Kwenzekeni Ebuqothweni?
EMINYAKENI engaphezudlwana kweyikhulu edlule, uBarney Barnato, owayehweba ngedayimane, waphindela eNgilandi esuka eNingizimu Afrika. Lapho efika khona akavumelananga nendaba eyayilotshwe ngaye ephephandabeni elithile. Ngakho wanikeza umhleli incwajana ebhalwe ngesandla ukuze abhale isihloko sesibili, “alungise nje izinto ezithile,” kanye nesheke lesizumbulu semali.
Umhleli, uJ. K. Jerome, wajikijela leyo ncwajana emgqonyeni futhi waphindisela isheke. Emangele, uBarnato ngokushesha waliphinda kabili inani lesipho sakhe. Nalokho futhi kwenqatshwa. “Ufuna malini?” ebuza. Ekhumbula lesi senzakalo, uJerome uthi: “Ngamchazela ukuthi akwenziwa lokho—hhayi lapha eLondon.” Ngokuqinisekile ubuqotho bakhe njengomhleli babungenakuthengwa.
“Ubuqotho” buye bachazwa ngokuthi “isimilo esihle; ukwethembeka.” Umuntu oqotho uyakufanelekela ukwethenjwa. Kodwa namuhla, ukuntuleka kokwethembeka—ubuqotho—konakalisa yonke imikhakha yokuphila.
EBrithani abemithombo yezindaba baye basakaza igama elithi “sleaze” (ukuba isimukanandwendwe) ukuze bachaze ukulahleka kwesimilo. Njengoba iphephandaba i-Independent lakubeka, elithi “sleaze” lihlanganisa “konke kusukela kwezothando nokuphambaniselana kuhulumeni wasekhaya kuya ekugwazeni ema-odeni amakhulu aya emazweni angaphandle.” Asikho isici sokuphila esingathinteki.
Izindinganiso Zobuqotho Eziguquguqukayo
Yiqiniso, ubuqotho abusho ukuphelela, kodwa bubonisa imfanelo eyisisekelo kumuntu. Ezweni lethu eligcizelela ukuceba ngokushesha, ubuqotho bungase bubonakale buyisithiyo, hhayi imfanelo enhle. Ngokwesibonelo, ukusebenzisa kwabafundi imishini enobuhlakani ukuze bakopele ezivivinyweni kuyanda, futhi lemishini emisha kucishe kungenzeki ukuyibamba. Omunye uprofesa waseyunivesithi eBrithani uthi ingxenye engaphezu kwesigamu yabafundi baseBrithani ike yakopela, futhi ngokuqinisekile iBrithani ayiyodwa.
Ukulahlekelwa kwabantu abangenacala lapho abantu abangathembekile beqamba amanga futhi bekhohlisa akumelwe kushalazelwe. Cabanga ngendaba yedolobha laseNdiya iBhopal, lapho, ngo-1984, igesi enobuthi yabulala khona amadoda, abesifazane nezingane abangaphezu kuka-2 500 futhi yalimaza amakhulu ezinkulungwane engeziwe. I-Sunday Times yabika: “Izinhlelo zokusiza izisulu zibishe ekukhohlakaleni. . . . Umsebenzi wokuhlunga imibiko yomonakalo eyiqiniso uye waba nzima ngenxa yezinkulungwane zemibiko yomonakalo engamanga, amaphepha omgunyathi nobufakazi obungamanga.” Ngenxa yalokho, eminyakeni eyishumi kamuva abantu abaswele base babelwe amaRandi angu-16 345 000 kuphela kwangu-2 195 000 000 esinxephezelo somonakalo.
Kuthiwani ngenkolo? Kunjani ukuma kwayo kulendaba yobuqotho? Kuyadabukisa ukuthi izindinganiso ngokuvamile ziyefana nezezwe. Ngokwesibonelo cabanga ngombhishobhi wamaRoma Katolika u-Eamon Casey, owavuma ukuthi unguyise wendodana eyivezandlebe, manje esineminyaka engaphezu kweyishumi nambili. Isimo sikaCasey, njengoba kwaphawula iphephandaba laseBrithani i-Guardian, “asisona nakancane esingavamile.” Ngomqondo othi awufane, i-Times yabika: “Iqiniso ngechilo loMbhishobh’uCasey alikona ukuthi isono sakhe sasingavamile, kodwa liwukuthi ukuphula isifungo sobumpohlo akukusha futhi akulona ivelakancane.” Isekela leli phuzu, i-Glasgow Herald yaseScotland, ithi ngamaphesenti amabili kuphela abefundisi bamaRoma Katolika e-United States aye agwema kokubili ukuba nobuhlobo bobulili nabantu bobulili obuhlukile nobungqingili. Kungakhathaliseki ukuthi leli nani linembile yini noma cha, libonisa idumela labapristi bamaKatolika endabeni yokuziphatha.
Njengoba sinezibonelo ezinjengalezi, ingabe kungenzeka ukuba umuntu alondoloze isimilo esihle? Ingabe kuwufanele umzamo? Kudingani, futhi ziyini izinzuzo zokukwenza?