Uphilela Olwanamuhla Noma Ikusasa Elingunaphakade?
“Sasindiselwa kulelithemba.”—ROMA 8:24.
1. Ama-Epikhuru ayefundisani, futhi lolo hlobo lwefilosofi lwawathinta kanjani amanye amaKristu?
UMPHOSTOLI UPAWULU wabhalela amaKristu ayehlala eKorinte: “Basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi alukho uvuko lwabafileyo?” (1 Korinte 15:12) Ngokusobala, ifilosofi enobuthi yesihlakaniphi esingumGreki u-Epicurus yase ingene phakathi kwamaKristu ekhulu lokuqala. Ngakho uPawulu wadonsela ukunakekela kulemfundiso yama-Epikhuru: “Masidleni siphuze, ngoba kusasa sizokufa.” (1 Korinte 15:32) Beya noma yiliphi ithemba lokuphila ngemva kokufa, abalandeli balesi sazi sefilosofi babekholelwa ukuthi injabulo engokwenyama iwukuphela kwento enhle noma eyinhloko ekuphileni. (IzEnzo 17:18, 32) Ifilosofi yama-Epikhuru yayinobugovu, ibhuqa futhi empeleni yonakalisa.
2. (a) Kungani kwakuyingozi kangaka ukuphika uvuko? (b) UPawulu waluqinisa kanjani ukholo lwamaKristu aseKorinte?
2 Lokhu kuphikwa kovuko kwakubangela izinkinga ezingathi sína. UPawulu wathi: “Uma ngempela lungekho uvuko lwabafileyo, noKristu akavuswanga. Kodwa uma uKristu engavuswanga, ukushumayela kwethu ngokuqinisekile kuyize, nokholo lwethu luyize. . . . Uma siye sathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudatshukelwa kakhulu kunabantu bonke.” (1 Korinte 15:13-19) Yebo, ngaphandle kwethemba lekusasa elingunaphakade, ubuKristu bebungaba “yize.” Bebungaba obungenanjongo. Khona-ke, lingaphansi kwethonya lalokhu kucabanga kobuqaba, akumangalisi ukuthi ibandla laseKorinte lase liyisidleke sezinkinga. (1 Korinte 1:11; 5:1; 6:1; 11:20-22) Ngakho-ke, uPawulu wayehlose ukuqinisa ukholo lwabo ovukweni. Esebenzisa amaphuzu anamandla, izingcaphuno zomBhalo nemifanekiso, wabonisa ngokungenakungatshazwa ukuthi ithemba lovuko aliyona insumansumane kodwa yinto engokoqobo eyogcwaliseka nakanjani. Ngalesi sisekelo, wayengakhuthaza amakholwa ayekanye nawo: “Yibani ngabagxilile, abangenakunyakaziswa, ngaso sonke isikhathi ninokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi umshikashika wenu awulona ize eNkosini.”—1 Korinte 15:20-58.
“Hlalani Nilindile”
3, 4. (a) NgokukaPetru, yisiphi isimo sengqondo esiyingozi esasiyobamba abanye phakathi nezinsuku zokugcina? (b) Yini okudingeka sihlale sizikhumbuza yona?
3 Namuhla, abaningi banesimo sengqondo sekusasa elifiphele, nesokuphilela olwanamuhla. (Efesu 2:2) Kunjengoba umphostoli uPetru abikezela. Wakhuluma ‘ngabahleki bosulu nokuhleka kwabo usulu, bethi: “Kuphi lokhu kuba khona kwakhe okuthenjisiwe? Phela, kusukela osukwini okhokho bethu abalala ngalo ekufeni, zonke izinto ziqhubeka ngokufana ncamashí nasekuqaleni kwendalo.”’ (2 Petru 3:3, 4) Uma abakhulekeli beqiniso bevumela ukunqotshwa umbono onjalo, babengase babe “abangasebenzi noma abangatheli.” (2 Petru 1:8) Ngokujabulisayo, akunjalo ngeningi labantu bakaNkulunkulu namuhla.
4 Akukhona okungalungile ukuba nesithakazelo ekupheleni okuzayo kwesimiso samanje esibi. Khumbula isithakazelo esaboniswa abaphostoli bakaJesu uqobo: “Nkosi, ingabe ubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesisikhathi?” UJesu waphendula: “Akukhona okwenu ukuthola ulwazi ngezikhathi noma izinkathi uBaba azibeke egunyeni lakhe siqu.” (IzEnzo 1:6, 7) Lawo mazwi aqukethe isigijimi esiyisisekelo ayesidlulisele eNtabeni Yeminqumo: “Anazi ukuthi iNkosi yenu iza ngaluphi usuku. . . . iNdodana yomuntu iza ngehora eningacabangi ukuthi iyoza ngalo.” (Mathewu 24:42, 44) Kudingeka sihlale sizikhumbuza leso seluleko! Abanye bangase balingwe isimo sengqondo sokuthi, ‘Mhlawumbe kufanele ngehlise ijubane kancane nje, ngithathe izinto kalula.’ Yeka iphutha lokho okungaba yilo! Cabanga ngoJakobe noJohane, “amaDodana Okuduma.”—Marku 3:17.
5, 6. Yiziphi izifundo esingazithola ezibonelweni zikaJakobe noJohane?
5 Siyazi ukuthi uJakobe wayengumphostoli oshiseka kakhulu. (Luka 9:51-55) Kumelwe ukuba kwathi kungamiswa ibandla lobuKristu, waba nendima ebalulekile. Kodwa lapho uJakobe esemncane, uma kuqhathaniswa, uHerode Agripha I wenza ukuba abulawe. (IzEnzo 12:1-3) Ingabe sicabanga ukuthi lapho uJakobe ebona ukuphila kwakhe kunqamuka ngokungalindelekile, wadabuka ngokuthi wayeshiseke kangaka, ezikhandla enkonzweni yakhe? Nakancane! Ngokuqinisekile wajabula ngokuthi iminyaka eminingi yokuphila kwakhe okufushane, uma kuqhathaniswa, wayeyichithele enkonzweni kaJehova. Manje, akekho kithi ongase azi ukuthi ukuphila kwakhe ngeke yini kunqamuke kungalindelekile. (UmShumayeli 9:11; qhathanisa noLuka 12:20, 21.) Ngakho kusobala ukuthi kuwukuhlakanipha ukugcina intshiseko nenkuthalo yethu ekukhonzeni uJehova isezingeni eliphezulu. Ngaleyo ndlela siyolondoloza igama elihle kuye futhi siqhubeke siphila sinombono wekusasa elingunaphakade.—UmShumayeli 7:1.
6 Kunesifundo esingokoqobo esihilela umphostoli uJohane, owayekhona lapho uJesu enxusa ngamandla, “Hlalani nilindile.” (Mathewu 25:13; Marku 13:37; Luka 21:34-36) UJohane wakulalela lokhu, wakhonza ngentshiseko amashumi amaningi eminyaka. Eqinisweni, kubonakala sengathi waphila waze wasala yedwa kubaphostoli. Lapho uJohane esekhule kakhulu, ebheka emuva emashumini eminyaka omsebenzi wokukholeka, ingabe wakubheka njengokuyiphutha, ukuphila okungahambanga ngendlela noma okungenakulinganisela? Lutho neze! Wayesabheke ikusasa ngokulangazela. Lapho uJesu ovusiwe ethi, “Yebo; ngiyeza masinyane,” uJohane waphendula ngokushesha, “Amen! Woza, Nkosi Jesu.” (IsAmbulo 22:20) Ngokuqinisekile uJohane wayengaphileli olwanamuhla, engalangazeleli ‘ukuphila okuvamile’ okunensayo nokuzolile. Wayezimisele ukuqhubeka ekhonza ngokuphila kwakhe nangamandla akhe wonke, kungakhathaliseki ukuthi iNkosi yayingase ifike nini. Kuthiwani ngathi?
Izisekelo Zokukholelwa Ekuphileni Okumi Phakade
7. (a) Ithemba lokuphila okumi phakade ‘lathenjiswa kanjani ngaphambi kwezikhathi ezimiyo njalo’? (b) UJesu walicacisa kanjani ithemba lokuphila okungunaphakade?
7 Qiniseka ukuthi ithemba lokuphila okumi phakade alilona iphupho elicatshangwe umuntu. Njengoba uThithu 1:2 esho, ukuzinikela kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu kusekelwe ‘ethembeni lokuphila okumi phakade lokho uNkulunkulu, ongenakuqamba amanga, akuthembisa ngaphambi kwezikhathi ezimiyo njalo.’ Kwakuyinjongo kaNkulunkulu yokuqala ukuba bonke abantu abalalelayo baphile phakade. (Genesise 1:28) Akukho lutho, ngisho nokuhlubuka kuka-Adamu no-Eva, olungabhuntshisa lenjongo. Njengoba kulotshwe kuGenesise 3:15, ngokushesha uNkulunkulu wathembisa ‘inzalo’ eyayiyoqeda konke ukulimala okwadaleka esintwini. Lapho ‘inzalo’ noma uMesiya, uJesu, ifika, yenza ithemba lokuphila okungunaphakade laba enye yezimfundiso zayo eziyisisekelo. (Johane 3:16; 6:47, 51; 10:28; 17:3) Ngokubeka phansi ukuphila kwakhe okuphelele njengesihlengo, uKristu wathola ilungelo elingokomthetho lokunika sonke isintu ukuphila okumi phakade. (Mathewu 20:28) Abanye babafundi bakhe, abangu-144 000 bebonke, bayophila phakade emazulwini. (IsAmbulo 14:1-4) Ngaleyo ndlela abanye abantu ababengabafayo ‘bayogqoka ukungafi’!—1 Korinte 15:53.
8. (a) Kuyini “ukungafi,” futhi kungani uJehova ekupha abangu-144 000? (b) Yiliphi ithemba uJesu alinika “ezinye izimvu”?
8 “Ukungafi” kusho okungaphezu nje kokuthi ngeke bafe. Kuhilela ‘amandla okuphila okungenakubhubhiseka.’ (Heberu 7:16; qhathanisa nesAmbulo 20:6.) Nokho, yini uNkulunkulu ayifezayo ngokuphana ngesipho esiphawuleka kangaka? Khumbula inselele kaSathane yokuthi asikho ezidalweni zikaNkulunkulu esingathenjwa. (Jobe 1:9-11; 2:4, 5) Ngokupha abangu-144 000 ukungafi, uNkulunkulu ubonisa ukulethemba kwakhe ngokuphelele leli qembu eliyiphendule ngendlela ephawuleka kangaka inselele kaSathane. Kodwa kuthiwani ngabanye besintu? UJesu watshela amalungu okuqala ‘alomhlambi omncane’ wezindlalifa zoMbuso ukuthi ‘ayohlala ezihlalweni zobukhosi ukuze ahlulele izizwana eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.’ (Luka 12:32; 22:30) Lokhu kusikisela ukuthi abanye bayokwamukela ukuphila okumi phakade emhlabeni njengezikhonzi zoMbuso wakhe. Nakuba lezi “ezinye izimvu” zinganikezwa ukungafi, zithola “ukuphila okumi phakade.” (Johane 10:16; Mathewu 25:46) Ngakho ukuphila okumi phakade kuyithemba lawo wonke amaKristu. Akulona iphupho kodwa kungokuthile “uNkulunkulu, ongenakuqamba amanga,” akuthembise ngobuqotho futhi wakukhokhela ngegazi likaJesu eliyigugu.—Thithu 1:2.
Ingabe Kuyoba Sesikhathini Esisekude?
9, 10. Yiziphi izinkomba ezicacile zokuthi sisondele ekupheleni?
9 Umphostoli uPawulu wabikezela ukuthi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo” zaziyobonisa ukuthi sesifike “ezinsukwini zokugcina” ngokungenakuphikwa. Njengoba umphakathi wabantu osizungezile uwohlokela esimweni sokungabi naluthando, ukuhaha, ukuzitika nokungamhloniphi uNkulunkulu, asiboni yini ukuthi usuku lukaJehova lokuba akhiphe izahlulelo zakhe kulesi simiso sezwe esibi lusondela ngokushesha? Njengoba ubudlova nenzondo kudlondlobala, asikuboni yini nxazonke zethu ukugcwaliseka kwamazwi kaPawulu aqhubekayo: “Abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu”? (2 Thimothewu 3:1-5, 13) Benombono wekusasa eliqhakazile, abanye bangase benze izimemezelo zokuthi “Ukuthula nokulondeka,” kodwa wonke amathemba okuthula ayoshabalala, ngoba “imbubhiso engazelelwe iyofika ngaso lesosikhathi phezu kwabo njengomhelo wokucindezeleka phezu kowesifazane okhulelweyo; futhi abasoze baphunyuka nganoma iyiphi indlela.” Asishiywanga sisebumnyameni mayelana nalokho okushiwo yizikhathi zethu. Ngakho, “masihlale siphapheme futhi sihlale sisangulukile.”—1 Thesalonika 5:1-6.
10 Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli libonisa ukuthi izinsuku zokugcina ‘ziyinkathi yesikhathi emfushane.’ (IsAmbulo 12:12; qhathanisa no-17:10.) Kubonakala sengathi ingxenye enkulu yaleyo “nkathi yesikhathi emfushane” isiphelile. Ngokwesibonelo, isiprofetho sikaDaniyeli siyichaza ngokunembile ingxabano phakathi ‘kwenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu,’ eye yagamanxela kuleli khulu leminyaka. (Daniyeli 11:5, 6) Osekusele ukuba kugcwaliseke ukuhlasela kokugcina ‘kwenkosi yasenyakatho,’ okuchazwe kuDaniyeli 11:44, 45.—Bheka INqabayokulinda ka-July 1, 1987, neka-November 1, 1993, ukuze uthole ingxoxo emayelana nalesi siprofetho.
11. (a) UMathewu 24:14 uye wagcwaliseka ngezinga elingakanani? (b) Amazwi kaJesu alotshwe kuMathewu 10:23 abonisani?
11 Kukhona nesibikezelo sikaJesu sokuthi “lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Namuhla, oFakazi BakaJehova baqhuba umsebenzi wabo emazweni, emaqoqweni eziqhingi nasemasimini angu-233. Yiqiniso, asekhona amasimu angakathintwa, futhi mhlawumbe ngesikhathi sikaJehova esifanele, umnyango wethuba uzovuleka. (1 Korinte 16:9) Noma kunjalo, amazwi kaJesu alotshwe kuMathewu 10:23 ayasangulukisa: “Ngeke neze niqede ukujikeleza imizi yakwa-Israyeli kuze kufike iNdodana yomuntu.” Nakuba ngokuqinisekile izindaba ezinhle ziyomenyezelwa emhlabeni wonke, ngeke sifinyelele mathupha kuzo zonke izingxenye zomhlaba ngesigijimi soMbuso ngaphambi kokuba uJesu ‘afike’ njengoMbhubhisi.
12. (a) Yikuphi ‘ukubekwa uphawu’ okubhekiselwe kukho kusAmbulo 7:3? (b) Kusho ukuthini ukuncipha kwenani labagcotshiwe emhlabeni?
12 Cabangela umbhalo okusAmbulo 7:1, 3, othi “imimoya emine” yembubhiso ibanjiwe “kuze kube ngemva kokuba sesizibeke uphawu izigqila zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.” Lokhu akubhekiseli ekubekweni uphawu kokuqala, okwenzeka lapho abesigaba sabangu-144 000 bethola ubizo lwasezulwini. (Efesu 1:13) Kubhekisela ekubekweni uphawu kokugcina, lapho bebhekwa ngokungenakuguquka, ‘njengezigqila zikaNkulunkulu wethu’ ezivivinyiwe nezikholekile. Inani lamadodana kaNkulunkulu angempela asaphila emhlabeni linciphe kakhulu. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi ‘kungenxa yabakhethiweyo’ ukuthi ingxenye yokuqala yosizi olukhulu “iyofinyezwa.” (Mathewu 24:21, 22) Iningi lalabo abathi bangabagcotshiwe selikhulile impela. Ingabe nalokhu akunakubonisa ukuthi ukuphela kuseduze?
Umlindi Okholekile
13, 14. Uyini umthwalo wemfanelo wesigaba somlindi?
13 Phakathi nalesi sikhathi, senza kahle ngokulalela ukuqondisa okunikezwa “yisigqila esikholekile.” (Mathewu 24:45) Iminyaka engaphezu kwekhulu, “isigqila” sosuku lwanamuhla siye sakhonza ‘njengomlindi.’ (Hezekeli 3:17-21) INqabayokulinda ka-May 15, 1984, yachaza: “Lomlindi uqaphela indlela izehlakalo ezenzeka ngayo emhlabeni ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli, azwakalise isixwayiso soluseduze ‘usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe’ futhi amemezele ‘izindaba ezinhle zokuthile okungcono.’”—Mathewu 24:21; Isaya 52:7.
14 Khumbula: Kungumsebenzi womlindi ukumemezela lokho “akubonayo.” (Isaya 21:6-8) Ezikhathini zeBhayibheli umlindi wayehlaba umkhosi yize noma okungaba usongo kusekude kakhulu ukuba kubonakale ngokucacile ukuthi kuyini. (2 AmaKhosi 9:17, 18) Ngokuqinisekile emuva ngaleso sikhathi kwakwenzeka ukuba kuhlatshwe umkhosi ngokuyiphutha. Kodwa umlindi oqotho wayengayeki ukuxwayisa ngoba esaba ukuhlazeka. Uma umuzi wakho usha, ubungazizwa kanjani uma abacishi-mlilo bengafiki ngoba becabanga ukuthi kungenzeka kuhlatshwé umkhosi ngokuyiphutha? Cha, silindele ukuba abantu abanjalo basabele ngokushesha kunoma iyiphi inkomba yengozi! Ngendlela efanayo, isigaba somlindi siye sakhuluma lapho izimo zibonakala zidinga ukuba kwenziwe kanjalo.
15, 16. (a) Kungani kwenziwa ukulungisa ekuqondeni kwethu iziprofetho? (b) Yini esingayifunda ezincekwini ezikholekile zikaNkulunkulu ezaziqonda iziprofetho ezithile ngendlela eyiphutha?
15 Nokho, njengoba izenzakalo zenzeka, ukuqonda kwethu iziprofetho kuye kwaya kucaca. Umlando ubonisa ukuthi kuyaqabukela, uma kwenzeka, ukuba iziprofetho zaphezulu ziqondwe ngokugcwele ngaphambi kokugcwaliseka kwazo. UNkulunkulu wamtshela ngokuqondile u-Abrama ukuthi inzalo yakhe ‘yayiyokuba-ngumfokazi ezweni elingesilo elayo’ isikhathi eside kangakanani, okungukuthi iminyaka engu-400. (Genesise 15:13) Nokho, uMose waziletha ukuba abe umkhululi kungakabi yisikhathi.—IzEnzo 7:23-30.
16 Cabanga nangeziprofetho zobuMesiya. Uma kucatshangelwa izenzakalo ezenzeka, kubonakala kukhanya bhá ukuthi ukufa nokuvuswa kukaMesiya kwakubikezelwe. (Isaya 53:8-10) Nokho, abafundi bakaJesu uqobo bahluleka ukuqonda leli qiniso. (Mathewu 16:21-23) Ababonanga ukuthi uDaniyeli 7:13, 14 wayeyogcwaliseka phakathi ne-pa·rou·siʹa, noma ‘ukuba khona,’ kukaKristu kwesikhathi esizayo. (Mathewu 24:3) Ngakho babephazame cishe ngeminyaka engu-2000 ekubaleni kwabo lapho bebuza uJesu: “Nkosi, ingabe ubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesisikhathi?” (IzEnzo 1:6) Ngisho nangemva kokuba ibandla lamaKristu limiswe ngokugcwele, imibono eyiphutha nokulindelwa kwezinto okungamanga kwaqhubeka kuvela. (2 Thesalonika 2:1, 2) Nakuba amanye ayeba nemibono eyiphutha ngezinye izikhathi, uJehova wawubusisa ngokungenakuphikwa umsebenzi walawo makholwa ekhulu lokuqala!
17. Kufanele sikubheke kanjani ukulungiswa kokuqonda kwethu umBhalo?
17 Isigaba somlindi sanamuhla ngokufanayo kuye kwadingeka silungise imibono yaso ngezikhathi ezithile. Nokho, ukhona yini ongangabaza ukuthi uJehova uye wasibusisa “isigqila esikholekile”? Ngaphandle kwalokho, ingxenye enkulu yokulungisa okuye kwenzeka ayincane yini ngokuqhathaniswa, uma kubhekwa umongo? Ukuqonda kwethu iBhayibheli okuyisisekelo akushintshile. Ukuqiniseka kwethu ngokuthi siphila ezinsukwini zokugcina kunamandla kunanini!
Ukuphilela Ikusasa Elingunaphakade
18. Kungani kumelwe sigweme ukuphilela olwanamuhla kuphela?
18 Izwe lingase lithi, ‘Masidleni siphuze, ngoba kusasa sizokufa,’ kodwa lokhu akumelwe kube yisimo sengqondo sethu. Kungani ungaphishekela ize ngokufuna injabulo ongayithola ekuphileni manje kuyilapho ungase usebenzele ikusasa elingunaphakade? Lelo themba, kungakhathaliseki ukuthi elokuphila okungenakufa ezulwini noma elokuphila okungunaphakade emhlabeni, alilona iphupho. Liyinto engokoqobo ethenjiswe nguNkulunkulu “ongenakuqamba amanga.” (Thithu 1:2) Buningi kakhulu ubufakazi bokuthi ukugcwaliseka kwethemba lethu kusemnyango! “Isikhathi esesisele sinciphile.”—1 Korinte 7:29.
19, 20. (a) Ukubheka kanjani uJehova ukuzidela esiye sakwenza ngenxa yoMbuso? (b) Kungani kumelwe siphile sinombono wobuphakade?
19 Yiqiniso, lesi simiso sesiqhubeke isikhathi eside kunalokho abaningi ababekucabanga. Abambalwa manje bangase babe nomuzwa wokuthi ukube babekwazi lokhu ngaphambili, babengeke bakwenze ukuzidela okuthile. Kodwa akufanele umuntu azisole ngokwenza kanjalo. Kakade, ukwenza ukuzidela okuthile kuyingxenye eyisisekelo yokuba umKristu. AmaKristu ‘ayazidela.’ (Mathewu 16:24) Akufanele neze sibe nomuzwa wokuthi imizamo yethu yokujabulisa uNkulunkulu iye yaba yize. UJesu wathembisa: “Akekho oshiyé indlu noma abafowabo noma odadewabo noma unina noma uyise noma abantwana noma amasimu ngenxa yami nangenxa yezindaba ezinhle ongeke athole ngokuphindwe kayikhulu manje . . . futhi esimisweni sezinto esizayo ukuphila okumi phakade.” (Marku 10:29, 30) Eminyakeni eyinkulungwane ukusuka manje, uyobonakala ubaluleke kangakanani umsebenzi wakho, indlu, noma imali esebhange? Nokho, ukuzidela okuthile oye wakwenzela uJehova kuyobe kusenenjongo eminyakeni eyisigidi ukusuka manje—eminyakeni eyizigidi eziyinkulungwane ukusuka manje! “Ngoba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu.”—Heberu 6:10.
20 Ngakho-ke, masiphile sinombono wobuphakade, sigcine amehlo ethu “esezintweni ezingabonwayo, hhayi ezintweni ezibonwayo. Ngoba izinto ezibonwayo zingezesikhashana, kodwa izinto ezingabonwayo zimi phakade.” (2 Korinte 4:18) Umprofethi uHabakuki wabhala: “Umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.” (Habakuki 2:3) ‘Ukulindela’ ukuphela kuyithinta kanjani indlela esifeza ngayo imithwalo yethu siqu neyomkhaya? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalezi zindaba.
Amaphuzu Okubukezwa
◻ Kuye kwabathinta kanjani abambalwa namuhla lokho okubonakala kuwukwephuza kokuphela kwalesi simiso sezinto?
◻ Siyini isisekelo sethemba lethu lokuphila okumi phakade?
◻ Kufanele sikubheke kanjani ukuzidela esiye sakwenza ngenxa yezithakazelo zoMbuso?
[Isithombe ekhasini 15]
Umsebenzi wokushumayela wembulunga yonke kumelwe uqedwe ngaphambi kokuba ukuphela kufike