyathelo sobhapathizo lobuKristu, kanjalo abe owamukelwa uNkulunkulu futhi ‘ophawulelwe’ ukusindiswa.—Hezekeli 9:4-6.
Usizo Ngomuntu Ophambukayo
11. Ibandla lisebenzelana kanjani nabenzi bobubi ababhapathiziwe?
11 Esihlokweni esandulelayo, sixoxe ngamalungiselelo ebandla okusiza noma yimuphi umKristu obhapathiziwe owenza isono esingathi sina. (Heberu 12:9-13) Futhi sibonile eBhayibhelini ukuthi uma umenzi wobubi obhapathiziwe engaphenduki, kungase kudingeke ukuba ibandla limxoshe futhi ngemva kwalokho ligweme noma yibuphi ubudlelwane naye. (1 Korinte 5:11-13; 2 Johane 9-11; 2 Thesalonika 2:11, 12) Nokho, yiziphi izinyathelo ezingathathwa uma ummemezeli ongabhapathiziwe ephambuka noma enza isono ngokungathi sina?
12. (a) Kungani usizo lomusa lutholakala futhi kubamemezeli abangabhapathiziwe abonayo? (b) Isimiso esikuLuka 12:48 singahlobana kanjani nomthwalo wemfanelo wokulandisa ngobubi?
12 UJuda wanxusa ukuba kuboniswe umusa kumaKristu agcotshiwe ayeqale ukungabaza noma ayewele ezonweni zenyama, uma ephenduka. (Juda 22, 23; bheka futhi neyesi-2 Korinte 7:10.) Ngakho-ke, akuyikuba yini okufanele ngokwengeziwe ukuba kuboniswe umusa kumuntu ongabhapathiziwe ophambukile obonisa ukuphenduka? (IzEnzo 3:19) Yebo, ngenxa yokuthi isisekelo sakhe esingokomoya asikaqini kangako, futhi okuhlangenwe nakho kwakhe kokuphila kobuKristu kulinganiselwe kakhulu. Kungenzeka akakafundi ngomqondo kaNkulunkulu ezindabeni ezithile. Akakadluli ochungechungeni lwezingxoxo zeBhayibheli zangaphambi kokubhapathizwa nabadala, futhi akakazithobi esinyathelweni esingathi sína sokucwiliswa emanzini. Ngaphezu kwalokho, uJesu wathi ‘ophathiswé okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.’ (Luka 12:48) Ngakho, kulindeleke okwengeziwe kubantu ababhapathiziwe, labo, kanye nolwazi olwandisiwe nezibusiso, abanomthwalo wemfanelo wokulandisa okhethekile.—Jakobe 4:17; Luka 15:1-7; 1 Korinte 13:11.
13. Uma ummemezeli ongabhapathiziwe ephambuka, yini abadala abayoyenza ukuze basize?
13 Ngokuvumelana neseluleko sikaPawulu, abazalwane abafanelekayo ngokomoya bafuna ukusiza noma yimuphi ummemezeli ongabhapathiziwe othatha isinyathelo sokuphambuka ngaphambi kokuba akuqaphele. (Qhathanisa nabaseGalathiya 6:1.) Abadala futhi bangacela ababili babo (mhlawumbe labo abahlangana naye ekuqaleni) ukuba bazame ukumbuyisa uma efuna ukusizwa. Bayokwenza kanjalo, hhayi ngenxa yesifiso sokumsola ngamazwi aqatha, kodwa ngendlela yomusa nangomoya wobumnene. (IHubo 130:3) Ezimweni eziningi, isikhuthazo esingokomBhalo nokusikisela okuwusizo kuyoba okwanele ukuba kuveze ukuphenduka futhi kumbeke endleleni elungile.
14, 15. (a) Yini engenziwa uma umenzi wobubi ephenduka ngobuqotho? (b) Ikuphi ukukhulumela okulinganiselwe okucacisayo okungenziwa ezimweni ezithile?
14 Abadala ababili bayonikeza iziqondiso ezifanele isimo somenzi wobubi ongabhapathiziwe. Kwezinye izimo, bangase bahlele ukuba ophambukayo angahlanganyeli eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini noma angavunyelwa ukuba aphendule emihlanganweni isikhathi esithile. Noma bangase bamyale ukuba angahlanganyeli futhi enkonzweni yasobala nebandla kuze kube yilapho enza intuthuko eyengeziwe ngokomoya. Khona-ke bangamtshela futhi ukuthi usengahlanganyela enkonzweni yasensimini. Uma ububi obenziwe bungazange bulethe idumela elibi futhi bungazange budale ingozi ekuhlanzekeni komhlambi, akudingekile ukuba ibandla lixwayiswe nganoma yisiphi isaziso.
15 Nokho, kuthiwani uma abadala ababili bethola ukuthi lomuntu uphenduka ngobuqotho, kodwa ububi baziwa kakhulu? Noma kuthiwani uma ububi buba obaziwa kakhulu kamuva? Kunoma yikuphi kulokhu, bangazisa iKomiti Yenkonzo Yebandla, eyolungiselela isaziso esifushane, njengalesi esilandelayo: “Indaba ehilela . . . iye yasingathwa, futhi uyaqhubeka ekhonza njengommemezeli ongabhapathiziwe nebandla.” Njengakuzo zonke izindaba ezinjalo, indikimba yabadala inganquma uma kuyoba okufanelekile ukuba esikhathini esithile esizayo kunikezwe inkulumo engokomBhalo eneseluleko esiphathelene nohlobo lobubi obuhilelekile.
16, 17. (a) Yiziphi izimo ezimbili ezingase zibe isisekelo sesaziso esihlukile? (b) Siyini isimo salesaziso?
16 Ngezinye izikhathi, ummemezeli ongabhapathiziwe ongumenzi wobubi ngeke asabele osizweni lothando. Noma ummemezeli ongabhapathiziwe angase anqume ukuthi akasafuni ukuqhubeka ethuthukela obhapathizweni, futhi azise abadala ukuthi akasafuni ukwaziwa njengommemezeli. Yini okumelwe yenziwe? Isinyathelo sokususa ekuhlanganyeleni asithathwa ngokuphathelene nabantu abanjalo labo eqinisweni ababengazange bamukelwe uNkulunkulu. Ilungiselelo lokususa ekuhlanganyeleni abenzi bobubi abangaphenduki lisebenza kulabo ‘ababizwa ngabazalwane,’ kwababhapathiziwe. (1 Korinte 5:11) Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi ukwenziwa kobubi akunakwa? Cha.
17 Abadala banomthwalo wemfanelo ‘wokwelusa umhlambi kaNkulunkulu abawuphathisiwe.’ (1 Petru 5:2) Uma abadala ababili abanikeza usizo bethola ukuthi umenzi wobubi ongabhapathiziwe akaphenduki futhi akakufanelekeli ukuba ummemezeli, bayomazisa lowomuntu.d Noma uma othile ongabhapathiziwe etshela abadala ukuthi akasafuni ukuqhubeka aziwa njengommemezeli, bayosamukela isinqumo sakhe. Kunoma yikuphi, kuyofaneleka ngeKomiti Yenkonzo Yebandla ukuba yenze isaziso esifushane ngesikhathi esifanele, esithi “ . . . akaseyena ummemezeli wezindaba ezinhle.”
18. (a) Ngemva kwesaziso esinjalo, yini amaKristu ayoyikhumbula ekunqumeni ngokomuntu siqu ukuthi ayokwenza kanjani? (b) Ingabe kudingeke ngokuphelele ukubagwema abantu abangabhapathiziwe abanecala lobubi besikhathi esidlule?
18 OFakazi bayombheka kanjani lomuntu ngemva kwalokho? Nokho, ngaphambili ‘wayengongakholwa’ oba khona emihlanganweni. Khona-ke wafuna kokubili ukuba abe ummemezeli wezindaba ezinhle futhi wakufanelekela. Njengoba lokhu kungasenjalo, uba umuntu wezwe futhi. IBhayibheli alidingi ukuba oFakazi bagweme ukukhuluma naye, ngoba akasusiwe ekuhlanganyeleni.e Nokho, amaKristu ayosebenzisa ukuqapha ngokuphathelene nomuntu onjalo wezwe ongamkhulekeli uJehova, njengoba nje namaIsrayeli enza ngokuphathelene nezakhamuzi ezazingabafokazi abangasokiwe. Lokhu kuqapha kuyasiza ekuvikeleni ibandla kunoma iyiphi “imvubelo encane,” noma isici esonakalisayo. (1 Korinte 5:6) Uma esikhathini esithile kamuva ebonisa isifiso esiqotho sokuba aqhutshelwe isifundo seBhayibheli, futhi lokhu kubonakala kufanelekile kubadala, mhlawumbe kuyomsiza ukuba aphinde aqonde ukuthi kuyilungelo elingakanani ukukhulekela uJehova kanye nabantu baKhe.—IHubo 100.
19. Abadala bangalunikeza kanjani ngasese usizo olwengeziwe ezimweni ezithile?
19 Uma abadala bebona ukuthi umuntu othile waloluhlobo uyingozi yangempela emhlanjini, bangabaxwayisa ngasese labo abasengozini. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi owayekade engummemezeli ungumuntu osemusha ozinikele ekudakweni noma ekuziphatheni okubi. Naphezu kwesaziso sokuthi akaseyena ummemezeli ongabhapathiziwe, angase azame ukuzihlanganisa nentsha esebandleni. Kulesosimo, abadala bayokhuluma ngasese nabazali balabo abasengozini, futhi mhlawumbe naleyontsha. (Heberu 12:15, 16; IzEnzo 20:28-30) Endabeni engavamile yomuntu ophazamisayo noma oba yingozi ngobudlova, angase atshelwe ukuthi akemukelwa emihlanganweni nokuthi noma yimuphi umzamo wokungena uyobhekwa njengokweqa umthetho.
Ukusiza Abasebancane Ukuba Bakhulekele UNkulunkulu
20. Abazali abangamaKristu banikeza luphi usizo kubantwana babo, futhi namuphi umphumela?
20 IBhayibheli linikeza abazali umthwalo wemfanelo wokufundisa abantwana babo ngendlela yeqiniso laphezulu. (Duteronomi 6:4-9; 31:12, 13) Ngakho, oFakazi BakaJehova sekuyisikhathi eside bekhuthaza imikhaya yamaKristu ukuba ibe nesifundo seBhayibheli samasonto onke. Abazali abangamaKristu kufanele bakhuthaze abantwana babo ukuba bathuthukele ekuzinikezeleni nobhapathizo futhi kanjalo bazuze ukwamukelwa uNkulunkulu. (IzAga 4:1-7) Sibona umphumela othokozisayo emabandleni—amakhulu ezinkulungwane entsha eyisibonelo ethanda uJehova futhi efuna ukumkhulekela phakade.
21-23. (a) Ngokuyisisekelo, ububi bomntwana busingathwa kanjani? (b) Iyiphi indima efezwa abadala bebandla ezimweni ezinjalo?
21 Abazali abangamaKristu futhi banomthwalo omkhulu wokuyala nokusola abantwana babo, ukubabekela noma yimiphi imingcele noma izijeziso zothando abazibona zifanelekile. (Efesu 6:4; Heberu 12:8, 9; IzAga 3:11, 12; 22:15) Nokho, uma umntwana obehlanganyela njengommemezeli ongabhapathiziwe ehileleka ekwenzeni ububi obungathi sina, kuyindaba yokukhathalelwa abadala ‘abalinda imiphefumulo’ yomhlambi.—Heberu 13:17.
22 Ngokuyisisekelo, ukona okunjalo kufanele kusingathwe njengoba kuchazwe ngaphambili kulesihloko. Abadala ababili bangabelwa ukuba bahlolisise lendaba. Ngokwesibonelo, bangase okokuqala baxoxe nabazali (noma umzali) ngalokho okwenzekile, ukuthi siyini isimo sengqondo somntwana, nokuthi iziphi izinyathelo ezithathiwe zokumqondisa. (Qhathanisa noDuteronomi 21:18-21.) Uma abazali abangamaKristu bekwazi ukusilawula isimo, abadala bangase bathintane nabo ngezikhathi ezithile ukuze banikeze iseluleko esiwusizo, ukusikisela, nesikhuthazo sothando.
23 Nokho, ngezinye izikhathi, ingxoxo nabazali ibonisa ukuthi kungase kube kuhle ngabadala ukuba bahlangane nalomntwana ophambukayo kanye nabazali. Becabangela ukulinganiselwa nokuthambekela kwentsha, ababonisi bayozama ukuqondisa lommemezeli osemusha, ongabhapathiziwe ngobumnene. (2 Thimothewu 2:22-26) Kwezinye izimo, kungase kucace ukuthi akasakufanelekeli ukuba ummemezeli nokuthi isaziso esifanelekile kufanele senziwe.
24. (a) Ngisho noma umntwana eye wahlanganyela ebubini obungathi sina, yini efanelekile ngabazali ukuba bayenze, futhi bangakufeza kanjani lokhu? (b) Lokhu kuyosebenza kanjani kumntwana osuswe ekuhlanganyeleni?
24 Ngemva kwalokho, yini abazali abayoyenza ngomntanabo ophambukayo? Basenomthwalo wemfanelo ngomntanabo, nakuba engasakufanelekeli ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe noma ngisho esuswe ekuhlanganyeleni ngenxa yokuziphatha okubi ngemva kobhapathizo. Njengoba nje beyoqhubeka bemnikeza ukudla, izembatho, nendawo yokuhlala, badinga ukumfundisa nokumyala ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu. (IzAga 6:20-22; 29:17) Kanjalo abazali abanothando bangase bahlele ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya naye, ngisho nalapho esusiwe ekuhlanganyeleni.f Mhlawumbe angase athole inzuzo emqondisa ngokwengeziwe ekufundeni kwabo naye eyedwa. Noma bangase banqume ukuthi angaqhubeka ehlanganyela elungiselelweni lesifundo somkhaya. Nakuba ephambukile, bafuna ukumbona ebuyela kuJehova, njengoba kwenza indodana yolahleko emfanekisweni kaJesu.—Luka 15:11-24.
25. Kungani kuqondiswa isithakazelo sothando nosizo kubantu ‘abangakholwayo’ namuhla?
25 Umgomo wokushumayela nokufundisa kwethu uwukusiza abanye ukuba babe abakhulekeli abajabulayo bakaNkulunkulu weqiniso. ‘Abangakholwa nabangafundile’ eKorinte bashukunyiselwa ukuba ‘bawe ngobuso futhi bakhuleke kuNkulunkulu, baqinise bathi: Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.’ (1 Korinte 14:25) Yeka injabulo okuyiyo namuhla ukubona abantu abaningi ngokwengeziwe bezokhulekela uNkulunkulu! Lokhu kuwukugcwaliseka okukhazimulayo kwesimemezelo sengelosi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwa [noma, abantu abemukelwa uNkulunkulu].”—Luka 2:14.
[Imibhalo yaphansi]
a Omunye walabadala kufanele abe yilungu leKomiti Yenkonzo yebandla. Omunye kungase kube umdala ojwayelene kakhulu nomfundi noma umfundisi wakhe, njengomqhubi weSifundo Sencwadi Sebandla.
b Enyatheliswe yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., ngo-1983.
c Esikhathini esidlule, umuntu ongabhapathiziwe ofanelekela ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini wayebizwa ngokuthi “ilungu elamukelekayo.” Nokho, elithi “ummemezeli ongabhapathiziwe” liyigama elifaneleke ngokwengeziwe, ngokucabangela ikakhulukazi okuboniswa yiBhayibheli kokuthi ukwamukelwa uNkulunkulu kuwumphumela wokuzinikezela okungokoqobo nobhapathizo lobuKristu.
d Uma lowomuntu enganeliswa yilesinqumo, angase acele (phakathi nezinsuku eziyisikhombisa) ukuba indaba yakhe ibukezwe.
e Ngaphambili, abangabhapathiziwe ababenza izono ngokungaphenduki babegwenywa ngokuphelele. Nakuba lokhu kungadingekile, njengoba kulungiswe ngenhla, iseluleko seyoku-1 Korinte 15:33 kufanele siqhubeke siqashelwa.
f Izihlobo ezisuswe ekuhlanganyeleni ezihlala ngaphandle kwasekhaya kufanele ziphathwe ngokuvumelana neseluleko esingokomBhalo esichazwe kuyiNqabayokulinda ka-April 15, 1988, amakhasi 26-31; March 1, 1981, amakhasi 26-31.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Uyini umbono wamaKristu ngakulabo ‘abangakholwa’ ababa khona emihlanganweni?
◻ Uma umfundi weBhayibheli efuna ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini, yiziphi izinyathelo ezilandelwa abadala, futhi yimuphi umthwalo wemfanelo umfundi awamukelayo?
◻ Kwenziwani uma ummemezeli ongabhapathiziwe enza isono esingathi sina?
◻ Abazali nabadala bangabasiza kanjani abantwana abahlala ekhaya, ngisho nalapho intsha enjalo iphambuka ngokungathi sina?
[Isithombe ekhasini 16]
Ukuba ummemezeli, nakuba ungakabhapathizwa, kuyisinyathelo esibalulekile nesifanelekile sokuzuza ukwamukelwa uNkulunkulu