Ushushiso EBurundi—Isithembiso Senkululeko Yenkolo Esephuliwe!
Inkululeko yenkolo ithathwa kalula emazweni amaningi aseNtshonalanga. Nokho, ushushiso lwenkolo olwenzeka ezweni laseAfrika laseBurundi lubonisa indlela leyonkululeko engaba yintekenteke ngayo. Ngempela, uma nje amalungelo abantu ayisisekelo anoma iliphi iqembu labantu enyathelelwa phansi, akukho malungelo amuntu alondekile. Ngakho-ke sinxusa abafundi balomagazini ukuba bahlole lokho okwenzeka eBurundi.
UFEBRUARY 16, 1989, wabona ithunzi leNkathi Yobumnyama lisibekela izwe laseAfrika laseBurundi. Ngalolosuku umongameli weRepublic yaseBurundi, uPierre Buyoya, wabamba umhlangano nababusi bezifundazwe. Ngemva kwalowomhlangano, kwaqubuka ukushushiswa kwenkolo konya, okusakazekile kwenziwa koFakazi BakaJehova. Amadoda, abesifazane, ngisho nabantwana ngokushesha baba izisulu zokuboshwa, ukushaywa, ukuhlushwa, nokulanjiswa okungemthetho.
Ukuthi izenzo zonya ezinjalo zingenzeka kulolusuku nenkathi ngokwakho kuyihlazo. Nokho, ukushushisa kweBurundi amaKristu kunenga ngokukhethekile. Ngani? Ngoba kwakha ukwephulwa kwesithembiso senkululeko yenkolo.
Ukwephula Kukahulumeni Isithembiso
IBurundi iyisizwe saseAfrika esiqhelile esiseningizimu nje yenkabazwe, nakuba lelizwe elinezintaba lijabulela isimo sezulu esipholile, esijabulisayo. (Bheka ibalazwe.) Bambalwa abantu emhlabeni wonke abebekuqaphela ukuba khona kweBurundi kwaze kwaba ngoAugust 1988, lapho iba undab’ uzekwayo emhlabeni. Ngalesosikhathi kwaqubuka ingxabano eyachitha igazi eliningi phakathi kwamaqembu ayo amabili ayinhloko ezinhlanga, amaTutsi namaHutu. Ngokungangabazeki lokhu kwashiya umbono omubi ngeBurundi ezingqondweni zabaningi.
Nokho, ziningi izinto ezinhle ezingashiwo ngalelizwe elithuthukayo. Abantu balo bakhuthele futhi basebenza kanzima. Isihloko esikuNew York Times Magazine siqhubeka siphawule ukuthi “ngezindlela ezihlukahlukene ezisobala kumuntu ovakashile, iBurundi, impofu injalo, iyasebenza. UMaurice Gervais, ummeleli ohlala khona weWorld Bank, uyibiza ngokuthi ‘izwe elisebenza kanzima kakhulu.’”
Nokho, isimo saseBurundi esingokwenkolo siyawusongela lombono omuhle. Amaphesenti acishe abe ngama-80 athi angamaKristu, iningi lawo lingamaRoma Katolika. Nokho, imibuso yezombangazwe lapho iye yabeka isibonelo esiphazamisayo sokungayibekezeleli inkolo. Ngo-October 16, 1985, iChristian Century yabika: “Onyakeni odlule uhulumeni waseBurundi uqalisé uchungechunge lwezenzo ezijongé ukululaza ukuba khona kwesonto . . . ilungelo lokukhuleka obala nangasese nelokuthandaza liye lancishiswa kakhulu. Wonke amasonto amahlelo athile . . . aye avalwa futhi anqatshelwa ukuba asebenze; . . . amashumi amaKristu ngamanye aye aboshwa, amanye ahlushwa ngisho nokuhlushwa . . . konke lokhu ngenxa yokusebenzisa ilungelo lawo lokuqhuba inkolo.”
Ngakho aba makhulu amathemba lapho, ngoSeptember 1987, uhulumeni omusha ngaphansi kukaMongameli uPierre Buyoya uqala ukubusa eBurundi. Lomongameli omusha wathembisa isizwe sakhe inkululeko yenkolo, futhi ngokushesha wathatha izinyathelo zokwenza njengokwamazwi akhe. Umbiko weU.S. Department of State uthi: “Ngonyaka wakhe wokuqala esesikhundleni, uMongameli uBuyoya wenza izinguquko ezinkulu emithethweni yaseBurundi ephathelene nenkolo ehleliwe, eguqula ukucindezelwa kwenkolo ngaphansi kombuso [wangaphambili]. UBuyoya wakhulula zonke iziboshwa zenkolo; wavula kabusha amasonto ayevaliwe; wabuyisela yonke impahla yesonto eyayidliwe.” Lezizenzo ezibonisa ukukhanyiselwa zazuzela uMongameli Buyoya inhlonipho yabathandi benkululeko emhlabeni wonke.
Khona-ke, kungani oFakazi BakaJehova muva nje bekhethwe njengezisulu zokucindezelwa okungokwenkolo?
OFakazi BakaJehova—Ukulwela Ukuqashelwa
Emashumini eminyaka, iSonto lamaKatolika “laphenduka laba indikimba enamandla yezomnotho nezombangazwe,” kubika iNew York Times. Ezinsukwini zalesizwe zamakoloni, isonto lalivunyelwe “ukulibusa ngokuphelele izwe,” njengoba “lalifeza ingxenye eyinhloko ekunikezeni ukunakekela kwezempilo nemfundo.” Khona-ke, akumangalisi ukuthi uhulumeni kungenzeka wazizwa esongelwa inkolo ehleliwe.
Nokho, lapho oFakazi BakaJehova beqala umsebenzi wabo wobuvangeli wasobala eBurundi ngo-1963, abenzanga-mzamo wokugxambukela ezindabeni zoMbuso. Kunalokho, bagcina umsebenzi wabo ungowukushumayela ‘lezindaba zoMbuso’ kuphela. (Mathewu 24:14) Njengoba iBhayibheli lithi amaKristu eqiniso kumelwe ‘angabi ingxenye yezwe,’ oFakazi BakaJehova bahlala bengathathi-hlangothi kwezombangazwe, ukuma okuthathwa oFakazi emhlabeni wonke.—Johane 17:16.
OFakazi BakaJehova baye bakugwema ngenxa kanembeza ukujoyina amaqembu ezombangazwe nokumemeza izaga zamaqembu ezombangazwe. Ngokuvamile ohulumeni baye bakuqonda kabi lokhu kuma kokungathathi-hlangothi njengokungathi kuwukuntula uthando ngezwe noma ngisho nokubonisa ukuhlubuka. Kodwa akunjalo. OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke baziwa njengezakhamuzi eziyizibonelo, ezigcina umthetho. Bawuthatha ngokungathi sína umyalo weBhayibheli ‘wokuthobela’ ohulumeni bezwe. (Roma 13:1) Nakuba bekugwema ukukhulekela noma ukubonisa nganoma iyiphi indlela inhlonipho yokukhulekela izifanekiselo zobuzwe njengamafulege, abazideleli izifanekiselo ezinjalo.—Eksodusi 20:4, 5.
Ngo-1975 oFakazi BakaJehova babecele ukuqashelwa okungokomthetho komsebenzi wabo. Kodwa ngo-1976 ukugumbuqelwa koMbuso amasosha kwaketula uhulumeni futhi kwabeka uMongameli Jean-Baptiste Bagaza emandleni. Wathembisa inkululeko yokukhulekela. Nokho ngoMarch 1977, oFakazi BakaJehova bavinjelwa ngokomthetho! OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke benza umzamo wokucacisa lendaba kumalungu kahulumeni kaBagaza, kodwa izincwadi, ukuvakashela amahhovisi amanxusa aseBurundi eFrance naseBelgium, nemihlangano nezikhulu zikahulumeni eBurundi konke akubanga nazithelo. Ngo-1987 oFakazi abangaba ngama-80 eBurundi—amadoda nabesifazane—bavalelwa ejele izinyanga eziningi. Omunye uFakazi wafela lapho.
Khona-ke ngo-1987 ukugumbuqelwa kombuso kwabeka uMajor Pierre Buyoya emandleni. Ngokushesha amaKatolika namaProthestani azuza ekubekezeleni kwakhe inkolo—kodwa hhayi oFakazi.
Ukugqashuka Koshushiso Lwenkolo
Ngemva komhlangano kaMongameli Buyoya nababusi bezifundazwe ngoFebruary 16, 1989, kwamenyezelwa emsakazweni ukuthi enye yezinkinga ezinkulu iBurundi okumelwe ibhekane nayo ukwanda koFakazi BakaJehova. Ababusi bezifundazwe eziphakathi, sengathi banikezwe uphawu, baqalisa igagasi loshushiso. Nakuba imininingwane ingahlelekile, imibiko elandelayo inikeza umqondo othile walokho okwenzekayo lapho:
Province Gitega: UMbusi uYves Minani wayala ukuba amaphoyisa nabantu balungiselele ukubopha bonke oFakazi BakaJehova. Ngokulandelayo, amalungu amaphoyisa ezokuphepha agqekeza ekhaya likaNtibatamabi Edmond, umvangeli oyiphayona elikhethekile, ambopha. Ngesikhathi eboshiwe, wancishwa ukudla. Kaningi waquleka ngenxa yendlala. Futhi wahlushwa kuzanywa ukuba enziwe avume amahemuhemu okuthi oFakazi BakaJehova badla igazi labantu—amanga aluhlaza!
Ngemva kokuboshwa kukaEdmond, uNtikarahera Aaron noNtimpirangeza Prime, nabo abangoFakazi BakaJehova, baboshwa futhi bafakwa ejele eGitega. Bathola impatho efanayo yonya.
UNijimbere Charlotte, unkosikazi wombonisi wesifunda—isikhonzi esihambela amabandla amaningi—wezwa ngesimo sabafowabo abangamaKristu. Wazama ukuyisa ukudla ejele kodwa waboshwa ngoMarch 16, 1989, futhi wagcinwa njengesithunjwa ngomzamo weziphathimandla wokubamba umyeni wakhe.
Province Muramvya: UMbusi uAntoine Baza wabiza imbizo yabo bonke oFakazi abaziwayo ukuba bahlangane naye futhi baphendule imibuzo. NgoMarch 4 leloqembu lahambisana nalesosicelo. Nakuba laliyiphendula ngenhlonipho imibuzo yakhe, lenqaba ukumemeza izaga zeqembu lezombangazwe.
Ngenxa yalokho lombusi washoshozela abantu bendawo ukuba bahlasele oFakazi BakaJehova. NgoMarch 16 amaphoyisa angena emakhaya oFakazi abaziwayo futhi aqala ukushaya amadoda nabesifazane ngenxa yokwenqaba ukumemeza izaga zeqembu lezombangazwe. Isitolo esasingesomunye uFakazi sabanjwa futhi savalwa—kwephucwa lomkhaya indlela yawo yokuziphilisa.
NgoMarch 17 abesifazane abane bashaywa ngoba benqaba ukuphika ukholo lwabo. Bafakwa esitokisini sasejele esingenazindawo ezingenisa umoya, ngisho noma omunye wabo ayengumdlezane onosana olunezinsuku ezingama-20.
NgoMarch 20 iqembu elalihlome ngezinduku namangamathoshi lagqekeza emakhaya abesifazane abathile abangoFakazi, abashaywa futhi baxoshwa emakhaya abo. Phakathi kwalabo abahlukunyezwa kwakungowesifazane oneminyaka engama-75 owayetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova kanye nentsha eningana engaphansi kweminyaka eyi-14 ubudala!
UPierre Kibina-Kanwa, umqondisi wesikole sebanga eliphakathi iNyabihanga, wazama ukuphoqelela abantwana boFakazi ukuba bakhulekele ifulege lesizwe. Ehluleka ukwenza kanjalo, wabaxosha. OFakazi abangamashumi amabili nambili kulelodolobha baphoqelelwa ukuba babaleke, beshiya ngemuva konke okungokwabo. Phakathi kwalabo ababoshwa kwakunguNdayisenga Leonidas, uKanyambo Leanard, uNtahorwamamiye Abednego, uBankangumurindi P., uKashi Grégoire, noMbonihankuye Thadée.
Province Bujumbura: Umphathi wesigodi saseMuhuta, uNahimana Macaire, wabizela emhlanganweni uKavunzo Vincent, uNdabazaniye Sylvestre, noNdizwe-Nzaniye—bonke abangoFakazi. Lapho wabamangalela ngokuhileleka engxabanweni yezinhlanga yangoAugust 1988. Nakuba oFakazi BakaJehova ngokucacile babengahilelekile, kwalandela ukushaywa nokuboshwa.
Province Bubanza: OFakazi ababili baboshwa ngenxa nje yokuba nezincwadi zeBhayibheli. Lapho benqaba ukwenza uphawu lweqembu, uMbusi uKimbusa Balthazar wabathumela ekamu lempi. Lapho bahlushwa ngokuba bagxotshwe iminwe.
Lokho Ongakwenza
Okuningi kwalokhu kuphathwa kabi kuye kwenzeka ngaphakathi, kude namehlo ezibukeli zangaphandle. Nokho, amakhophi alendaba angaphezu kwezigidi eziyi-13 azosakazwa emhlabeni wonke ngezilimi ezingaphezu kweziyi-106. Izenzo zonya zaseBurundi ngeke zisaba yimfihlo. Abantu abathanda inkululeko bayonengwa ukwephulwa kwasobala okungaka kwamalungelo abantu okwenzekayo—okungamalungelo izinkulungwane zabantu baseAfrika ebeziwalwela.
Ngaleyondlela iBurundi ibeka okuningi engozini ngokwehluleka ukugcina isithembiso sayo senkululeko yenkolo. Ibeka engozini idumela layo esebenze kanzima kangaka ukuze ilakhe, lelo lokuba isizwe esithuthukayo, esisebenza kanzima. Ingabe iBurundi iyawufuna umthwalo wokubhekwa njengesizwe sabashushisi benkolo abanjengezinhlanya! Asicabangi kanjalo. Esingase sikucabange nje kuphela ukuthi uMongameli Buyoya utshelwe okungeyikho, wadukiswa abeluleki bakhe.
Amacala abekwa koFakazi BakaJehova angamanga angenangqondo aklanyelwe ukuba kuvuswe imizwelo engenangqondo. OFakazi BakaJehova abalona usongo ekulondekeni kukahulumeni waseBurundi noma wanoma isiphi esinye isizwe. Banokuthula futhi bathobela umthetho, bayazihlonipha izimpawu zesizwe. Ngokuphambene namahemuhemu, bakwenqaba ngokuphelele ukufaka igazi emizimbeni yabo nganoma iyiphi indlela—ngisho noma ukuphila kwabo kusengozini.—IzEnzo 15:28, 29.
Ngakho amaKristu eqiniso emhlabeni wonke ayobathandazela ngobunye abafowabo eBurundi. (1 Thimothewu 2:1, 2) Abafundi abaningi futhi bayoshukunyiselwa ukuba bambhalele ngokuqondile uMongameli Pierre Buyoya, benxusa ngenhlonipho ukuba ushushiso lwenkolo lumiswe nokuthi oFakazi BakaJehova baqashelwe ngokomthetho njengenkolo emisiwe. IBurundi kumelwe ilalele iseluleko uma izozihlangula ecaleni emehlweni ezwe.
His Excellency Major Pierre Buyoya
President of the Republic of Burundi
Bujumbura
REPUBLIC OF BURUNDI
[Amabalazwe ekhasini 22]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
RWANDA
ZAIRE
BURUNDI
TANZANIA
LAKE TANGANYIKA