Kwenzekani Entsheni?
IZINDABA ezinhle noma ezimbi—yiziphi othanda ukuzizwa kuqala? Lapho bebuzwa lombuzo, abaningi bakhetha ukuzwa izindaba ezimbi kuqala benethemba lokuthi izindaba ezinhle yizona ezizokhumbuleka.
Lapho sihlola okwenzekayo entsheni namuhla, cabangela kuqala isimo samanje. Abantu abadala ngokuvamile bathi intsha yanamuhla ayifani nentsha yakudala. Intsha, ngakolunye uhlangothi, icasukela noma yini esikisela ukuthi ayiphili ngokuvumelana nezindinganiso zangeminyaka edlule. Nokho, izingqapheli zesintu eziphawulayo ziyavuma ukuthi intsha yanamuhla ihlukile.
Ihluke Kanjani?
Nakuba abantu ngokuvamile bekholelwa ukuthi intsha kufanele iziphathe kahle, ibe nokwethenjelwa futhi ihloniphe abanye, ngokuvamile akubi njalo. Ngokokuhlola okwanyatheliswa ephephandabeni laseLondon i-Independent, intsha “isiba ‘nomoya omusha wokuvukela’ izwe ebona kuyilona ngokuyinhloko eliyicekele phansi.” ‘Lomoya omusha wokuvukela’ ubonakala emiphumeleni yokuhlola ebonisa ukuthi imbalwa intsha yanamuhla efuna ukuzibheka “njengehluzekile nenokwethenjelwa.” Kunalokho, ifuna ukubhekwa “njengenobudlova nengaqondakali.”
Ngokwesibonelo, ubugebengu obabikwa eBrithani—obuningi babo obenziwa intsha—banda ngokuphindwe kayishumi phakathi kuka-1950 no-1993. Ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa nophuzo oludakayo nakho kwande ngezinga elifanayo. I-Times yaseLondon ithi ngesikhathi esifanayo, cishe wonke amazwe asethuthukile aye abhekana “nokwanda okuphawulekayo kokuphazamiseka okungokwengqondo nokwezenhlalo entsheni kusukela ngeMpi Yezwe Yesibili.” NgokukaDavid J. Smith, uprofesa wesayensi ephathelene nobugebengu, lokhu kuphazamiseka “akuhlobene nje nobumpofu noma nokuceba okwandayo.” Ukucwaninga kubonisa ukuthi manje kubonakala umehluko omkhulu phakathi kwentsha nabantu abadala.
Namuhla izingane kanye nentsha esanda kweva eshumini nambili babhekana nokucindezeleka okwandayo. Izenzakalo zokuzibulala nokuzama ukuzibulala zandile. I-Herald yaseGlasgow eScotland ibika ukuthi inani lezingane ezingaphansi kweminyaka engu-12 eziye zazama ukuzibulala liye laphindeka kabili esikhathini esingaphansi kweminyaka eyishumi. Izingane ezindadlana zivumela ukuphelelwa ithemba kuziholele kuleso senzo. Leli phephandaba lithi: “Lezo izimo ezimbi kakhulu ezinkingeni ezingokwengqondo ezandayo entsheni, ezibonakala zizodlulela ngalé kosizo intsha elunikezwayo.”
Ubani Onecala?
Abadala bakuthola kulula ukusola intsha ngemibono yayo “enhlanhlathayo.” Nokho, eqinisweni, akubona yini abantu abadala abanecala kakhulu ngokwenzekayo manje entsheni? Ukuhlukunyezwa ontanga, ukunganakwa abazali, ukuntuleka kwabantu abayizibonelo intsha engabalingisa futhi ithembele kubo, kuvame ukubalwa njengezimbangela zalokhu kunhlanhlatha. UProfesa Sir Michael Rutter, ophethe i-Medical Research Council Child Psychiatry Unit yaseBrithani, uthi: “Ukucindezeleka emphakathini kuvame njengoba kwakunjalo eminyakeni engu-30 edlule.” Unezela ngokuthi: “Kodwa izenzakalo zako entsheni eyeve eshumini nambili nakwesikhulakhulile ziye zanda kakhulu. . . . Akungabazeki ukuthi ukuwohloka komkhaya kunengxenye; hhayi isehlukaniso kuphela, kodwa namazinga avamile okuhilizisana nezingxabano phakathi kwabantu abadala.”
Omunye umcwaningi uthi intsha “iyayenqaba imikhuba yakudala.” Ngani? “Ngoba imikhuba yakudala ayivumelani nayo.” Ngokwesibonelo, cabangela ukushintsha kwemibono yezindima zabantu bobulili obuhlukile. Abesifazane abaningi abasebasha baba nezici ezivame kwabesilisa zokuba nolaka nobudlova, kuyilapho izinsizwa ziba nezici zabesifazane. Yeka ukuthi lokhu kuhluke kanjani emikhubeni yakudala!
Kodwa kungani sibona ushintsho olukhulu kangaka manje? Futhi iziphi izindaba ezinhle ezikhona ngentsha namuhla? Ingaba kanjani nekusasa elilondekile? Isihloko sethu esilandelayo sicabangela izimpendulo zalemibuzo.