‘Siyazi Ukuthi Bayovuka Ovukweni’
UNKULUNKULU uMninimandla onke wanikeza isintu ukuphila. Angakubuyisela futhi kubantu abaye bafa. Futhi, kuye sithola umthombo onokwethenjelwa kakhulu wokwaziswa ngokuphila nokufa: imiBhalo yesiHeberu neyamaKristu yesiGreki, okuyizingxenye ezimbili ezakha iBhayibheli. Liqukethe isigijimi esisekelwe emaqinisweni sokuthi iningi labafile lingabuya futhi lizobuya.—Johane 5:28, 29.
Ukuze sibonise lokhu, cabangela ukulandisa okungokomlando ngoLazaru waseBethani ya, owayaziwa kahle uJesu Kristu. ULazaru wayegula, wayesefa. Ngemva kwalokho, uJesu watshela udadewabo kaLazaru uMarta: “Umnewenu [ofile] uyakuvuka.” Waphendula: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.” (Johane 11:23, 24) Yebo, wayazi. Enesisekelo sokwaziswa okunokwethenjelwa, wayengenakungabaza ngokuthi umfowabo othandekayo uLazaru wayeyobuya “ngosuku lokugcina.”
Njengoba ufunda ukulandisa okungokomlando okukuJohane isahluko 11, uyothola imininingwane yalokho okwabe sekwenzeka. UJesu wayivusa leyondoda yabuyela ekuphileni, nakuba uLazaru ayesefé izinsuku ezine. Lolovuko luwubufakazi bokuthi uNkulunkulu angazifeza izithembiso zakhe zokubuyisa abafile “ngosuku lokugcina.” Kodwa kukuphi lapho uMarta ayelindele ukuphinde abone khona uLazaru ephila? Amanye amaJuda athembekile ayecabanga ukuthi uvuko oluzayo lwaluyokwenzeka kuphi?
Ingabe ‘Yizwe Okungayi Lubuyayo Kulo’?
Umhlaba wawukhethwe uNkulunkulu ukuba ube indawo engokwemvelo yokuhlala umuntu. Umhubi ukubeka ngalamazwi: “Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.” (IHubo 115:16) Akukho emiBhalweni eNgcwele okubonisa ukuthi ukuba uAdamu noEva bahlala bethembekile kuNkulunkulu, babeyoba nokuphila okuphakade kwenye indawo ngaphandle kwasemhlabeni. Eqinisweni, “umuthi wokuphila” wawungekho yini lapha emhlabeni, ePharadesi elajatshulelwa umbhangqwana wabantu wokuqala ngaphambi kokuba uwele enkambweni yokungalaleli uNkulunkulu? (Genesise 2:9; 3:22) Njengoba kwakungekho kwaziswa okuphambene okuvela kuNkulunkulu, izinceku zakhe ezithembekile ngaphandle kwensimu yase-Edene (kusukela endodaneni ka-Adamu eyesaba uNkulunkulu uAbela kuqhubeke), njengoba kwakudingekile, zaziyohlanganisa uvuko nekhaya lesintu okuwukuphela kwalo ezazilazi—umhlaba.
‘Manje, ake ume,’ abanye abantu abajwayelene neBhayibheli bangase baphikise, ‘uJobe akashongo yini esahlukweni 16, ivesi 22, ukuthi ‘wayeyohamba ngendlela ayengayikubuya kuyo’? Futhi kuJobe 7:9 waphawula: “Owehlele endaweni yabafileyo [ethuneni] akasayikukhuphuka.” UJobe wenezela evesini 10: “Kasayikubuyela endlini yakhe; indawo yakhe ayisayikumazi.”’
Ngakho, njengoba ezinye izazi zisho, lawomavesi namazwi afanayo awabonisi yini ukuthi uJobe wayebheka ukufa ‘njengezwe okungayi lubuyayo kulo’? Ingabe amazwi anjalo asho ukuthi uJobe wayengakholelwa ovukweni lwesikhathi esizayo? Ukuze sithole impendulo, kumelwe sihlaziye lamazwi ngendlela ami ngayo, futhi siwaqhathanise neminye imiqondo eyashiwo uJobe ngalendaba.
UJobe wayengazazi izizathu zokuhlupheka kwakhe. Esikhathini esithile wacabanga ngokuyiphutha ukuthi uNkulunkulu owayebangela usizi lwakhe. (Jobe 6:4; 7:17-20; 16:11-13) Edumele, waba nomuzwa wokuthi okuwukuphela kwendawo yakhe yokukhululeka ngokushesha kwakuyithuna. (Jobe 7:21; 17:1; qhathanisa no–3:11-13.) Lapho, ngokombono wababephila esikhathini sakhe, wayengayikubonwa, engayikubuyela endlini yakhe, engayikuthola ulwazi olwengeziwe, engayikubuya noma abe nethemba lokwenza kanjalo ngaphambi kwesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe. Besele dengwane ngaphandle kokungenela kukaNkulunkulu, uJobe nabo bonke abanye benzalo ka-Adamu babengenawo amandla okuvuka kwabafileyo.a—Jobe 7:9, 10; 10:21; 14:12.
Ukukholelwa Ovukweni
Nokho, akumelwe ukungaqiniseki kukaJobe ngalokho ayebhekene nakho namazwi akhe abuhlungu ngekusasa lakhe elaliseduze sikubheke njengokusho ukuthi wayengakholelwa ovukweni. Ukuthi ngokuqinisekile wayekholelwa ovukweni lwesikhathi esizayo kusobala kuJobe 14:13-15. Kuleyondimana, uJobe wakhuluma ngokufisa ‘ukufihlwa endaweni yabafileyo’ nangokuthi ngemva kwalokho ‘akhunjulwe’ nguNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, kuJobe 19:25-27 lendoda yokholo futhi eqotho yakhuluma ngokuba ‘nomhlengi’ ‘nangokubona uNkulunkulu’ kamuva. Yebo, uJobe wayekholelwa ovukweni. Wayekholelwa ukuthi uNkulunkulu wayengakwazi futhi wayeyombuyisela ekuphileni, ngisho nanjengoba uAbrahama aqinisekiswa esikhathini esidlule ngamandla kaNkulunkulu ‘okuvusa abafileyo.’—Heberu 11:10, 16, 19, 35.
Kuze kube sezikhathini zethu zamanje, amaJuda aye akholelwa ekuvukeleni ekuphileni kwesikhathi esizayo emhlabeni. IEncyclopædia Judaica (1971) ithi: “Inkolelo yokuthi ekugcineni abafile bayovuselwa emizimbeni yabo futhi baphinde baphile emhlabeni” ‘kuyinkolelo eyinhloko’ yobuJuda. Le-encyclopedia iyaqhubeka: “Lomqondo uye wathathwa ngokungathi sína nangokoqobo kakhulu kangangokuthi amaJuda azinikele enkolweni ngokuvamile ayakhathazeka ngezembatho angcwatshwa ezigqokile, ukumbozwa ngokuphelele kwazo zonke izitho zomzimba, nokungcwatshelwa kwaIsrayeli.”
Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli alisho ukuthi ovukweni uNkulunkulu uyobuye ahlanganise izidumbu zabantu ezonakele. Ama-athomu alabo asebenesikhathi eside bafa aye asakazekela emhlabeni wonke futhi ngokuvamile aye angena ekuphileni kwezitshalo nokwezilwane—yebo, ngisho nakwabanye abantu, abaye bafa ngemva kwalokho. Kusobala ukuthi ovukweni ama-athomu afanayo ngeke asetshenziswe kubantu abavuswayo abangaphezu koyedwa. Kunalokho, uNkulunkulu uyobuyisela abantu ekuphileni benemizimba efanelekayo, bengenazo izingxenye ezingekho noma okunye ukukhubazeka ababenakho ngaphambi kokufa, njengoba kuyintando yakhe.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 15:35-38.
Ingabe laba abavusiwe bayokwazi ukubonwa abangane babo nezihlobo nazo ezibuyiselwe ekuphileni? Lokho kubonakala kunengqondo, ngoba uma besingeke sikwazi ukubabona abafileyo abavusiwe nabo bengenakusibona, besingazi kanjani ukuthi abafileyo bethu esibathandayo babuyile ngempela? Ngisho nakuba isidumbu sikaLazaru sasonakele, wakwazi ukubonwa izihlobo nabajwayelene naye ngemva kokuba uJesu emvusile. Ngakho-ke, nathi singalindela ukuthi uJehova uNkulunkulu ngothando uyokwenza ukuba sikwazi ukubonana futhi sazane ekuvukeleni ekuphileni emhlabeni.
Ithemba Lasezulwini Labambalwa
Njengoba siye saphawula, umhlaba uyikhaya lesintu esilinikwe uNkulunkulu. Nokho, uJesu wanikeza ukukhanya ngethemba lokuthi inani elikhethwe phakathi kwesintu lizovuselwa ekuphileni komoya kokungaboli, kokungafi kanye naye ezulwini. (2 Thimothewu 1:10) Esikhathini esithile ngemva kokuba uJesu emise “indlela entsha ephilayo” eya ekuphileni kwasezulwini, wonke amaKristu ayemenyelwa ukuba ahlanganyele kulelothemba. (Heberu 9:24; 10:19, 20) Bangaki ababeyokwamukela lowomvuzo ekugcineni? ‘Isambulo esiphefumlelwe, uNkulunkulu asinikeza uJesu ukuba afundise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka,’ sithi inani labo liyizi-144 000, labo “abathengiweyo emhlabeni.”—IsAmbulo 1:1, NW; 7:4-8; 14:1, 3.
Kungani inani labantu elincane kangaka ‘labathengiweyo emhlabeni’ likhethelwe ukuba liyophila ezulwini? Incwadi efanayo yesAmbulo isinikeza isizathu salelinani elilinganiselwe. Esahlukweni 20, ivesi 5 no-6 siyafunda: “Lokhu kungukuvuka kokuqala. Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba-ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.”—Bheka futhi isAmbulo 5:9, 10.
Izikhonzi ZeNkosi Zasemhlabeni
Ngokusobala kakhulu, akubona bonke abantu abayobusa njengamakhosi nabapristi, ngoba ‘bebeyobusa’ obani uma bonke bebengamakhosi? Kunalokho, leliqembu elikhethwe ngokukhethekile, elakhelwe kubaphostoli abathembekile bakaJesu, liyobusa phezu komhlaba owakhiwe ngokwengxenye “isixuku esikhulu” esichazwe kusAmbulo isahluko 7, ivesi 9 kuya ku-17. Izigidi zaso manje zibheke phambili “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” okusondela ngokushesha, okuyohlanza konke ukungalungi kulomhlaba. Ngomusa kaNkulunkulu ongasifanele, siyosinda osizini olukhulu ngaphandle kokuba sike sife.—IsAmbulo 16:14; 21:14; IzAga 2:21, 22.
‘Kodwa kuthiwani ngalabo abaye bafa, njengabathandekayo bami?’ ungase ubuze ngokufanelekile. UJesu ngokwakhe watshela uMarta ukuthi abanye, ‘noma befile, bazophila.’ (Johane 11:25) Lolo kuyoba uvuko lwasemhlabeni. Phakathi nokubusa kukaKristu namakhosi nabapristi abakanye naye abayizi-144 000 ezulwini, izigidi eziningi zabafile ezikhunjulwa ngendlela enhle uNkulunkulu ziyovuswa futhi ziyoba nethuba eligcwele lokufunda ukukhulekelwa kweqiniso kukaJehova. Uma zithembekile, ziyozuza ukuphila okuphakade epharadesi lomhlaba wonke. Lokho kuyoba phakathi ‘nosuku lokugcina’ lolo uMarta abhekisela kulo njengoba ayevumelana noJesu ukuthi umfowabo uLazaru wayeyophinde avukele ekuphileni.—Johane 5:28, 29; 11:24; Luka 23:43.
Ithemba Elisekelwe Eziqinisekisweni
Uvuko olulotshwe eBhayibhelini luyizindlela neziqinisekiso zokuba nengqondo kwethemba lovuko elinikezwa imiBhalo eNgcwele. Ukulandisa okulotshiwe kulandisa ngovuko olwenziwa emhlabeni abaprofethi uEliya noElisha ezikhathini zangaphambi kobuKristu, yiNdodana kaNkulunkulu (kuhlanganise nalolo lukaLazaru), abaphostoli uPetru noPawulu, nalolo ikakhulukazi olwenziwa uJehova uNkulunkulu lapho evusa iNdodana yakhe. Ungafunda ukulandisa okunjalo eBhayibhelini lakho kulemiBhalo: 1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:32-37; Mathewu 28:1-10; Luka 7:11-17; 8:40-56; Johane 11:38-44; IzEnzo 9:36-42; 10:38-42; 20:7-12.b
Ngesisekelo sethemba lovuko eliqinisekiswe ngokunamandla kanjalo, uPawulu wayengaqinisekisa abaseAthene: “UNkulunkulu . . . umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”—IzEnzo 17:30, 31.
Yebo, uvuko lukaJesu luyisiqinisekiso sokugcina sokubaluleka kwethemba lovuko. Ngakho nathi sinesisekelo esiqinile sokuthembela ngokuqinisekile emandleni nasothandweni lukaJehova uNkulunkulu. Nathi singazwakalisa ukuqiniseka uMarta ayenakho: ‘Siyazi ukuthi abafileyo bayakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina!’
Ngemva kokuba izilaleli zikaPawulu eMars’ Hill sezizwe ubufakazi bakhe ‘ngovuko lwabafileyo,’ zahlukana zaba amaqembu amathathu: “Abanye bahleka usulu, kepha abanye bathi: Siyophinde sikuzwe ngaleyondaba. . . . Kepha amadoda athile anamathela kuye, akholwa.”—IzEnzo 17:32-34.
Wena usabela kanjani ethembeni lovuko? UJehova uyosigcina isithembiso sakhe sokuvusa izigidi, ngisho nezinkulungwane zezigidi, kwabafileyo. Ukuthi uyoba lapho ukuze uphinde uzibone, futhi ubonwe yizo, kuxhomeke kakhulu kulokho okwenzayo. Ingabe uzimisele ukufunda ngezimfuneko zikaNkulunkulu zokuzuza ukuphila okuphakade futhi uphile ngokuvumelana nazo? OFakazi BakaJehova bayokujabulela kakhulu ukukunikeza ukwaziswa okwengeziwe ngethemba labafileyo nelokusinda ekupheleni kwalesimiso sezinto.—Johane 17:3.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokuvumelana nalokho, umhubi ubhala ngalendlela ngesimo esasikhona ngalesosikhathi ngaphambi kwanoma ikuphi ukungenela kukaNkulunkulu: “Futhi [uNkulunkulu] waqhubeka ekhumbula ukuthi [amaIsrayeli] ayeyinyama, ukuthi umoya [noma amandla okuphila avela kuNkulunkulu] uyaphuma futhi awubuye ubuye.”—IHubo 78:39, NW.
b Ungathola ingxoxo eningilizwe ngokwengeziwe yovuko ezikhathini zeBhayibheli nangesithembiso seBhayibheli sovuko oluzayo phakathi nokubusa kukaKristu encwadini ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Isahluko 20 sinesihloko esithi “Uvuko—Lobani, Futhi Kuphi?” Lencwadi iyatholakala koFakazi BakaJehova endaweni yakini noma emahhovisi abhalwe ekhasini 2 lalomagazini.