Hambani Eqinisweni Njengezisebenzi Ezisebenza Ndawonye
Amaphuzu Avelele Avela Encwadini Yesibili Neyesithathu KaJohane
ULWAZI lweqiniso luwuphawu olubonakalisa abakhulekeli bakaJehova. (Johane 8:31, 32; 17:17) Ukuhamba eqinisweni laphezulu kubalulekile ukuze umuntu asindiswe. Futhi izinceku zikaNkulunkulu kumelwe zibe ezisebenza ndawonye eqinisweni.
Izincwadi eziphefumlelwe eyesibili neyesithathu zomphostoli uJohane zikhuluma ‘ngokuhamba eqinisweni.’ (2 Johane 4; 3 Johane 3, 4) Incwadi yesithathu kaJohane ikhuthaza futhi ukubambisana ‘njengezisebenzi ezisebenza ndawonye eqinisweni.’ (3 Johane 5-8) Ngokunokwenzeka, zombili lezincwadi zalotshelwa e-Efesu noma eduze kwakhona cishe ngo-98 C.E. Kodwa ezikushoyo kungabazuzisa abantu bakaJehova namuhla.
Incwadi Yesibili KaJohane Igcizelela Iqiniso
Incwadi yesibili kaJohane okokuqala yagcizelela iqiniso nothando futhi yaxwayisa ‘ngomphikukristu.’ (Amavesi 1-7) Lencwadi yayibhalelwe “inkosikazi ekhethiweyo,” mhlawumbe umuntu oyedwa. Kodwa uma yathunyelwa ebandleni, “abantwana” bayo babengamaKristu azelwe ngomoya lawo uNkulunkulu ‘ayewakhethele’ ukuphila kwasezulwini. (Roma 8:16, 17; Filipi 3:12-14) UJohane wajabula ngokuthi abathile ‘babehamba eqinisweni’ futhi ngaleyondlela bemelana nokuhlubuka. Kodwa, kwakudingeka baxwaye “umphikukristu,” okuphikayo ukuthi uJesu weza esenyameni. OFakazi BakaJehova namuhla balalela izixwayiso ezinjalo zokuxwaya ukuhlubuka.
UJohane ngokulandelayo wanikeza iseluleko esiphathelene nokusebenzelana nezihlubuki wabe esephetha ngesifiso nangemikhonzo yomuntu siqu. (Amavesi 8-13) Ngemisebenzi enjengokushumayela, yena nabanye babeye baveza izithelo eziphumela ekuguqulweni kwalabo abathumelela incwadi yakhe. Kuphela ‘ngokuziqaphela’ bona ngokomoya ‘babeyokwamukela umvuzo opheleleyo,’ ngokusobala kuhlanganise ‘nomqhele’ wasezulwini obekelwe abagcotshiwe abathembekile. (2 Thimothewu 4:7, 8) Uma noma ubani ‘ongemi ekufundiseni kukaKristu’ efika kubo, kwakungamelwe ‘balokothe bamamukele ezindlini zabo noma bambingelele’ ukuze bagweme ukuhlanganyela naye “emisebenzini” yakhe “emibi.” Ngemva kokuzwakalisa ithemba lokuthi wayeyokuza futhi akhulume nalawomakholwa akanye nawo umlomo nomlomo, uJohane uphetha imikhonzo yakhe.
Incwadi Yesithathu KaJohane Igcizelela Ukubambisana
Incwadi yesithathu kaJohane yayiqondiswe kuGayu futhi okokuqala yaphawula lokho ayekwenzela amaKristu akanye nawo. (Amavesi 1-8) UGayu ‘wayehamba eqinisweni’ ngokunamathela kuyo yonke indikimba yezimfundiso zobuKristu. Futhi ‘wayenza okuthembekileyo’ ekusizeni abazalwane ababehambele. UJohane wabhala: “Sifanele ukubamukela abafanayo, ukuze sibe-yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.” OFakazi BakaJehova babonisa ukwamukela izihambi okufanayo kubabonisi abajikelezayo namuhla.
Ngemva kokubonisa umehluko phakathi kokuziphatha okubi kukaDiyotrefe nokukaDemetriyu, uJohane waphetha lencwadi yakhe. (Amavesi 9-14) UDiyotrefe ofuna udumo akayibonisanga inhlonipho ngoJohane futhi waze wazama ngisho nokubasusa ebandleni labo ababemukela abazalwane ngomusa. Nokho, enye indoda enguDemetriyu yacashunwa njengesibonelo esihle. UJohane wayenethemba lokubona uGayu ngokushesha futhi waphetha ngemikhonzo nangesifiso sokuba uGayu ajabulele ukuthula.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 30]
Ngephepha, Usiba, Noyinki: UJohane wayefisa ukuhambela “inkosikazi ekhethiweyo nabantwana” bayo kunokuba ababhalele izinto eziningi “ngephepha noyinki.” Kunokuba aqhubeke ebhalela uGayu “ngoyinki nosiba,” lomphostoli wayenethemba futhi lokumbona ngokushesha. (2 Johane 1, 12; 3 Johane 1, 13, 14) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “usiba” (kaʹla·mos) libhekisela oswazini noma umhlanga futhi lingahunyushwa ngokuthi “umhlanga wokubhala.” KumaGreki namaRoma, usiba lomhlanga lwalucijile futhi lubhotshoziwe njengezinsiba ezakhiwe ngezimpaphe zezikhathi zamuva. Igama lesiGreki elithi meʹlan, elihunyushwe ngokuthi “uyinki,” liyisimo esingenabulili sesiphawulo sobulili besilisa esithi meʹlas, esisho “okumnyama.” Koyinki bakudala kakhulu, umbala wawumnyama njengecarbon—kungaba uhlobo oluthile lwentshede olutholakala kuwoyela oshayo noma izinkuni, noma amalahle anezinhlayiya avela emithonjeni yemifino noma yezilwane. Ngokuvamile, oyinki babegcinwa njengezitini noma amakhekheba omisiwe, ezazimanziswa umbhali futhi zisetshenziswe ngebhulashi lakhe noma umhlanga. Iphepha langalezozinsuku laliyinto enohlonze oluncane eyayenziwe yaba ngamakhasi enziwe ngemicu ethathwe esihlahleni sepapyrus. AmaKristu okuqala ayesebenzisa amaphepha anjalo ekubhaleni izincwadi, imiqulu, namacodex.