Ukulandela Ezinyathelweni Zabazali Bami
NJENGOBA ILANDISWA NGUHILDA PADGETT
“Ukuphila kwami kunikezelwe enkonzweni yoPhezukonke,” wawufundeka kanjalo umbiko wephephandaba, “futhi anginakukhonza amakhosi amabili.” Lawo mazwi esitatimende sami esasiya kuziphathimandla zoMnyango Wezisebenzi Nenkonzo Yezwe YaseBrithani ngo-1941 anikeza isizathu sami sokwenqaba ukulalela umyalo wabo wokuba ngenze umsebenzi wasesibhedlela phakathi neMpi Yezwe II. Ngokushesha ngemva kwalokho ngalahlwa yicala futhi ngagwetshwa izinyanga ezintathu ejele ngenxa yokwenqaba kwami.
YINI eyayingifake kulolu taku? Cha, kwakungekhona ukuthatheka okuthile kobusha noma ukuziphatha kokuvukela. Kunalokho, izimbangela zisuka emuva lapho ngiseyingane nje.
Intshiseko Kababa NgoMbuso
Ngazalwa ngo-June 5, 1914, eHorsforth eduze naseLeeds, enyakatho yeNgilandi. Abazali bami, u-Atkinson noPattie Padgett, babengabafundisi bakaSonto-sikole namalungu eqembu labahlabeleli ePrimitive Methodist Chapel lapho ubaba ayedlala khona u-ogani. Lapho ngisewumntwana, ikhaya lakithi lalijabule ngaphandle nje kwento eyodwa. Izimo zezwe zazimkhathaza ubaba. Wayeyizonda impi nobudlova futhi wayekholelwa emyalweni weBhayibheli othi: “Ungabulali.”—Eksodusi 20:13.
Ngo-1915 uhulumeni wakhuthaza zonke izinsizwa ukuba zijoyine empini ngokuzithandela futhi ngaleyo ndlela zigweme ukubuthwa ngempoqo. Enokungabaza okuthile, ubaba wama usuku lonke emvuleni elindele ithuba lakhe lokuba abhalise njengesosha. Ngosuku olulandelayo, ukuphila kwakhe konke kwashintsha!
Lapho esebenza ngamapayipi amanzi ejele lokulungisa izimilo, waxoxa nezinye izisebenzi ngezimo zezwe. Umgcini-nsimu wamnikeza ipheshana elincane elithi, Gathering the Lord’s Jewels. Ubaba waya nalo ekhaya, walifunda ephindelela. “Uma lokho kuyiqiniso,” esho, “khona-ke konke okunye kuyiphutha.” Ngosuku olulandelayo, wacela ukwaziswa okwengeziwe, futhi amasonto amathathu, wayetadisha iBhayibheli kuze kube sentathakusa. Wayazi ukuthi wayethole iqiniso! NgeSonto, ku-January 2, 1916, incwadi yakhe yezenzakalo zansuku zonke ithi: “Ngiyé eChapel ekuseni, ngaya e-I.B.S.A. [International Bible Students Association, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi eNgilandi] ebusuku—kutadishwe amaHeberu 6:9-20—ukuhambela kwami kokuqala ngqá kubazalwane.”
Ngokushesha kwavela ukuphikisa. Izihlobo zethu nabangane basesontweni bacabanga ukuthi ubaba wayesangana. Kodwa wayesenqumile. Waphilela imihlangano nokutadisha, futhi ngo-March wayesebonise ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngobhapathizo lwamanzi. Ngemva kwamasonto ambalwa ubaba eya yedwa emihlanganweni, kwase kwanele kumama. Wangifaka kuyi-pram yami wabe esehamba ngezinyawo amakhilomitha angu-8 eya eLeeds, wafika lapho nje imihlangano iphela. Ungacabanga nje ngenjabulo ubaba aba nayo. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, umkhaya wakithi waba munye enkonzweni kaJehova.
Isimo sikababa sasinzima kakhulu—wayeyisisebenzi sokuzithandela empini futhi phakathi namasonto ambalwa nje, wayesenqaba ngenxa kanembeza. Lapho eyalwa, wenqaba ukuthatha isibhamu, futhi ngo-July 1916 wabhekana necala eliqulwa yinkantolo yezempi lokuqala kwayisihlanu, wagwetshwa izinsuku ezingu-90 ejele. Ngemva kokudonsa isigwebo sokuqala, ubaba wathola izinsuku zokuphumula ezingamasonto amabili, ezalandelwa elinye icala eliqulwa yinkantolo yezempi nezinsuku ezingu-90 ezengeziwe esejele. Ngemva kokuboshwa kwakhe kwesibili, washintshelwa eRoyal Army Medical Corps, futhi ngo-February 12, 1917, wahamba ngomkhumbi wamabutho waya eRouen, eFrance. Incwadi yakhe yezenzakalo zansuku zonke ilandisa ukuthi kuleyo ndawo isimo sakhe sasimnenga ngokwengeziwe usuku ngalunye. Waqaphela ukuthi wayemane nje elapha amasosha ukuze aphindele emuva ayolwa.
Waphinda wenqaba ukubambisana nabo. Kulokhu inkantolo yezempi yamgweba iminyaka emihlanu ejele lezempi leBrithani elaliseRouen. Lapho ubaba elokhu ecela ukuba ashintshelwe ejele likahulumeni njengowenqaba ngenxa kanembeza, wajeziswa ngokunikezwa isinkwa namanzi izinyanga ezintathu, kulandele ukudla kwasejele okuvamile kuze kube yilapho ezimuka; khona-ke yonke lenqubo yayiphindwa. Emini wayefakwa ozankosi izandla zingemuva kanti ebusuku nangezikhathi zokudla izandla zaziba ngaphambili. Ekuphileni kwakhe konke, wayenezibazi ezihlakaleni lapho ozankosi ababebancane kakhulu babeqhoboshwe khona bangena enyameni, babangela izilonda ezibhibhayo. Futhi wayeboshwe ngamaketanga ezinyawo ayexhunywe okhalweni.
Iziphathimandla zempi zenza konke okwakusemandleni azo ukuze zephule ubuqotho bakhe kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Wephucwa iBhayibheli nezincwadi zakhe. Wayengatholi zincwadi ezivela ekhaya, futhi engenakuzithumela. Ngemva kweminyaka emibili wanquma ukubonisa ubuqotho bakhe ngokuduba ukudla. Izinsuku ezingu-7 wama esinqumweni sakhe, engadli engaphuzi, okwabangela ukuba ashintshelwe esibhedlela seziboshwa, ebangwa nezibi. Wabubonisa ubuqotho bakhe nakuba acishe walahlekelwa ukuphila kwakhe ngenxa yalokho. Eminyakeni yakamuva wavuma ukuthi wayenze iphutha ngokubeka ukuphila kwakhe engozini ngalendlela, futhi wayengeke aphinde athathe inkambo enjalo.
Impi yaphela ngo-November 1918 ubaba esesejele eRouen, kodwa ngasekuqaleni konyaka olandelayo, wayiswa ejele likahulumeni eNgilandi. Cabanga ngenjabulo yakhe lapho ethola zonke izincwadi namaphasela kamama okwase kunqwabelene, kanye neBhayibheli nezincwadi zakhe okuyigugu! Wayiswa eJele LaseWinchester, lapho ahlangana khona nomzalwane osemusha owayenokuhlangenwe nakho kwangesikhathi sempi okufana nokwakhe. Igama lakhe kwakunguFrank Platt, kamuva owakhonza eBethel yaseLondon iminyaka eminingi. Benza amalungiselelo okuhlangana ngosuku olulandelayo, kodwa ngaleso sikhathi uFrank wayeseshintshelwe kwenye indawo.
Ngo-April 12, 1919, umama wathola incwadi yocingo: “Haleluya! Ngiza ekhaya—ngishayela eLondon.” Yeka isikhathi senjabulo okwakuyiso ngemva kweminyaka emithathu yokuvivinywa, ukulingwa, nokuhlukana! Into yokuqala ubaba ayicabanga kwakuwukuba ashaye ucingo abese ehlangana nabazalwane baseBethel yaseLondon. Wamukelwa ngothando e-34 Craven Terrace. Ngemva kokugeza nokushefa nokugqoka isudi nesigqoko okubolekiwe, ubaba wabuyela ekhaya. Ungacabanga yini ukuthi kwakunjani ukuphinde sihlangane? Ngaleso sikhathi ngase ngizohlanganisa iminyaka emihlanu, futhi ngangingasamkhumbuli.
Umhlangano wokuqala ubaba aya kuwo ngemva kokuthola inkululeko yakhe kwakuyiSikhumbuzo. Lapho ekhuphuka ngezitebhisi eziya ehholo, wahlangana nobani ngaphandle kukaFrank Platt, owayethuthelwe esibhedlela sezempi esiseLeeds. Yeka injabulo ababa nayo lapho behlanganyela okuhlangenwe nakho kwabo! Kusukela ngaleso sikhathi kuze kube yilapho ekhululwa, uFrank wenza ikhaya lakithi laba ikhaya lakhe lesibili.
Inkonzo Kamama Yokukholeka
Sonke isikhathi ubaba engekho, umama wayewashela abantu izingubo ukuze anezele eholweni lakhe elincane elalivela kuhulumeni. Abazalwane babenomusa kakhulu kithi. Njalo ngemva kwamasonto ambalwa omunye wabadala bebandla wayenikeza umama imvilophu encane enesipho esingaziwa ukuthi sivela kubani. Umama wayehlale ethi uthando lwabazalwane yilona olwamsondeza eduze noJehova futhi lwamsiza ukuba akhuthazele kulezo zikhathi ezivivinyayo. Wayeba khona ngokukholeka emihlanganweni yebandla phakathi naso sonke isikhathi sokungabi bikho kukababa. Uvivinyo lwakhe olunzima kakhulu lwaba ngenkathi, isikhathi esingaphezu konyaka, ayengazi nhlobo ukuthi ubaba uyaphila yini noma ufile. Okwaba umthwalo nangaphezulu, ngo-1918 sobabili mina nomama sathola umkhuhlane waseSpain. Abantu babefa ngapha nangapha kwethu. Omakhelwane abahamba beyosiza abanye omakhelwane bathola lesi sifo bafa. Ngokungangabazeki ukuntuleka kokudla ngaleso sikhathi kwanciphisa amandla abantu okumelana nokungenwa yilesi sifo.
Amazwi omphostoli uPetru aba yiqiniso ngomkhaya wakithi: “Ngemva kokuba senihluphekile isikhathi esincane, uNkulunkulu . . . uyonenza niqine, uyonenza nibe namandla”! (1 Petru 5:10) Ukuhlupheka kwabazali bami kwakha kubona ukholo olungenakuzanyazanyiswa kuJehova, isiqinisekiso esiphelele sokuthi uyasikhathalela nokuthi akukho okungasihlukanisa nothando lukaNkulunkulu. Ngabusiswa ngokukhethekile ngokukhuliswa ngalendlela ekukholweni.—Roma 8:38, 39; 1 Petru 5:7.
Inkonzo Yobusha
Ngemva kokukhululwa kukababa, ukuphila kwethu kwagxila enkonzweni yoMbuso. Angikhumbuli nanini ngiphutha emhlanganweni, ngaphandle uma ngigula. Ngokushesha ngemva kokubuyela kwakhe ekhaya, ubaba wathengisa ikhamera yakhe esebenzisa izingcwecwe zengilazi nesongo likamama legolide ukuze kutholakale imali yokuya emhlanganweni. Nakuba sasingenayo imali yokuvakasha, sasingaphuthelwa neze yilemibuthano, kuhlanganise naleyo eyayiseLondon.
Iminyaka emibili noma emithathu yokuqala ngemva kwempi yayiyizikhathi zokuqabuleka. Ubaba nomama bawasebenzisa ngokugcwele wonke amathuba okuba nobudlelwane nokuhlangana nabantu. Ngikhumbula indlela esasivakashela ngayo abanye abazalwane nodade, futhi mina, njengentombazanyana, ngangihlala phansi ngidwebe ngesikhathi abantu abadala bexoxa amahora amaningi ngokuqonda iqiniso okusha. Ukuxoxa ndawonye, ukucula ngezikhathi ezithile behambisana no-ogani, ukujabulela ubudlelwane obumnandi, kwakubajabulisa futhi kubaqabule kakhulu.
Abazali bami babenesandla esiqinile impela ekungiqeqesheni. Esikoleni ngangihlukile, ngisho ngiseneminyaka emihlanu ubudala, ngangiphatha “iTestamente Elisha” lami ukuze ngilifunde ngesikhathi ikilasi lifunda ikhathekizimu. Kamuva ngenziwa umbukwane phambi kwesikole sonke ‘njengowenqaba ngenxa kanembeza’ ngoba ngangingenakuhlanganyela ekugujweni koSuku Lokukhumbula.a Angizisoli ngendlela engakhuliswa ngayo. Eqinisweni, yaba isivikelo futhi yakwenza kwaba lula ukuhlala ‘emgwaqweni owumngcingo.’ Nomaphi lapho abazali bami babeya khona, emihlanganweni noma enkonzweni, ngangiba khona.—Mathewu 7:13, 14.
Ngilikhumbula ngokukhethekile lelo Sonto ekuseni lapho ngokokuqala ngqá ngiqala ukushumayela ngingedwa. Ngangineminyaka engu-12 kuphela ubudala. Lapho ngiseminyakeni eyevé eshumini nambili, ngikhumbula ngelinye iSonto ekuseni ngibika ukuthi ngangizosala ekhaya. Akekho owangigxeka noma wangiphoqa ukuba ngihambe, ngakho ngahlala engadini ngitadisha iBhayibheli lami futhi ngizizwa ngingemnandi neze. Ngemva kwesonto elilodwa noma amabili ngenza lokhu, ngathi kubaba: “Sengathi ngizohamba nani namuhla!” Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke angizange ngibheke emuva.
Yeka ukuthi u-1931 wawuwunyaka omuhle kanjani! Asamukelanga igama lethu elisha nje kuphela, elithi oFakazi BakaJehova, kodwa ngacwiliswa lapho sisemhlanganweni wezizwe e-Alexandra Palace, eLondon. Angisoze ngalukhohlwa lolo suku. Sasigqoke izivatho ezinde, ezimnyama, futhi esami sasimanzi njengoba kakade sase sike sasetshenziswa omunye!
Isifiso sami kusukela ngiseyingane sasiwukuba i-colporteur, njengoba abashumayeli besikhathi esigcwele babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi. Njengoba ngangikhula, ngaba nomuzwa wokuthi kwakufanele ngenze okwengeziwe enkonzweni kaJehova. Ngakho ngo-March 1933, lapho ngineminyaka engu-18, ngangena ezinhlwini zezinceku zesikhathi esigcwele.
Sasiwajabulela ngokukhethekile “amaSonto Okuphayona” emadolobheni athile amakhulu, lapho kwakuhlangana khona izinceku zesikhathi esigcwele ezingafinyelela eshumini nambili, zihlale nabazalwane bendawo, futhi kusetshenzwe njengeqembu. Sasihambisa izincwajana kubaholi benkolo nabanye abantu abavelele. Kwakudinga isibindi ukuya kubo. Ngokuvamile sasamukelwa ngendelelo, futhi abaningi bethu babebhaklazelwa izicabha. Kwakungasikhathazi lokhu, ngoba intshiseko yethu yayinkulu kangangokuthi sasikujabulela ukuhlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu.—Mathewu 5:11, 12.
ELeeds saphendula i-pram, ibhayisekili elinamasondo amathathu, nesithuthuthu sikababa nenqodlana yaso eseceleni, futhi kamuva nemoto yakhe ukuze ithwale ama-transcription machine. Abazalwane ababili babeya emgwaqweni othile nalomshini, bafake irekhodi lomculo ukuze badonse ukunakekela kwabantu futhi babenze beze eminyango yabo, bese kulandela inkulumo eyimizuzu emihlanu eqoshwe uMfoweth’ uRutherford. Ngemva kwalokho babedlulela emgwaqweni olandelayo ngenkathi thina bamemezeli, silandela futhi sihambisa izincwadi zeBhayibheli.
Iminyaka eminingi, njalo ngeSonto kusihlwa ngemva komhlangano, sasiya eTown Hall Square lapho kwakuneNgosi Yesikhulumi khona futhi sisekele ngokulalela enye yezinkulumo zikaMfoweth’ uRutherford ezazithatha ihora, sikhiphe amapheshana futhi sithintane nanoma yibaphi ababebonisa isithakazelo. Sasaziwa kahle kuleyo ndawo. Ngisho namaphoyisa ayesihlonipha. Ngolunye usuku kusihlwa sasibuthene njengenhlalayenza ngenkathi sizwa umsindo wezigubhu neqembu lomculo kude. Ngokushesha kwaqhamuka iqembu lamaFascist ayengaba yikhulu limasha liza ngomgwaqo. Lajikeleza ngemva kwethu limasha laze lama liphakamise amafulegi alo. Iqembu lomculo lathula, kwathula kwathi cwaka lapho nje kuzwakala izwi elikhulu likaMfoweth’ uRutherford: “Mabashayele amafulegi abo indesheni baphakamise abantu uma bethanda. Thina sizokhulekela futhi siphakamise uJehova uNkulunkulu wethu kuphela!” Sazibuza nje ukuthi kazi kwase kuzokwenzekani! Akwenzekanga lutho, ngaphandle kokuthi bathola ubufakazi obuhle, futhi amaphoyisa abathulisa ukuze sikwazi ukuzwa yonke ingxenye eyayisele yenkulumo yeningi.
Ngalesi sikhathi kwase kuqalwa ukusebenzisa igilamafoni ukuze isisize sinikeze ubufakazi obukhulu. Eminyango, ngokucophelela sasigqolozela irekhodi ukuze sikhuthaze abantu ukuba balalele intshumayelo yeBhayibheli eqoshiwe imizuzu emihlanu egcwele. Ngokuvamile abaninikhaya babesingenisa futhi bekujabulela ukuba sibuye futhi sidlale amarekhodi engeziwe.
Unyaka ka-1939 wawumatasa kakhulu futhi unzima, njengoba kwakuqubuka ukuphikisa nobudlova. Ngaphambi komunye wemihlangano yethu, abazalwane babhekana nokuhlasela nokuklabalasa kwezixuku emigwaqweni. Ngakho phakathi nomhlangano, benza amalungiselelo eqembu elikhethekile labazalwane ababezohamba ngezimoto beshumayela ezindaweni ezinothuthuva kuyilapho odade nabanye abazalwane beya koshumayela lapho kwakuphephe kakhudlwana khona. Lapho ngisebenza neqembu komunye umgwaqo, ngehla ngomhubhe ngaya emizini engemuva. Lapho ngisemnyango, ngezwa kuqala isiyaluyalu—kwakunokumemeza nokukhala emgwaqweni. Ngavele ngaqhubeka ngikhuluma nalomuntu owayesemnyango, ngelula ingxoxo kwaze kwaba yilapho sengizwa ukuthi kwase kuthule. Khona-ke ngakhuphuka ngomhubhe ngaphumela emgwaqweni ngafike ngathola ukuthi abanye abazalwane nodade babethukile lapho bengangitholi! Nokho, kamuva ngalolo suku, abaphehli bodweshu bazama ukuphazamisa umhlangano wethu, kodwa abazalwane babakhipha.
IMpi Yezwe II Iyagadla
Ngalesi sikhathi ukubuthwa ngempoqo kwase kudlangile, futhi abazalwane abaningi abasebasha babeboshwa izinyanga ezingu-3 kuya kwezingu-12. Ngaleso sikhathi ubaba wathola ilungelo elengeziwe, lokuba umhambeli wejele. Njalo ngeSonto wayeqhuba iSifundo Se-Nqabayokulinda ejele lendawo. NgoLwesithathu kusihlwa wayehambela abazalwane ezitokisini zabo. Njengoba yena ngokwakhe ayebe nokuhlangenwe nakho okukhulu nokunzima kangaka kokuba sejele phakathi nempi yezwe yokuqala, wayekujabulela ngokukhethekile ukukhonza labo ababebhekene novivinyo olufanayo. Lokhu wakwenza iminyaka engu-20, kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1959.
Ngo-1941 sase siyijwayela inzondo nobutha abantu abaningi ababekubonisa ngenxa yesimo sethu sokungathathi-hlangothi. Kwakungelula ukuma emigwaqweni nomagazini sibhekane nalokhu. Ngesikhathi esifanayo, sasikujabulela ukusiza ababaleki ababehlala endaweni yakithi. Abantu baseLatvia, abasePoland, abase-Estonia, abaseJalimane—yeka injabulo okwakuyiyo ukubabona bejabula lapho bebona INqabayokulinda noma i-Consolation (manje eyi-Phaphama!) ngolimi lwabo siqu!
Kwabe sekufika ukuthethwa kwecala lokungathathi-hlangothi kwami phakathi neMpi Yezwe II. Njengoba ngangivalelwa esitokisini amahora angu-19 kwangu-24, ngakuthola kunzima ukuphila kwasejele. Izinsuku ezintathu zokuqala zazinzima kunazo zonke, ngoba ngangingedwa. Ngosuku lwesine, ngabizelwa ehhovisi lombusi lapho ngathola khona kumi amanye amantombazane amabili. Enye yalamantombazane yanginyenyezela: “Uboshelweni?” Ngathi: “Ungamangala uma ungase wazi.” Yabuza inyenyeza ingakhululekile: “Uyi-JW?” Lena enye intombazane yayizwa yabe isisibuza sobabili: “Ningama-JW?” futhi sonke sangana. Sasingasesodwa!
Inkonzo Yesikhathi Esigcwele Ejabulisayo
Sengikhululiwe ejele, ngaqhubeka nenkonzo yami yesikhathi esigcwele, futhi ngajoyinwa intombazane esencane eneminyaka engu-16 eyayisanda kuphuma esikoleni. Sathuthela e-Ilkley, idolobhana elihle elisemaphethelweni aseYorkshire Dales. Izinyanga eziyisithupha ezigcwele, sazama kanzima ukuthola indawo efanelekayo yemihlangano yethu. Ekugcineni saqasha igalaji elincane, esaliphendula laba iHholo LoMbuso. Ubaba wasisiza kulokhu, elungiselela okokukhanyisa nokokwenza lendawo ifudumale. Futhi wasihlobisela lesi sakhiwo. Ibandla eliseduze lasisekela iminyaka eminingi, labela abazalwane masonto onke ukuba bazonikeza izinkulumo zeningi. Ngesibusiso sikaJehova sachuma futhi sanda, futhi ekugcineni kwamiswa ibandla.
Ngo-January 1959, ubaba wahlatshwa ukugula. Ngabizwa ekhaya, futhi washona ngo-April. Iminyaka eyalandela yayinzima. Impilo kamama yawohloka kanye nenkumbulo yakhe, okwenza ukuba ngidonse kanzima. Kodwa umoya kaJehova wangisiza ngaqhubeka, futhi ngakwazi ukumnakekela waze washona ngo-1963.
Ngiye ngaba nezibusiso eziningi kakhulu ezivela kuJehova phakathi naleminyaka. Ziningi kakhulu ukuba ngingazibala. Ngiye ngabona ibandla lakithi likhula futhi lihlukaniswa izikhathi ezine, likhipha abamemezeli namaphayona, amanye eba izithunywa zevangeli emazweni aqhelelene njengeBolivia, iLaos, ne-Uganda. Angizange ngilithole ithuba lokushada ngizinze. Lokho akuzange kungiphathe kabi; bengimatasa kakhulu. Nakuba ngingenazo izihlobo zegazi, nginezingane nabazukulu abaningi eNkosini, ngisho nabaphindwe kayikhulu.—Marku 10:29, 30.
Ngivamé ukumemela amaphayona asemasha nenye intsha ekhaya ukuze sijabulele ubudlelwane bobuKristu. Silungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda ndawonye. Silandisa nokuhlangenwe nakho futhi sicule izingoma zoMbuso, njengoba nje abazali bami babevame ukwenza. Njengoba ngizungezwe iqembu lentsha eleneme, ngihlala nginombono womuntu osemusha nowenjabulo. Akukho ukuphila okungcono ngami kunenkonzo yokuphayona. Ngiyabonga kuJehova ngokuthi ngiye ngaba nelungelo lokulandela ezinyathelweni zabazali bami. Ngithandazela ukuba ngiqhubeke ngikhonza uJehova ingunaphakade.
[Umbhalo waphansi]
a Kukhunjulwa ukuphela kwezimpi ngo-1918, futhi kamuva, ngo-1945.
[Isithombe ekhasini 23]
UHilda Padgett enabazali bakhe, u-Atkinson noPattie
[Isithombe ekhasini 23]
Ipheshana elavusa isithakazelo sikababa eqinisweni