Ubuhle BukaJehova Obuchichimayo
“Yeka ukuchichima kobuhle bakho, obubekelele labo abakwesabayo!”—IHUBO 31:19, NW.
1, 2. (a) Yimuphi umsebenzi omkhulu kakhulu uJehova awuqalisa esikhathini esithile eside esidlule? (b) UJehova wawuchaza kanjani umphumela wemisebenzi yakhe yokudala?
KUNESIKHATHI lapho uNkulunkulu aqala khona ukudala ‘izulu njengesihlalo sakhe sobukhosi nomhlaba njengesenabelo sezinyawo zakhe.’ (Isaya 66:1) Umbhalo ogciniwe waphezulu awembuli ukuthi lokhu kwenzeka nini. Umane nje uthi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Phakathi nenkathi yokudala, kwenziwa izigidi ezingenakubalwa zemithala, eminingi iqukethe izinkulungwane zezigidi zezinkanyezi. Ngasemaphethelweni omunye umthala onjalo kwakunenkanyezi ekhanyayo eyayizungezwa amaplanethi amaningana amancane nangakhanyi uma kuqhathaniswa. Enye yawo yabizwa ngokuthi umhlaba. Uma uqhathaniswa nezinkanyezi ezinkulu, ezikhanyisayo, umhlaba wawungelutho. Nokho, lokhu yilokho uJehova ayehlose ukuba kube isenabelo sezinyawo zakhe.
2 Ngalesosizathu uJehova waphendulela amakhono akhe okudala kuleplanethi enguMhlaba. “Izibulo lezidalwa zonke” laliseduze kwakhe njengeSisebenzi Esiyingcweti lapho lesigaxa esincane, esingakhanyi sasiguqulwa phakathi nenkathi ‘eyizinsuku’ zokudala ezinde eziyisithupha. Ngokomfanekiso, saba indawo efanelekile yokubeka izinyawo zikaNkulunkulu. (Kolose 1:15; Eksodusi 20:11; IzAga 8:30) Lapha yilapho uNkulunkulu ayehlose ukubeka khona uhlobo olusha lokuphila oluhlakaniphile: isintu. Umbhangqwana wokuqala wabantu, owadalwa ngezakhi ezitholakala emhlabathini, wabekwa endaweni enhle, eyipharadesi. (Genesise 1:26, 27; 2:7, 8) Umphumela walesisenzo esivelele sokudala wawuphelele, umuhle, kangangokuba iBhayibheli lembula imizwa kaNkulunkulu ngokusa—ingxenye yokugcina—kwangosuku lwesithupha lokudala: “UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.”—Genesise 1:31.
Ubuhle BukaNkulunkulu
3. Iyiphi imfanelo evelele kaNkulunkulu eyambulwa endalweni?
3 Ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka kamuva, umzukulu walowombhangqwana wokuqala wesintu wabheka emuva esikhathini sokudala futhi wabhala: “Okungabonwayo [kukaNkulunkulu], kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe.” (Roma 1:20) Yebo, ubuhle obedlulele bomhlaba nobezidalwa ezikuwo ngempela babuwukubonakaliswa okumangalisayo kwezimfanelo zikaNkulunkulu ezingabonakali—ingasaphathwa eyobuhle bukaNkulunkulu obuchichimayo obungenye yazo engeyincane. Khona-ke, yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuthi uNkulunkulu wathi konke ayekudalile kwakukuhle!—IHubo 31:19.
4, 5. Buyini ubuhle?
4 Ubuhle buyisici sesithupha sezithelo zomoya kaNkulunkulu ezichazwe umphostoli uPawulu kweyabaseGalathiya 5:22. (NW) Izifundo ezidlule ezikumagazini INqabayokulinda ziye zaxoxa ngezithelo zomoya ezinhlanu zokuqala, zibonisa ukubaluleka kwalezithelo ekuhlakuleleni ubuntu bobuKristu obuvuthiwe.a Nokho, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba singabukhohlwa ubuhle! Ngokufanelekile, manje siqondisa ukunakekela kwethu kulemfanelo.
5 Buyini ubuhle? Buyimfanelo noma isimo sokuba muhle. Buwubuhle bokuziphatha. Ngaleyondlela, buyimfanelo enhle ezibonakalisa ngokwenziwa kwezenzo ezinhle nezizuzisayo kwabanye. Singayibonakalisa kanjani lemfanelo ethandekayo? Ngokuyisisekelo, ngokulingisa uJehova. Ngakho, ngaphambi kokuba sixoxe kabanzi ngokuthi thina njengamaKristu ngamanye singabubonakalisa kanjani ubuhle, ake sihlole ubuhle uNkulunkulu wethu onothando, uJehova aye wabubonakalisa ekulungiseleleni umkhaya wesintu, nasekusebenzelaneni nawo.
Ubuhle Bubonakala Endalweni
6. Yini eyabangela ukuba uJehova adale ezinye izinhlobo zokuphila ezihlakaniphile?
6 Yini eyabangela ukuba kwasekuqaleni uBaba wethu wasezulwini ahlanganyele ukujabulela kwakhe ukuphila nezidalwa eziphilayo ezihlakaniphile? Umphostoli uJohane uyawuphendula lowombuzo lapho ethi: “UNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Yebo, uthando olungenabugovu lwashukumisela uMthombo omkhulu wokuphila ukuba udale ezinye izinhlobo zokuphila, ulungiselela ezinye ikhaya lasezulwini futhi ezinye ikhaya lasemhlabeni. Yebo, sazi okuncane ngokuthi izulu noma izidalwa zasezulwini zinjani. Ziyimimoya—azibonakali emehlweni abantu—futhi ikhaya lazo lisendaweni yomoya. Kodwa bheka ekhaya elingumhlaba elikuzungezile lelo uJehova alilungiselela abantwana bakhe abangabantu. Futhi cabanga ngesintu ngokwaso. Khona-ke uyoqala ukuzibonela ngawakho ubufakazi obunamandla bobuhle bukaNkulunkulu.
7-9. Ubuhle bukaNkulunkulu bubonakala kanjani endleleni adala ngayo umhlaba nomuntu phezu kwawo?
7 UJehova wanikeza abazali bethu bokuqala ukuphila. Ngaphezu kwalokho, wakwenza kwaba nokwenzeka ngokuphila ukuba kube mnandi kakhulu, kujabulise. Okokuqala, wadala ikhaya labo, umhlaba, linokuzungeza, izinga lokushisa, nomoya olizungezile okwakufaneleka kahle. Waqalisa imijikelezo yamanzi, yenitrogen, neyomoya-mpilo eyayisebenza kahle kakhulu ngokwenzuzo nokunethezeka kwabantu. Wamboza ubuso bomhlaba ngezinkulungwane zezinhlobo zezitshalo, ezinye ngenjongo yokuba zibe ukudla komuntu futhi ezinye zijabulise iso ngokukhethekile. Wagcwalisa isibhakabhaka ngezinyoni ezinikeza injabulo enkulu ngemibala yazo nangomculo wazo. Wagcwalisa izilwandle ngoswebezane lwezinhlanzi nezwe ngezinhlobo eziningi zezilwane, ezinye zingezasendle futhi ezinye zingafuyeka. Yeka ukuphana okumangalisayo! Futhi yeka ubufakazi bobuhle benhliziyo bukaNkulunkulu!—IHubo 104:24.
8 Manje, bheka indlela uNkulunkulu enza ngayo umuntu. Izingalo zakhe, imilenze, nezandla ziyilokho kanye okudingekayo ukuze ame angayendayendi futhi ahambe kalula. Ngaleyondlela, ezintweni ezitholakala ngokuchichima kangaka emhlabeni omzungezile, angazitholela ukudla nezinye izinto ezidingekile. UJehova walungiselela izinzwa zokunambitha ukuze ukudla nokuphuza kungabi nje izenzo zokugcina icala ezenzelwa ukuthola amandla—njengokuxhuma into esebenza ngogesi engoxini kagesi namuhla. Cha, ukudla nokuphuza kwakuklanyelwe ukunikeza injabulo, njengoba kungasuthisi nje kuphela kodwa futhi kujabulisa inzwa yokunambitha. UJehova wanikeza umuntu nezindlebe futhi wamzungeza ngemisindo eminingi ukuze ithokozise lezozindlebe. Yeka injabulo okuyiyo ukulalela ukuhlebeza okuthophayo komhosha ogelezayo, ukukhala kwejuba, noma ukugigitheka komntwana! Yebo, ngenxa yobuhle bukaNkulunkulu, naphezu kwazo zonke izinto ezimbi eziye zenzeka kusukela ekudaleni, kuseyinjabulo ukuphila.
9 Bheka, futhi, ezinye izinzwa zethu. Yeka ukuthi kunemibala eminingi kangakanani ehlukahlukene, ethokozisayo yokujabulisa amehlo ethu! Futhi yeka ukuthi kwanelisa kanjani ukuhogela iphunga elimnandi lembali! Akumangalisi ukuthi umhubi wathi kuJehova: “Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa”!—IHubo 139:14.
Ukuwohloka Nokusindiswa Kwesintu
10. Abantu abaningi baye basabela kanjani ebuhleni bukaNkulunkulu, kodwa baqhubeka kanjani bezuza kuwo?
10 Ngokudabukisayo, ngokuhamba kwesikhathi abazali bethu bokuqala babonakalisa ukuntula ukwazisa ngabo bonke ubuhle bukaNkulunkulu ababonisa bona. Bakubonisa lokhu lapho bengayilaleli imiyalo kaJehova futhi beqa umgoqo owodwa ayewubekile. Ngenxa yalokho, bona nenzalo yabo babhekana nosizi, ukuhlupheka, nokufa. (Genesise 2:16, 17; 3:16-19; Roma 5:12) Kuzo zonke izinkulungwane zeminyaka eziye zadlula kusukela kulesosenzo sokungalaleli, iningi lesintu liye labonisa ukungabi nandaba noma ukuntula ukwazisa ngobuhle bukaNkulunkulu. Nokho, naphezu kwalokhu, abantu abangabongi futhi abangenakho ukwazisa basazuza ebuhleni bukaNkulunkulu. Ngayiphi indlela? Umphostoli uPawulu wachazela izakhamuzi zaseListra eMpumalanga Ephakathi: “[UNkulunkulu] akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.”—IzEnzo 14:17.
11. Iyiphi indlela ubuhle bukaNkulunkulu obudlulela ngayo ngalé kokulungiselela ikhaya elijabulisayo lesintu?
11 Kodwa ubuhle bukaNkulunkulu bebungagcini ekuqhubekeni enikeza amalungiselelo ajabulisayo, asekela ukuphila agcwele emhlabeni. Cha, wadlulela ngalé kwalokho. UJehova wazibonakalisa ekulungele ukuthethelela izono zenzalo ka-Adamu nokuqhubeka ethuthukisa ubuhlobo nabathembekile phakathi kwesintu. Lesici sobuhle bukaNkulunkulu salethwa ekunakekeleni kukaMose lapho uJehova ethembisa ‘ukudlulisa phambi [kukaMose] bonke ubuhle bakhe.’ Khona-ke uMose wezwa lamazwi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso, ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono.”—Eksodusi 33:19; 34:6, 7.
12. Yimaphi amalungiselelo oMthetho kaMose abonisa ubuhle bukaJehova?
12 Ngosuku lukaMose, uJehova wamisa isimiso somthetho sesizwe esisha sakwaIsrayeli leso izoni ezingahlosile ezazingathola ngaso ukuthethelelwa kwesikhashana, noma okungokomfanekiso, kwezono. Ngesivumelwano soMthetho leso uMose ayengumlamuleli waso, amaIsrayeli aba isizwe sikaNkulunkulu esikhethekile futhi afundiswa ukunikela imihlatshelo yezilwane ehlukahlukene kuJehova eyayiyosibekela izono zawo nezenzo ezingahlanzekile. Ngaleyondlela, naphezu kokuba kwawo angaphelele, amaIsrayeli aphendukayo ayengaqhubeka eya kuJehova ngendlela eyamukelekayo futhi azi ukuthi ukukhulekela kwawo kwakumthokozisa. INkosi uDavide, ilungu lalesosizwe esingaphansi koMthetho, yazwakalisa ukuqaphela kwayo ubuhle bukaNkulunkulu ngalendaba: “Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa [yobuhle, NW] bakho, Jehova.”—IHubo 25:7.
13. UJehova wayilungiselela kanjani indlela yokuthethelelwa kwezono ephumelela ngokwengeziwe kunemihlatshelo yezilwane?
13 Ngokuhamba kwesikhathi ubuhle bukaJehova bamshukumisela ukuba alungiselele indlela ephumelela ngokwengeziwe nehlala njalo yokuthethelela izono. Lokhu wakwenza ngomhlatshelo kaJesu, owayengumzukulu weNkosi uDavide. (Mathewu 1:6-16; Luka 3:23-31) UJesu akazange one. Ngaleyondlela, lapho efa, ukuphila kwakhe okwanikelwa njengomhlatshelo kwakunenani elikhulu, futhi uNkulunkulu wakwamukela njengesihlengo esasiyosebenza kuyo yonke inzalo ka-Adamu enesono. Umphostoli uPawulu wabhala: “Bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu, ammisileyo uNkulunkulu abe-yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe.”—Roma 3:23-26.
14. Yimaphi amathemba amangalisayo enziwa atholakale kubantu ngomhlatshelo wesihlengo?
14 Ukholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo lufeza okuningi ngamaKristu, okuningi kakhulu kunalokho leyomihlatshelo yezilwane ngaphansi kwesivumelwano soMthetho eyayikufeza ngamaIsrayeli. Lwaholela ekubeni inani elilinganiselwe lamaKristu kuthiwe lilungile futhi likhethwe ngomoya kaNkulunkulu ukuba libe amadodana akhe. Ngaleyondlela laba abafowabo bakaJesu futhi lazuza ithemba lokuvuswa njengezidalwa zomoya ukuze lihlanganyele naye eMbusweni wakhe wasezulwini. (Luka 22:29, 30; Roma 8:14-17) Cabanga nje ngokuthi uNkulunkulu wayengavulela izidalwa ezihlala kuleplanethi encane, engumhlaba, amathemba anjalo asezulwini! Iqembu elincane elinalelithemba lisekhona. Kodwa ezigidini zamanye amaKristu, ukubonisa ukholo esihlengweni kuvula indlela yokujabulela lokho uAdamu noEva abakulahla—ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi, onjengensimu. Isivumelwano soMthetho sisodwa sasingakwazi ukunikeza amathemba asezulwini noma asemhlabeni esikhathi esizayo kubagcini baso.
15. Yini ehlanganisiwe ezindabeni ezinhle?
15 Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba isigijimi esiphathelene namalungiselelo amasha uNkulunkulu awaqalisa ngoJesu Kristu sibizwe ngokuthi “izindaba ezinhle,” ngoba sibonakalisa ubuhle bukaNkulunkulu. (2 Thimothewu 1:9, 10, qhathanisa neNW.) EBhayibhelini, izindaba ezinhle ngesinye isikhathi zibizwa ngokuthi “izindaba ezinhle zombuso.” Namuhla zigxile eqinisweni lokuthi uMbuso uye wamiswa ngaphansi kokubusa kukaJesu ovusiwe. (Mathewu 24:14; IsAmbulo 11:15; 14:6, 7, qhathanisa neNW.) Nokho, izindaba ezinhle zihilela okwengeziwe. Njengoba amazwi kaPawulu kuThimothewu asanda kucashunwa ebonisa, zihlanganisa ulwazi lokuthi uJesu wanikela ngomhlatshelo wesihlengo ngenxa yethu. Ngaphandle kwalowomhlatshelo, ubuhlobo bethu noNkulunkulu, khona kanye ukusindiswa kwethu—ingasaphathwa eyoMbuso kaJesu nabapristi namakhosi abangu-144 000 abathathwe emhlabeni—bekungeke kube nokwenzeka. Yeka ukubonakaliswa okumangalisayo kobuhle bukaNkulunkulu isihlengo esiyikho!
Ubuhle BukaNkulunkulu Namuhla
16, 17. UHoseya 3:5 wagcwaliseka kanjani (a) ngo-537 B.C.E.? (b) ngo-1919 C.E.?
16 Ebheke phambili “ezinsukwini zokugcina,” umphostoli uPawulu waxwayisa: “Abantu bazakuba . . . abangathandi okuhle.” (2 Thimothewu 3:1-3) Ngisho nokubonakaliswa okuvamile kobuhle, njengokuphana nokuba nobungane, kwakungeke kwaziswe. Khona-ke, yeka ukuthi sikhuthaza kanjani isiprofetho esiduduzayo esikuHoseya 3:5: “Abantwana bakwaIsrayeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.”
17 Lesiprofetho sagcwaliseka okokuqala ngo-537 B.C.E. ngenkathi amaJuda ebuyela eZweni Lesithembiso evela ekudingisweni eBabiloni. Ezikhathini zanamuhla, saqala ukugcwaliseka ngonyaka ka-1919 ngenkathi insali kaIsrayeli ongokomoya iphuma enhlanganweni kaSathane futhi iqala ngobuqotho ukufuna uJehova nobuhle bakhe. Yathola ukuthi uJesu Kristu wayekade ebusa ‘njengoDavide inkosi yayo’ emandleni asezulwini kusukela ngo-1914. Ngaphansi kokuqondisa kwakhe kwasezulwini, yemukela ngentshiseko umthwalo wemfanelo wokumemezela lezindaba ezinhle ezizweni. Ngaleyondlela yaqala ukugcwalisa ukuthunywa okulotshwe kuMathewu 24:14: “Lelivangeli lombuso [omisiwe] liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.”
18. Obani abaye bahlanganyela nensali kaIsrayeli ongokomoya ekumemezeleni izindaba ezinhle?
18 Namuhla, insali yabagcotshiwe iye yajoyinwa “isixuku esikhulu,” leso ngokufanayo esihalalisela ubuhle bukaJehova. (IsAmbulo 7:9) Manje, abangaphezu kwezigidi ezine benanela amazwi engelosi eyabonwa umphostoli uJohane embonweni njengoba bememezela kuzo zonke izizwe: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”—IsAmbulo 14:7.
19. Yisho ubufakazi obubodwa obukhulu kakhulu bobuhle bukaNkulunkulu.
19 Obunye bobufakazi obukhulu kakhulu bobuhle bukaNkulunkulu buwukuthi usivumela ukuba sibe izisebenzi ezikanye naye kulomsebenzi oyingxenye yomvuthwandaba. Yeka ilungelo okuyilo ukuba siphathiswe ‘ivangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo’! (1 Thimothewu 1:11) Ngokushumayela kwethu nokufundisa lokhu kwabanye, sisibonakalisa ngezinga eliphakeme lesosithelo esibalulekile somoya kaNkulunkulu, ubuhle. Ngaleyondlela, sinesimo sengqondo senceku kaNkulunkulu yasendulo uDavide, owathi: “Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho.”—IHubo 145:7.
20. Yikuphi ukwaziswa okwengeziwe ngokuphathelene nobuhle okuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo?
20 Nokho, ingabe ukuhlanganyela ekushumayeleni izindaba ezinhle kuwukuphela kwendlela yokubonakalisa ubuhle ekuphileni kwethu? Lutho neze! Sikhuthazwa ukuba sibe ‘ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo.’ (Efesu 5:1) Ubuhle bukaNkulunkulu bubonakala ngezindlela ezihlukahlukene. Ngaleyondlela, nobethu ubuhle kufanele buthonye izici eziningi zokuphila kwethu. Ezinye zalezici zizocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Izithelo zomoya ngazinye ziwuthando, ukujabula, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ukuthobeka, nokuzithiba.
Ingabe Ungaphendula?
◻ Indalo ibubonakalisa ngayiphi indlela ubuhle bukaNkulunkulu?
◻ Yimaphi amalungiselelo uJehova awenza okuthethelela izono zabantu abaphendukayo?
◻ Ekugcwalisekeni kukaHoseya 3:5, insali egcotshiwe yeza nini kuJehova nobuhle bakhe, futhi lokhu kwaholelaphi?
◻ Yibuphi obunye bobufakazi obukhulu kakhulu bobuhle bukaNkulunkulu namuhla?
[Isithombe ekhasini 15]
Indalo inikeza ubufakazi bobuhle bukaNkulunkulu obuchichimayo
[Isithombe ekhasini 16]
Ukuvunyelwa kwethu ukuba sihlanganyele emsebenzini wokushumayela kuwubufakazi obuvelele bobuhle bukaNkulunkulu