Ukunqoba USathane Nemisebenzi Yakhe
“Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.”—JAKOBE 4:7.
1 .‘Isandla sababi’ siye sasithinta kanjani isintu namuhla?
UJOBE washo ngokufanele: “Umhlaba unikezwé esandleni sababi.” (Jobe 9:24) Futhi manje sibhekene nezikhathi ezibucayi kakhulu kuwo wonke umlando wabantu. Ngani? Ngoba lezi ‘izinsuku zokugcina’ zokubusa kukaSathane umhlaba kobudemoni. Akumangalisi ukuthi, ngaphansi kokushoshozela kukaSathane, ‘abantu ababi nabakhohlisi baqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.’ (2 Thimothewu 3:1, 13) Ngaphezu kwalokho, ukushushiswa, ukungabi nabulungisa, unya, ubugebengu, izinkinga ezingokomnotho, ukugula okungamahlalakhona, imihelo yokuguga, ukucindezeleka ngokomzwelo—lokhu kanye nokunye okuningi kungasithena amandla kakhulu.
2. Singabhekana kanjani nokuhlasela kukaSathane namuhla?
2 Isitha esikhulu, uSathane uDeveli, sandisa ukuhlasela kwaso esintwini, ikakhulukazi kubakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso. Umgomo waso uwukwenza bonke abangase babe abagcini bobuqotho bamelane noNkulunkulu futhi sibehlisele ekubhujisweni kanye naso nezingelosi zaso ezingamademoni. Nokho, siyaqinisekiswa ukuthi uma sikhuthazela ebuqothweni, uDeveli uyosibalekela. NjengoJesu, ‘singafunda ukulalela’ uNkulunkulu ngezinto esihlupheka ngazo, futhi ngomusa waKhe ongasifanele, singazuza ukuphila okuphakade.—Heberu 5:7, 8; Jakobe 4:7; 1 Petru 5:8-10.
3, 4. (a) Ikuphi ukulingwa okungaphandle okwakudingeka uPawulu abhekane nakho? (b) Yini uPawulu ayeyikhathalela njengomdala ongumKristu?
3 Umphostoli uPawulu naye wavivinywa ngezindlela eziningi. Esho izimfanelo zakhe njengesikhonzi sikaKristu, wabhala: “Ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi. KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo, kushiywa munye emashumini amane; ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba-semanzini olwandle ubusuku bunye nemini; ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga, ngokukhandleka nangokukhathazeka, kaningi ngokuqwasha ebusuku, ngokulamba nangokoma, kaningi ngokuzila ukudla, nasemakhazeni nangokuhamba-ze.
4 “Ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla. Ngubani obuthakathaka ngingebuthakathaka nami na? Ngubani okhubekiswayo kungavuthi kimi na?” (2 Korinte 11:23-29) Ngakho, uPawulu wagcina ubuqotho lapho ebhekene nokushushiswa nokulingwa okuvela ngaphandle, futhi njengomdala ongumKristu, wayekukhathalela ngokujulile ukuqinisa abazalwane nodade ababuthakathaka ebandleni, ebasiza ukuba bagcine ubuqotho. Yeka isibonelo esihle ngabadala abangamaKristu namuhla!
Ubuqotho Ngaphansi Kokushushiswa
5. Liyini ikhambi lokushushiswa okuqondile?
5 Yimaphi amacebo uSathane awasebenzisayo ukuze aphule ubuqotho? Njengoba kuboniswé ngenhla, elinye lamaqhinga kaSathane anonya kakhulu ukushushiswa okuqondile, kodwa likhona ikhambi. Eyabase-Efesu 6:10, 11 iyaseluleka: “Qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe-namandla okumelana namaqhinga [noma, “izenzo zobuqili,” umbhalo waphansi we-NW] kaSathane.”
6. Kungaboniswa kanjani ukuthi oFakazi BakaJehova ‘bayanqoba nokunqoba’?
6 Ngokuvamile phakathi nalezizinsuku zokugcina, kuye kwadingeka ukuba oFakazi BakaJehova babhekane nokulingwa. Ngaleyondlela, singase sisho kanye noPawulu: “Kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.” (Roma 8:37) Lokhu kufakazelwa umlando wobuqotho woFakazi BakaJehova emakamu okuhlushwa aseJalimane, e-Austria, ePoland, naseYugoslavia phakathi nenkathi yamaNazi ka-1933 no-1945, ngaphansi kokucindezela kobuKhomanisi eMpumalanga Yurophu phakathi kuka-1945 no-1989, naphakathi nokushushiswa okuye kwahlupha izingxenye ze-Afrika ne-Latin America ezikhathini zamuva.
7. Iziphi izibonelo ezishukumisayo zobuqotho ezibikwa eTopiya?
7 OFakazi BakaJehova eTopiya banikeza isibonelo esishukumisayo sobuqotho phakathi kuka-1974 no-1991. Omunye wabathumbi abanesimo sengqondo esingokombangazwe watshela umzalwane owayeboshiwe: “Kungangcono ukukhulula amabhubesi e-zoo kunokuphinde sikhulule nina!” Lababashushisi abanonya bahlukumeza izinceku zikaJehova, futhi ngemva kweminyaka ethile inkantolo yokudlulisa amacala yakhipha isinqumo sokuba babulawe. Isidumbu somunye umzalwane sabekwa endaweni esobala njengesibonelo esiyisixwayiso. Abanye abazalwane abenza isikhalazo ngesigwebo sokufa bakhululwa inkantolo ecabangelayo, futhi abanye ‘balababanqobi’ abathembekile babenezingxenye esimisweni soMhlangano Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” e-Addis Ababa ekuqaleni kuka-1994.a—Johane 16:33; qhathanisa neyoku-1 Korinte 4:9.
8. USathane uye wazama kanjani ukusizakala ‘ngokuhlanzwa kohlanga’?
8 USathane uhlulekile ukwephula ubuqotho babazalwane nodade abanjalo abathembekile ngokubahlasela ngokuqondile. Ngakho, imaphi amanye amacebo obuqili awasebenzisayo? IsAmbulo 12:12 sithi ngalezizinsuku zokugcina: “Maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!” Njengoba ehlulekile ukuqothula abantu bakaNkulunkulu abathembekile ngoshushiso, ngolaka lwakhe uzama ukubulala ngonya imiphakathi yonke, ngokungangabazeki ngenhloso yokubhubhisa nabantu bakaJehova. Ngakho, lokho okuthiwa ukuhlanzwa kohlanga kuye kwenziwa ezingxenyeni zendawo eyayiyiYugoslavia, futhi ukuqothulwa kohlanga okuhleliwe kuye kwazanywa eLiberia, eBurundi, naseRwanda.
9. Kungani ngokuvamile amasu kaSathane ehluleka? Nikeza izibonelo.
9 Nokho, ngokuvamile uSathane uzigwaza ngowakhe, ngoba uhlupho lobusathane lwenza abantu abanhliziyo ziqotho baqaphele ukuthi okuwukuphela kwethemba labo uMbuso kaNkulunkulu, omenyezelwa ngentshiseko oFakazi BakaJehova. (Mathewu 12:21) Ngempela, abantu abathakazelayo bathuthelekela eMbusweni! Ngokwesibonelo, eBosnia naseHerzegovina ekhungethwe impi, ekugujweni komkhosi weSikhumbuzo sokufa kukaJesu kwango-March 26, 1994, kwaba nabangu-1 307, inani elidlula elangonyaka ongaphambili ngabangu-291. Amanani aphakeme abikwa eSarajevo (414), eZenica (223), eTuzla (339), eBanja Luka (255), nakwamanye amadolobha. ECroatia engumakhelwane kwakunenani elisha eliphakeme labangu-8 326. Ubudlova obubazungezile abuzange bubavimbele oFakazi BakaJehova kulawomazwe ukuba balalele umyalo ‘wokumemezela ukufa kweNkosi ize ifike.’—1 Korinte 11:26.
ERwanda Ekhungethwe Impi
10, 11. (a) Yini eyenzeka eRwanda ebizwa ngokuthi eyobuKristu? (b) Izithunywa zevangeli ezithembekile ziye zayizwakalisa kanjani imizwa yazo?
10 Ngo-1993, iRwanda, enabamemezeli boMbuso abangu-2 080, yayinabangu-4 075 eMhlanganweni Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu,” futhi kwabhapathizwa abangu-230. Kulaba, abangu-142 ngokushesha benza izicelo zenkonzo yamaphayona asizayo. Izifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezaziqhutshwa zanda zaba ngaphezu kuka-7 655, ngo-1994—ngokusobala okuyinani elikhulu kakhulu uSathane angasoze alithanda! Nakuba inani elikhulu lomphakathi lizisholo ukuthi lingamaKristu, kwaqala ukubulalana ngonya phakathi kwezinhlanga. I-L’Osservatore Romano yaseVatican yavuma: “Lokhu ukuqothulwa kwesizwe okungakaze kubonwe, ngeshwa ngisho namaKatolika anecala lakho.” Kwafa amadoda, abesifazane, nabantwana abalinganiselwa engxenyeni yesigidi, futhi ezinye izigidi ezimbili zashiywa zingenamakhaya noma zaphoqeleka ukuba zibaleke. Belondoloza ukungathathi-hlangothi kwabo kobuKristu okungenabudlova, oFakazi BakaJehova bazama ukuhlala ndawonye. Amakhulu abafowethu nodadewethu abulawa. Kodwa kwelinye ibandla elinabamemezeli boMbuso abangu-65, okwabulawa kulo abangu-13, inani lababakhona emihlanganweni lanyukela kwabangu-170 ngo-August 1994. Phakathi kwezinto zokuqala ezafika kwakuwusizo oluvela koFakazi bakwamanye amazwe. Sithandazela abasinda.—Roma 12:12; 2 Thesalonika 3:1, 2; Heberu 10:23-25.
11 Phakathi naso sonke lesisimo esihlasimulisayo, izithunywa zevangeli ezintathu ezaziseRwanda zaphunyuka. Ziyabhala: “Siyaqaphela ukuthi emhlabeni wonke kuye kwadingeka ukuba abafowethu babhekane nezimo ezifanayo noma ezimbi ngokwedlulele, futhi siyazi ukuthi konke lokhu kuyingxenye yesibonakaliso sezinsuku zokugcina zalesisimiso esibi. Nakuba kunjalo, lapho umuntu ehileleke yena luqobo, kumenza akuqaphele ngokujulile ukuba ngokoqobo kwezinto futhi kumenze ayazise indlela ukuphila okuyigugu ngayo. Imibhalo ethile isiye yasinikeza ukukhanyiselwa okusha, futhi sibheke phambili esikhathini lapho izinto zakuqala zingasayikukhunjulwa khona. Okwamanje sifuna ukuzigcina simatasa enkonzweni kaJehova.”
Abagcini Bobuqotho Abasebasha
12, 13. (a) Iyiphi inkambo yokugcina ubuqotho eyathathwa osemusha? (b) Intsha yethu ingasitholaphi isikhuthazo namuhla?
12 UJesu wabonisa ukuthi labo abaphikwa amalungu omkhaya ngenxa yeqiniso bayovuzwa “ngekhulu.” (Marku 10:29, 30) Lokhu kwakunjalo ngo-Entellia, intombazane eneminyaka eyishumi yasenyakatho Afrika, owathanda igama likaNkulunkulu—uJehova—ngokushesha nje ngemva kokulizwa. Wafunda noFakazi BakaJehova futhi wayehamba imizuzu engu-90 lapho eya nalapho ebuya emihlanganweni, ngisho noma umkhaya wakubo ophikisayo wawumvalela ngaphandle lapho ebuya. Lapho eseneminyaka engu-13, waqala ukushumayela endlini ngendlu, futhi ukuphikisa komkhaya kwaqina. Ngolunye usuku izihlobo zakhe zambopha izandla nezinyawo futhi zamlalisa elangeni elishisayo amahora ayisikhombisa, zidamane zimthela ngamanzi angcolile. Zamshaya ngonya, zamlimaza iso, futhi ekugcineni zamxosha ekhaya. Nokho, wathola umsebenzi esibhedlela futhi ekugcineni wathola iziqu zobuhlengikazi. Lapho eneminyaka engu-20 wabhapathizwa futhi wabhalisa ngokushesha njengephayona elisizayo. Uhlatshwé umxhwele ubuqotho bakhe, umkhaya wakubo wamamukela futhi ekhaya lawo, futhi abangu-9 baye bamukela izifundo zeBhayibheli zasekhaya.
13 U-Entellia wathola isikhuthazo esikhulu kumaHubo 116, ikakhulukazi amavesi 1-4, aye wawafunda ngokuphindaphindiwe: “Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami. Ngokuba ubekile indlebe kimi ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami. Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka nosizi. Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi: Ngiyakuncenga, Jehova, khulula umphefumulo wami.” UJehova uyayiphendula imithandazo enjalo!
14. OFakazi basePoland baye babubonakalisa kanjani ubuqotho obuvelele?
14 Njengasosukwini lukaJesu, uSathane ngokuvamile uye wasebenzisa ukushiseka ngokweqile ukuze ashoshozele ushushiso—kodwa wehluleka. Isibonelo sabafowethu basePoland singesivelele, njengoba sichazwé kuyi-Yearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1994. Ngisho nentsha kwakudingeka ukuba izibonakalise ingabagcini bobuqotho. Ngo-1946 omunye onjalo kwakuyintombazane eyayineminyaka engu-15 eyatshelwa: “Mane nje wenze uphawu lwesiphambano lwamaKatolika. Ngalé kwalokho uzodliwa inhlamvu!” Igcina ubuqotho, yahudulelwa ehlathini, yahlukunyezwa ngesihluku esikhulu, yayisidutshulwa.—Qhathanisa noMathewu 4:9, 10.
Amanye Amacebo Obuqili KaSathane
15, 16. (a) Iyini inkambiso kaSathane yobudemoni, futhi singamelana kanjani naye? (b) Kungani singekho isidingo sokuba intsha yethu ikhubeke?
15 Inkambiso kaSathane yobudemoni ngempela iwukuthi “busa noma wonakalise”! Unezikhali eziningi zonya enqolobaneni yakhe. Khona-ke akumangalisi ukuthi umphostoli uPawulu uyaxwayisa: “Asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobubumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini. Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe-namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifezé konke, nime.” (Efesu 6:12, 13) Izifiso zezinto ezibonakalayo, ukuzilibazisa nenkulumo-ze okonakalisayo, umculo wobusathane, ukucindezela kontanga esikoleni, ukusebenzisa kabi izidakamizwa nobudakwa—noma ikuphi kwalokhu kungakuwohloza ukuphila kwethu. Ngakho, umphostoli uyaqhubeka eluleka: “Kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba-namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi.”—Efesu 6:16.
16 Lokhu kubonakala kudingeka ngokukhethekile namuhla uma sicabangela umculo oyinqaba uSathane afumbela ngawo lelizwe. Kwezinye izimo kukhona ukuhlangana okuqondile nobuSathane. Umbiko ovela ehhovisi lephoyisa eliphethe iSifundazwe saseSan Diego (U.S.A.) wathi: “Kwakunekhonsathi lapha endaweni yakithi lapho iqembu labaculi lenza ukuba izingane ezingu-15 000 zicule ziphindelela zithi ‘Natas’—okungukuthi, Satan, uma libizwa kuqalwa ngohlamvu lokugcina.” UbuSathane buye bachazwa njengomgodi lapho intsha ikhubeka iwele khona “ngenxa yokuthi ibinhlanhlatha ingenathemba, ithukuthele futhi inesizungu.” Nina basha enisebandleni lobuKristu, aninasidingo sokukhubeka! UJehova unilungiselela isivikelo esingokomoya imicibisholo kaSathane engasoze yasibhoboza.—IHubo 16:8, 9.
17. Kunganqotshwa kanjani ukucindezeleka okungokomzwelo?
17 Imicibisholo kaSathane evuthayo iklanyelwe ukuxhaphaza imizwelo. Sisebenzisa ukucindezela kokuphila, okunjengokugula ngokomzimba noma isimo sokucindezeleka okujulile, isitha sethu singase sibangele abanye ukuba babe nomuzwa wokungabi yinto yalutho. Omunye angase adangale ngoba engakwazi ukusebenzisa amahora amaningi enkonzweni kaNkulunkulu noma ngenxa yokulahlekelwa eminye yemihlangano yebandla. Ukukhathalela kothando kwabadala nabanye abazalwane nodade abanenhliziyo emnene kungase kusize ekunqobeni ukuphazamiseka okucindezelayo. Ngaso sonke isikhathi khumbula ukuthi uJehova uyazithanda izinceku zakhe ezithembekile. (1 Johane 4:16, 19) IHubo 55:22 lithi: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.”
18. Imaphi amaqhinga obusathane abanye okudingeka balwisane nawo?
18 “Amaqhinga” kaSathane obuqili muva nje aye abonakala ngenye indlela. Kwamanye amazwe abantu abadala abaningi baye baba nemicabango ehlaselayo edlulisela umbono okhungathekisayo wokuthi lapho beseyizingane baxhashazwa ngonya izinkolo zobusathane. Ivelaphi imibono enjalo? Naphezu kokucwaninga okubanzi, imibono yochwepheshe iyahlukahluka kakhulu. Abanye babheka imicabango enjalo njengezinkumbulo zangempela, abanye bayibheka njengemicabango nje—mhlawumbe ebangelwa izindlela zokwelapha ezingabazekayo—kanti abanye bayibheka njengohlobo oluthile lokubona izinto ezingekho okubangelwa ukuphazamiseka okuthile kwasebuntwaneni.
19. (a) Imiphi imicabango uJobe okwakudingeka abhekane nayo? (b) Abadala bangasilandela kanjani isibonelo sika-Elihu?
19 Kuyathakazelisa ukuthi inceku kaNkulunkulu uJobe kwadingeka ukuba ibhekane ‘nemicabango eyaluzisayo’ uSathane ayidlulisela ngo-Elifazi noSofari. (Jobe 4:13-18, NW; 20:2, 3) Ngaleyondlela uJobe wabhekana ‘nokuncokolozwa,’ okwakubangelwa ukuvumela kwakhe “ukubhuda” ‘ngengebhe’ eyayikhathaza ingqondo yakhe. (Jobe 6:2-4; 30:15, 16) U-Elihu walalela uJobe ngokuthula futhi ngobuqotho wamsiza ukuba abone umbono kaJehova ohlakaniphile ngezindaba. Ngokufanayo nanamuhla, abadala abaqondayo babonisa ukuthi bayabakhathalela abahluphekile ngokungenezeli ‘isisindo’ esengeziwe kwabanjalo. Kunalokho, njengo-Elihu, babalalela ngesineke bese besebenzisa amafutha athobayo eZwi likaNkulunkulu. (Jobe 33:1-3, 7; Jakobe 5:13-15) Kanjalo noma ubani omizwelo yakhe iphazanyiswe ukucindezeleka, kwangempela noma okucatshangelwayo, noma ‘osatshiswa amaphupho nemibono’ njengoba uJobe ayenjalo, angase athole induduzo engokomBhalo ethobayo ngaphakathi ebandleni.—Jobe 7:14; Jakobe 4:7.
20. AmaKristu acindezelekile angase asizwe kanjani ukuba alondoloze ukuthula kwawo okungokomoya?
20 Okwamanje umKristu angaqiniseka ngokuthi ngandlela-thile, uSathane ungumbangeli walemicabango eyesabekayo. Uma abanye ebandleni behlupheka ngalendlela, benza ngokuhlakanipha uma bebheka imibono enjalo yengqondo esabisayo njengomzamo oqondile kaSathane wokuphazamisa ukuthula kwabo ngokomoya. Badinga ukusekelwa okungokomBhalo okunesineke nokuqonda. Ngokuphendukela kuJehova ngomthandazo nangokuzuza ekwalusweni okungokomoya, labo ababhekene nokucindezeleka bayozenza bavulekele emandleni angaphezu kwavamile. (Isaya 32:2; 2 Korinte 4:7, 8) Ngaleyondlela bayokwazi ukukhuthazela ngokuthembeka futhi benqabe ukuvumela imicabango emibi ezifikelayo ukuba ithonye ukuthula kwebandla. (Jakobe 3:17, 18) Yebo, bayokwazi ukumelana noDeveli, bebonisa umoya ofana nalowo uJesu awubonisa lapho ethi: “Suka, Sathane.”—Mathewu 4:10; Jakobe 4:7.
21. ImiBhalo ixwayisa kanjani ngezindlela zikaSathane zobuqili?
21 Siyazi ukuthi injongo kaSathane iwukuba ngandlela-thile onakalise izingqondo zethu, njengoba umphostoli uPawulu axwayisa kweyesi-2 Korinte 11:3: “Nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.” Ukonakala kwayo yonke inyama, noma umphakathi wabantu odediselwe kude noNkulunkulu kwanamuhla kusikhumbuza ukuwohloka kokuziphatha okwabangelwa “Abawisi” abonakele nabanobudlova abayinzalo eyingxube bosuku lukaNowa. (Genesise 6:4, 12, 13, umbhalo waphansi we-NW; Luka 17:26) Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi uSathane usebenzisa izenzo zobuqili nezindlela eziyengayo ukuze akhiphele ulaka lwakhe, ikakhulukazi kubantu bakaNkulunkulu.—1 Petru 5:8; IsAmbulo 12:17.
22. Lapho uSathane esesusiwe, iziphi izibusiso ezingase zilindelwe?
22 USathane akaphathwa ngisho nangegama ezahlukweni zokugcina zencwadi yeBhayibheli kaJobe. Inselele yakhe embi yokuthi abantu abanakubugcina ubuqotho kuNkulunkulu yabonakaliswa ingamanga ngobuqotho bukaJobe. Ngokufanayo, esikhathini esizayo esiseduze lapho “isixuku esikhulu” sabagcini bobuqotho ‘siphuma osizini olukhulu,’ kuyoba nokuphonswa kukaSathane kwalasha. Amadoda nabesifazane bokholo, kuhlanganise noJobe othembekile, bayohlangana naleso ‘sixuku esikhulu,’ ukuze bajabulele izibusiso zepharadesi, ezinkulu ukwedlula ngisho nalezo uJobe avuzwa ngazo!—IsAmbulo 7:9-17; 20:1-3, 11-13; Jobe 14:13.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka i-Yearbook of Jehovah’s Witnesses, ka-1992, ikhasi 177.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Isiphi isibonelo sobuqotho esabekwa uJobe, uJesu, noPawulu?
◻ Abagcini bobuqotho baye babhekana kanjani noSathane?
◻ Intsha ingamelana kanjani namacebo kaSathane obuqili?
◻ Yini engase yenziwe ukuze kubhekwane namaqhinga obusathane?
[Isithombe ekhasini 7]
ETopiya, uMeswat noYoalan manje bakhonza uJehova isikhathi esigcwele belandela isibonelo sikayise, owabulawa
[Isithombe ekhasini 7]
U-Entellia, umgcini wobuqotho osemusha enyakatho Afrika