Manje Yisikhathi Sokufuna UJehova
“UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna [“uJehova,” “NW”].”—IHUBO 14:2.
1, 2. (a) Abaningi bambheka kanjani uNkulunkulu weqiniso, uJehova? (b) Sazi kanjani ukuthi uJehova uyakubona ukunganaki kwesintu?
NAMUHLA, uNkulunkulu weqiniso, uJehova, uyenqatshwa abangakholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, abathi uNkulunkulu akaziwa, abakhulekeli bonkulunkulu bamanga nezigidi ezizisholo ukuthi zikholelwa kuNkulunkulu kodwa ezimphikayo ngemisebenzi yazo. (Thithu 1:16) Abaningi bakholelwa ukuthi “uNkulunkulu ufile,” njengesazi sefilosofi esingumJalimane uNietzsche sekhulu le-19 leminyaka. Ingabe uJehova akakuboni lokhu kunganaki kobuwula? Cha, ngoba waphefumlela uDavide ukuba abhale: “Isiwula sithi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle.”—IHubo 14:1.
2 UDavide waqhubeka: “UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna [“uJehova,” NW].” Yebo, iNkosi enguMbusi iyababona labo abafuna ukuyazi nokuyikhonza. Ngakho, ukumfuna kwethu ngobuqotho manje kubalulekile. Kuyosho umehluko phakathi kokuphila okuphakade nokubhujiswa kwaphakade.—IHubo 14:2; Mathewu 25:41, 46; Heberu 11:6.
3. Yiliphi ithuba elihle elikhona ngesikhathi esizayo?
3 Ngakho-ke, singabona ukuthi kungani kubaluleke kangaka ukuba sisize abanye bafune uJehova manje. Kusenezigidi zabantu ezingazange zihlangane nomunye woFakazi BakaJehova noma zizwe “ivangeli lombuso.” Futhi ukuthi “isixuku esikhulu” siyoba sikhulu kangakanani ngenani ngaphambi ‘kosizi olukhulu,’ asazi. Kodwa ngokuqinisekile kunethuba elihle lokuba abengeziwe bafune futhi bathole uJehova uNkulunkulu esikhathini esizayo esiseduze ngaphambi kokuba kwephuze kakhulu. Umbuzo manje uwukuthi, Yini esingayenza ukuze sisize abaningi abengeziwe ukuba bathole uNkulunkulu?—Mathewu 24:14; IsAmbulo 7:9, 14.
4, 5. Ekufuneni kwabo unkulunkulu, yini abaningi abayikhethayo?
4 Abantu abaningi ezweni namuhla bayafuna, kodwa bafunani? Bambalwa kakhulu abamfuna ngempela uNkulunkulu oyedwa weqiniso, uJehova. Abaningi bakhetha unkulunkulu ofanelana nezifiso nemibono yabo yomuntu siqu. Njengoba umhloli wemibono waseU.S. uGeorge Gallup, Jr., asho: “Empeleni awuwutholi umehluko omkhulu phakathi kwabasontayo nabangasonti endabeni yokukhohlisa, ukubalekela intela, nokuntshontsha, ikakhulu ngenxa yokuthi kunenkolo eningi yezenhlalo.” Unezela ngokuthi “abaningi bamane nje bazenzele inkolo ebanikeza ukunethezeka nebakitazayo . . . Omunye wayibiza ngokuthi iyinkolo ozikhethela okuthandayo kuyo.”
5 Abanye bazothi, “Inkolo yami ilungile kimi.” Yebo, empeleni umbuzo kufanele ube ukuthi, “Ingabe inkolo yami ilungile kuNkulunkulu?” Yiqiniso, iningi kweLobukholwa nasenkolweni yobuHindu liyaneliswa ukukhulekela imifanekiso yalo nezithombe. Abaningi okuthiwa bangamaKristu bathola ukuthi bayaneliswa unkulunkulu onguZiqu-zintathu ongenagama. Futhi amaMuslim angaphezu kwezigidi ezingu-900 akholelwa kuAllah. Ngakolunye uhlangothi, izigidi zabangakholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu zithi akekho uNkulunkulu.
Labo Abadinga Usizo
6. Yini eye yatholwa abafundi abaningi beNqabayokulinda?
6 Kodwa kuthiwani ngalabo kithi abavame ukufunda lomagazini? Siye samfuna uNkulunkulu weqiniso futhi simtholile. Siye sawafakazela njengayiqiniso amazwi kaJakobe 4:8: “Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina.” Ngokuhlanganyela ngenkuthalo nebandla lobuKristu, siye sasondela kakhudlwana kuNkulunkulu, futhi siye sazibonela ngokwethu indlela uJehova asondela ngayo kithina.—Johane 6:44, 65.
7. Sazi kanjani ukuthi kunabantu abaningi abasenesithakazelo sokuba nenkuthalo eqinisweni?
7 Nokho, siyazi ukuthi kusenabaningi abakujabulelayo ukuhlanganyela nabantu bakaJehova ngezikhathi ezithile kodwa abangakasithathi isinyathelo esiqondile sokusondela kuJehova ngokuzinikezela nobhapathizo. Sikwazi kanjani lokhu? Ngo-1990 abantu abacishe babe yizigidi eziyishumi baba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu. Kodwa bangaki abazimemezela ngenkuthalo izindaba ezinhle zoMbuso? Bangaphezudlwana nje kwezigidi ezine. Lokho kusho ukuthi cishe sinabayizigidi eziyisithupha abanokuthambekela okuhle eqinisweni futhi ngezinye izikhathi abajabulela ukuhlanganyela nathi kodwa abangakaqalisi ukutusa ulimi oluhlanzekile lweqiniso ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Ngokungangabazeki, uma kuthuke kwenzeka abaningi bayakhuluma ngoJehova nangokubusa koMbuso wakhe. Nokho, abakaziphawuli ngokucacile njengoFakazi BakaJehova. Nalaba sifuna ukubasiza.—Zefaniya 3:9; Marku 13:10.
8, 9. (a) UJehova usikhuthaza ukuba senzeni? (b) Kungani kuwubuwula ukudebesela iseluleko sikaJehova?
8 Sifuna ukubakhuthaza laba ukuba babe oFakazi BakaJehova abajabulayo, abakhuthele engxenyeni yokugcina yomsebenzi omkhulu ofezwayo manje emhlabeni wonke. Siza uphawule isimemo sikaJehova sothando esikuzAga 1:23: “Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.” (Qhathanisa noJohane 4:14.) Yeka indlela okukhuthaza ngayo ukwazi ukuthi uJehova uyosabela ekuthatheni kwethu izinyathelo eziqondile zokuzihlanganisa negama lakhe nokukhulekelwa kwakhe! Ngokuqinisekile, asifuni ukuhlanganiswa nalabo abachazwe kuzAga 1:24, 25: “Ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo; kepha nichithile konke ukululeka kwami, anivumanga ukusola kwami.”
9 Labo abangasinaki iseluleko sikaJehova sokuba bamfune lapho esenokutholwa nabahlehlisa ukunquma kwabo kuze kube yilapho belubona ngokoqobo usizi olukhulu luqala bayothola ukuthi bephuzile. Inkambo enjalo ibiyobonisa ukuntula ukholo nokuhlakanipha futhi ibiyoba ukudelela umusa kaJehova ongasifanele.—2 Korinte 6:1, 2.
10. Kungani ukungabi nandaba nokunganaki kuyingozi?
10 Ekufanekiseni isidingo sesinyathelo esiphuthumayo, ingabe ubuyolandela iseluleko esihle sikadokotela kuphela lapho isifo sokusha kwamaphaphu sesisibi kakhulu? Noma, kunalokho, lapho uphawula izimpawu zokuqala zesifo? Khona-ke kungani ulinda isikhathi eside ukuba uzihlukanise nezwe likaSathane eligulayo futhi ube ngasohlangothini lukaJehova noFakazi bakhe? Imiphumela yokungabi nandaba, ukunganaki, kanye nokudebesela icaciswa kuzAga 1:26-29: “Nami ngiyakuhleka ingozi yenu, ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo . . . Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana ngenxa yokuba babezonda ukwazi, kabakhethanga ukwesaba uJehova.” Masingatholakali ‘sifuna uJehova’ lapho sekwephuze kakhulu!
11. Yiluphi usizo olutholakalela labo abafuna ukukhonza uNkulunkulu?
11 Abanye abafunda lomagazini kungenzeka basesendleleni yokufuna uNkulunkulu weqiniso. Siyajabula ngokuthi niyaphikelela ekufuneni kwenu. Sithandazela ukuthi ulwazi lwenu lweBhayibheli lunishukumisele ukuba nithathe esinye isinyathelo esiqondile sokulimelela ngokuqinile iqiniso. Qinisekani ngokuthi ibandla ngalinye loFakazi BakaJehova likulungele ngaso sonke isikhathi ukunisiza ekufuneni kwenu.—Filipi 2:1-4.
Isikhathi Sokushiseka Nesokuthatha Isinyathelo
12, 13. Kungani kudingeka sithathe isinyathelo ngokuphathelene nokukhulekela kweqiniso?
12 Kungani kubalulekile ukuba sonke sithathe isinyathelo sokuzihlanganisa noJehova uNkulunkulu nokukhulekelwa kwakhe kweqiniso? Ngoba izenzakalo zezwe ziya emvuthwandaba. Umlando udlula ngokushesha kakhulu ukuba umuntu angawulandelela. Manje akusona isikhathi sokuba manqikanqika noma sokuba sivivi. UJesu washo ngokucacile: “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.” Wathi futhi: “Yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba-nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele.”—Mathewu 12:30; Luka 9:26.
13 Manje isikhathi sokushiseka nesokuthatha isinyathelo! Siyazi ukuthi izenzakalo zezwe ziyaphi, futhi iArmagedoni isiyalunguza ngaphambili. Ngakho-ke, isimemo siwukufuna uJehova manje ngaphambi ‘kosuku lolaka lwakhe,’ lapho esenokutholwa. Osizini olukhulu, kuyobe sekwephuze kakhulu.—Zefaniya 2:2, 3; Roma 13:11, 12; IsAmbulo 16:14, 16.
14. Yiziphi izizathu esinazo zokufuna uNkulunkulu?
14 Empeleni, sonke isintu kufanele sifune umusa kaNkulunkulu manje. Umphostoli uPawulu wakubeka kahle kuzEnzo 17:26-28: “[UNkulunkulu] wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo, ukuze zifune uNkulunkulu, ingabe zingamuzwa, zimfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi. Ngokuba siphila, sihamba, sikhona [nga]ye.” Lawomazwi okugcina athi, “ngokuba siphila, sihamba, sikhona [nga]ye,” asinikeza isizathu esanele sokufuna uNkulunkulu. Ngenxa yomusa kaJehova ongafanele, siphila engxenyeni encane kodwa ebalulekile yalomhlaba wethu omncane. Ingabe akufanele sibonge eNkosini enguMbusi yendawo yonke? Futhi ingabe akufanele sibonise ukubonga kwethu kuyo ngezindlela ezingokoqobo?—IzEnzo 4:24.
15. (a) Yini isazi-mlando uArnold Toynbee esaba nomuzwa wokuthi iyinjongo yenkolo ephakeme? (b) Yini okumelwe siyenze ukuze sikwazi ukukhazimulisa uNkulunkulu?
15 Isazi-mlando uArnold Toynbee sake sabhala: “Injongo yeqiniso yenkolo ephakeme iwukukhipha izeluleko namaqiniso angokomoya awumongo wayo kungene emiphefumulweni eminingi engayifinyelela, ukuze ngamunye walemiphefumulo ukwazi ukugcwalisa injongo yeqiniso yoMuntu. Injongo yeqiniso yoMuntu iwukukhazimulisa uNkulunkulu nokujabula ngaYe phakade.” (An Historian’s Approach to Religion, amakhasi 268-9) Ukuze sikhazimulise uNkulunkulu, okokuqala kumelwe simfune futhi sizuze ulwazi oluqondile ngaye nangezinjongo zakhe. Kanjalo, isimemo sikaIsaya sifaneleka kakhulu: “Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze. Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba-nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube-kukhulu.”—Isaya 55:6, 7.
Yiluphi Usizo Olungokoqobo Esingalunikeza?
16. (a) Iyiphi inselele ebhekene nebandla lobuKristu? (b) Iyiphi indlela engokoqobo esingasiza ngayo abanye ukuba bakhonze uJehova?
16 Izigidi zabantu abathakazelayo abangakabi abamemezeli abakhuthele ziletha inselele kithina sonke. Yini esiyenzayo ngendlela engokoqobo njengabadala, izinceku ezikhonzayo, amaphayona, nabamemezeli ukuze sisize labo abanokuthambekela okuhle eqinisweni ukuba babe abahlanganyeli abakhuthele ekukhulekeleni kweqiniso kanye nathi? Enye indlela yokunikeza usizo olungokoqobo lapho oludingeka khona iwukuya emakhaya abo futhi sibayise emihlanganweni eHholo LoMbuso ukuze nabo bajabulele izinzuzo zomoya kaJehova ngaso sonke isikhathi. Iseluleko sikaPawulu esiya kumaHeberu, esahlukweni 10, amavesi 24 no-25, namuhla siphuthuma ngendlela esasiphuthuma ngayo ngalesosikhathi: “Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.” Sikhuthaza bonke abafisa ukujabulela umusa kaJehova ukuba bazihlanganise noFakazi BakaJehova njalo eHholo LoMbuso elisendaweni yakubo.
17. Ukuze sisize abafundi beBhayibheli ukuba bathuthuke ekufuneni kwabo uJehova, imiphi imibuzo edinga ukuphendulwa?
17 Uma sitadisha iBhayibheli nothile oba khona njalo emihlanganweni, ingabe singamsiza lowomuntu ukuba afanelekele ukuba ummemezeli wezindaba ezinhle? (Bheka ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, amakhasi 97-9.) Futhi uma eba ummemezeli ongabhapathiziwe, ingabe siyammema ukuba ahambisane nathi njalo emsebenzini wokushumayela wasobala nakwezinye zezifundo zethu nezimpindelo? (Bheka INqabayokulinda, kaDecember 1, 1989, ikhasi 31.) Ngamanye amazwi, uma abantu abasha abanjalo befaneleka, ingabe siyabakhuthaza ngokubenza bazibonele ngokwabo eminye imiphumela emihle yomsebenzi wethu wokushumayela?—Mathewu 28:19, 20.
UJehova Ukufanelekele Ukufunwa
18. UJehova uwubonise kanjani umusa wakhe esintwini?
18 Ngenxa yomhlatshelo wesihlengo kaKristu Jesu, uJehova akasibambeli izono zethu zesikhathi esidlule futhi asiyekelele uma siphenduka futhi sibonisa ukholo. Phawula lamazwi kaDavide: “Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.”—IHubo 103:10-14; Heberu 10:10, 12-14.
19. Isiphi isikhuthazo esikhona ngalabo okungenzeka baye bakhukhuleka eqinisweni?
19 UJehova unguNkulunkulu onesihawu nonomusa ngempela. Uma siza kuye ngokuzithoba nokuphenduka, uyathethelela futhi akhohlwe. Akabambi igqubu laphakade eliyophumela ekuhlushweni phakade esihogweni somlilo. Cha, kunjengoba uJehova asho: “Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho.” Yeka isikhuthazo lokho okufanele kube yiso nganoma yibaphi okungenzeka baye bakhukhuleka eqinisweni futhi badebeselela ubuhlobo babo noJehova! Nabo futhi bakhuthazwa ukuba bafune uJehova manje futhi babuye bazohlanganyela ngenkuthalo nabantu begama lakhe.—Isaya 43:25.
20, 21. (a) Sithola siphi isibonelo esiyisikhuthazo kuJuda wasendulo? (b) Izakhamuzi zakwaJuda kwadingeka zenzeni ukuze zithole isibusiso sikaJehova?
20 Kulokhu sinesibonelo esikhuthazayo seNkosi uAsa kwaJuda wasendulo. Yasusa ukukhulekela kwamanga embusweni wayo, kodwa iminonjana yokukhulekela kobuqaba yayisekhona. Ukulandisa okukwezesi-2 IziKronike 15, amavesi 2 kuya ku-4, kusitshela lokho umprofethi uAzariya akusho kuAsa njengesikhumbuzo: “UJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani. Kwakuyizinsuku eziningi uIsrayeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo . . . Kepha ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, bamfuna; wafunyanwa yibo.”
21 UJehova akazange adlale umacashelana neNkosi uAsa kodwa ‘wafumaneka.’ Inkosi yasabela kanjani kulesigijimi? Kuso lesisahluko, amavesi 8 no-12 ayaphendula: “Lapho uAsa esezwa lawomazwi . . . , waziqinisa isibindi, wasusa izinengiso ezweni lonke . . . walivusa ialtare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova. Bangena [abakwaJuda] esivumelwaneni sokumfuna uJehova uNkulunkulu wawoyise ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo.” Yebo, bamfuna ngobuqotho uJehova “ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo.” Waba yini umphumela esizweni? Ivesi 15 liyasitshela: “Wonke uJuda wathokoza ngesifungo, ngokuba babefungile ngayo yonke inhliziyo yabo, bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo; wafunyanwa yibo; uJehova wabaphumuza nxazonke.”
22. Yini esikhuthaza ukuba sikhuthale manje enkonzweni kaJehova?
22 Manje, ingabe lokho akusona isikhuthazo kithi sonke sokuba sithathe isinyathelo esiqondile ngokuqondene nokukhulekelwa kukaJehova okuhlanzekile? Siyazi ukuthi kusenethuba elihle lokuba izigidi ezengeziwe zidumise uJehova. Ngokungangabazeki abaningi balezigidi benza izinguquko ekuphileni kwabo ukuze bahlangabezane nezimfuneko ezingokomBhalo zenkonzo kaJehova. Abanye bayakhula ekuqondeni nasokholweni, bafuna uJehova, futhi ngokushesha bazoshukunyiselwa ukuba bahlanganyele nabanye ulimi oluhlanzekile ngokudlulisela kubona ukuqonda okujulile kweqiniso eliphathelene noJehova noMbuso wakhe. Futhi kungani kubaluleke kangaka ukuba sonke sifune uJehova manje lapho esenokutholwa? Ngoba izwe lakhe elisha alithembisile liseduze!—Isaya 65:17-25; Luka 21:29-33; Roma 10:13-15.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Obani ababonisa ukungamnaki uNkulunkulu weqiniso, uJehova?
◻ Ngokuvamile inkolo ithonya ukuziphatha ngezinga elingakanani?
◻ Iliphi ithuba elikhona lokwanda koFakazi abakhuthele?
◻ Kungani manje kuyisikhathi sokushiseka nesokuthatha isinyathelo?
◻ Kungani uJehova ekufanelekela ukufunwa?
[Isithombe ekhasini 10]
Abangane abaningi boFakazi BakaJehova ababa khona eSikhumbuzweni bangabantu abangaba izinceku zikaNkulunkulu
Inani lababa khona eSikhumbu-zweni ngo-1990: 9 950 058
Inani eliphakeme labamemezeli ngo-1990: 4 017 213
[Isithombe ekhasini 12]
Ngosuku lweNkosi uAsa, isizwe saphendukela kuJehova