Ukubutha “Okunxanelekayo” EPoland
IPOLAND kuthiwa iyizwe lamaKatolika. Ngokwezibalo ezingokomthetho, amaphesenti angu-93 ezakhamuzi angabeSonto lamaKatolika. Nokho, izinguquko zamuva zezombangazwe nezenhlalo ezenzeka lapho ziye zaba nethonya eliphawulekayo kubantu nasekuphileni kwabo okungokwenkolo. Ukuhlola kubonisa ukuthi cishe amaphesenti angu-50 kuphela alabo abaye bahlolwa azibheka njengaqhuba ubuKatolika.
NgoMay 1989, oFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho njengenhlangano engokwenkolo ePoland. Kusukela ngalesosikhathi, abasanda kuthakazela abangaba ngu-11 000 baye bazihlanganisa nabo njengabamemezeli bezindaba ezinhle zoMbuso. Manje abamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-106 000 bahlanganyela emabandleni angaphezu kuka-1 300, futhi abantu abangu-200 422 baba khona ekugujweni kweSikhumbuzo sokufa kukaKristu ngo-1991. Khona-ke, ukubuthwa ‘kokunxanelekayo kwabezizwe’ okwabikezelwa kuyenzeka ePoland. (Hagayi 2:7) Muva nje, kuye kwaqhutshwa imihlangano yezizwe zonke yoFakazi BakaJehova eyaba izihloko ezigqamile zamaphephandaba ePoland. Kodwa ukubheka amanye amadolobhana alelizwe kuyobonisa ngokukhethekile indlela umsebenzi wokubutha oqhubeka ngayo kulelozwe.
Amaphayona Avula Indlela
ISztum idolobha elinabantu abacishe babe ngu-10 000 eliseduze nendawo lapho uMfula iVistula uchithela khona oLwandle iBaltic. Sekuyisikhathi eside lelidolobha libhekwa njengensimu elukhuni ngokuqondene nomsebenzi wokushumayela. Ngo-1987 kwakunabamemezeli abayisishiyagalombili kuphela kulendawo. Nokho, izinto zaqala ukushintsha lapho kufika amaphayona, noma abamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele. Emhlanganweni wesihlanu, owawuqhutshelwa enkundleni yamabhayisikobho, kwakunabantu abayikhulu abathakazelayo! Ngemva kweminyaka emibili yemizamo yenkuthalo kwamiswa ibandla. Manje labamemezeli abangu-90 baneHholo LoMbuso labo siqu, futhi abantu abangu-150 baba khona njalo emihlanganweni.
Njengokulindelekile, ngokushesha iSonto lamaKatolika laqala ukuphikisa. Indelakazi “eyisikhulu” yanikeza izinkulumo ezithile zenhlamba ngoFakazi, ibasola ngokufundisa izimfundiso zamanga. Kodwa njengoba lokhu kwenzeka ngokuphindaphindiwe, isikhuni sabuya nomkhwezeli. Izintshumayelo zayo zamane zenza ukuba abantu bafune ukuthola amaqiniso. Abaningi babo baye bafunda iqiniso futhi manje bangamaphayona avamile! Bathi: ‘Lapho sisafunda iqiniso, sasicabanga ukuthi wonke umuntu ofuna ukuba uFakazi kwakumelwe abe njengomfundisi wakhe, okwakusho ukuba iphayona.’ Ngakho umoya wobuphayona ugcwele lonke ibandla.
Ngenxa yalokho, izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingaba ngu-180 ziyaqhutshwa kulendawo. Ngencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, abanye baye bafundiswa ngisho nokufunda. Ngesikhathi esifanayo, baye bafunda iqiniso. Kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasikhathi sonke zemizuzu eyishumi kanye neqembu leziboshwa zendawo lapho ziphumela ngaphandle ukuyohlanza imigwaqo. Esinye sazo savikela uFakazi lapho owesifazane owayedlula eqala ukumthuka. Sagijima saya kulodade, sathatha incwadi ethi Ungaphila Phakade ezandleni zakhe, sayiphakamisa, futhi sabuza owesifazane othukayo: “Awukwazi ukufunda? Kubhalweni lapha? Ungaphila phakade ePharadesi emhlabeni! Wake wezwa ngento enjalo? Kungani ngempela uthuka uNkulunkulu nabakhulekeli bakhe?”
Ondaba-mlonyeni Edolobheni
IKruszwica, eyake yaba inhloko-dolobha yasePoland ngokwenganekwane, iyikomkhulu lamaKatolika. Ngisho naphakathi no-1990, kwakunoFakazi abambalwa phakathi kwezakhamuzi zayo ezingu-9 300. Kodwa isibusiso sikaJehova esicebile sasiphezu kwemizamo yabamemezeli boMbuso.
Bebona ubuzenzisi babaholi babo abangokomoya, abantu abaningi ngokwengeziwe—ikakhulukazi abasha—baphendukela koFakazi ukuze bathole izimpendulo. Ngesikhashana nje, kwaqaliswa izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-20. Umpristi wakuleso sifunda wanikeza izintshumayelo ezimbi ngoFakazi BakaJehova, kodwa lokhu akuzange kubadumaze abantu abaqotho ekuyeni emihlanganweni yabo. OFakazi baba ngundaba-mlonyeni ezitolo nasemapaki ngisho nasemasontweni. Engxenyeni yonyaka kamuva, kwakhiwa amaqembu amabili amakhulu ezifundo zencwadi. Manje iKruszwica inebandla elikhuthele kakhulu labakhulekeli bakaJehova abangaba ngu-35. Baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-75 futhi bamatasa baletha “okunxanelekayo” okwakuthunjwe inkolo yamanga.
Phakathi kwalaba kwakunoBogdan oneminyaka engu-23 ubudala, ilungu lomkhaya oshisekayo wamaKatolika. Uyakhumbula: “Ngangiphuza, ngibhema, futhi ngiphila ukuphila kokuziphatha okubi. Ngangaziwa njengesichwensi, nomvukeli, futhi akekho owayebonakala enendaba. Nokho, lapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli umama wasongela ngokuzibulala ngoshevu. Ngingenakukwazi ukumelana nalokho kucindezeleka, nganqamula bonke ukudlelwane noFakazi. Kamuva, ngosizo lothando lwamaphayona akhethekile, ngakwazi ukugqashula kuyo yonke imikhuba emibi. Ngemva kokubhapathizwa eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabathandi Benkululeko’ ka-1991, ngiye ngakhetha inkonzo yesikhathi esigcwele njengomgomo wami ekuphileni futhi bengilokhu ngiyiphayona elisizayo kusukela ngalesosikhathi.”
USławomir oneminyaka engamashumi amabili nanye ubudala wayengene shí emimoyeni, nobuSathane, akuyeka lapho ebona ukuthi iBhayibheli liyayilahla imikhuba enjalo. “Kodwa uSathane waphikelela,” esho. “Ngobunye ubusuku isidlala-marekhodi saqala ukuzidlalela singavulelwe, futhi ngezwa umculo wobusathane, nakuba ngase ngikukhiphe konke endlini okuphathelene nokukhulekelwa kukaDeveli. Ngathandaza kuJehova, futhi wangisiza ukuba ngiphinde ngisimame ngokomoya. Udokotela wezifo zengqondo engangikhuthazwa abazali bami ukuba ngiye kuye waqaphela intuthuko ephawulekayo esimweni sami futhi waphetha ngokuthi ngangiphilile. Eshadini lami wabhala ukuthi: ‘Welashwe oFakazi BakaJehova.’”
Ukumelana Nomoya Wezwe
ENingizimu-ntshonalanga yeKruszwica kuneŚroda Śląska. “Okunxanelekayo” kuyavela futhi nakulelidolobhana elinabantu abangu-9 000. Eminyakeni emine edlule, kwakunodadewethu ongokomoya oyedwa kuphela ohlala lapho. Nokho, namuhla isibalo sabamemezeli boMbuso siye senyuka safinyelela ku-47. Abaningi boFakazi babebanjwe izingibe zemimoya, ukulutha kwemilaliso, nokuziphatha okubi. Banomuzwa wokuthi lokhu kwakungenxa yobuze obungokomoya obukhona esontweni elikwazi kuphela ukulahla abantu ngokomoya, lingabasizi. OFakazi banikeza abantu impumuzo yangempela.
Abasebasha kulelibandla baye benza isikole saba insimu yabo siqu yomsebenzi wokushumayela. “Kaningi engifunda nabo bathi kimi: ‘Udlala ngobusha bakho,’” kubika uKasia onemiyaka engu-18 ubudala. “Kodwa ngiye ngagwema izinkinga eziningi, futhi ukuphila kwami sekunenjongo. Ngiqhuba izifundo zeBhayibheli eziningana esikoleni futhi angiwudebeseli umsebenzi wami wasekhaya noma isifundo sami somuntu siqu. Amantombazane athi ‘ngidlala ngobusha bami’ kakade asengomama, ashikilisana nezinkinga ezisindayo.”
Izincwadi zeWatch Tower seziye zaziwa kakhulu ezikoleni zendawo. Ngokwesibonelo, uthisha ofundisa isiPolishi watshela abafundi bakhe ukuba balandele ulimi olulula lukamagazini wethu iPhaphama! njengesibonelo ekubhaleni izindatshana zabo. Iphayona elisizayo uEwa uthola incwajana ethi Isikole NoFakazi BakaJehova iwusizo olukhulu. “Ngiyazisa ngempela lencwadi. Othisha bami bajwayelene kakhulu nayo. Angikaze ngibe nenkinga ekutholeni imvume yokungabikho ekilasini ukuze ngiye emihlanganweni emikhulu.” Isimo sengqondo esinjalo esihle sabantu abasebasha senza inhliziyo kaJehova ithokoze.—IzAga 27:11.
Iziboshwa Ezilukhuni Zashintsha
Ukuya ngasempumalanga yeŚroda Śląska kuneStrzelce Opolskie, lapho kunamajele amabili khona. Elinye lawo ijele eligadwe kakhulu leziboshwa ezingontamo-lukhuni. OFakazi bavakasha njalo kulezindawo ezimbili zokulungisa izigwegwe ukuze balethele iziboshwa iqiniso, eziningi zazo nazo zazingabathunjwa beBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga.—IsAmbulo 18:1-5.
OFakazi batadisha iBhayibheli neziboshwa ngazinye namaqembu amancane eziboshwa, ezinye zazo esezibhapathiziwe. Nakuba kumelwe zidonse isigwebo sazo, zishumayela ngentshiseko izindaba ezinhle kwezinye iziboshwa. Esinye isiboshwa esasilungiselela ukubhapathizwa senza izinguquko eziphawuleka kangangokuthi abaphathi bejele baye basivumela ukuba siye ekhaya kanye ngesonto. Ezinye ziye zabhalela imikhaya yazo zizwakalisa ukuzimisela kwazo ukuphuma ejele, hhayi ziyizigebengu, kodwa zingoFakazi BakaJehova.
Isikhulu esiyinhloko selinye lamajele sakhononda ngokuthi abapristi bamaKatolika babeza kodwa abafezanga lutho. Sabuza oFakazi: “Yini enenza nikwazi ukushintsha nokuqondisa izigwegwe zalababantu?” Incwadi esinye isiboshwa esayibhalela umkhaya waso iyaphendula: “Lapha ejele, oFakazi BakaJehova baye bangitshela ngesithembiso sikaNkulunkulu esimangalisayo ngokuphathelene nohulumeni omusha, uMbuso kaJehova, ngokushesha ozobusa umhlaba wonke. Lapha ngiye ngaba nesikhathi sokuhlaziya indlela yami yokuphila yangaphambili ngokukhanyiselwa yiBhayibheli. Ngemva kokufinyelela eziphethweni ezibuhlungu, ngiye ngaba nesifiso esinamandla sokuba umuntu okhululekile futhi ngizithole ngiyisikhonzi soMbuso kaNkulunkulu. Namuhla nginguFakazi kaJehova obhapathiziwe.”
Kwelinye ijele, abaningi badonsa isigwebo seminyaka engu-25 ngenxa yokubulala. Kuqhutshwa isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke namadoda angu-12. Enye yawo yanikezela ukuphila kwayo kuJehova futhi yabhapathizwa, futhi amanye ahlela ukuthatha lezinyathelo. Sibonisa ukwazisa ngemiphumela emihle yezindlela zokufundisa ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova, isikhulu esiyinhloko sejele sathi: “Anginaziboshwa ezingu-12. Nginezingu-600. Ngisizeni ukuba ngiqondise izigwegwe zazo. Ngizoninika konke enikudingayo, kodwa sizani nilungiselele isimiso. Zinakekeleni!”
Yilokho kanye abazalwane abakwenza. Banikeza isimiso seBhayibheli esikhuluma ngenjongo yokuphila, ithemba lesikhathi esizayo, nokubaluleka kokushiya imikhuba emibi. Babuye balandisa okuhlangenwe nakho kowayeyisiboshwa owaba ngomunye woFakazi BakaJehova futhi ngokuhamba kwesikhathi wamiswa njengomdala webandla. OFakazi banikeza amaphuzu avelele ezindaba zokuphila kwesela lamadayimane nomlutha wezidakamizwa abafunda iqiniso.a Iziboshwa ezingu-20 ezazikhona zasithola sithakazelisa kakhulu isimiso futhi zabuza imibuzo eminingi, ezinye zacela ngisho nezifundo zeBhayibheli.
Ukholo Nokukhuthazela Kuyavivinywa
ILubaczów idolobha elincane elinabantu abangu-12 000 eliseduze komngcele weUkraine. Umsebenzi wobuvangeli kuleyondawo wathola amandla ngo-1988 lapho amaphayona ethuthela khona ukuze asize abamemezeli bendawo abangu-12. Manje kunabamemezeli boMbuso abakhuthele abangu-72, futhi abantu abangu-150 baba khona ekugujweni kweSikhumbuzo sango-1991 eHholo LoMbuso elisanda kwakhiwa.
NgoJune 1991, uPapa John Paul II wavakashela eLubaczów. Kodwa lokho akuzange kwenze lutho ekusekeleni ukholo oluqinile phakathi kwabantu. Abaningi babo bakhathazwa ukungabaza nemibuzo ngenjongo yokuphila nethemba ngekusasa. Lapho bengakwazi ukuthola izimpendulo ezanelisayo kubefundisi, baphendukela koFakazi BakaJehova. Nakuba ekuqaleni abantu bengase babe nobuhlungu bukanembeza ngokushiya izinkolo zabo, iqiniso leBhayibheli abalifundayo liyabasiza ukuba babone ukuthi benze isinqumo esifanele.
Kungokufanayo ngokuhlangenwe nakho kukaHonorata, manje oyiphayona elivamile. Cishe ngonyaka odlule, wabuza umpristi ekuvunyweni kwezono ukuthi lingubani igama likaNkulunkulu. “UNkulunkulu uluthando—lelo igama lakhe elihle kakhulu,” kwaphendula umpristi. Ngemva kwesikhashana, wanezela: “Unjengebhakede elinamanzi acwebile othile afaké kuwo u-inki. Imiphumela ayinakuguquka.” Ngakho wayithola impendulo yakhe. “Nganquma khona lapho ukuthi ngangiyoba ngomunye woFakazi BakaJehova,” kusho uHonorata. “Nalokho futhi akunakuguquka.”
Cishe wonke umuntu oye wafunda iqiniso eLubaczów kuye kwadingeka akhuthazelele ukuphikiswa okunamandla, ngisho nokobuhlanya. Kodwa lokho akuzange kubavimbele ekubeni bamukele iqiniso leBhayibheli futhi bamelele uJehova.
UElżbieta uyalandisa: “Ekuqaleni babengishaya ekhaya. Kamuva umkhaya wakithi watheleka eHholo LoMbuso. . . . Bangithatha baya nami ekhaya futhi baqala ukungishaya ngenduku enamaqhubu. Ngashaywa futhi ngakhahlelwa kusukela ekhanda ukuya ozwaneni ngenxa nje yokuhlanganyela noFakazi. Ngashaywa kakhulu kangangokuthi ngadinga ukwelashwa okuphuthumayo futhi ngayiswa esibhedlela. UJehova wangisiza, futhi ngalulama. Umkhaya wakithi wangilahla. Lapho ngitshela umpristi ngalokhu, wangigxeka, ethi: ‘Uzokhononda ngenxa nje yokushaywa kancane?’”
Omunye udade uyakhumbula: “Minyaka yonke ngangiya eCzęstochowa ukuze ngigaqe ngamadolo ngiye eSiphambanweni, engangikubheka njengomsebenzi wawo wonke amaKatolika aqotho. Ngisesenezibazi emadolweni ami.” Lapho eneminyaka engu-18 ubudala wafunda iqiniso futhi watshela umpristi nomkhaya wakubo ukuthi wayengeke esaphindela esontweni. Washaywa kabuhlungu—“kabi kangangokuthi ngalimala ubuchopho,” ebika. “Kodwa ngalulama ngokwanele esibhedlela ukuba ngiye eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabathandi Benkululeko.’ Ngakhala izinyembezi zenjabulo lapho ngibona ubunye beqiniso nothando phakathi kwabantu abangashiseki ngokungenangqondo—izinto engingazange ngizibone eCzęstochowa. Yeka indlela engijabula ngayo ngokuzwa ubuhle bukaJehova nokufunda ukuthembela kuye.” UJehova uyabaqinisa futhi abasekele labo abaphonsa imithwalo yabo kuye.—IHubo 55:22.
Abathunjwa abaningi beBabiloni Elikhulu manje balalela ubizo ‘lokuphuma kulo’ kulelizwe lobuKatolika, njengoba kunjalo kuyo yonke indawo. Uma kuyintando kaJehova, abantu bakhe abanesibindi bayoqhubeka bebutha okwengeziwe ‘kokunxanelekayo’ okusakazeke kulo lonke elasePoland. Ngokuqinisekile, abaningi basazosabela kulolubizo: “Woza! Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.”—IsAmbulo 18:4; 22:17.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka iPhaphama! yesiNgisi kaOctober 8, 1983, amakhasi 16-19, nekaNovember 22, 1987, amakhasi 21-3.
[Ibalazwe ekhasini 24]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
POLAND
Sztum
Kruszwica
Poznan
Warsaw
Środa Śląska
Częstochowa
Strzelce Opolskie
Lubaczów
[Isithombe ekhasini 26]
Ukushumayela isigijimi soMbuso eKruszwica, ePoland