Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“Igama LikaJehova Lingumbhoshongo Onamandla”
SIPHILA ezikhathini eziguquguqukayo. Ukuphila kwethu okubonakala kungaguquguquki kungashintsha ngokuphazima kweso, futhi ngaphandle kwesixwayiso, abathile baye bazithola besesimweni esibucayi ngaphambi kokuba baqaphele. Ingozi ingavela esiyaluyalwini sezombangazwe, ukuhlaselwa kobudlova, inhlekelele engokwemvelo, noma ukugula okungathi sína. Kungakhathaliseki ukuthi isimo siyini, umKristu kufanele aphendukele kuphi lapho ukuphila kwakhe kusengozini?
UDavid, isithunywa sevangeli esihlala kwelinye lamagatsha e-Watch Tower Society, wathola impendulo yalowombuzo kokuhlangenwe nakho okuthusayo. Njengoba ayengumshayeli, waphuma ngokushesha ekuseni ngolunye usuku ukuze ayolanda izikhonzi zaseBethel ezihlala ngaphandle (izisebenzi zokuzithandela ezihlala ngaphandle kwegatsha). Kwakusemnyama. Wayesanda kuthatha uRosalía futhi edlula esiteshini samaphoyisa lapho ezwa ukudubula kokuqala.
Khona-ke izinto zenzeka ngokushesha. Wezwa umsindo onjengowesiqhuma-mlilo esikhulu futhi waqaphela ukuthi kwakuphuma umoya kwelinye lamathayi. Ngokushesha wabona isosha limi maphakathi nomgwaqo libhekise isibhamu ngakuye. Cishe izinto ezintathu zenzeka ngesikhathi esifanayo: Izinhlamvu ezilandelanayo zabhoboza olunye uhlangothi lwe-Jeep, ziphahlaza amafasitela; uDavid noRosalía bavika ngokushesha; isosha ladubula maphakathi nefasitela langaphambili.
Njengoba i-Jeep yayilokhu idutshulwe njalo ngezinhlamvu, uDavid wayimisa ngobuciko obukhulu ngangokunokwenzeka esalokhu egobile. Bobabili uDavid noRosalía babecabanga ukuthi bazofa. Bathandaza kuJehova ngokuzwakalayo, bemcela ukuba abavikele. Kamuva uRosalía wathi wayezibuza ngalezozikhathi ukuthi umkhaya wakubo wawuzosabela kanjani lapho uzwa ngokufa kwakhe!
Usaphila!
Ekugcineni umsindo wokudubula nokuphahlazeka kwezingilazi zamafasitela emoto wanqamuka, futhi uDavid wathi jeqé kuRosalía. Lapho ebona ibala elincane legazi, emhlane wakhe, kwaphela nasozwaneni. Kodwa ucezu lwengilazi yefasitela olweza lundiza olwalungene lapho, hhayi inhlamvu. Amadolo akhe ayopha ngenxa yokusikwa ngamabhodlela ayewa, kodwa ngaphandle kwalokho wayebonakala ephilile.
Kwafika kule-Jeep amadoda ayegqoke izingubo zombutho wezempi namabhande amhlophe aboshwa ezinkonyaneni futhi abatshela ukuba baphume bephakamise izandla zabo. Omunye, owayebonakala esesikhundleni esiphakeme, waphendukela esosheni futhi wathi: “Utsheliwe ukuthi ungalokothi udubule izakhamuzi.” Lelisosha lazama ukuzithethelela, lithi lizwe ukudubula futhi lacabanga ukuthi kwakuvela kule-Jeep.
Lapho uDavid ezichaza yena noRosalía njengoFakazi BakaJehova, kwaba nokusabela okuhle. Wachaza lokho ayekwenza, kodwa lamasosha ayelokhu efuna ukubavalela. Ngokusobala, ekuseni ngovivi, iqembu lombutho wezempi lalihlele ukuketula ngobudlova uhulumeni obusayo, futhi lamasosha ayesenqubweni yokuhlasela isiteshi samaphoyisa njengoba uDavid noRosalía babedlula nge-Jeep.
URosalía wayethuke kakhulu kodwa wazibamba njengoba uDavid ayeqhubeka enxusa ukuba bakhululwe. Ekugcineni bavunyelwa ukuba bahambe—beshiya i-Jeep. Kwadingeka ukuba bahambe baye emgwaqweni omkhulu oseduze ukuze bagibele ibhasi baye egatsheni, lapho umthola-mpilo wanakekela khona uRosalía.
Amandla Omthandazo
UDavid wafunda okuthile kulokhu okuhlangenwe nakho—ungalokothi uwabhekele phansi amandla omthandazo oqotho, futhi ungalokothi ukhohlwe ukuthi ukuzichaza ngesibindi njengomunye woFakazi BakaJehova ngokuvamile kuyisivikelo. Kungase kube iqiniso ngempela ukuthi “igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.”—IzAga 15:29; 18:10; Filipi 4:6.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 19]
Fotografía de Publicaciones Capriles, Caracas, Venezuela