Ukulondeka Kweqiniso—Umgomo Okunzima Ukuwufinyelela
U-ARNOLD wayeyingane ethanda ihlosi layo eligxishiwe eliyithoyizi. Noma kuphi lapho ayeya khona, wayehamba nalo—eyodlala, eyokudla, eyolala. Kuye, leli hlosi lalinikeza induduzo, ukulondeka. Ngolunye usuku, kwenzeka inhlekelele. Ihlosi lalahleka!
Njengoba u-Arnold ayekhala, unina, uyise, nabafowabo abadala abathathu babeguduza umuzi wabo omkhulu befuna leli hlosi. Ekugcineni omunye wabo walithola eshalofini. Kusobala ukuthi u-Arnold wayelifake lapho wabe esekhohlwa masinyane ukuthi likuphi. Ihlosi labuya, futhi u-Arnold wasula izinyembezi. Waphinde wazizwa ejabulile futhi elondekile.
Yeka ukuthi bekungaba kuhle kanjani ukube zonke izinkinga bezingaxazululwa kalula kanjalo—kalula njengokuthola ihlosi eliyithoyizi eshalofini! Nokho, kubantu abaningi izindaba zokulondeka zinzima futhi ziyinkimbinkimbi kakhulu kunalokho. Cishe kuyo yonke indawo, abantu bayazibuza, ‘Ingabe ngizoba isisulu sobugebengu noma ubudlova? Ingabe ngisengozini yokulahlekelwa umsebenzi? Ingabe umkhaya wami uzoba nokudla okwanele? Ingabe abanye bazongigwema ngenxa yenkolo yami noma uhlanga lwami?’
Inani labantu abantula ukulondeka likhulu. NgokweZizwe Ezihlangene, cishe abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezintathu akukhona ukuthi abakutholi ukwelashwa kwezifo ezivamile nje kuphela kodwa futhi abayitholi imithi edingekile. Abantu abangaphezu kwenkulungwane yesigidi badla imbuya ngothi. Cishe abayinkulungwane yesigidi, nakuba besebenza, abanawo umsebenzi owanele. Inani lababaleki liyanda. Ngasekupheleni kuka-1994, cishe umuntu oyedwa kwabangu-115 emhlabeni wayeye waphoqeleka ukuba abaleke ekhaya lakhe. Ukuphila kwezigidi kuyawohloka ngenxa yokuthengiswa kwezidakamizwa ezingenisa imali eyizigidi zezigidi ezingu-R1,8 ngonyaka okushoshozela izenzo eziningi zobugebengu nobudlova. Impi icekela phansi ukuphila kwezigidi. Ngo-1993 kuphela, amazwe angu-42 ahileleka ezingxabanweni ezinkulu, kuyilapho amanye angu-37 aba nodlame lwezombangazwe.
Impi, ubumpofu, ubugebengu, nokunye okusongela ukulondeka komuntu kuhlobene, futhi kuyanda ngenani. Awekho amakhambi alezi zinkinga alula njengokuthola ihlosi eshalofini. Empeleni, abantu ngeke neze bazixazulule.
“Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza,” kuxwayisa iZwi likaNkulunkulu iBhayibheli. Khona-ke, ubani esingathembela kuye? Lombhalo uyaqhubeka: “Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho.”—IHubo 146:3-6.
Kungani singathembela kuJehova ukuba alethe ukulondeka kulomhlaba? Kungenzeka yini ukuba sijabulele ukuphila okulondekile, okujabulisayo manje? UNkulunkulu uyozisusa kanjani izithiyo ekulondekeni komuntu?