OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—IBahamas
AMAZWE Azibusayo aseBahamas—izwe leziqhingi neziqhingana ezingaba ngu-3 000—lime lanquma njengomgexo oyigugu emakhilomitheni angu-900 olwandle oluluhlaza okwesibhakabhaka phakathi kweFlorida neCuba. Phakathi kwezakhamuzi zayo ezingu-267 000 kuneqembu elikhulayo labahlabeleli abangabamemezeli boMbuso. Ingoma yalo yokudumisa isikhumbuza u-Isaya 42:10-12: “Mhubeleni uJehova ihubo elisha, nodumo lwakhe, kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela elwandle nakho konke okukulo, nina-ziqhingi nabakhileyo kuzo. . . . benanele beseziqongweni zezintaba. Mabanike uJehova udumo, bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.”
Ukholo Olusha Lubekelwa Inselele
Ngo-July 1992, iphayona elivamile (umshumayeli woMbuso wesikhathi esigcwele) lahambisela umuntu elalijwayelene naye emsebenzini insiza-kufundisa yeBhayibheli ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngemva kokuba lendoda ifunde lencwadi, yazitshela, ‘Lena inkolo okumelwe ngiyihlole.’ NgamaSonto amabili alandelayo, yaba khona emihlanganweni emaHholo OMbuso amabili oFakazi BakaJehova asezindaweni ezihlukene. Ngokulandelayo, kwaqalwa isifundo seBhayibheli nayo. Nokho, ngemva kwamasonto ayisithupha kuphela iqale izifundo zayo zeBhayibheli, kwaphakama inselele eyayizovivinya ukholo lwayo olusafufusa—imikhosi yezinsuku zokuzalwa.
Umkhaya walosomabhizinisi wawuhileleke kakhulu emikhosini enjalo, kodwa uthando lwakhe ngeZwi likaNkulunkulu lwamshukumisela ukuba aqhubeke nezifundo zakhe zeBhayibheli. Njengoba ulwazi lwakhe lweqiniso ngemiBhalo lwalukhula, kwaba njalo nangokuqonda kwakhe imikhosi yezinsuku zokuzalwa namaholide ezwe nombono kaJehova ngakho.
Lapho inkosikazi yalendoda ihlela umbuthano wobungane woSuku Lobaba, yenqaba ngomusa ukuba khona. Nokho, inkosikazi yaba nomuzwa wokuthi indoda yayo yayingasayithandi nokuthi inkolo yayo yayiyinikeza indawo yokuqala kunayo nomkhaya. Lendoda yachaza ngomusa ukuthi ukusebenzisa lokho eyayikufunda eBhayibhelini kwakusiza ekuyiguquleni ukuba ibe indoda nobaba ongcono. Ekugcineni, inkosikazi yalwazisa ngokwengeziwe uthando lwayo lweqiniso lwemiBhalo futhi yavuma ukutadisha iBhayibheli. Manje lendoda iqhuba isifundo seBhayibheli nomkhaya wayo. Futhi yeka injabulo eyaba nayo eMhlanganweni WesiGodi “Wokufundisa Kwaphezulu” kulonyaka odlule! Inkosikazi yayo nendodakazi babekhona futhi bayibona ibhapathizwa.
Abafuduki Bezwa Ingoma Entsha
Izigidi zabafuduki baseHaiti zizihlanganisa nomphakathi waseBahamas. Nazo ziyakudinga ukuzwa ingoma entsha yeqiniso loMbuso. OFakazi abahlala eBahamas bayabonga ngokuthi kufike imibhangqwana emibili engamaMelika aseHaiti. Lemibhangqwana iye yasiza ekuqiniseni amaqembu aseHaiti asanda kumiswa eziqhingini zaseGrand Bahama nase-Abaco.
Ukuze kunikezwe usizo olwengeziwe kubantu baseHaiti abanesithakazelo esigijimini soMbuso, umhlangano wesigodi wokuqala kweyake yaqhutshwa eBahamas ngolimi lwesiCreole waba khona kusukela ngo-July 31 kuya ku-August 1, 1993. Inani lababekhona lafinyelela ku-214, kanye nabathathu ababesanda kuzinikezela ababhapathizwa. Abantu abaningi baseHaiti abafunda iqiniso eBahamas kusukela ngalesosikhathi baye baphindela esiqhingini sendabuko yabo noma bathuthela kwenye indawo ukuze banezele amaphimbo abo kulawo oFakazi bendawo ekuhubeleni uJehova indumiso.
[Ibhokisi ekhasini 8]
UKUHLAZIYWA KOMBIKO WEZWE
Unyaka Wenkonzo Ka-1993a
INANI ELIPHAKEME LABANTU ABAFAKAZAYO: 1 294
ISILINGANISO: UFakazi Oyedwa Kubantu Abangu-197
INANI LABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI: 3 794
ISILINGANISO SABAMEMEZELI ABANGAMAPHAYONA: 186
ISILINGANISO SEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI: 1 715
INANI LABABHAPATHIZWA: 79
INANI LAMABANDLA: 22
IHHOVISI LEGATSHA: NASSAU
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka Ikhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1994.
[Isithombe ekhasini 9]
IHholo LoMbuso lokuqala, kanye nehhovisi legatsha nekhaya lezithunywa zevangeli
[Isithombe ekhasini 9]
OFakazi bamemezela izindaba ezinhle ngentshiseko
[Isithombe ekhasini 9]
UMilton G. Henschel noNathan H. Knorr benezithunywa zevangeli eNassau eminyakeni engaba ngu-45 edlule
[Isithombe ekhasini 9]
Ihhovisi legatsha elisha, elanikezelwa ngo-February 8, 1992