Ukukhuthazela Okunqobayo
“Nidinga [ukukhuthazela, “NW”], ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.”—HEBERU 10:36.
1. Kungani ukukhuthazela kubalulekile kuwo wonke umuntu okhonza uJehova uNkulunkulu namuhla?
LONKE lelizwe lisemandleni kankulunkulu oyisihlubuki. Umbusi walo ongabonakali, uSathane uDeveli, ugxilisa yonke imizamo yakhe ekuphikiseni uJehova nasekulwisaneni nokulwelwa kobukhosi bukaJehova bendawo yonke ngoMbuso wobuMesiya. Lokhu kukwenza kungabi nakugwemeka nganoma ubani ozinikezela kuNkulunkulu futhi abe ngasohlangothini lwaKhe empikiswaneni yobukhosi ukuba aphikiswe ngokuqhubekayo yilelizwe. (Johane 15:18-20; 1 Johane 5:19) Ngakho, ngamunye wethu kumelwe aziqinisele ukukhuthazela kuze kube yilapho lelizwe linqotshwa ngokuphelele eArmagedoni. Ukuze sibe phakathi kwabanqobi bakaNkulunkulu abanqoba izwe ngokholo nangobuqotho babo, kumelwe siphikelele ngokungayeki kuze kube sekupheleni. (1 Johane 5:4) Singakwenza kanjani lokho?
2, 3. Kukanjani uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu beyizibonelo ezinkulu kakhulu zokukhuthazela?
2 Okokuqala, singafuna isikhuthazo ezibonelweni ezimbili ezivelele zokukhuthazela. Zingobani? Esinye nguJesu Kristu, “izibulo lezidalwa zonke,” oye waphikelela ngokwethembeka enkonzweni kaNkulunkulu kusukela adalwa esikhathini esingaziwa esidlule. Ekuphikeleleni kwakhe ekhonza uNkulunkulu ngokwethembeka, uJesu waba isibonelo kuzo zonke izidalwa ezihlakaniphile ezadalwa kamuva ezulwini nasemhlabeni. (Kolose 1:15, 16) Nokho, isibonelo esikhulu kunazo zonke sokukhuthazela nguJehova uNkulunkulu, oye wakhuthazelela ukuhlubuka ebukhosini bakhe bendawo yonke isikhathi eside futhi osazoqhubeka enza kanjalo kuze kube yilapho ethatha isinyathelo sokuxazulula impikiswano yobukhosi okokugcina.
3 UJehova uye wakhuthazela ngendlela eyisibonelo ezindabeni ezithinta idumela lakhe nemizwa yakhe siqu ejule kakhulu. Uye wazibamba naphezu kokweyiswa okukhulu futhi uye wazivimba ekubathatheleni isinyathelo labo abaye bamethuka—kuhlanganise noSathane uDeveli. Siyabonga ngokukhuthazela kukaNkulunkulu nangesihe sakhe. Ngaphandle kwakho, sasingeke sijabulele ukuphila ngisho nomzuzwana nje. Ngempela, uJehova uNkulunkulu uye wazibonakalisa engongenakuqhathaniswa ngokukhuthazela kwakhe.
4, 5. (a) Umfanekiso kaPawulu wombumbi ukubonisa kanjani ukukhuthazela kukaNkulunkulu nesihe sakhe? (b) Isihe sikaNkulunkulu siyobonakala kanjani singesona esisetshenziswe kabi?
4 Umphostoli uPawulu ubhekisela kokubili ekukhuthazeleni nasesiheni sikaNkulunkulu lapho ethi: “Akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na? Uma, pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa ukuba abonakalise ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili, thina asibizayo nathi, kungesikho kubaJuda kuphela kodwa nakwabazizwe?”—Roma 9:21-24.
5 Njengoba lamazwi ebonisa, phakathi nalenkathi yamanje yokukhuthazela kwakhe, uJehova uyaqhubeka nenjongo yakhe ekhazimulayo futhi ubonisa isihe ezitsheni ezithile ezingabantu. Ulungiselela lezizitsha inkazimulo yaphakade futhi ngaleyondlela unqoba izinjongo ezimbi zomphikisi wakhe omkhulu, uSathane uDeveli, nezabo bonke abalandeli bakaSathane. Akusona sonke isintu esiye sazibonakalisa siyizitsha zolaka, ezifanelwe ukubhujiswa. Lokho kukumelela kahle ukukhuthazela kokubekezela kukaNkulunkulu uMninimandla onke. Isihe sakhe asilona ize. Siyophumela (1) emkhayeni okhazimulayo woMbuso emazulwini ngaphansi kweNdodana kaJehova ethandekayo, uJesu Kristu, (2) nasohlangeni lwezidalwa ezingabantu ezibuyiselwe futhi zapheleliswa emhlabeni oyipharadesi, zonke ziyizindlalifa zokuphila okuphakade.
Ukukhuthazela Kuze Kube Sekupheleni
6. (a) Kungani amaKristu engenakulugwema uvivinyo lokukhuthazela? (b) Igama lesiGreki elisho “ukukhuthazela” libonisani ngokuvamile?
6 Njengoba sinalelothemba elimangalisayo ngaphambili, amazwi kaJesu aqinisayo athi: “Okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa,” kufanele ankeneneze njalo ezindlebeni zethu. (Mathewu 24:13) Kubalulekile ukuqala kahle enkambweni yobufundi bobuKristu. Kodwa okusemqoka ngempela yindlela esikhuthazela ngayo, indlela esiyiqeda kahle ngayo lenkambo. Umphostoli uPawulu wakugcizelela lokhu lapho ethi: “Nidinga [ukukhuthazela, NW], ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.” (Heberu 10:36) Igama lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi “ukukhuthazela” lithi hy·po·mo·neʹ. Ngokuvamile lokhu kubonisa ukukhuthazela ngesibindi, ngokungahlehli, noma ngokubekezela okungalilahli ithemba naphezu kwezithiyo, ushushiso, uvivinyo, nezilingo. Uma sinethemba lokuzuza insindiso ekugcineni, kumelwe sizithobe ovivinyweni lokukhuthazela njengengxenye edingekile yokulungiselela leyonsindiso.
7. Yikuphi ukuzikhohlisa okumelwe sikugweme, futhi isibonelo sikabani esiyosisiza ukuba sikhuthazele?
7 Akumelwe sizikhohlise ngombono wokwaneliseka wokuthi singadlula ovivinyweni ngokushesha. Ukuze izimpikiswano zobukhosi bendawo yonke nezobuqotho bomuntu ziphendulwe ngokuwujuqu, uJehova akazange azigodle. Uye wakhuthazelela izinto ezingathokozisi ngisho nakuba ayengaziqeda ngokuphazima kweso. UJesu Kristu naye wayeyisibonelo sokukhuthazela. (1 Petru 2:21; qhathanisa namaRoma 15:3-5.) Njengoba sinalezibonelo ezikhazimulayo ngaphambi kwethu, ngokuqinisekile nathi sizimisele ukukhuthazela kuze kube sekugcineni.—Heberu 12:2, 3.
Imfanelo Edingekile
8. Iyiphi imfanelo sonke esiyidingayo eyaboniswa umphostoli uPawulu?
8 Ayikho inceku kaNkulunkulu, ngisho nasezikhathini zangaphambili, engabanga naso isidingo sokubonisa ubuqotho bayo ngokukhuthazela. Abantu abavelele kakhulu emlandweni weBhayibheli abahlala bethembekile kwaze kwaba sekufeni futhi bafanelekela ukuphila okuphakade emazulwini kwadingeka babonakalise ukungahlehli kwabo. Ngokwesibonelo, owayekade engumFarisi, uSawulu waseTarsu, wathi kwabaseKorinte: “Angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho. Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokukhuthazela konke, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla.” (2 Korinte 12:11, 12) Naphezu kwemithwalo yomsebenzi, uPawulu wayeyazisa kakhulu inkonzo yakhe kangangokuba wakhuthazelela okuningi futhi wazama ngobuqotho ukuba angalethi isihlamba kuyo.—2 Korinte 6:3, 4, 9.
9. (a) Insali egcotshiwe iye yakubonakalisa kanjani ukukhuthazela, futhi kwaba namuphi umphumela? (b) Yini eyisikhuthazo kithi sokuba siqhubeke ngokwethembeka enkonzweni yaphezulu?
9 Ezikhathini zamuva ngokwengeziwe, amaKristu agcotshiwe ayekhonza uNkulunkulu ngaphambi kwempi yezwe yokuqala ayazi ukuthi u-1914 wayeyophawula ukuphela kweZikhathi Zabezizwe, futhi amaningi awo ayelindele ukuthola umvuzo wawo wasezulwini ngawo lowonyaka ophawulekayo. Kodwa lokhu akwenzekanga. Njengoba amaqiniso ebonisa manje, aye aqhubeka esemhlabeni amashumi eminyaka ngaphezulu. Phakathi nalokhu kwelulwa okungalindelekile kwenkambo yawo yokuphila yasemhlabeni, acwengisiswa esandleni sikaJehova uNkulunkulu. (Zakariya 13:9; Malaki 3:2, 3) Ukukhuthazela ngokungayeki kwawathuthukisa. Njengezikhonzi zikaJehova, ajabula ngokubizwa njengabantu begama lakhe. (Isaya 43:10-12; IzEnzo 15:14) Namuhla, njengoba eye adlula ezimpini ezimbili zezwe nasezimpini eziningi ezincane, ayajabula ngokusizwa isixuku esikhulu esandayo sezinye izimvu ekusakazeni izindaba ezinhle, manje esibalelwa ngaphezu kwezigidi ezine. Ipharadesi elingokomoya alijabulelayo liye lasakazekela kuwo wonke umhlaba, ngisho naseziqhingini zolwandle ezikude kakhulu. Lempatho yokuboniswa umusa, esiyazisa ngokwengeziwe njengoba siqhubeka siphila, iye yaba njengesikhuthazo sokuqhubeka ngokwethembeka enkonzweni yaphezulu kuze kube yilapho intando nenjongo kaJehova sekufezeke ngokugcwele.
10. Ukuze singabi buthaka, yini edingekayo njalo?
10 Njengoba umvuzo wethu uxhomeke ekungahlehlini kwethu, sisidinga njalo isikhuthazo kulendaba ebalulekile. (1 Korinte 15:58; Kolose 1:23) Ukuze bungabikho ubuthaka phakathi kwabantu bakaJehova, kumelwe sikhuthazwe njalo ukuba sibambelele eqinisweni naselungelweni eliyigugu lokusakaza izindaba ezinhle, njengoba namabandla ayesanda kwakhiwa ekhulwini lokuqala akhuthazwa ukuhambela okuphindaphindiwe kukaPawulu noBarnaba. (IzEnzo 14:21, 22) Makube isinqumo nokuzimisela kwethu okuqinile ukuba, njengoba umphostoli uJohane akubeka, iqiniso lihlale kithi ‘futhi libe nathi kuze kube phakade.’—2 Johane 2.
Ukulinda Ngokukhuthazela Okungaxegi
11. Yini ebonakala sengathi iyisimiso sikaNkulunkulu ngezinceku zakhe, futhi lokhu kwabonakaliswa kanjani endabeni kaJosefa?
11 Kudinga isikhathi ukuze uvivinyo oluqondene nathi lupheleliswe. (Jakobe 1:2-4) Kubonakala sengathi isimiso sikaNkulunkulu sasiba wukuthi Linda! Linda! Linda! lapho izinceku zakhe zasendulo zilingwa ngokuqondene nokuzimisela kwazo ukuqhubeka okholweni. Kodwa lokho kulinda, ekugcineni, kwakubonakala njalo kungokuvuzayo kulezozinceku ezithembekile. Ngokwesibonelo, uJosefa kwadingeka alinde iminyaka engu-13 njengesigqila nesiboshwa, kodwa okuhlangenwe nakho kwalolonga ubuntu bakhe.—IHubo 105:17-19.
12, 13. (a) UAbrahama waba kanjani isibonelo sokukhuthazela ngokwethembeka? (b) Kungayiphi indlela ukholo nokukhuthazela kuka-Abrahama kuyisibonelo kithi?
12 UAbrahama wayeseneminyaka engu-75 kakade ubudala lapho uNkulunkulu emkhipha eUri lamaKaledi ukuba aye eZweni Lesithembiso. Wayeneminyaka engaba ngu-125 ubudala lapho amukela isiqinisekiso esifungelwe sesithembiso sikaNkulunkulu—okwenzeka ngokushesha ngemva kokuba uAbrahama ebonakalise ukuqina kokholo lwakhe ngokufinyelela ezingeni lokunikela ngendodana yakhe ethandekayo, uIsaka, eyeka kuphela lapho ingelosi kaJehova inqanda isandla sakhe futhi ivimbela ukwenziwa kwalowomhlatshelo. (Genesise 22:1-18) Iminyaka engamashumi amahlanu yayiyisikhathi eside ngoAbrahama ukuba alinde njengogogobeleyo ezweni angalazi, kodwa wabambelela eminye futhi iminyaka engu-50 kwaze kwaba yilapho efa eseneminyaka engu-175 ubudala. Kuso sonke lesosikhathi, uAbrahama wayengufakazi othembekile nomprofethi kaJehova uNkulunkulu.—IHubo 105:9-15.
13 Ukholo luka-Abrahama nokukhuthazela kuqokonyiswa njengesibonelo kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu ezifuna ukwamukela izibusiso ezithenjisiwe ngoJesu Kristu, iMbewu ka-Abrahama. (Heberu 11:8-10, 17-19) Ngokuqondene naye, kumaHeberu 6:11-15 sifunda ukuthi: “Sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokhokukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube-sekupheleni, ukuba ningabi-buthuntu, kodwa nibalingise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela. Ngokuba lapho uNkulunkulu wamthembisa uAbrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga, wathi: Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngiyakukwandisa nokukwandisa; kanjalo kwathi esebekezele, wakuzuza okwathenjiswayo.”
14. Kungani kungamelwe sicabange ukuthi uvivinyo lokukhuthazela alunakuphela nokuthi umvuzo awunakufinyeleleka?
14 Kakade sekudlule iminyaka engu-77 insali egcotshiwe yabona ukuphela kweZikhathi Zabezizwe ngo-1914, lapho abanye bayo babelindele ukukhazinyuliswa kwebandla lobuKristu leqiniso ezulwini. Ukuthi insali kumelwe ilinde isikhathi eside kangakanani asazi. Khona-ke ingabe kufanele sintengantenge futhi sicabange ukuthi silindele umnyama ongenafu nokuthi ukubheka umvuzo kunjengokuzama ukubamba utalagu? Cha! Lokho bekungeke neze kubulwele ubukhosi bukaNkulunkulu noma kudumise igama lakhe. Ubengeke abonakaliswe njengolungile emhlabeni lapho esinikeza ukunqoba nomklomelo wokuphila okuphakade owumphumela. Kungakhathaliseki ukuthi isikhathi side kangakanani, insali, kanye nabangane bayo abathembekile abanjengezimvu, bazimisele ukulindela uJehova ukuba athathe isinyathelo ngesikhathi sakhe. Ngokubonisa ukuphikelela okunjalo okuyisibonelo, balandela inkambo ka-Abrahama.—Roma 8:23-25.
15. (a) Siyini isiqubulo sethu, futhi uNkulunkulu uye wasisekela ngokunqoba kukuphi okuhlangenwe nakho? (b) Ikuphi ukunxusa kukaPawulu okusalokhu kufaneleka osukwini lwethu?
15 Khona-ke, isiqubulo sisewukuthi masikhuthazele ngokungaxegi ekwenzeni intando kaNkulunkulu. (Roma 2:6, 7) Esikhathini esidlule uye wasisekela ezinhluphekweni ezinzima, kuhlanganise nokuboshwa namakamu okuhlushwa, futhi uye wasihola ngokunqobayo kwaba inkazimulo egameni lakhe nasenjongweni yakhe.a Phakathi nesikhathi esisasele sokupheleliswa kokuvivinywa kwethu, uJehova uyoqhubeka enza okufanayo. Ukunxusa kukaPawulu kusafaneleka osukwini lwethu: “Ngoba nidinga ukubekezela nokukhuthazela ngobuqotho, ukuze intando kaNkulunkulu niyenze futhi niyifeze ngokugcwele, ngaleyondlela nizizuzele lokho okuthenjisiwe bese nikujabulela ngokugcwele.”—Heberu 10:36, The Amplified Bible; Roma 8:37.
16. Kungani kungamelwe sibheke ukuzinikezela kwethu kuJehova ngendlela nje elinganiselwe noma ngokuzigodla?
16 Uma nje uJehova esenomsebenzi wokuba siwenze phakathi kwalelizwe elibi, khona-ke, ngokulandela isibonelo sikaJesu, sifuna ukuba matasa kulowomsebenzi uze uphele. (Johane 17:4) Ukuzinikezela kwethu kuJehova kwakungasekelwe emcabangweni wokuthi sasiyomkhonza isikhashana nje bese kufika iArmagedoni. Ukuzinikezela kwethu kwakungokwaphakade. Umsebenzi uNkulunkulu asinikeze wona ngeke uphele ngempi yeArmagedoni. Nokho, kungemva kokuba sifeze umsebenzi okumelwe wenziwe ngaphambi kweArmagedoni kuphela lapho siyobona khona izinto ezinhle eziyokwenzeka ngemva kwaleyompi enkulu. Khona-ke, ngaphezu kwelungelo elijabulisayo lokuqhubeka senza umsebenzi wakhe, siyovuzwa ngezibusiso azithembisa osekunesikhathi eside zilindelwe.—Roma 8:32.
Uthando NgoJehova Lusisiza Ukuba Sikhuthazele
17, 18. (a) Ezikhathini zokucindezeleka, yini eyosisiza ukuba sikhuthazele ngokuvunyelwa uNkulunkulu? (b) Yini eyosisiza ukuba sinqobe, futhi yini esingenakuyisho ngokuqondene nesikhathi esisasele?
17 Mhlawumbe, lapho izikhathi zicindezela, singase sibuze: ‘Singaqhubeka kanjani sikhuthazela?’ Impendulo? Ngokuthanda uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yethu, ingqondo, umphefumulo, namandla. “Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke. Uthando alusoze lwaphela.” (1 Korinte 13:4, 7, 8) Ngaphandle kokuba sikhuthazele ngenxa yothando ngoNkulunkulu, ukukhuthazela kwethu kuyize. Kodwa uma sibekezela ngaphansi kwemithwalo ethile ngenxa yokuzinikela kwethu kuJehova, khona-ke ukukhuthazela kwethu kuba nomphumela ojulisa uthando lwethu ngaye. Uthando ngoNkulunkulu, uYise, lwenza uJesu wakwazi ukukhuthazela. (Johane 14:30, 31; Heberu 12:2) Uma isisusa sethu sangempela siwuthando ngoNkulunkulu, uBaba wethu, yini ekhona esingeke sayikhuthazelela?
18 Uthando lwethu olungaxegi ngoJehova uNkulunkulu oluye lwasenza sahlala singabanqobayo ezweni phakathi nalesikhathi esinzima kakhulu sovivinyo. Futhi uJehova, ngoJesu Kristu, uyoqhubeka esinikeza usizo esiludingayo kungakhathaliseki ukuthi lesimiso esidala sivunyelwa ukuba sihlale isikhathi esingakanani. (1 Petru 5:10) Yebo, asinakubikezela ukuthi singakanani isikhathi esisasele, futhi asinakunquma usuku oluqondile. Lokho sikushiyela kuMgcini-sikhathi Omkhulu, uJehova uNkulunkulu.—IHubo 31:15.
19, 20. (a) Kufanele silubheke kanjani usuku ngalunye oludlulayo esilukhuthazelelayo? (b) Yibuphi ubuwula esifuna ukubugwema, futhi ngani?
19 Nokho, isizukulwane okwabikezelwa ukuthi sasiyobona futhi sidlule “esiphelweni sesimiso sezinto,” (NW) manje sesikhulile ngeminyaka. (Mathewu 24:3, 32-35) Ngakho masingalokothi sikhohlwe ukuthi usuku ngalunye oludlulayo lunciphisela uSathane namademoni akhe isikhathi sokungcolisa indawo yonke ngokuba khona kwabo nje kukodwa futhi kusisondeza ngosuku olulodwa esikhathini lapho uJehova engeke esakubekezelela ukuba khona ‘kwezitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa.’ (Roma 9:22) Ngokushesha, lapho ukubhekakade kukaJehova kuphela, uyokhiphela intukuthelo yakhe kwabesilisa nabesifazane abangamesabi. Ngaleyondlela, uyokwembula ukungayivumeli kwakhe kwaphezulu inkambo yabo yesenzo, ngisho nakuba ebavumele ukuba baqhubeke kuyo yonke lenkathi yesikhathi.
20 Bekuyoba ubuwula obukhulu ngathi ukuba siyeke imizamo yethu yothando yokuzuza umklomelo okhazimulayo odluliselwa kithi ngoJesu Kristu. Kunalokho, sizimisele ukuqhubeka ngokwethembeka njengoFakazi BakaJehova kulesikhathi esibaluleke kakhulu lapho uJehova esezozingcwelisa njengoMbusi Wendawo Yonke.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwesibonelo, uChristine Elizabeth King wabhala: “OFakazi kuphela uhulumeni [wamaNazi] ongaphumelelanga ukumelana nabo, ngoba nakuba wawubulele izinkulungwane, umsebenzi waqhubeka futhi ngoMay 1945 inhlangano yoFakazi BakaJehova yayisekhona, kuyilapho ubuNational Socialism babungasekho. Amanani oFakazi ayenyukile futhi akekho owahlehla. Lenhlangano yayizuze abafel’ ukholo futhi yayilwe enye impi kaJehova uNkulunkulu ngokuphumelelayo.”—The Nazi State and the New Religions: Five Case Studies in Non-Conformity, ikhasi 193.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kungani singenakukugwema ukuvivinywa kokukhuthazela kwethu?
◻ Ikuphi ukuzikhohlisa esifuna ukukugwema?
◻ Ukuze sigweme ukuba buthaka, yini edingekayo?
◻ Siyini isiqubulo sethu?
◻ Ezikhathini zokucindezeleka, yini eyosisiza ukuba sikhuthazele?
[Isithombe ekhasini 11]
Abantu bakaNkulunkulu, njengalaboFakazi ePort of Spain, eTrinidad, ngaso sonke isikhathi bebezimisele ukulindela uJehova