“Isikhathi Sokuthula Nesikhathi Sokukhuluma”
KUKANGAKI ubalisa, “Ngifisa sengathi ngabe angikushongo lokho”? Noma kunjalo, ungase ukhumbule ezinye izikhathi lapho ungazange uveze umuzwa wakho. Kungenzeka wacabanga ngemva kwendaba, ‘Ngifisa sengathi ngabe ngiye ngasho okuthile.’
IBhayibheli lithi kukhona “isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.” (UmShumayeli 3:7) Nansi-ke inkinga—ukunquma ukuthi kunini lapho kufanele ukhulume nalapho kufanele uthule. Isimo sethu sokungapheleli sivame ukusibangela ukuba senze futhi sikhulume izinto ngesikhathi esingafanele. (Roma 7:19) Singalulawula kanjani ulimi lwethu oludlubulundayo?—Jakobe 3:2.
Izindlela Zokuqeqesha Ulimi
Ukuze sisizakale ekunqumeni ukuthi kunini lapho kufanele sikhulume nalapho kufanele sithule, asidingi uhlu olude oluklanyelwe ukuhlanganisa zonke izimo ezingase zibe khona. Kunalokho, sidinga ukuqondiswa izimfanelo eziyingxenye eyinhloko yobuntu bobuKristu. Iziphi lezi zimfanelo?
UJesu Kristu wachaza ukuthi uthando luyimfanelo eyinhloko eshukumisa abafundi bakhe. Wathi: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Lapho siqhubeka sibonisa lolo thando lobuzalwane, siyokwazi kangcono ukulawula ulimi lwethu.
Kunezimfanelo ezimbili ezihlobene nazo eziyosiza kakhulu. Enye yazo ukuthobeka. Kusenza sikwazi ‘ukubheka abanye njengabaphakeme kunathi.’ (Filipi 2:3) Enye ubumnene, obusigcina “sizibambile ngaphansi kobubi.” (2 Thimothewu 2:24, 25) UJesu Kristu uyisibonelo esiphelele sendlela lezi zimfanelo okufanele ziboniswe ngayo.
Njengoba kunzima ngokwengeziwe ukulawula ulimi lwethu lapho singaphansi kokucindezeleka, ake sicabange ngobusuku bangaphambi kokufa kukaJesu—isikhathi lapho ‘ayekhathazeke kakhulu’ khona. (Mathewu 26:37, 38) Akumangalisi ukuthi uJesu wazizwa ngalendlela, njengoba ikusasa elingunaphakade laso sonke isintu lalixhomeke ekuqhubekeni kwakhe ekholekile kuNkulunkulu.—Roma 5:19-21.
Ngokuqinisekile lesi kwakuyisikhathi sokuba uJesu akhulume noYise wasezulwini. Ngakho wahamba wayothandaza, wacela abathathu kubafundi bakhe ukuba bahlale belindile. Ngemva kwesikhathi esithile wabuya wabafica belele. Khona-ke wathi kuPetru: “Ingabe madoda beningenakukwazi ukulinda nehora elilodwa nje kanye nami?” Lokhu kusola kothando kwakuhambisana namazwi abonisa ukuthi wayebuqonda ubuthakathaka babo. Wathi: “Yebo, umoya uyalangazela, kodwa inyama ibuthakathaka.” Kamuva, uJesu waphinda weza futhi wathola abafundi belele. Wakhuluma nabo ngomusa wabe ‘esehamba eyothandaza okwesithathu.’—Mathewu 26:36-44.
Lapho uJesu ethola abafundi belele ngokwesithathu, akabanga nokhahlo kodwa wathi: “Esikhathini esinjengalesi nilele niphumule! Bhekani! Ihora selisondele ukuba iNdodana yomuntu ikhashelwe ezandleni zezoni.” (Mathewu 26:45) Ngumuntu onenhliziyo egcwele uthando kuphela, onesimo sobumnene nokuthobeka ngempela, owayengasebenzisa ulimi lwakhe ngaleyo ndlela ngesikhathi esinzima kangako.—Mathewu 11:29; Johane 13:1.
Ngokushesha ngemva kwalokho, uJesu waboshwa futhi waquliswa icala. Lapha sifunda ukuthi ngezinye izikhathi kungcono kakhulu ukuthula, ngisho nalapho sisenkonzweni yethu yobuKristu. Behlose ukubheca uJesu ngecala, abapristi abaphakeme babengenaso nesincane isithakazelo sokuthola iqiniso. Ngakho kulesi simo esasingase sisuse uthuthuva, uJesu wathula.—Qhathanisa noMathewu 7:6.
Nokho, uJesu akazange athule lapho umpristi ophakeme efuna impendulo: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele ukuthi unguye yini uKristu iNdodana kaNkulunkulu!” (Mathewu 26:63) Njengoba uJesu ayesefungisiwe, kwakuyisikhathi sokuba akhulume. Ngakho waphendula: “Wena ngokwakho ukushilo. Nokho mina ngithi kini madoda, Kusukela manje kuqhubeke nizobona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene samandla futhi iza iphezu kwamafu ezulu.”—Mathewu 26:64.
Phakathi nalolo suku olwalunzima, uJesu walulawula ngokuphelele ulimi lwakhe. Ngokuqondene naye, uthando, ubumnene, nokuthobeka kwakuyizici ezigxilile zobuntu bakhe. Singazisebenzisa kanjani lezi zimfanelo ukuze silawule ulimi lwethu lapho singaphansi kokucindezeleka?
Ukulawula Ulimi Lapho Sithukuthele
Lapho sithukuthela, ngokuvamile siyahluleka ukulawula ulimi lwethu. Ngokwesibonelo, uPawulu noBarnaba bake baba nemibono engafani. “UBarnaba, . . . wayezimisele ukuthatha noJohane, owayebizwa ngokuthi uMarku, ukuba ahambe naye. Kodwa uPawulu akakucabangelanga njengokufanelekile ukumthatha bahambe naye, njengoba amuka kubo ePhamfiliya futhi engayanga nabo emsebenzini. Khona-ke kwaqhuma intukuthelo enkulu, kangangokuthi bahlukana.”—IzEnzo 15:37-39.
UMichael,a oseneminyaka ethile esebenza emisebenzini yokwakha, uyalandisa: “Esakhiweni kwakunomuntu engangimjwayele futhi ngimhlonipha. Kodwa wayehlale ebona amaphutha emsebenzini wami. Ngangiphatheka kabuhlungu futhi ngicasuke kodwa ngifele ngaphakathi. Ngolunye usuku kwafika kwangqingetshe lapho egxeka umsebenzi engangisanda kuwenza.
“Ngadedela imizwa yami engangiyivalele ngaphakathi. Njengoba ngingqangqa kanjalo, ngangingaqapheli ukuthi lokhu kunikeza umbono ongemuhle kubo bonke abasizungezile. Usuku lonke, ngangingafuni ukumkhulumisa noma ngisho nokumbona. Manje ngiyaqaphela ukuthi angiyisingathanga ngendlela efanele lenkinga. Kwakuyoba ngcono kakhulu ukube ngathula ngase ngikhuluma lapho igwebu selehlile.”
Ngokujabulisayo, uthando lobuKristu lwashukumisa laba ababili ukuba baxazulule ukungezwani kwabo. UMichael uyachaza: “Ngemva kokuxoxa ngobuqotho, saqondana kangcono, futhi manje singabangane abakhulu.”
Njengoba uMichael afunda, uma sithukuthele, ngezinye izikhathi kuwukuhlakanipha ukuthula. “Onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo,” kusho IzAga 17:27. Ukuqonda nothando lobuzalwane kuyosisiza ukuba silawule isifiso sethu sokuphahluka sisho into elimazayo. Uma siye soniwa, masikhulume nalowo muntu eyedwa ngomoya omnene nowokuthobeka, sinomgomo wokubuyisela ukuthula. Kuthiwani uma kakade sekuye kwaba nokuqhuma kwentukuthelo? Khona-ke uthando luyosishukumisela ukuba siyeke ukuqhosha futhi ngokuthobeka sifune ukulungisa isimo. Lesi isikhathi sokukhuluma, sokuzwakalisa ukuzisola nokwelapha imizwa elimele ngokuxoxa ngobuqotho.—Mathewu 5:23, 24.
Lapho Ukuthula Kungelona Ikhambi
Intukuthelo noma ukucasuka kungabangela ukuba singabe sisamkhulumisa lowo osicunulile. Lokhu kungalimaza kakhulu. “Phakathi nonyaka wokuqala sishadile, kwakuba nezikhathi lapho ngangingamkhulumisi umyeni wami izinsuku ezithile,” kuvuma uMaría.b “Ezikhathini eziningi, kwakungabangelwa izinkinga ezinkulu, kodwa kunalokho, kwakungenxa yokunqwabelana kwezinto ezincane ezicasulayo. Ngangiye ngizindle ngazo zonke lezi zinto zize zibe isithiyo esingangentaba. Khona-ke kwakufika isikhathi lapho ngingasenakukumela, bese ngivele ngingabe ngisamkhulumisa umyeni wami kuze kudlule ukukhungatheka kwami.”
UMaría uyanezela: “Umbhalo othile weBhayibheli—othi ‘ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka’—wangisiza ukuba ngilungise ukucabanga kwami. Mina nomyeni wami sasebenza kanzima ukuze sithuthukise ukukhulumisana ukuze izinkinga zinganqwabelani. Akuzange kube lula, kodwa ngemva kweminyaka eyishumi sishadile, ngiyajabula ukusho ukuthi lezi zinkathi zokuthula okungenazwela sezinciphe kakhulu. Nokho, kumelwe ngivume ukuthi ngisasebenzela ekulawuleni lokhu kuthambekela.”—Efesu 4:26.
Njengoba uMaría akuthola, lapho kuba nokungezwani phakathi kwabantu ababili, ukuyeka ukukhulumisana akulona ikhambi. Ngaphansi kwalezo zimo, cishe ukucasuka kuyokhula, futhi ubuhlobo bungase bulimale. UJesu wathi kufanele ‘silungise izindaba masinyane.’ (Mathewu 5:25) “Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso” lingasisiza ukuba ‘siphishekele ukuthula.’—IzAga 25:11; 1 Petru 3:11.
Kudingeka futhi sikhulume lapho sidinga usizo. Uma sihlupheka ngenxa yenkinga ethile engokomoya, singase sizizwe simadolonzima ukuthwesa abanye umthwalo. Kodwa uma sithula, inkinga ingase ikhule. Abadala abamisiwe abangamaKristu bayasinakekela futhi, uma sibavumela, ngokungangabazeki bazimisele ukusiza. Lesi isikhathi okufanele sikhulume ngaso.—Jakobe 5:13-16.
Ngaphezu kwakho konke, kufanele sikhulume noJehova njalo ngomthandazo osuka enhliziyweni, njengoba uJesu enza. Ngempela, ‘masithulule inhliziyo yethu’ kuBaba wethu wasezulwini.—IHubo 62:8; qhathanisa namaHeberu 5:7.
“Isikhathi Sokukhuluma” NgoMbuso KaNkulunkulu
Inkonzo yobuKristu iwukuthunywa kwaphezulu okumelwe kufezwe ngaphambi kokuba ukuphela kufike. Ngakho kubaluleke kunanini ngaphambili ukuba izinceku zikaJehova zimemezele izindaba ezinhle zoMbuso. (Marku 13:10) Njengabaphostoli, amaKristu eqiniso amane nje ‘awanakuyeka ukukhuluma ngezinto azibonileyo nazizwileyo.’—IzEnzo 4:20.
Yebo, akuwona wonke umuntu ofunayo ukuzwa izindaba ezinhle. Eqinisweni, lapho ethuma abafundi bakhe ukuba bayoshumayela, uJesu wabaluleka ukuba ‘bafune labo ababefaneleka.’ Njengoba nje noJehova engaphoqi muntu ukuba amkhulekele, ngeke ngenkani siqhubeke sikhuluma nomuntu owenqaba isigijimi soMbuso ngokungaguquki. (Mathewu 10:11-14) Kodwa siyakujabulela ukukhuluma ngobukhosi bukaJehova kulabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade.’—IzEnzo 13:48; IHubo 145:10-13.
Uthando, ubumnene, nokuthobeka yizimfanelo ezingasisiza ukuba silawule ukuthambekela kwethu okubangelwa ukungapheleli kokuba sikhulume ngokungacabangi noma sivele siqudule. Njengoba sikhula kulezi zimfanelo, siyokuhlomela kangcono ukuhlukanisa phakathi kwesikhathi esifanele nesikhathi esingafanele sokukhuluma.
[Imibhalo yaphansi]
a Akulona igama lakhe langempela.
b Akulona igama lakhe langempela.
[Isithombe ekhasini 23]
Izinkinga zingaxazululwa ngokukhulumisana okuhle