Ukulondeka Komhlaba Wonke—Kanjani?
AKE uzicabange uhlala emhlabeni ongenayo ingozi nokuhlupheka. Yilokho okushiwo ukulondeka komhlaba wonke. Ingabe kumane kuyiphupho nje?
Akunjalo. Cabanga ngezinsuku zeNkosi yakudala uSolomoni. Ngokuqondene nokubusa kwakhe ngokuhlakanipha, iBhayibheli lithi: “OJuda noIsrayeli bahlala belondekile, kwaba-yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe . . . zonke izinsuku zikaSolomoni.”—1 AmaKhosi 4:25.
Isifundo Esitholakala Ekubuseni KukaSolomoni
Ukulandisa kweBhayibheli okungavamile, okunjengalokhu okungenhla, kuchazwa kabi ngabaphikisi beBhayibheli ngokuthi kuyihaba. Ngakho, omunye angase abuze: ‘Ngingaqiniseka kanjani ukuthi ukubusa kukaSolomoni akuyona nje inganekwane?’ Ubufakazi bemivubukulo obuseceleni bunikeziwe ngemva kwalesihloko. Yebo, ubufakazi obungcono kakhulu bokuba ngokoqobo kokubusa kukaSolomoni buwukuthi kubikwa eZwini elingenaphutha likaNkulunkulu ophilayo, uJehova.—Johane 17:17; 1 Petru 1:24, 25.
Imfihlo yokulondeka okwakujatshulelwa ngaphansi kokubusa kukaSolomoni yayisekusebenziseni imithetho kaJehova yokulunga. Ngaphambi kokuba amaIsrayeli angene eZweni Lesithembiso, uNkulunkulu wayethe: ‘Uma niqhubeka nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, izwe liyothela ukudla kwalo. Niyohlala ezweni lakini nilondekile. Ngiyakunika ukuthula ezweni, nilale phansi ningesatshiswa-muntu.’—Levitikusi 26:3-6.
Ngokudabukisayo, ngemva kokufa kukaSolomoni amaIsrayeli ayeka ukulalela uJehova; aphendukela ekukhulekeleni izithombe nasekukhulekeleni ubulili obungcolile. Ngenxa yalokho, alahlekelwa ukulondeka kwawo, futhi izwe lahlaselwa uShishaki owayenguFaro waseGibithe. (1 AmaKhosi 14:21-26) “Nina ningishiyile; ngalokho nami nginishiyile esandleni sikaShishaki,” uJehova echazela umhlangano wababusi eJerusalema.—2 IziKronike 12:5.
Othile Omkhulu KunoSolomoni
UJesu Kristu waliqinisekisa iqiniso elingokomlando ngoSolomoni nabo ‘bonke ubukhazikhazi bakhe.’ (Mathewu 6:29) Kodwa ngokuphathelene naye ngokwakhe, uJesu wathi: “Bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.” (Mathewu 12:42) Ingabe wayesho ukuthini? Ukulondeka okwajatshulelwa ngaphansi kokubusa kukaSolomoni kwakulinganiselwe. Leyonkosi engumuntu yayingenakuzikhulula izikhonzi zayo ekuguleni, esonweni, nasekufeni. Nokho, uJesu wafundisa abantu abanesono indlela abangazuza ngayo ukuphila okuphelele ekulondekeni okuhlala njalo.—Johane 10:10; 13:34, 35; 17:3.
Isisekelo sokuzuza lokho kulondeka okuphelele sabekwa ukufa nokuvuka kukaJesu. (Johane 3:16; 1 Korinte 15:20) Engakwesokunene sikaNkulunkulu ezulwini, ngokushesha uzoletha ukulondeka komhlaba wonke kubo bonke abazithoba ekubuseni kwakhe. INkosi yakudala uDavide yaphefumlelwa ukuba ibhale ngalokhu kuyiHubo lika-72 elisankondlo. Lamazwi agcwaliseka ngokwengxenye phakathi nokubusa kwendodana kaDavide, yingakho umbhalo wawo ongenhla uthi, “ElikaSolomoni.” Nokho, ukugcwaliseka okuyinhloko kuphathelene nokubusa koMbuso kaSolomoni oMkhulu, uJesu Kristu.
NgokweHubo 72:7, 8, ukulondeka okuyojatshulelwa ngaphansi kombuso kaKristu kuyoba okwembulunga yonke nokuhlala njalo. “Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga. Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube-selwandle, kusukela emfuleni kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—Qhathanisa noZakariya 9:9, 10.
Izikhonzi zokubusa kukaKristu ziyojabulela futhi nokukhululeka ekuhluphekeni, ngoba iHubo 72:16 liyasiqinisekisa: “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.” Ngokusobala, kuyoba khona nokukhululeka obandlululweni, ukucindezelwa, nobudlova. “Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba-yigugu emehlweni ayo.”—IHubo 72:12, 14.
Njengasesikhathini seNkosi uSolomoni, isisekelo salokho kulondeka komhlaba wonke siyoba ukusebenzisa ngokuhlakanipha imithetho kaJehova yendawo yonke. Lokhu kuyoba impendulo esicelweni sikaDavide esingokwesiprofetho: “Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho . . . Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo.”—IHubo 72:1, 4.
Kuthiwani Ngezidingo Zethu Zamanje?
‘Kuhle kakhulu konke lokho,’ omunye angase asho, ‘kodwa ngikudinga manje ukulondeka okubonakalayo.’ Yiqiniso, amaKristu asakhathazwa yizimo ezingalondekile ezihlupha isintu—ubugebengu, izifo, izinhlekelele ezingokwemvelo, ukuguga, nokufa. Nokho, okuhlangenwe nakho embulungeni yonke kuye kwabonisa ukuthi ngolwazi lweBhayibheli, ayakwazi ukubhekana nazo kangcono. (IzAga 15:1; 22:3) Futhi, anokwaneliseka kwethemba eliqinisekile. Umfundi omusha weBhayibheli ohlala endaweni enobugebengu esemaphethelweni eGoli, wachaza enye indlela imiBhalo eyamsiza ngayo: “Manje sengiyazi ukuthi ubugebengu ngeke buhlale bukhona, bumane nje bungobesikhashana.”
Phela, kukhona ngisho nethemba ngalabo abaye bafa njengezisulu zobudlova bobugebengu. “Mina ngingukuvuka nokuphila,” kwathembisa uJesu, futhi wayesenezela: “Okholwa yimi, noma efa, wophila.”—Johane 11:25.
Ukuze ujabulele umuzwa onjalo wokulondeka, udinga ukholo oluqinile, oluza ngokutadisha iZwi likaJehova. Ngokubekela eceleni nsuku zonke isikhathi sokutadisha iBhayibheli, ungaba nokuhlangenwe nakho kokugcwaliseka kwalesithembiso esimangalisayo: “Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi-naluvalo ngokubi.”—IzAga 1:33; 2:21, 22.
[Ibhokisi ekhasini 6]
“Ngaphansi kukaSolomoni, isimo sempucuko yamaIsrayeli sathuthuka kakhulu eminyakeni engamashumi amathathu kunalokho esasiyikho phakathi neminyaka engamakhulu amabili eyayandulela. Emivubukulweni yesikhathi sikaSolomoni sithola amanxiwa ezakhiwo zesikhumbuzo, imizi emikhulu enezindonga ezinkulu, ukusabalala kwezindawo zokuhlala ezinezindlu ezakhiwe kahle ezingamaqembu ezihlala abami kahle, ukwanda okungalindelekile entuthukweni engokobuchwepheshe yombumbi nezindlela zakhe zokwakha. Futhi, sithola izinsalela zemisebenzi yezandla ebonisa izimpahla ezenziwa ezindaweni ezikude kakhulu, izimpawu zezentengiselwano nezohwebo ezikhuthele zezwe lonke.”—The House of David kaJerry M. Landay.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]
NASA photo