Ababusi Endaweni Yomoya
UBANI obusa izwe? Ingabe kunohlobo oluthile lokuqondisa okungaphezu kwamandla omuntu? Noma ingabe uNkulunkulu ushiyele kubantu ukuba bazinakekele? Ekufuneni izimpendulo zalemibuzo, ake siqale ngokucabangela isenzakalo esenzeka phakathi nenkonzo kaJesu Kristu yasemhlabeni.
Ngokushesha ngemva kokubhapathizwa kwakhe, uJesu walingwa isidalwa somoya esingabonakali okuthiwa uSathane uDeveli. Lilandisa ngesinye salezi zilingo, iBhayibheli lithi: “UDeveli . . . wamthatha [uJesu] waya naye entabeni ephakeme ngokungajwayelekile, wambonisa yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo.” (Mathewu 4:8) USathane wabe esetshela uJesu: “Ngizokunika lonke leligunya nenkazimulo yalemibuso, ngoba linikelwe kimi, futhi ngilinika noma ubani engithanda ukumnika lona. Ngakho-ke, uma wenza isenzo sokukhulekela phambi kwami, konke kuzoba okwakho.”—Luka 4:6, 7.
USathane wathi wayenegunya phezu kwayo yonke imibuso, noma ohulumeni, balelizwe. Ingabe uJesu wakuphikisa ukusho kwakhe kanjalo? Cha. Eqinisweni, wakuvuma lokhu ngesinye isikhathi ngokubhekisela kuSathane ngokuthi “umbusi walelizwe.”—Johane 14:30.
Ngokusho kweBhayibheli, uSathane uyingelosi embi enamandla amakhulu. Umphostoli uPawulu ongumKristu uhlanganisa uSathane ‘nendikimba yomoya ababi’ futhi ukhuluma ngabo ‘njengababusi bezwe balobubumnyama.’ (Efesu 6:11, 12) Ngaphezu kwalokho, umphostoli uJohane wathi “lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ithi uSathane ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9) Ngamazwi angokomfanekiso, isAmbulo naso siveza uSathane njengodrako onikeza isimiso sezwe sezombangazwe ‘amandla akhe nesihlalo sakhe sobukhosi negunya elikhulu.’—IsAmbulo 13:2.
Izenzakalo zezwe nazo zifakazela ukuthi kunamandla amabi asebenzayo, aqondisa abantu kuphumele ekulimaleni kwabo. Kungenxa yasiphi esinye isizathu ohulumeni babantu behluleka ukuletha ukuthula? Yini enye engabangela abantu ukuba bazondane futhi babulalane? Ephele amandla ngokucekelwa phansi nokufa kwabantu empini yombango, omunye ufakazi wokuzibonela wathi: “Angiqondi ukuthi kungenzeka kanjani lokhu. Kungaphezu kwenzondo. Umoya omubi lona osebenzisa laba bantu ukuba babulalane.”
Umuntu Ongokoqobo Omelene NoNkulunkulu
Namuhla, iningi alikholelwa ukuthi uSathane uDeveli ukhona. Noma kunjalo, akabona ububi obusesintwini, njengoba abanye bekholelwa. Kokubili iBhayibheli nezenzakalo zezwe kubonisa ukuthi ungumuntu ongokoqobo. Ngaphezu kwalokho, uSathane umelene ngokuphelele noJehova uNkulunkulu. Yiqiniso, uSathane akalingani noNkulunkulu. Njengoba uJehova enguMdali onamandla onke, unguMbusi ofanele wayo yonke indalo.—IsAmbulo 4:11.
UNkulunkulu akazange adale isidalwa esibi esimelene naye. Kunalokho, enye ‘yamadodana kaNkulunkulu’ ayizingelosi yaba nesifiso sobugovu sokuzithathela ukukhulekelwa okwakufanele uJehova. (Jobe 38:7; Jakobe 1:14, 15) Lesi sifiso sayibangela ukuba iqale inkambo yokuhlubuka kuNkulunkulu. Ngokuhlubuka, lesi sidalwa somoya sazenza ngokwaso uSathane (okusho “umphikisi”) noDeveli (okusho “umnyundeli”). Lapho ucabangela konke lokhu, ungase uzibuze ukuthi kungani uSathane eye wavunyelwa ukuba abuse izwe.
Okwenza USathane Avunyelwe Ukuba Abuse
Uyakukhumbula yini lokho uSathane akutshela uJesu ngokubuswa komhlaba? “Ngizokunika lonke leligunya . . . ngoba linikelwe kimi,” kusho uSathane. (Luka 4:6) Lawo mazwi abonisa ukuthi uSathane uDeveli usebenzisa igunya kuphela ngokuvunyelwa uNkulunkulu. Kodwa kungani uNkulunkulu ebekezelela uSathane?
Impendulo yalowo mbuzo ihlobene nezenzakalo zasensimini yase-Edene, lapho uSathane awuqala khona umsebenzi wakhe njengombusi wezwe. Lapho, uSathane wasikisela ukuthi uNkulunkulu wayebusa ngendlela embi ngokugodlela indoda nowesifazane bokuqala, u-Adamu no-Eva, okuthile okuhle. Ngokusho kukaSathane, uma babedla isithelo esenqatshelwe uNkulunkulu, babeyokhululeka. U-Adamu no-Eva babeyokhululeka ekubusweni uJehova. Babeyofana noNkulunkulu ngokwakhe!—Genesise 2:16, 17; 3:1-5.
Ngokuqamba amanga ngalendlela nangokuyenga u-Eva futhi ngaye ekhohlisa u-Adamu ukuba aphule umthetho kaNkulunkulu, uSathane waletha umbhangqwana wokuqala ongabantu ngaphansi kobuholi nokulawula kwakhe. Ngaleyo ndlela uDeveli waba unkulunkulu wabo, omelene noJehova. Nokho, esikhundleni senkululeko, u-Adamu no-Eva babhekana nokugqilazwa uSathane, isono, nokufa.—Roma 6:16; Heberu 2:14, 15.
Ngokuvumelana nobulungisa bakhe obuphelele, uJehova wayengambhubhisa ngokushesha uSathane nabalandeli bakhe ababili ayesanda kubathola. (Duteronomi 32:4) Nokho, kwakunempikiswano yokuziphatha eyayihilelekile. USathane wayengabaze ukufaneleka kwendlela kaJehova yokubusa. Ngokuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu wavumela ukuba kudlule isikhathi ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukukhululeka ekubuseni kwakhe kuletha inhlekelele. UJehova wavumela lezi zihlubuki ukuba ziqhubeke ziphila isikhathi esithile, evumela ukuba u-Adamu no-Eva babe nabantwana.—Genesise 3:14-19.
Nakuba iningi lenzalo ka-Adamu lingazange lizithobe ekubuseni kukaJehova, ukusebenzelana kukaNkulunkulu nabakhulekeli baKhe kuye kwabonisa ukuphakama kokubusa kwakhe. Ukuliqaphela okufanele igunya likaJehova kuletha injabulo nokulondeka kweqiniso. Ngakolunye uhlangothi, usizi nokungalondeki kuye kwaba umphumela wokubusa komuntu ngaphansi kwethonya likaSathane. Yebo, ‘umuntu ubusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Abantu abazange bakuthole ukulondeka koqobo nenjabulo ehlala njalo ngaphansi kokubusa komuntu kulelizwe elisemandleni kaSathane. Nokho, kunesizathu esinengqondo sokuba nethemba.
Isikhathi SikaSathane Sifushane!
Ithonya likaSathane emhlabeni lingelesikhashana. UJehova ngeke akubekezelele isikhathi eside ukubusa kobusathane! Ngokushesha uDeveli uyokwenziwa angasebenzi. Umbusi omusha uyoqondisa umhlaba, inkosi elungile ekhethwe uNkulunkulu ngokwakhe. Leyo Nkosi uJesu Kristu. Ngokuphathelene nokubekwa kwayo esihlalweni sobukhosi ezulwini, isAmbulo sithi: “Umbuso wezwe ngempela uye waba umbuso weNkosi yethu [uJehova] nokaKristu wayo.” (IsAmbulo 11:15) Ukulandelana kwezenzakalo ngokohlelo lwezikhathi zeBhayibheli, kanye nokugcwaliseka kweziprofetho ezingokomBhalo, kuqinisekisa ukuthi lesi senzakalo senzeka ngonyaka ka-1914.—Mathewu 24:3, 6, 7.
IBhayibheli futhi lichaza lokho okwenzeka ngokushesha ngemva kokubekwa kukaJesu esihlalweni sobukhosi. Lithi: “Kwagqashuka impi ezulwini: UMikayeli [uJesu Kristu] nezingelosi zakhe balwa nodrako [uSathane uDeveli], nodrako nezingelosi zakhe balwa kodwa akazange anqobe, futhi ababange besatholelwa ndawo ezulwini. Ngakho wajikijelwa phansi udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe; wajikijelwa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zajikijelwa phansi kanye naye.”—IsAmbulo 12:7-9.
Yayiyoba yini imiphumela yokuxoshwa kukaSathane ezulwini? Labo abasezulwini babeyojabula, kodwa kuthiwani ngezakhamuzi zasemhlabeni? “Mayé ngomhlaba nangolwandle,” kusho isAmbulo 12:12, “ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.” Ngempela, ukukhishelwa kukaSathane ngaphandle kwamazulu kulethe umaye emhlabeni. I-Columbia History of the World ithi: “Inhlekelele enkulu yeMpi Yeminyaka Emine ka-1914-1918 . . . yabonisa izwe laseNtshonalanga ukuthi lalingenakuyivikela impucuko ebuwuleni bayo noma ekuthambekeleni ebubini. Amandla aseNtshonalanga awabange neze esabuyela esimweni sawo kusukela kulowo monakalo.”
Omaye balesi sizukulwane baphawulwa nangokuthile okungaphezu kwamandla onakalisiwe. UJesu waprofetha: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, futhi kuyoba khona ukuswelakala kokudla nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.” Wabikezela futhi nezifo eziwumshayabhuqe. (Mathewu 24:7, 8; Luka 21:11) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lithi “ezinsukwini zokugcina” zesimiso sezinto sikaSathane, abaningi babeyoba “abazithandayo, abathandi bemali, . . . abangalaleli abazali, . . . abangafuni sivumelwano.” Abantu futhi babeyoba “abathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:1-5.
Izimpi, imishayabhuqe yezifo, ukuswelakala kokudla, ukuzamazama komhlaba, nokuwohloka okukhulu kwezindinganiso zokuziphatha—zonke lezo zinto ziye zenzeka ngezinga elingakaze libonwe kusukela ngo-1914, njengoba iBhayibheli labikezela. Zibonisa ukuthi isitha esithukuthele sikaNkulunkulu nomuntu—uSathane uDeveli—sixoshiwe ezulwini futhi manje kufanele silinganisele ulaka lwaso endaweni yasemhlabeni. Kodwa iBhayibheli libonisa nokuthi uSathane ngeke esavunyelwa ukuba aqhubeke esebenza isikhathi eside. “Unenkathi yesikhathi emfushane” kuphela esele ngaphambi kwe-Armagedoni, lapho uNkulunkulu ebhubhisa isimiso sezwe esiqondiswa uSathane.
Khona-ke kuyokwenzekani kuSathane? Umphostoli uJohane wabhala: “Ngabona ingelosi yehla ivela ezulwini inesihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo. Futhi yambamba udrako, inyoka yokuqala, onguDeveli noSathane, futhi yambopha iminyaka eyinkulungwane. Futhi yamjikijela kwalasha futhi yawuvala yawubeka uphawu phezu kwakhe.” (IsAmbulo 20:1-3) Yeka ukukhululeka kwesintu esihluphekayo!
Ukujabula Ngaphansi Kokubusa KoMbuso
Njengoba uSathane eyobe engasekho, uMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaJesu Kristu uyoziqondisa ngokugcwele izindaba zesintu. Esikhundleni sokuba nohulumeni abaningi emhlabeni, kuyosala uhulumeni owodwa kuphela wasezulwini oyobusa phezu kwayo yonke leplanethi. Impi iyoba yinto yesikhathi esidlule, futhi ukuthula kuyoba kuyo yonke indawo. Ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, bonke bayohlala ndawonye ngobuzalwane bothando.—IHubo 72:7, 8; 133:1; Daniyeli 2:44.
UJesu uyozibonakalisa eluhlobo luni lombusi? Lapho esemhlabeni, wabonisa uthando olujulile ngabantu. UJesu ngobubele wapha abalambile ukudla. Welapha abagulayo futhi wenza ukuba izimpumputhe zibone, wenza ukuba izimungulu zikhulume, walulamisa nezinyonga. UJesu wavusa ngisho nabafile! (Mathewu 15:30-38; Marku 1:34; Luka 7:11-17) Lezo zimangaliso zaziyizandulela zezinto ezimangalisayo asazozenza njengeNkosi. Yeka ukuthi kuyoba kuhle kanjani ukuba nombusi onjalo omuhle!
Izibusiso ezingapheli ziyojatshulelwa yilabo abazithoba ebukhosini bukaJehova. ImiBhalo iyathembisa: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.” (Isaya 35:5, 6) Ebhekisela kulolo suku oluhle, umphostoli uJohane wabhala: “Ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’”—IsAmbulo 21:3, 4.
Izinjabulo ezilethwa ukubusa kukaJehova uNkulunkulu ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu, ziyokwenza okungaphezu kokunxephezela noma ibuphi ubuhlungu okungenzeka siye sabhekana nabo kulesi simiso sezinto esilawulwa uSathane uDeveli. Ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe, abantu abanakuzibuza, ‘Ubani ngempela obusayo?’ (2 Petru 3:13) Isintu esilalelayo siyojabula futhi silondeke endaweni yasemhlabeni yabaBusi abanothando abayobe besendaweni yomoya, uJehova noKristu. Kungani ungabi nethemba lokuba phakathi kwezikhonzi zabo?
[Isithombe ekhasini 7]
Isintu siyolondeka endaweni yasemhlabeni yoMbuso kaNkulunkulu
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
NASA photo