Ukufuna Ukulondeka
UKULONDEKA. Abaholi bezwe bayaxoxisana ngakho. Abaholi benkolo bayakuthandazela. Nokho, kumuntu ovamile nje, ukulondeka kubonakala kuyiphupho elididayo. Cabangela ngokwesibonelo, uRon, owayeya emsebenzini eGoli, idolobha elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika.
“Ngangikakwe amadoda ayisihlanu, enye ingibeke ummese entanyeni futhi enye ingikhombe ngomunye emhlane. Angikhuthuza emaphaketheni ngokuphazima kweso. Ngangizizwa njengenkukhu eqhuthiwe. Abantu ababedlula bamane banganginaka nje.” URon akazange adaze inkani futhi waphunyuka engalinyaziwe.
Ngabaningi, ukuhamba emigwaqweni yanoma yiliphi idolobha elikhulu kubangela ukucindezeleka. Bahlala becabanga: ‘ngingakugwema kanjani ukukhuthuzwa?’ Bayaphuthuma ukuba baqede ukuthenga ukuze baphindele ekulondekeni kwasekhaya. Kodwa lilondeke kangakanani ikhaya? “Amathuba okuhlangabezana nothile ehlasela ukuthula kwekhaya lakho, aqhwage ingxenye noma yonke impahla yakho futhi anyamalale angabonakali nangokhasha anda ngokumangalisayo unyaka ngamunye,” kusho incwadi ethi Total Home Security.
Ngenxa yalokho, abaninikhaya babeka izixwayiso ezixwayisa izigebengu ukuthi kunezinja ezinolaka egcekeni noma ukuthi indawo igadwe umantshingeyana ohlomile. Ezindaweni eziningi ezakhelene abaninikhaya bayahlangana emizamweni yokulwisana nobugebengu. “Kunamasu angaphezu kuka-60 000 eBrithani kuphela, ahilela imindeni engu-750 000,” kusho umagazini iSecurity Focus. “Njengoba ubugebengu banda, kuyisidala ngomakhelwane ukuba bangabi nobuhlobo bobungane,” kusho umthengisi womshwalense eAfrika.
Amalungu amasu okugada ezindaweni ezakhelene agadelana inhlala-kahle yawo futhi abikele amaphoyisa nganoma yisiphi isenzo esisolisayo.a Kodwa incwajana yezindaba yachazela ilungu leqembu elagqekezelwa indlu: “Ngeshwa lamasu awasona isiqiniseko sokuthi awusenakuphinde ugqekezelwe futhi. Alikho isu lezokulondeka elingabika lokho. . . . Kusadingeka uqiniseke ukuthi iminyango yakho ikhiyiwe, ukuthi unayo inhlaba-mkhosi exwayisa ngezigelekeqe futhi usuye wathatha izinyathelo ezifanele zokulondeka.”
Nakuba amasu okugada ezindaweni ezakhelene eye aba nempumelelo ethile, kuyaphikiswana ngokuthi alinciphisile lonke izinga lobugebengu. “Ukuncipha kobugebengu okubikwayo endaweni encane kuba ‘impumelelo’ kuphela uma kukuncane noma kungekho ‘ukugudlulelwa’ kwalobo bugebengu ezindaweni ezingomakhelwane,” kuchaza uShapland noVagg kwethi Policing by the Public. Ngaleyondlela, kwamanye amadolobha lapho amaqembu agadayo ezindaweni ezakhelene eye abika impumelelo ephawulekayo khona, kuye kwaba khona ukwanda okungavamile kobugebengu kwezinye izindawo zalawomadolobha lapho kunzima khona ukuhlela amasu anjalo.
“Kunezinye izindawo lapho ukugada ezindaweni ezakhelene kungaphumeleli kangako,” kuvuma unobhala wesu elisabalele nezwe elinamalungu angaphezu kuka-20 000. Wayebhekisela ezindaweni ezinkulu “ezingaphandle kwedolobha lapho omakhelwane bengenakubonana khona futhi lapho ukugada kungasebenzi khona.” Ngokwesibonelo, omunye umbhangqwana wathutha usuka edolobheni laseMelika uya esizeni esingamahektare angu-20 eduze nedolobhana elincane. Phakathi neminyaka emibalwa, indlu yawo yayisigqekezwe kabili. Inkosikazi yaveza imizwa yezakhamuzi eziningi zasemaphandleni ngalamazwi: “Ngiyazama ukuba umuntu ovamile, kodwa ngiyesaba. . . . Angizizwa ngilondekile.” Emazweni ahlushwa ingxabano engokombangazwe, izakhamuzi zasemaphandleni zibhekana nobudlova obengeziwe futhi njalo ziphoqelelwa ukuba zithathe uhlangothi.
Yingakho nje abaningi belangazelela lezozinsuku ‘kusadliwa ngoludala.’ “Ngasekuqaleni kwalelikhulu leminyaka,” kusho incwadi iGrowth of Crime, “. . . kwakunenkolelo evamile yokuthi [ubugebengu] buyoba ngconywana ngezinga.” Kodwa kunalokho yini eyenzeka? Abalobi uSir Leon Radzinowicz noJoan King bayachaza: “Eminyakeni yokuqala engamashumi amabili yalelikhulu leminyaka, ngisho naphakathi nempi yezwe yokuqala, amazinga obugebengu awazange ashintshe, abelokhu ehambisana nenani labantu. Kwakusekwehleni komnotho kwangemva kwempi lapho ukuthambekela okunamandla kwabonakala khona. Phakathi neminyaka yokuzamazama okungokomnotho, ukungabikho komsebenzi kanye nenye impi enkulu, [ubugebengu] benyuka ngokungenakuvinjelwa . . . Into ekumangalisa kakhulu lapho ubuka ubugebengu ngokwesilinganiso somhlaba wonke, ukwanda kwabo okusabalele nokuphikelelayo kuyo yonke indawo.”
Lokhu “kwanda kokubi,” nakuba bekungalindelwe ngabaningi, empeleni kwabikezelwa. Izinhlekelele ezinkulu eziye zakhahlameza isintu kusukela ekuqaleni kwempi yezwe yokuqala ngo-1914 zazibonisiwe kusengaphambili eBhayibhelini. UJesu wabikezela ukuthi isimiso esibi somuntu sasisondela ekupheleni: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube-khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.”—Mathewu 24:3, 7, 12; bheka futhi noLuka 21:10, 11.
UJesu wanezela: “Nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.” Ngakho-ke, unesizathu sokulindela okuhle. Ukufuna komuntu ukulondeka komhlaba wonke sekuzokwaneliswa.—Luka 21:28-32.
[Umbhalo waphansi]
a Lapho enxuswa ukuba abe ngamalungu omantshingeyana abaqaphayo, amaKristu ayakujabulela ukuqondiswa izimiso ezikuIsaya 2:2-4 nakuJohane 17:16.—Bheka INqabayokulinda kaJanuary 15, 1984, amakhasi 24-6.