Ukuqondisisa Izindaba
Ingabe Ziyisidala?
Ngokompristi waseSheshi eAdelaide, eAustralia, izixwayiso ngokuvusa inkanuko ngokomzimba okungaholela ebufebeni nasekuphingeni ziyisidala futhi zivela emithonjeni engeyona eyobuKristu. Ekuhloleni kwakhe kwamuva ngokuqondene nemikhuba yobulili, uthi imibhangqwana eyayithembisene ukushada yayingoni ngempela uma iba nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado. Lokho kuhlola futhi kugomela ngokuthi ubungqingili bungase bamukeleke ezimweni ezithile. NgokweCourier Mail yaseBrisbane, umkhulumeli weSonto Elihlanganisayo eAustralia “wavumelana nezimiso eziyisisekelo zalowombiko.”
Nokho, iBhayibheli lithi kuyintando kaNkulunkulu ngabo bonke ukuba ‘badede ebufebeni’ nokuthi “nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” (1 Thesalonika 4:3, 4; 1 Korinte 6:9, 10) Ngokuqinisekile, labo abamukela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe bayaqaphela ukuthi umbono walo ngobulili uvela kuMdali onokuhlakanipha konke. Ithonya lawo kulabo abaphila ngezindinganiso zeBhayibheli libonisa ukuthi leziqondiso zokuziphatha okuthiwa ziyisidala zisenengxenye ekuqineni kwezibopho zomkhaya futhi ziyisivikelo ezibazini ezijulile ezingokomzwelo nasezifweni ezinyanyekayo ezibangelwa ukuziphatha okubi.
Isivikelo Esingcono Kakhulu
Ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa kusalokhu kuyinkinga engathi sína. Khona-ke, iyiphi indlela engcono kakhulu yokuvikela intsha ekusebenziseni kabi izidakamizwa? Engxoxweni eyakhishwa ephephandabeni laseBrazil iO Estado de S.Paulo, uprofesa waseFrance noyisazi sezifo zengqondo uClaude Olievenstein wagcizelela isidingo sokuba neziqondiso nokusekela kothando. Wathi: “Lapho abantu bekhuluma ngezidakamizwa namuhla, kugcizelelwa indima yamaphoyisa, isimiso sokwahlulela, nesikole. Nokho, isidingo esikhulu singesokuvimbela komkhaya [ukusebenzisa kabi izidakamizwa]. . . . Abantwana abaningi abazi ukuthi liyini igunya likababa. Ubaba akekho; ngokusobala useye washiya.”
Echaza isizathu esenza ukuvinjelwa kokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa kube okubalulekile ezingeni lomkhaya, uDkt. Olievenstein wanezela: “Siphila emphakathini okhathalela inzuzo lapho abantu benamahloni ngemikhuba yokuziphatha. Lapho, ngenxa yezidakamizwa, abantwana bethu beqala khona ukubonakalisa ukuziphatha okuthile, kungenxa yokuthi asisayenzi imikhuba yokuziphatha yaziwe. Umphakathi wethu usuye waba olukhuni, ongenangqondo, ogcwele izimboni. Abantu bacabanga kuphela ngokulwela ukuphila.”
Ngokukamagazini iSuperinteressante, ukuhlola kwaseU.S. kuqinisekisa ukubaluleka kwegunya labazali. Lelophephabhuku lithi: “Intsha eyenza kahle kakhulu ekuhlolweni kwasesikoleni nehleleke ngokwengeziwe ngokomzwelo ivela emkhayeni lapho abazali beye basebenzisa khona igunya lokumisa imithetho ecacile yokuziphatha futhi banikeza inkululeko phakathi kwemingcele echazwe kahle. Ngokufanayo, isilinganiso sentsha eluthwe izidakamizwa notshwala siphansi ngokuqaphelekayo emikhayeni enjalo.”
Ngesizathu esihle, iBhayibheli liyala abazali: “Yilaye indodana yakho, iyakukuphumuza, yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.” (IzAga 29:17) Yebo, isiqondiso esisekelwe eBhayibhelini singasiza abazali ukuba bavimbele ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa futhi bathuthukise izinga lokuphila lawo wonke umkhaya.