“Inqwaba YobuFakazi” Ezweni ‘EliyiNtaba KaNkulunkulu’
EBALAZWENI lezwekazi, uma ugudla ugu lwaseNtshonalanga Afrika uya ngasempumalanga eduze neGulf of Guinea, eqhuzwini lapho lolugu lujikela khona ngaseningizimu, uzothola iCameroon. Uma wehla njalo ngalolugu uya ngaseningizimu, uzofika endaweni enkulu enesihlabathi sasogwini esimnyama. Lesi sihlabathi senziwe mnyama ukuqhuma kwentaba-mlilo iMount Cameroon.
Isiqongo salentaba esiyindilinga, esingamamitha angu-4 070 siyengamela ngokuphelele lendawo. Lapho imisebe yokushona kwelanga ihlaba imimango yeMount Cameroon, iveza imibala egqamile, ekhangayo—umbala onsomi, osawolintshi, osagolide, nobubende. Ulwandle namaxhaphozi aseduze kubonisa lemibala njengesibuko, kwenze kucishe kungenzeki ukuhlukanisa isibhakabhaka nomhlaba. Kulula ukuqonda ukuthi kungani izizwana zakulesi sifunda ezikholelwa emimoyeni zaqamba lentaba ngokuthi i-Mongo Ma Loba, okuhunyushwa ngokuthi “iNqola Yonkulunkulu,” noma ngokuvamile ngokuthi “iNtaba KaNkulunkulu.”
Uma uya phambidlana neningizimu, kunendawo engamakhilomitha amaningi enesihlabathi sasogwini esimhlophe enezihlahla zikakhukhunathi eziklelile. Ngaphandle kwalolugu oluhle, ingxenye enkulu yalelizwe imbozwe ihlathi eliminyene lasendaweni eshisayo, elifinyelela emngceleni waseCongo neCentral African Republic bese liya ngasenyakatho eNigeria nase-sub-Saharan Chad. Ingxenye engasentshonalanga yalelizwe inezintaba eziningi, ikhumbuza izihambi izingxenye ezithile zaseYurophu. Nokho, isimo sezulu esishisayo, sihlale sikukhumbuza ukuthi useduze nenkabazwe. Ukungafani kwezindawo zalo zasemaphandleni kwenza abantu abaningi ababonisa izivakashi indawo bachaze iCameroon ngokuthi isithombe esincane se-Afrika iyonke. Lokhu kugcizelelwa amaqembu ezizwe ezihlukene kanye nezilimi ezingaphezu kuka-220 ezisemthethweni.
Uma ungavakashela iCameroon, ungase uhlale kwelinye lamahhotela amakhulu esikhumulweni semikhumbi saseDouala, noma enhloko-dolobha, eYaoundé. Kodwa ungase uphuthelwe yithuba lokwazi okuthile ngokuphila kwabantu, ikakhulukazi koFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-24 000, abebelokhu bematasa bakha “inqwaba yobufakazi” kulo lonke lelizwe ‘eliyiNtaba KaNkulunkulu.’a Kungani ungadabuli kulelizwe ukuze uhlangane nabanye babo? Ukuhlola kwakho lelizwe eliseNtshonalanga Afrika kuyovuzwa ngokucebile ngempela.
Ngihambe Ngesikebhe Sogodo, Ngetekisi Yasemahlathini, Noma Ngebhayisekili?
Lapho iSanaga, umfula omude kunayo yonke eCameroon, ungenela khona olwandle, kuba nobishi olubanzi. Ukuze bafinyelele zonke izakhamuzi zalendawo engudedangendlale, ngokuvamile oFakazi BakaJehova kudingeka bahambe ngezikebhe zogodo. Yilokho abamemezeli boMbuso abangu-9 baseqenjini elincane eMbiako abakwenzayo. Ababili babo bahlala endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-25, edolobhaneni laseYoyo. Ukuze bafike eMbiako kudingeka bagwedle ngamandla, kodwa bahlale bekhona emihlanganweni yobuKristu. Lapho ehambele leli qembu, umbonisi ojikelezayo wasikisela ukubonisa i-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name. Kodwa kulula ukusho kunokwenza. Endaweni eqhele kanjalo, wayezowutholaphi umshini we-video, ithelevishini, nogesi wokusebenzisa lezi zinto?
Ngalelo sonto lokuhambela, abamemezeli abathile bangena emzini womfundisi wesonto lendawo. Bamangala lapho lomfundisi ebamukela ngokufudumele, futhi beba nengxoxo yeBhayibheli evuthayo naye. Beqaphela ukuthi lomfundisi wayengena-VCR (umshini we-video) nje kuphela kodwa wayenanomshini wokuphehla ugesi, labazalwane baqunga isibindi bambuza ukuthi bangayiboleka yini imishini yakhe. Njengoba ayeyijabulele ingxoxo yeBhayibheli ekuqaleni, lomfundisi wavuma ukusiza. NgoMgqibelo kusihlwa abantu abangu-102 beza bezoyibuka, kuhlanganise nalomfundisi namalungu amaningi esonto lakhe. OFakazi ababili baseYoyo beza nabantu abathakazelayo abaningana ngezikebhe ezimbili. Abazange bacabange ngokugwedla olwandle olugubhayo. Ngemva kokubukela le-video, babeshukunyisiwe futhi bekhuthazeke kakhulu, futhi babeziqhenya ngokuba kulenhlangano enkulu enomgomo wokudumisa uJehova.
Ukuze umuntu aye lapho isikebhe sogodo singenakufinyelela khona, angasebenzisa itekisi yasemahlathini. Izindawo zokupaka lapho lamatekisi elinda khona abagibeli zihlale zimatasa. Phakathi kwabathengisi bamanzi abandayo, abathengisi bakabhanana, nabafana abathwala impahla, kulula ukudideka ngokuphelele. Umsebenzi walabafana ukungenisa abagibeli etekisini yasemahlathini elindile, abathi wonke “asekulungele ukuhamba.” Nokho, ukuthi “asekulungele” akufanele kunakwe kangako. Izihambi kufanele zichithe amahora, ngezinye izikhathi ngisho nezinsuku zilindile. Lapho abagibeli sebeminyaniswe ngaphakathi nomshayeli eselayishe impahla, izikhwama zemikhiqizo, ngezinye izikhathi ngisho nezinkukhu kanye nezimbuzi eziphilayo, phezu kophahla, itekisi yasemahlathini ihamba endleleni emangelengele nenothuli.
Esinye isikhonzi esijikelezayo, sesikhathele yilendlela yokuhamba, sakhetha ukuzimela. Manje sesihamba ngebhayisekili njalo. Sithi: “Selokhu nganquma ukusebenzisa ibhayisekili ukuze ngihambele amabandla, ngihlale ngifika ngesikhathi. Yiqiniso, uhambo lungase luthathe amahora amaningana, kodwa okungenani akudingeki ngichithe usuku olulodwa noma ezimbili ngilinde itekisi yasemahlathini. Ngenkathi yezimvula, eminye imigwaqo icishe ivaleke ngenxa yesikhukhula. Kufanele ukhumule izicathulo ukuze uwele izindawo ezinodaka namanzi. Ngolunye usuku esinye sezicathulo zami sawela emanzini agelezayo futhi asizange sitholakale kwaze kwaba semasontweni amaningana kamuva, lapho indodakazi yomunye woFakazi isibamba ngokungazelele lapho idoba! Ngiyajabula ngokuphinde ngigqoke lezi zicathulo, ngemva kokuba esinye sazo sike sathi ukuvakashela izinhlanzi. Ngezinye izikhathi ngidlula ezindaweni oFakazi BakaJehova abangakaze bashumayele kuzo ngaphambili. Abantu abahlala kulamadolobhana bangibuza njalo ukuthi ngiphetheni. Ngakho ngigcina omagazini nezincwajana kuseduze. Isikhathi ngasinye lapho ngima, ngihambisa lezi zincwadi ezisekelwe eBhayibhelini bese nginikeza ubufakazi kafushane. Ngiyethemba ukuthi uJehova uyokwenza lezi zimbewu zeqiniso zikhule.”
Emajukujukwini
OFakazi BakaJehova bazama ukuhlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso nabanye ngisho naphakathi emajukujukwini aseCameroon, emadolobhaneni acashe phakathi emahlathini. Lokhu kudinga umzamo omkhulu, kodwa imiphumela iyajabulisa.
UMarie, isikhonzi sesikhathi esigcwele, waqala isifundo seBhayibheli nentombazanyana okuthiwa u-Arlette. Ekupheleni kwesifundo sokuqala, uMarie wabuza u-Arlette ukuthi angakwazi yini ukumphelezela ambeke emnyango, njengoba lokhu kuwumkhuba kulengxenye ye-Afrika. Nokho, lentombazanyana yachaza ukuthi yayingakwazi ukuhamba ngenxa yezinyawo ezibuhlungu. Izinyawo zika-Arlette zazingenwe uhlobo oluthile lwezenze lensikazi elingena esikhunjeni, libangele amathumba. Ngesibindi uMarie wawakhipha lamazenze, ngalinye ngalinye. Kamuva, wathola nokuthi ebusuku lentombazanyana yayihlushwa amademoni. Ngesineke uMarie wachaza indlela umuntu angathembela ngayo kuJehova, ikakhulukazi ngokubiza igama lakhe ngokuzwakalayo lapho ethandaza.—IzAga 18:10.
U-Arlette wathuthuka ngokushesha. Ekuqaleni umkhaya wakubo wawungaboni lutho olungalungile ngalesi sifundo ngenxa yentuthuko ephawulekayo ayeyenza kokubili emzimbeni nasengqondweni. Kodwa lapho beqaphela ukuthi wayefuna ukuba omunye woFakazi BakaJehova, bamnqabela ukuba aqhubeke nesifundo. Emasontweni amathathu kamuva, unina ka-Arlette, eqaphela indlela indodakazi yakhe eyayicindezeleke ngayo, wathintana noMarie wamcela ukuba aphinde aqale lesi sifundo.
Lapho kufika isikhathi sokuya emhlanganweni wesifunda, uMarie wakhokhela umshayeli ukuze ahambise u-Arlette izinsuku ezimbili. Nokho, lomshayeli wenqaba ukuya kubo ka-Arlette, njengoba ayesephethe ngokuthi indlela eya emgwaqweni ayihambeki. Ngakho uMarie wakwazi ukuletha lentombazane emgwaqweni. Ngokuqinisekile uJehova wayibusisa lemizamo. Namuhla u-Arlette uba khona kuyo yonke imihlangano yebandla. Ukuze amsize ukuba enze lokhu, uMarie akakhathali ukumlanda. Ndawonye bahamba ngezinyawo imizuzu engu-75 beya noma bebuya. Njengoba umhlangano wangeSonto uqala ngo-8:30 ekuseni, uMarie kudingeka aphume ekhaya ngo-6:30; kodwa bayakwazi ukufika ngesikhathi. Maduze nje u-Arlette unethemba lokubonakalisa ukuzinikezela kwakhe ngokubhapathizwa emanzini. UMarie uthi: “Noma ubani ongazange ambone lapho eqala ukufunda akanakuyicabanga indlela ashintshe ngayo. Ngimbonga kakhulu uJehova ngendlela ambusise ngayo.” Ngokuqinisekile uMarie uyisibonelo esihle sothando lokuzidela.
Ukuya NgaseNyakatho
INyakatho yeCameroon inezinto eziningi ezihlukahlukene nezimangazayo. Ngenkathi yezimvula, iba insimu enkulu evundile. Kodwa lapho ilanga likhipha umkhov’ etsheni, utshani buyabuna. Emini, lapho ilanga seliphakeme futhi kunzima ukuthola umthunzi, izimvu zincika ngezindonga zezindlu ezenziwe ngodaka olubomvu. Phakathi kwesihlabathi notshani obomile, okuwukuphela kwento eluhlaza esalayo amacembe ambalwa esihlahla i-baobab. Nakuba lezi zihlahla zingezinkulu njengezohlobo lwazo ezisehlathini lasendaweni eshisayo, ziqine ngendlela efanayo. Ikhono lazo lokukhuthazelela izimo ezinzima liyifanekisa kahle intshiseko nesibindi soFakazi abambalwa abaye beza bezohlala kulendawo ukuze benze ukukhanya kweqiniso kukhanye.
Amanye amabandla akulendawo aqhelelene ngamakhilomitha angu-500 kuya ku-800, futhi umuzwa wokuhlukaniswa ungokoqobo ngempela. Kodwa kunesithakazelo esikhulu. OFakazi bakwezinye izindawo bathuthela lapha bezosiza. Ukuze baphumelele enkonzweni, kudingeka bafunde isiFoufouldé, ulimi lwendawo.
UFakazi othile waseGaroua wanquma ukusebenzisa izinsuku ezimbalwa eshumayela edolobhaneni azalelwa kulo, eliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-160. Wathola isithakazelo esithile, kodwa izinto zokuhamba ezibizayo zazimvimbela ukuba abuyele njalo. Emasontweni ambalwa kamuva, loFakazi wathola incwadi evela komunye umuntu othakazelayo emnxusa ukuba abuye azovakasha. Njengoba ayengakabi nemali yokugibela, akazange akwazi ukuhamba. Cabanga indlela loFakazi amangala ngayo lapho lomuntu efika kubo eGaroua ezomazisa ukuthi abantu abayishumi kuleli dolobhana babelindele ukuthi avakashe!
Kwelinye idolobhana, ngasemngceleni weChad, iqembu labantu abangu-50 abathakazelayo liye lahlela isifundo salo seBhayibheli. Liye lahlela ukuba abathathu kulo baye emihlanganweni ebandleni eliseduze eChad. Lapho bebuya, babe sebeqhuba isifundo seBhayibheli nalo lonke iqembu. Ngempela, amazwi kaJesu angasebenza kahle lapha: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.”—Mathewu 9:37, 38.
Ukufakaza Emadolobheni
Ngemva kweminyaka eminingi bentuleka, cishe eminyakeni emibili edlule, omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! batholakala ngokukhululekile eCameroon. Abantu abaningi baba nentshiseko nesithakazelo esikhulu kulabomagazini njengoba bebafunda okokuqala ngqá. Umbhangqwana osemusha ongamaphayona akhethekile owabelwe kwelinye lamadolobha wahambisa omagazini abangu-86 ekuseni ngosuku lokuqala owashumayela ngalo ensimini yawo entsha. Abanye abamemezeli bahambisa omagazini abafinyelela ku-250 ngenyanga! Iyini imfihlo yokuphumelela kwabo? Hambisa omagazini kuwo wonke umuntu.
UFakazi othile osebenza ehhovisi elisetshenziswa umphakathi ngaso sonke isikhathi ubeka omagazini obala. Owesifazane othile wabuka labomagazini kodwa wangabathatha. LoFakazi wabona ukuthi unesithakazelo wabe esemnikeza ikhophi, ayamukela. Wamangala ukumbona ebuya ngosuku olulandelayo. Wayengafuni ukukhipha umnikelo kamagazini ayewuthathile nje kuphela kodwa wacela nabengeziwe. Ngani? Njengoba ayebe isisulu sokudlwengulwa, wayekhethe umagazini okhuluma ngalokho. Wayehlale ubusuku bonke efunda iseluleko esinikeziwe ngokuphindaphindiwe. Njengoba ayesezizwa engcono, wayefuna ukwazi okwengeziwe ngoFakazi BakaJehova.
Ngisho nezingane ezincane zingahlanganyela ekusakazeni isigijimi seBhayibheli sethemba. Lapho intombazane enguFakazi eneminyaka eyisithupha ubudala icelwa uthisha wayo ukuba icule iculo lamaKatolika, yenqaba, iphawula ukuthi ingomunye woFakazi BakaJehova. Uthisha wabe eseyicela ukuba ihlabelele enye yezingoma zenkolo yayo ukuze ayinikeze amamaki ngayo. Yakhetha ingoma enesihloko esithi “Isithembiso SikaNkulunkulu SePharadesi” yabe isiyihlabelela ngekhanda. Lothisha wayibuza, ethi: “Ukhulume ngepharadesi engomeni yakho. Likuphi leli pharadesi?” Lentombazane yachaza injongo kaNkulunkulu yokwenza iPharadesi emhlabeni maduzane nje. Emangaliswe impendulo yayo, wacela kubazali bayo incwadi eyayiyitadisha. Wayezimisele ukuyinikeza amamaki ngalokho eyayikufunde kulencwadi kunokuba ayinikeze ngalokho eyayikufundiswa ezifundweni zenkolo. Abazali basikisela kulothisha ukuthi uma efuna ukuyinikeza amamaki ngendlela efanele, kufanele yena ngokwakhe aqale atadishe. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli naye.
Ingabe Uhlela Ukuvakashela Khona?
Ezingxenyeni eziningi zomhlaba namuhla, abantu abanasithakazelo ezindabeni ezinhle zoMbuso. Abanasithakazelo kuNkulunkulu noma eBhayibhelini. Abanye banqotshwa ukwesaba bese bevele benqaba ukusabela lapho kunesihambi emnyango. Konke lokhu kuyinselele yangempela koFakazi BakaJehova enkonzweni yabo. Kodwa yeka ukuthi kuhluke kanjani eCameroon!
Ukushumayela endlini ngendlu kuyajabulisa lapha. Kunokungqongqoza, kuvamile ukumemeza uthi, “Kong, kong, kong.” Kube sekuphendula izwi ngaphakathi, “Ubani?” bese sizethula ngokuthi singoFakazi BakaJehova. Ngokuvamile, abazali bacela izingane zabo ukuba zilande amabhentshi ziwabeke emthunzini wesihlahla, mhlawumbe isihlahla sikamango. Ngemva kwalokho kuba nesikhathi esimnandi kuchazwa lokho uMbuso kaNkulunkulu oyikho nalokho oyokwenza ukuze uqede isimo esidabukisayo sesintu.
Ngemva nje kwaleyo ngxoxo, owesifazane othile wathulula isifuba sakhe ethi: “Kuyangicindezela ukubona ukuthi iqiniso ebengilifuna alitholakali enkolweni engazalelwa kuyo nengikhulele kuyo. Ngiyambonga uNkulunkulu ngokuthi ungibonise iqiniso. Bengiyigosa esontweni. Isithombe seNcasakazi uMariya sihlala isonto elilodwa ekhaya legosa ngalinye ukuze ngalinye lenze izicelo kuyo. Mina, bengilokhu ngicela uMariya ukuba angisize ngazi iqiniso. Manje uNkulunkulu usengibonisile ukuthi iqiniso alikho kuMariya. Ngiyambonga uJehova.”
Ngakho uma ngolunye usuku uzizwa ufuna ukuba nenjabulo enkulu engatholakala ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, kungani ungavakasheli lengxenye yaseNtshonalanga Afrika? Ngaphandle kokubona “i-Afrika ngezinga elincane,” uhamba ngesikebhe, itekisi yasemahlathini, noma ngebhayisekili, uyobe usiza ‘enqwabeni yobufakazi’ eyakhiwayo ezweni ‘eliyiNtaba KaNkulunkulu.’
[Umbhalo waphansi]
a Elithi “iNqwaba Yobufakazi” kungenzeka liyincazelo yegama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “Gileyadi.” Kusukela ngo-1943 i-Watchtower Bible School of Gilead ibithuma izithunywa zevangeli ukuba ziyovula umsebenzi wokushumayela kuwo wonke umhlaba, kuhlanganise naseCameroon.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 22]
Map: Mountain High Maps® Copyright © 1995 Digital Wisdom, Inc.