Ukudlulisela Ukuqonda ENamibia
UYE wayizwa ngezilimi ezingaki inkulumo ethi “angiqondi”? “Hi nokuzuva,” kwasho intokazi ethile engumHerero, igqoke ingubo yayo ende yesiko nomshuqulo ekhanda omise okophondo. “Nghi udite ko,” kuphendula intombazane ekhuluma isiKwanyama, imomotheka. “Kandi uvite ko,” kuphendula umuntu okhuluma isiNdonga wasemaphandleni, eqhikiza amahlombe. “Kapi na kuzuvha,” kuphawula umuntu othile olusa izimbuzi okhuluma isiKwangali.
Bonke labantu babethi, “angqondi.” Yeka ukuthi lokhu kukubonisa kahle kanjani ukuthi oFakazi BakaJehova eNamibia babebhekene nezinkinga zolimi ezisabekayo lapho bezama ukufinyelela abantu abangu-1 370 000 abahlala kulensimu enkulu engaba amakhilomitha-skwele angu-824 000!
Futhi akumangalisi! Akubona bodwa abantu abangamaHerero namaNama abanezilimi zabo siqu kodwa nabantu baseNamibia abangamaOvambo, amaKavango, abeTswana, amaCaprivian, amaHimba, abaThwa, namaDamara banazo. Ngokuphambene, oFakazi babehlome ngezincwadi zeBhayibheli ezingolimi lwesiNgisi nesiBhunu kuphela. Ngokusobala, ukuze iqiniso liqondakale kubantu abengeziwe umsebenzi wokuhumusha wawubalulekile. Lokhu kwaqala kancane kakhulu eminyakeni eminingi edlule eWindhoek, inhloko-dolobha yendawo eyayiyiNingizimu-Ntshonalanga Afrika ngalesosikhathi.
“EWindhoek, kwakunokuphikiswa okukhulu komsebenzi wethu wokufakaza okuvela esontweni nasemaphoyiseni,” kukhumbula uDick Waldron. Ekanye nomkakhe, uCoralie, weza kulelizwe ngo-1953 njengomunye owayethweswe iziqu eWatchtower Bible School of Gilead. “Sasingavunyelwe ukuba singene ezindaweni okwakuhlala kuzo abantu abansundu, futhi ngezinye izikhathi sasihlushwa lapho sibonakala sikhuluma nabantu abansundu. Ekugcineni sathola indawo lapho sasingenakuphazanyiswa khona—isizalo esomile soMfula iGammans! Sasingaphandle nje kwedolobha. Sisithekile ngaphansi kwezihlahla zomtholo, sasiqhuba izifundo zeBhayibheli lapho.”
Futhi kwakulapho lapho izincwadi zeWatch Tower zazihunyushelwa khona kuqala ezilimini zendawo. Zazihlanganisa amapheshana athile angolimi lwesiKwanyama nencwajana ethi “Lezindaba Ezinhle ZoMbuso” ngesiNama. UMzalwan’ uWaldron ukhumbula okuhlangenwe nakho okuhlekisayo okuphathelene nalencwajana, umuntu othile othakazelayo owayesiza ukuba ihunyushwe. Yayingatholakali ngesiNama inkulumo eyayingahumusha lomusho, “UAdamu wayengumuntu ophelele.” Khona-ke lomuntu othakazelayo wathi: “Mane ubhale ukuthi uAdamu wayenjengepetshisi elivuthiwe. Abantu abakhuluma isiNama bayoqonda ukuthi wayephelele.” Khona-ke, lena indlela okwaqala ngayo ukudluliselwa kokuqonda imiBhalo kwabaningi phakathi kwabantu bokuzalwa eNamibia.—Qhathanisa noDaniyeli 11:33.
Ukufinyelela Intuthuko Ephawulekayo
Intuthuko ephawulekayo yafinyelelwa ekuqaleni kweminyaka yawo-1970 lapho incwadi ethi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade ihunyushelwa olimini lwesiNdonga nesiKwanyama. Lezi izilimi ezimbili eziyinhloko ezikhulunywa abantu abaningi baseNamibia eOvamboland, cishe elingamakhilomitha angu-700 enyakatho yeWindhoek. Kwase kumiswe ikhaya lamaphayona ngalesosikhathi eOndangwa, indawo yaseOvamboland. Ukuze asize abantu abathakazelayo kulendawo bazuze engxoxweni yeBhayibheli yamasonto onke esekelwe kuyiNqabayokulinda, amaphayona akhethekile ayekhonza eOvamboland abelwa ukuba ahumushe izihloko ezifundwayo zesiNgisi ezifingqiwe aziyise olimini lwesiNdonga nesiKwanyama.
“Ihhovisi” lokuhumusha laliyikhona legaraji elihlukanisiwe lapho amakhophi okwaziswa okuhunyushiwe kweNqabayokulinda kwakunyatheliswa khona emshinini wokunyathelisa omdala. Kwakungelula ukugxila kulomsebenzi okhandlayo, njengoba izimo zazingakathuthuki namazinga okushisa asehlobo ayephakathi kwamadegree Celcius angu-38 no-44. Nakuba kunjalo, kwakulapha lapho kwakuhunyushelwa khona izincwadi ezingangomagazini ezintsha nencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.
Njengoba kwakuqaliswa amabandla eOvamboland nakwezinye izindawo eNamibia, ukusabela kwakubonisa ukuthi izindawo ezinkudlwana nezingcono zazidingeka. Ngaphezu kwalokho, indawo esasikhungo yayifiseleka ukuze kunakekelwe izidingo kwezinye izingxenye zezwe. Ngesikhathi esifanayo, kwase kunciphile ukubandlululwa komsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Ngakho yatholakala imvume yokuqalisa ukwakha endaweni enkulu eyayinikelwe omunye woFakazi BakaJehova eWindhoek. Ngokushesha, izisebenzi zokuzithandela ezingaphezu kuka-40 zahlaliswa esizeni sesakhiwo, futhi ngoDecember 1990 amahhovisi okuhumusha ayesephelile.
Manje, emahhovisi nasezindlini ezithokomele kulesakhiwo sesimanje, umsebenzi wokuletha ukuqonda kubantu abaningi uqhubeka ngokushesha. Izincwadi ezintsha ziyaqhubeka zihunyushelwa ezilimini zesiHerero nesiKwangali. Umagazini INqabayokulinda onezihloko ezingezilimi ezimbili isiNdonga nesiKwanyama ophuma kanye ngenyanga manje usungemibala egqamile. Unazo zonke izihloko ezifundwayo kanye nokunye ukwaziswa. Lokhu, ngempela, kwehluke kakhulu esiqalweni esincane esizalweni somfula esomile eminyakeni eminingi kangaka edlule.
Inkulumo ethi “angqondi” ayisavamile ukuzwakala. Kunalokho, oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-600 eNamibia babonga ngokujulile kuBaba wabo wasezulwini, futhi manje bangasho ukuthi: “Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, kuyabaqondisa abangenalwazi.”—IHubo 119:130.
[Izithombe ekhasini 25]
Ukumemezela izindaba ezinhle kumaHerero
Ukuhumusha izincwadi zobuKristu ukuze kuzuze abantu baseNamibia
Amahhovisi okuhumusha eNamibia