Isahlulelo SikaJehova Kubafundisi Bamanga
“Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo: bayaphinga, bahamba ngamanga . . . bonke banjengeSodoma kimi, nabakhileyo kulo banjengeGomora.”—JEREMIYA 23:14.
1. Kungani umuntu ohlanganyela ekufundiseni kwaphezulu ethatha umthwalo wemfanelo ongathi sína ngempela?
NOMA ubani ohlanganyela ekufundiseni kwaphezulu uthatha umthwalo wemfanelo ongathi sína ngempela. UJakobe 3:1 uyaxwayisa: “Ningabi-ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.” Yebo, abafundisi beZwi likaNkulunkulu banomthwalo wemfanelo ongathi sína ngokwengeziwe wokulandisa njengoba kufanele kunokuba kunjalo ngamaKristu ewonke. Lokhu kuyosho ukuthini ngalabo abazibonakalisa bengabafundisi bamanga? Ake sibheke isimo ngosuku lukaJeremiya. Sizobona indlela esifanekisela ngayo lokho okwenzeka namuhla.
2, 3. Yisiphi isahlulelo uJehova asidlulisela ngoJeremiya ngokuphathelene nabafundisi bamanga baseJerusalema?
2 Ngo-647 B.C.E., unyaka we-13 wokubusa kweNkosi uJosiya, uJeremiya wathunywa njengomprofethi kaJehova. UJehova wayenesikhalazo esithile ngoJuda, ngakho wathumela uJeremiya ukuba asimemezele. Abaprofethi, noma abafundisi bamanga baseJerusalema, babenza “okwesabekayo” emehlweni kaNkulunkulu. Ububi babo babubukhulu kakhulu kangangokuba uNkulunkulu wafanisa iJerusalema nelakwaJuda neSodoma neGomora. UJeremiya isahluko 23 usitshela ngalokhu. ivesi 14 lithi:
3 “Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo: bayaphinga, bahamba ngamanga, baqinisa izandla zababi, ukuze kungabuyi-muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nabakhileyo kulo banjengeGomora.”
4. Isibonelo esibi sokuziphatha sabafundisi baseJerusalema sifana kanjani neseLobukholwa namuhla?
4 Yebo, bona ngokwabo lababaprofethi, noma abafundisi, babeka izibonelo zokuziphatha ezimbi kakhulu, futhi eqinisweni, bakhuthaza abantu ukuba benze okufanayo. Bheka izimo kweLobukholwa namuhla! Ingabe azifani ngempela nezangosuku lukaJeremiya? Namuhla abefundisi bavumela iziphingi nongqingili baqhubeke besezinhlwini zabo zobufundisi futhi babavumele nokuba bengamele izinkonzo zesonto. Ingabe kuyamangalisa yini ukuthi amalungu amaningi esonto abhalisile nawo aziphethe kabi?
5. Kungani isimo seLobukholwa esonakele sisibi kunesaseSodoma neGomora?
5 UJehova wafanisa izakhamuzi zaseJerusalema nezaseSodoma neGomora. Kodwa isimo sokuziphatha okubi seLobukholwa sibi kakhulu kuneSodoma neGomora. Yebo, linecala ngisho nangokwengeziwe emehlweni kaJehova. Abafundisi balo basishaya indiva isimiso somthetho wobuKristu wokuziphatha. Futhi lokhu kubangela isimo sokuwohloka kokuziphatha esinazo zonke izinhlobo zokuyenga kobuqili kokwenza okubi. Lesisimo sokuziphatha sande kangangokuba ububi namuhla bubhekwa njengento evamile.
“Bahamba Ngamanga”
6. Yini uJeremiya ayisho ngobubi babaprofethi baseJerusalema?
6 Manje phawula lokho ivesi 14 elikushoyo ngabaprofethi baseJerusalema. “Bahamba ngamanga.” Futhi ingxenye yokugcina yevesi 15 ithi: “Ngokuba ukungabi-naNkulunkulu kuphumé kubaprofethi, kwaya ezweni lonke.” Khona-ke ivesi 16 liyenezela: “Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, kungengokuvela emlonyeni kaJehova.”
7, 8. Kungani abefundisi beLobukholwa befana nabaprofethi bamanga baseJerusalema, futhi lokhu kuye kwabathinta kanjani abantu abasontayo?
7 Njengabaprofethi bamanga baseJerusalema, abefundisi beLobukholwa nabo bahamba ngamanga, besakaza izimfundiso zokuhlubuka, izimfundiso ezingatholakali eZwini likaNkulunkulu. Yiziphi ezinye zalezizimfundiso zamanga? Ukungafi komphefumulo, uZiqu-zintathu, isihlanzo, nesihogo somlilo sokuhlupha abantu phakade. Bakitaza nezindlebe zezilaleli zabo ngokushumayela lokho abantu abathanda ukukuzwa. Bamemezela ngokuphindaphindiwe ukuthi ayikho inhlekelele ebhekene neLobukholwa ngoba linokuthula kukaNkulunkulu. Kodwa abefundisi bakhuluma “umbono wenhliziyo yabo.” Ungamanga. Labo abakholelwa amanga anjalo badliswa ushevu ngokomoya. Badukiselwa ekubhujisweni kwabo!
8 Cabangela lokho uJehova akushoyo ngalabafundisi bamanga evesini 21: “Mina angibathumanga abaprofethi, nokho bagijima; bengingakhulumile kubo, nokho baprofetha.” Ngakho namuhla, abefundisi abathunywanga uNkulunkulu, futhi abafundisi amaqiniso akhe. Ube yini umphumela? Kubantu abasontayo kukhona ukungabi nalwazi lweBhayibheli okushaqisayo ngoba abefundisi babo babafunza amafilosofi ezwe.
9, 10. (a) Amaphupho anjani abafundisi bamanga baseJerusalema ababewaphupha? (b) Kungayiphi indlela efanayo abefundisi beLobukholwa beye bafundisa “amaphupho amanga”?
9 Ngaphezu kwalokho, abefundisi namuhla bamemezela amathemba angelona iqiniso. Phawula evesini 25: “Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi: Ngiphuphile, ngiphuphile.” Amaphupho anjani lawa? evesini 32 liyasitshela: “Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga, usho uJehova, bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawaza kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga lababantu, usho uJehova.”
10 Yimaphi amaphupho amanga, noma amathemba, abefundisi abaye bawafundisa? Phela, ukuthi okuwukuphela kwethemba labantu lokuthula nokulondeka namuhla iZizwe Ezihlangene. Eminyakeni yamuva nje baye babiza i-UN ngokuthi “ithemba lokugcina lokuzwana nokuthula,” “inkundla ephakeme kakhulu yokuthula nobulungisa,” “ithemba eliyinhloko lesikhashana lokuthula kwezwe.” Yeka inkohliso! Okuwukuphela kwethemba lesintu uMbuso kaNkulunkulu. Kodwa abefundisi abashumayeli futhi bafundise iqiniso ngalowohulumeni wasezulwini, owawuyisihloko esiyisisekelo sokushumayela kukaJesu.
11. (a) Abafundisi bamanga baseJerusalema babenaliphi ithonya elibi egameni likaNkulunkulu? (b) Ngokungafani nesigaba sikaJeremiya, yini abafundisi bamanga benkolo bosuku lwanamuhla abaye bayenza ngokuphathelene negama laphezulu?
11 Ivesi 27 lisitshela okwengeziwe. “Abacabanga ukwenza ukuba abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube-yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngenxa kaBali.” Abaprofethi bamanga baseJerusalema babangela abantu ukuba bakhohlwe igama likaNkulunkulu. Ingabe abafundisi bamanga benkolo banamuhla abenzanga okufanayo? Benza okubi nakakhulu, bafihla igama likaNkulunkulu, elithi Jehova. Bafundisa ukuthi akudingekile ukulisebenzisa, futhi bayalisusa ezinguqulweni zabo zeBhayibheli. Baphikisa ngamandla noma ubani ofundisa abantu ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. Kodwa isigaba sikaJeremiya, insali yamaKristu agcotshwe ngomoya, kanye nabangane bayo, benza njengoba nje uJesu enza. Baye bafundisa izigidi ngegama likaNkulunkulu.—Johane 17:6.
Ukudalula Ukusoleka Kwabo
12. (a) Kungani abafundisi bamanga benkolo benecala legazi elikhulu? (b) Ibiyini indima yabefundisi ezimpini ezimbili zezwe?
12 Isigaba sikaJeremiya siye sadalula abefundisi ngokuphindaphindiwe njengabafundisi bamanga abaholela imihlambi yabo endleleni ebanzi eyisa ekubhujisweni. Yebo, insali iye yakwenza kwacaca ukuthi kungani labo baphuphi bamaphupho befanelwe isahlulelo sikaJehova esingathandeki. Ngokwesibonelo, izinceku zikaJehova ngokuvamile ziye zabhekisela kusAmbulo 18:24, esithi eBabiloni Elikhulu kwatholakala igazi ‘labo bonke ababebulewe emhlabeni.’ Cabanga ngazo zonke izimpi eziye zalwiwa ngenxa yokungezwani okungokwenkolo. Yeka ukuthi likhulu kangakanani icala legazi eliphezu kwabafundisi bamanga benkolo! Izimfundiso zabo ziye zabangela ukwehlukana futhi ziye zabhebhezela inzondo yabezinkolo namaqembu ezizwe angafani. Ngokuphathelene neMpi Yezwe I, incwadi ethi Preachers Present Arms ithi: “Ama-clerc [abefundisi] benza impi yabonakala inokubaluleka nesisusa esihle esingokomoya. . . . Ngaleyondlela isonto lahileleka ngokujulile esimisweni sezempi.” Kwenzeka okufanayo eMpini Yezwe II. Abefundisi bazisekela ngokugcwele izizwe ezilwayo futhi babusisa namabutho azo. Izimpi zezwe ezimbili zaqala kweLobukholwa lapho amakholwa ebulala amakholwa akanye nawo. Imibango yezwe nengokwenkolo ngaphakathi kweLobukholwa iyaqhubeka ibangela ukuchitheka kwegazi kuze kube kulesisikhathi samanje. Yeka imiphumela esabekayo izimfundiso zabo zamanga eziye zaba nayo!
13. UJeremiya 23:22 ubonisa kanjani ukuthi abefundisi beLobukholwa abanabo ubuhlobo noJehova?
13 Siza uphawule uJeremiya isahluko 23, ivesi 22: “Uma bebemi emkhandlwini wami, nga bezwisile abantu bami amazwi ami, bababuyise endleleni yabo embi, nasebubini bezenzo zabo.” Ukube abaprofethi benkolo beLobukholwa bebemi emkhandlwini kaJehova, benobuhlobo obuseduze naye njengenceku ethembekileyo neqondayo, nabo bebeyobe baphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu. Nabo futhi bebeyobe benza abantu beLobukholwa balalele amazwi kaNkulunkulu. Kunalokho, abafundisi bamanga bosuku lwanamuhla baye benza abalandeli babo baba izinceku eziphuphuthekisiwe zeSitha sikaNkulunkulu, uSathane uDeveli.
14. Yikuphi ukudalulwa okunamandla kwabefundisi beLobukholwa okwakhishwa ngo-1958?
14 Ukudalula abefundisi kwesigaba sikaJeremiya kuye kwaba okunamandla kakhulu. Ngokwesibonelo, eMhlanganweni Wezizwe WoFakazi BakaJehova Wentando Yaphezulu wango-1958 eDolobheni laseNew York, isekela likamongameli we-Watch Tower Society lasho amazwi ayethi ngokwengxenye: “Ngokungagwegwesi noma ngokunganqikazi simemezela ukuthi lembangela ewumsuka yabo bonke ubugebengu, ubuhlongandlebe, inzondo, ukulwa, ubandlululo, . . . nokudideka kobuhlanya iyinkolo engalungile, inkolo yamanga; egqugquzelwa isitha somuntu esingabonakali, uSathane uDeveli. Abantu abanecala elikhulu ngenxa yezimo zezwe abafundisi nabaholi benkolo; futhi abasoleka kakhulu kulaba abefundisi benkolo beLobukholwa. . . . Ngemva kwayo yonke leminyaka kusukela eMpini Yezwe I, ubuhlobo beLobukholwa noNkulunkulu bufana nobuka-Israyeli ngosuku lukaJeremiya. Yebo, eLobukholwa libhekene nembubhiso esabeka kakhulu nebhubhisayo kunaleyo uJeremiya ayibona yehlela iJerusalema.”
Ukwahlulelwa Kwabafundisi Bamanga
15. Yiziphi iziprofetho zokuthula ezenziwe abefundisi? Ingabe ziyogcwaliseka?
15 Naphezu kwalesisixwayiso, baye benzani abefundisi kusukela ngalesosikhathi? Njengoba Ivesi 17 libika: “Bazingé bethi kwabangidelelayo: UJehova ukhulumile uthi: Niyakuba-nokuthula; kubo bonke abahamba ngenkani yenhliziyo yabo bathi: Aniyikwehlelwa ngokubi.” Ingabe lokhu kuyiqiniso? Cha! UJehova uyodalula ukuba namanga kwaleziziprofetho zabefundisi. Ngeke akugcwalise lokho abakushoyo ngegama lakhe. Nokho, isiqinisekiso esingamanga sabefundisi sokuba nokuthula noNkulunkulu siyinkohliso ngempela!
16. (a) Uyini umoya wokuziphatha walelizwe, futhi obani abanecala lokuwubangela? (b) Yini isigaba sikaJeremiya esiyenzayo ngemibono yokuziphatha ephendukezelwe yalelizwe?
16 Ingabe ucabanga ngalendlela, ‘Ini, mina ngikhohliswe izimfundiso zamanga zabefundisi? Lutho neze!’ Nokho, ungazethembi kakhulu! Khumbula ukuthi izimfundiso zamanga zabefundisi ziye zabhebhezela umoya wokuziphatha owubuqili, owenyanyekayo. Izimfundiso zabo eziyekelelayo zivuna cishe noma yini, kungakhathaliseki ukuthi yonakele kangakanani. Lomoya wokuziphatha owonakalisayo ugcwele kuyo yonke imikhakha yokuzijabulisa, amabhayisikobho, i-TV, omagazini, nomculo. Khona-ke, kufanele siqaphe kakhulu, funa siwele ngaphansi kwethonya lalomoya wokuziphatha owonakalisayo kodwa oheha ngendlela ewubuqili. Intsha ingabambeka ogibeni lwamavideo nomculo owonakalisayo. Khumbula ukuthi lesisimo sengqondo sokuyekelela sabantu namuhla siwumphumela oqondile wezimfundiso zamanga zabefundisi nokuhluleka kwabo ukusekela izindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga. Isigaba sikaJeremiya silwisana nalemibono eyonakele futhi sisiza izinceku zikaJehova zenqabe ukonakala okukhungethe eLobukholwa.
17. (a) NgokukaJeremiya, isiphi isahlulelo esasizofikela iJerusalema elonakele? (b) Yini ngokushesha ezokwenzeka kweLobukholwa?
17 Yisiphi isahlulelo abafundisi bamanga beLobukholwa abayosithola kuJehova, uMahluleli omkhulu? Amavesi 19, 20, 39, no-40 ayaphendula: “Bheka, isivunguvungu sikaJehova esinokufutheka siphumile; isivunguvungu esiyisikhwishikhwishi sehlele phezu kwamakhanda ababi. Intukuthelo kaJehova ayiyikubuya aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; . . . Ngiyakuniphakamisa nokuniphakamisa, nginilahle ebusweni bami, nina nomuzi enganinika wona, nina nawoyihlo, nginehlisele ihlazo eliphakade namahloni emiyo njalo okungayikukhohlakala.” Konke lokho kwehlela iJerusalema elonakele nethempeli lalo, futhi manje ngokushesha eLobukholwa elonakele lizokwehlelwa inhlekelele efanayo!
Ukumemezela “Umthwalo KaJehova”
18, 19. Yimuphi “umthwalo kaJehova” uJeremiya awumemezela kwaJuda, futhi wawusho ukuthini?
18 Ngakho, uyini umthwalo wemfanelo wesigaba sikaJeremiya nabangane baso? Ivesi 33 (NW) liyasitshela: “Lapho lababantu noma umprofethi noma umpristi bekubuza, bethi, ‘Uyini umthwalo kaJehova?’ uyakuthi futhi kubo, ‘“Yinina—Oh yeka umthwalo! Futhi ngokuqinisekile ngizonilahla,” kusho uJehova.’”
19 Igama lesiHeberu elisho “umthwalo” linencazelo ekabili. Lingabhekisela esimemezelweni saphezulu esinamandla noma okuthile okusinda nokukhathaza umuntu. Lapha amazwi athi “umthwalo kaJehova” abhekisela esiprofethweni esinamandla—isimemezelo sokuthi iJerusalema lalahlulelwe ukubhujiswa. Ingabe abantu babekuthanda ukuzwa amazwi anjalo angokwesiprofetho anamandla uJeremiya ayebatshela wona ngokuphindaphindiwe evela kuJehova? Cha, abantu bamklolodela uJeremiya: ‘Usiphathele siphi isiprofetho (umthwalo) manje? Siyaqiniseka ukuthi isiprofetho sakho siyoba omunye umthwalo okhathazayo!’ Kodwa yini uJehova abatshela yona? Yilokhu: “Yinina—Oh yeka umthwalo! Futhi ngokuqinisekile ngizonilahla.” Yebo lababantu babewumthwalo kuJehova, futhi wayezobasusa bangabe besaba umthwalo kuye.
20. Uyini “umthwalo kaJehova” namuhla?
20 Uyini “umthwalo kaJehova” namuhla? Yisigijimi esingokwesiprofetho esinamandla esivela eZwini likaNkulunkulu. Sigcwele isahlulelo, simemezela ukubhujiswa okuseduze kweLobukholwa. Thina njengabantu bakaJehova, sinomthwalo wemfanelo ongathi sína wokumemezela ‘lomthwalo kaJehova.’ Njengoba isiphelo sisondela, kumelwe sitshele bonke abantu ukuthi abantu beLobukholwa abaphambukile ‘bawumthwalo,’ yebo, “Oh yeka umthwalo!” abayiwo kuJehova uNkulunkulu, nokuthi ngokushesha uzozethula ‘lomthwalo’ ngokulahlela eLobukholwa enhlekeleleni.
21. (a) Kungani iJerusalema labhujiswa ngo-607 B.C.E.? (b) Ngemva kokubhujiswa kweJerusalema, yini eyenzeka kubaprofethi bamanga nakumprofethi kaJehova weqiniso, okusinikeza siphi isiqinisekiso namuhla?
21 Isahlulelo sikaJehova sakhishwa osukwini lukaJeremiya lapho abaseBabiloni bebhubhisa iJerusalema ngo-607 B.C.E. Njengoba kwakuprofethiwe lelo ‘kwakuyihlazo namahloni’ kulawoma-Israyeli anenkani, angathembekile. (Jeremiya 23:39, 40) Kwawabonisa ukuthi uJehova, ayemeyise ngokuphindaphindiwe, ekugcineni wayesewalahlile ukuze abhekane nemiphumela yobubi bawo. Imilomo yabaprofethi bawo bamanga abazidlayo ekugcineni yathuliswa. Nokho, umlomo kaJeremiya waqhubeka uprofetha. UJehova akazange amlahle. Ngendlela efanayo, uJehova ngeke asilahle isigaba sikaJeremiya lapho isinqumo sakhe esingathi sína siholela ekuchotshozweni kokuphila kwabefundisi beLobukholwa nalabo abakholwa amanga abo.
22. Izahlulelo zikaJehova ziyoliholela kusiphi isimo eLobukholwa?
22 Yebo, isimo seLobukholwa ngemva kokuba seliphucwe yonke ingcebo yalo futhi ladalulwa ngokuhlazisayo siyofana ncimishí nesimo seJerusalema esiyincithakalo, sokungahlalwa-muntu ngemva kuka-607 B.C.E. Lesi isahlulelo esifanele esiye sakhishwa uJehova kubafundisi bamanga. Lesosahlulelo siyofika nakanjani. Njengoba zonke izigijimi zikaJeremiya eziphefumlelwe eziyisixwayiso zafezeka esikhathini esidlule, aziyikubuyela-ze zingakutholanga ukugcwaliseka kwazo kosuku lwanamuhla. Ngakho kwangathi singafana noJeremiya. Masimemezele ngokungesabi umthwalo kaJehova ongokwesiprofetho kubantu ukuze bazi ukuthi kungani isilinganiso esigcwele sokwahlulela kwakhe kokulunga sizofika phezu kwabo bonke abafundisi benkolo bamanga!
Imibuzo Yokubukeza
◻ UJehova wayelibheka njengelibi kangakanani iJerusalema lasendulo?
◻ ELobukholwa liye ‘lahamba emangeni’ ngaziphi izindlela?
◻ Ukusoleka kwabefundisi bosuku lwanamuhla kuye kwadalulwa kanjani?
◻ Uyini “umthwalo kaJehova” omenyezelwayo manje?
[Isithombe ekhasini 8]
Abaprofethi baseJerusalema benza ‘izinto ezisabekayo’
[Isithombe ekhasini 9]
“Bakhuluma umbono wenhliziyo yabo”
[Isithombe ekhasini 10]
IJerusalema ngemva kokubhujiswa kwalo lifanekisela isenzakalo sokugcina esimiselwe eLobukholwa