“Dumisa UJehova Ngezinto Zakho Eziyigugu”—Kanjani?
“DUMISA uJehova [ngezinto zakho eziyigugu, NW], nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.” Lamazwi okuhlakanipha aphefumulelwe, alotshwa eminyakeni engaba ngu-2 600 edlule, anesihluthulelo sokuthola intilibathwa yezibusiso zikaJehova, ngoba umlobi uyaqhubeka athi: “Izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi, nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.”—IzAga 3:9, 10.
Kodwa kusho ukuthini ukudumisa uNkulunkulu? Iziphi izinto zethu eziyigugu okufanele sidumise ngazo uJehova? Futhi singakwenza kanjani lokhu?
“Dumisa UJehova”
EmiBhalweni, igama lesiHeberu eliyinhloko elisho ukudumisa, ka·vohdhʹ, ngokwezwi nezwi lisho “ukuba nesisindo.” Ngakho ukudumisa umuntu kusho ukumbheka njengonesisindo, omkhulu noma obalulekile. Elinye igama lesiHeberu elisho ukudumisa, yeqarʹ, lihunyushwa ngokuthi “igugu” nangokuthi “izinto eziyigugu.” Ngokufanayo, igama lesiGreki elithi ti·meʹ, elihunyushwe ngokuthi “dumisa” eBhayibhelini, lidlulisela umqondo wokwazisa nokuba yigugu. Ngakho umuntu udumisa omunye ngokumbonisa inhlonipho ejulile nokumazisa.
Ukudumisa futhi kunesinye isici. Cabangela ukulandisa okuphathelene nomJuda othembekile uMoridekayi, esikhathini esithile owembula uzungu lokubulawa kweNkosi u-Ahashiveroshi yasePheresiya lasendulo. Kamuva, lapho inkosi ithola ukuthi akuzange kwenziwe lutho ukuze kudunyiswe uMoridekayi ngaleso senzo, yabuza undunankulu wayo, uHamani, indlela engcono kakhulu eyayingadumisa ngayo umuntu eyayimthanda. UHamani wacabanga ukuthi nguye owayeyodunyiswa kanjalo, kodwa yeka ukuthi wayenephutha kanjani! Noma kunjalo, uHamani wathi umuntu onjalo kwakufanele agqokiswe “isambatho sobukhosi” futhi agibele ‘ihashi inkosi ekade ikhwela kulo.’ Waphetha ngokuthi: ‘Akhweliswe ehashini esigcawini somuzi, kumenyezwe phambi kwakhe ngokuthi: Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.’ (Esteri 6:1-9) Kulokhu, ukudumisa umuntu kwakuhlanganisa nokumdumisa obala ukuze ahlonishwe yibo bonke abantu.
Ngokufanayo, ukudumisa uJehova kunezici ezimbili: ukumbonisa inhlonipho ejulile nokumdumisa obala ngokuhlanganyela nangokusekela umsebenzi wokumemezela igama lakhe obala.
‘Izinto Zakho Eziyigugu’—Ziyini?
Ngokuqinisekile, izinto zethu eziyigugu zihlanganisa ukuphila kwethu, isikhathi sethu, amakhono ethu namandla ethu. Kuthiwani ngezinto zethu ezibonakalayo? Cabangela amazwi kaJesu lapho ebona umfelokazi oswelayo ekhalakathelisela ebhokisini lomcebo wethempeli izinhlamvu ezimbili zenani elincane. Wathi: “Lomfelokazi, nakuba empofu, ukhalakathelisele okungaphezulu kunokuba bonke benzile. Ngoba bonke laba [abanye abanikelayo] bakhalakathelisele izipho ezivela ensaleleni yabo, kodwa lona wesifazane ekusweleni kwakhe ukhalakathelisele konke abenakho abeziphilisa ngakho.” (Luka 21:1-4) UJesu watusa lomfelokazi ngokusebenzisa izinto zakhe ezibonakalayo ekuthuthukiseni ukukhulekelwa kukaJehova.
Khona-ke, kusobala ukuthi izinto eziyigugu uSolomoni ayekhuluma ngazo zihlanganisa nanoma iziphi izinto ezibonakalayo esingase sibe nazo. Futhi amazwi athi ‘ulibo lwazo zonke izithelo zakho’ anomqondo wokunikela kuJehova ngezinto zethu eziyigugu ezingcono kakhulu.
Nokho, ukunikela ngezinto ezibonakalayo kungamdumisa kanjani uNkulunkulu? Kakade, akuzona yini ezakhe zonke izinto? (IHubo 50:10; 95:3-5) Emthandazweni wayo oqotho kuJehova, iNkosi uDavide yavuma: “Konke kuvela kuwe.” Futhi ngokuphathelene nomnikelo omkhulu yena nabantu bakhe abawenza ukuze kwakhiwe ithempeli, uDavide wathi: ‘Okuvela esandleni sakho lokhu sikuniké wena.’ (1 IziKronike 29:14) Ngakho lapho sinikela ngezipho kuJehova, simane nje sibuyisela lokho aye wasinika khona ngenhliziyo yakhe enhle. (1 Korinte 4:7) Kodwa, njengoba kuboniswe ngaphambili, ukudumisa uJehova kuhlanganisa ukumdumisa phambi kwabanye. Futhi izipho zezinto ezibonakalayo ezisetshenziselwa ukuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso zidumisa uNkulunkulu. IBhayibheli liqukethe izibonelo ezinhle zalendlela yokudumisa uJehova.
Izibonelo Zasendulo
Eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, lapho kufika isikhathi sokuba uJehova alungiselele itabernakele njengendawo yokukhulekela yama-Israyeli ehlane, kwaba nesidingo sezinto ezihlukahlukene eziyigugu ezazidingeka emklamweni onikezwe ngokwaphezulu. UJehova wayala uMose ukuba ‘bonke abanenhliziyo ethandayo balethe umnikelo kuJehova.’ (Eksodusi 35:5) Ukulandisa kuqhubeka kuthi: “Bafika, kwaba-yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube-ngowomsebenzi wetende lokuhlangana, nowenkonzo yonke yalo, nowezambatho ezingcwele.” (Eksodusi 35:21) Eqinisweni, umnikelo wabo wokuzithandela waba mningi kakhulu kunalokho okwakudingeka ukuze kwenziwe lowo msebenzi kangangokuthi kwadingeka ukuba abantu ‘bavinjelwe ukuletha’!—Eksodusi 36:5, 6.
Cabangela esinye isibonelo. Lapho itabernakele seliyifezile injongo yalo futhi sekwenziwa amalungiselelo okwakhiwa kwethempeli, uDavide wenza umnikelo omkhulu wethempeli elalizokwakhiwa indodana yakhe uSolomoni. Futhi wakhipha isimemezelo sokuba nabanye benze kanjalo, futhi abantu basabela ngokunikela ngezipho zezinto eziyigugu kuJehova. Isiliva negolide kukodwa kwakungaba cishe amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-222 ngokwenani lanamuhla. “Abantu bajabula ngokunikela kwabo [ngokuzithandela, NW].”—1 IziKronike 29:3-9; 2 IziKronike 5:1.
‘Iminikelo Yokuzithandela’ Osukwini Lwethu
Singahlanganyela kanjani enjabulweni yokwenza iminikelo yokuzithandela osukwini lwethu? Umsebenzi obaluleke kakhulu owenziwayo emhlabeni kulesi sikhathi owokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19, 20; IzEnzo 1:8) Futhi uJehova uye wakubona kufanelekile ukuphathisa oFakazi bakhe izithakazelo zoMbuso zasemhlabeni.—Isaya 43:10.
Kusobala ukuthi kudingeka imali ukuze kuxhaswe umsebenzi owenziwa oFakazi BakaJehova namuhla. Ukwakha nokunakekela amaHholo OMbuso, amaHholo OMhlangano, amahhovisi amagatsha, amafektri namakhaya aseBethel kuhilela imali. Ukunyathelisa nokusakaza amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngezilimi ezihlukahlukene nakho kuhilela izindleko. Kuhlangatshezwana kanjani nezindleko ezinjalo zokuhlela umsebenzi? Ngeminikelo yokuzithandela!
Eminingi yeminikelo ivela kubantu—labo njengomfelokazi owabonwa uJesu—abanokuncane kokuziphilisa. Bengafuni ukuphuthelwa yilesi sici sokudumisa uJehova, banikela imali elingene ‘amandla abo angokoqobo,’ futhi ngezinye izikhathi, ngisho ‘nengaphezu kwamandla abo angokoqobo.’—2 Korinte 8:3, 4.
Umphostoli uPawulu watshela amaKristu aseKorinte: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokungathandi noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Ukupha ngokwenama kudinga ukuhlela okuhle. UPawulu watshela abaseKorinte: “Njalo ngosuku lokuqala lwesonto yilowo nalowo kini endlini yakhe siqu makabeke eceleni okuthile kugciniwe kuye ngokuchuma kwakhe, ukuze kuthi lapho ngifika ukuqoqwa kweminikelo kungenzeki ngalesosikhathi.” (1 Korinte 16:2) Ngokufanayo, ngasese nangokuzithandela, labo abafisa ukwenza iminikelo yokuthuthukisa umsebenzi woMbuso namuhla bangabekela eceleni enye yemali yabo ngaleyo njongo.
UJehova Uyababusisa Abamdumisayo
Nakuba ukuchuma ngezinto ezibonakalayo ngokwakho kungaholeli ekuchumeni ngokomoya, ukuzisebenzisa ngokungagodli izinto zethu eziyigugu—isikhathi sethu, amandla ethu nezinto zethu ezibonakalayo—ekudumiseni uJehova kuletha izibusiso ezicebile. Lokhu kunjalo ngoba uNkulunkulu, okungezakhe zonke izinto, uyasiqinisekisa: “Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.”—IzAga 11:25.
Ngemva kokufa kweNkosi uDavide, indodana yayo uSolomoni yasebenzisa iminikelo yokuzithandela eyaqoqwa uyise ekwakheni ithempeli elikhazimulayo, njengoba uJehova ayeyalile. Futhi ngesikhathi uSolomoni ayesathembekile ekukhulekeleni kwakhe uNkulunkulu, “oJuda noIsrayeli bahlala belondekile . . . kusukela kwaDani kuze kube-seBeri-Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.” (1 AmaKhosi 4:25) Izinqolobane zazigcwele, imiphongolo yewayini iphuphuma—ngesikhathi u-Israyeli ‘ayedumisa uJehova ngezinto zakhe eziyigugu.’
Kamuva, ngomprofethi uMalaki, uJehova wathi: “Ningivivinye ngalokhu, usho uJehova-Sebawoti, uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.” (Malaki 3:10) Ukuchuma okungokomoya okujatshulelwa izinceku zikaJehova namuhla kuwubufakazi bokuthi uNkulunkulu uye wasifeza isithembiso sakhe.
Ngokuqinisekile uJehova uyajabula lapho sifeza ingxenye yethu ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso. (Heberu 13:15, 16) Futhi uthembisa ukusilondoloza uma ‘siqhubeka sifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe.’ (Mathewu 6:33) Ngenhliziyo echichima injabulo, kwangathi ‘singadumisa uJehova ngezinto zethu eziyigugu.’
[Ibhokisi ekhasini 29]
Izindlela Abanye Abakhetha Ukupha Ngazo Iminikelo Yomsebenzi Womhlaba Wonke
Abaningi babekela eceleni imali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo aseHholo LoMbuso. Inyanga ngayinye amabandla athumela lemali endlunkulu yomhlaba wonke eseBrooklyn, eNew York, noma ehhovisi legatsha eliseduze.
Iminikelo yokuzithandela yemali ingase futhi ithunyelwe ngokuqondile e-Treasurer’s Office, Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, 25 Columbia Heights, Brooklyn, New York 11201-2483, noma ehhovisi leNhlangano elikhonza izwe lakini. Kunganikelwa nangamatshe ayigugu noma ezinye izinto eziyigugu. Incwadi emfushane ebonisa ukuthi okunjalo kuyisipho esiqondile kufanele ihambisane naleminikelo.
Ilungiselelo Lomnikelo Onombandela
Imali ingase inikwe i-Watch Tower Society ngendlela yokuyigcina kuze kufe umniniyo, ngelungiselelo lokuthi uma kuphakama isidingo somuntu siqu, iyobuyiselwa kumniniyo. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, siza uthintane ne-Treasurer’s Office ekhelini elingezansi.
Ukupha Okuhleliwe
Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali neminikelo enemibandela yemali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe inkonzo yoMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:
Umshwalense: I-Watch Tower Society ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wokuguga. INhlangano kufanele yaziswe nganoma yimaphi amalungiselelo anjalo.
Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower Society njengesipho esiqondile noma ngaphansi kwelungiselelo lapho inzuzo iqhubeka ikhokhelwa umniniyo.
Izindlu Nezindawo: Izindlu nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa kuyi-Watch Tower Society ngokwenza isipho esiqondile noma ngokuthi indawo igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe. Umuntu kumelwe athinte iNhlangano ngaphambi kokuba enze noma yimuphi umnikelo wendlu nendawo eNhlanganweni.
Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingabhaliswa nge-Watch Tower Society njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho. Ikhophi yencwadi yefa kumelwe ithunyelwe eNhlanganweni.
Labo abanesithakazelo kunoma yiliphi lalamalungiselelo okupha okuhleliwe kufanele bathinte i-Treasurer’s Office ekhelini elingezansi noma ihhovisi leNhlangano elikhonza izwe lakubo. I-Treasurer’s Office kufanele ithole ikhophi yezincwadi zobufakazi ezifanele ngokuphathelene nanoma iliphi lalamalungiselelo.
TREASURER’S OFFICE
Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740
Ucingo: (011) 761-1000