Ungakholelwa Yini KuNkulunkulu Ongokoqobo?
“AKUDINGEKILE ukuba ukholelwe kuNkulunkulu ukuze ube umKristu . . . Siyingxenye yenguquko manje, kodwa ekhulwini lama-21 isonto liyobe lingasenaye uNkulunkulu ngomqondo ovamile,” kuchaza umfundisi omkhulu waseyunivesithi yaseBrithani. Wayekhulumela inhlangano okuthiwa i-Sea of Faith enabapristi baseBrithani okungenani abayikhulu abayisekelayo. Lawa “maKristu aphika ubukhona bukaNkulunkulu” akholelwa ngokuqinile ekutheni inkolo yasungulwa abantu nokuthi, njengoba elinye ilungu lakubeka, uNkulunkulu umane nje “ungokuthile okucatshangelwayo.” Ukuba khona kukaNkulunkulu onamandla angaphezu kwawemvelo akusavumelani nendlela yawo yokucabanga.
Isiqubulo esithi “uNkulunkulu ufile” sasithandwa ngawo-1960. Sasiveza imibono yesazi sefilosofi esingumJalimane sekhulu le-19 uFriedrich Nietzsche futhi sanikeza intsha eningi izaba ebizifuna zokwenza lokho ekuthandayo, ukuhileleka ebuhlotsheni bobulili obungenamibandela nasekusebenziseni kabi izidakamizwa ngaphandle kokuzithiba ngokokuziphatha. Kodwa ingabe inkululeko enjalo yalethela lama-hippie, njengoba ayaziwa kanjalo, ukuphila kwenjabulo okwanelisa kakhudlwana?
Eshumini leminyaka elifanayo, umbhishobhi waseSheshi uJohn A. T. Robinson wanyathelisa incwadi yakhe eyaphakamisa impikiswano ethi Honest to God. Abefundisi abaningi ababekanye naye bamgxeka ngokucabanga kwakhe ukuthi uNkulunkulu “uyisici nje solwazi olujulile lomuntu.” Uprofesa wemfundiso yenkolo uKeith Ward wabuza: “Ingabe ukukholelwa kuNkulunkulu kuyinkolelo-ze ethile engasamukeleki, esilahlwa abahlakaniphile?” Eziphendula wathi: “Namuhla enkolweni ayikho into ebaluleke kakhulu kunokuthola ulwazi ngoNkulunkulu ngomqondo ovamile.”
Ukuhlupheka NoNkulunkulu Ongokoqobo
Abantu abaningi abakholelwa kuNkulunkulu ongokoqobo bakuthola kunzima ukuvumelanisa inkolelo yabo nezinhlekelele nokuhlupheka abakubonayo. Ngokwesibonelo, ngo-March 1996, abantwana abangu-16, kanye nothisha wabo, badutshulwa bafa eDunblane, eScotland. “Angiyiqondi ngempela intando kaNkulunkulu,” kusho omunye wesifazane owayekhungathekile. Ubuhlungu obabangelwa yilenhlekelele bazwakaliswa ekhadini elashiywa nezimbali ngaphandle kwesikole salaba bantwana. Lalinegama elilodwa elithi, “KUNGANI?” Ephendula, umfundisi weSonto laseDunblane wathi: “Ayikho incazelo. Asazi ukuthi kungani lokhu bekufanele kwenzeke.”
Kamuva ngawo lowo nyaka, umfundisi osemusha owaziwayo weSonto LaseSheshi wabulawa ngesihluku. I-Church Times yabika ukuthi ibandla elishaqekile lezwa umfundisi omkhulu waseLiverpool ekhuluma “ngokubhukluza umnyango kaNkulunkulu nemibuzo ethi kungani? kungani?” Lomfundisi naye wayengenawo amazwi enduduzo avela kuNkulunkulu ongokoqobo.
Khona-ke, yini okumelwe sikholelwe kuyo? Kunengqondo ukukholelwa kuNkulunkulu ongokoqobo. Kuyisihluthulelo sokuphendula imibuzo enamandla ephakanyiswe ngenhla. Sikumema ukuba ucabangele ubufakazi obunikezwa esihlokweni esilandelayo.
[Isithombe ekhasini 3]
Ikhadi lalibuza ukuthi “Kungani?”
[Umthombo]
NEWSTEAM No. 278468/Sipa Press