UJehova, UNkulunkulu ‘Okulungele Ukuthethelela’
“Wena Jehova, umuhle futhi ukulungele ukuthethelela.”—IHUBO 86:5, NW.
1. Yimuphi umthwalo osindayo iNkosi uDavide eyawuthwala, futhi yayitholela kanjani inhliziyo yayo ekhathazekile induduzo?
INKOSI UDAVIDE yakwa-Israyeli wasendulo yayazi ukuthi umthwalo kanembeza onecala ungasinda kangakanani. Yabhala: “Iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda. Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.” (IHubo 38:4, 8) Nokho, uDavide watholela inhliziyo yakhe ekhathazekile induduzo. Wayazi ukuthi nakuba uJehova esizonda isono, akasizondi isoni—uma siphenduka ngempela futhi silahla inkambo yaso yokona. (IHubo 32:5; 103:3) Ekholelwa ngokugcwele ekuzimiseleni kukaJehova ukubonisa isihe kwabaphendukayo, uDavide wathi: “Wena Jehova, umuhle futhi ukulungele ukuthethelela.”—IHubo 86:5, NW.
2, 3. (a) Lapho sona, yimuphi umthwalo esingase siwuthwale ngenxa yalokho, futhi kungani lokhu kunempilo? (b) Iyiphi ingozi ekhona ‘ekugwinyweni’ umuzwa wecala? (c) Yisiphi isiqinisekiso iBhayibheli elisinika sona mayelana nokuzimisela kukaJehova ukuthethelela?
2 Lapho sona, nathi singase sithwale umthwalo oqeda amandla owunembeza obuhlungu ngenxa yalokho. Lomuzwa wokuzisola uvamile, futhi unempilo. Ungasishukumisela ukuba sithathe izinyathelo eziqondile zokulungisa amaphutha ethu. Nokho, amanye amaKristu aye anqotshwa umuzwa wecala. Inhliziyo yawo ezilahla yona ingase iphikelele ngokuthi uNkulunkulu ngeke awathethelele ngokuphelele, kungakhathaliseki ukuthi aphenduke kangakanani. “Kuwumuzwa obuhlungu kakhulu lapho ucabanga ukuthi kungenzeka uJehova akasakuthandi,” kusho omunye udade, ecabanga ngephutha ayelenzile. Ngisho nangemva kokuba ephendukile futhi wamukela iseluleko esiwusizo kubadala bebandla, waqhubeka ezizwa engayifanelekeli intethelelo kaNkulunkulu. Uyachaza: “Alupheli usuku ngingamcelanga uJehova ukuba angithethelele.” Uma ‘sigwinywa’ umuzwa wecala, uSathane angase azame ukusenza siyeke, sibe nomuzwa wokuthi asikufanelekeli ukukhonza uJehova.—2 Korinte 2:5-7, 11.
3 Kodwa akuyona neze leyo indlela uJehova abheka ngayo izinto! IZwi lakhe lisiqinisekisa ukuthi lapho sibonisa ukuphenduka kwangempela okusuka enhliziyweni, uJehova uzimisele, yebo ukulungele, ukuthethelela. (IzAga 28:13) Ngakho uma kwake kwabonakala ungenakuyithola intethelelo kaNkulunkulu, mhlawumbe okudingeka ukuba ukuqonde kangcono ukuthi kungani ethethelela futhi uthethelela kanjani.
Kungani UJehova ‘Ekulungele Ukuthethelela’?
4. Yini uJehova ayikhumbulayo ngesimo sethu, futhi lokhu kuyithinta kanjani indlela asiphatha ngayo?
4 Siyafunda: “Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.” Kungani uJehova ethambekele ekuboniseni isihe? Ivesi elilandelayo liyaphendula: “Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:12-14) Yebo, uJehova akakhohlwa ukuthi siyizidalwa zothuli, ezinobuthakathaka obuwumphumela wokungapheleli. Amazwi athi uyakwazi “ukubunjwa kwethu” asikhumbuza ukuthi iBhayibheli lifanisa uJehova nombumbi, thina lisifanise nezitsha azibumbayo.a (Jeremiya 18:2-6) Umbumbi uzibamba aziqinise izitsha zakhe zobumba kodwa ngokucophelela, ekhumbula njalo isimo sazo. Ngakho, noJehova, uMbumbi Omkhulu, uvumelanisa ukusebenzelana kwakhe nathi nobuthakathaka besimo sethu esinesono.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 4:7.
5. Incwadi yabaseRoma ikuchaza kanjani ukubamba kwesono okunamandla enyameni yethu ebuthaka?
5 UJehova uyayiqonda indlela isono esinamandla ngayo. ImiBhalo ichaza isono njengamandla amakhulu ambambele ukufa umuntu. Kunamandla kangakanani ukubamba kwesono? Encwadini yabaseRoma, umphostoli uPawulu ophefumulelwe uchaza lokhu ngamazwi acacile: ‘Singaphansi kwesono,’ njengoba nje amasosha engaphansi komkhuzi wawo (Roma 3:9); siye “sabusa” phezu kwesintu njengenkosi (Roma 5:21); “sihlala” phakathi kithi (Roma 7:17, 20); “umthetho” waso usebenza ngokuqhubekayo kithi, empeleni uzama ukulawula inkambo yethu. (Roma 7:23, 25) Yeka impi enzima esibhekene nayo yokumelana nokuxhakathisa okunamandla kwesono inyama yethu ebuthaka!—Roma 7:21, 24.
6. UJehova ubabheka kanjani labo abafuna isihe sakhe benenhliziyo ezisolayo?
6 Ngakho, uNkulunkulu wethu onesihe uyazi ukuthi akunakwenzeka ngathi ukuba simlalele ngokuphelele, kungakhathaliseki ukuthi izinhliziyo zethu zingase zifune kangakanani ukukwenza. (1 AmaKhosi 8:46) Ngothando usiqinisekisa ukuthi lapho sifuna isihe sakhe esinjengesikababa, sínenhliziyo edabukile, uyosithethelela. Umhubi uDavide wathi: “Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.” (IHubo 51:17) UJehova akasoze ayenqabe, noma ayifulathele, inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo ngenxa yomthwalo owumuzwa wecala. Yeka ukuthi lokho kukuchaza kahle kanjani ukuzimisela kukaJehova ukuthethelela!
7. Kungani singenakusithatha kalula isihe sikaNkulunkulu?
7 Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi singasithatha kalula isihe sikaNkulunkulu, sisebenzise isimo sokuthambekela kwethu esonweni njengesaba sokona? Lutho neze! UJehova akaqondiswa nje umzwelo. Isihe sakhe sinemikhawulo. Ngeke nakancane abathethelele labo abenza isono ukuze balimaze abanye ngenhliziyo elukhuni, ngamabomu futhi bengaphenduki. (Heberu 10:26-31) Ngakolunye uhlangothi, lapho ebona inhliziyo “eyaphukileyo nedabukileyo,” “ukulungele ukuthethelela.” (IzAga 17:3) Make sicabangele amanye amazwi aphawulekayo asetshenziswe eBhayibhelini ekuchazeni ukuphelela kwentethelelo yaphezulu.
UJehova Uthethelela Ngokuphelele Kangakanani?
8. Yini uJehova ayenzayo lapho ethethelela izono zethu, futhi lokhu kufanele kusithinte kanjani?
8 INkosi uDavide ephendukile yathi: “Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: Ngizakuzivuma izono zami kuJehova; wena wathethelela icala lesono sami.” (IHubo 32:5, omalukeke sizenzele.) Igama elithi “wathethelela” lihumusha igama lesiHeberu ngokuyisisekelo elisho ukuthi “phakamisa,” “phatha, thwala.” Ukusetshenziswa kwalo lapha kubonisa ‘ukususa umuzwa wecala, isono, isiphambeko.’ Ngakho kunjengokungathi uJehova waphakamisa izono zikaDavide futhi wazisusa. (Qhathanisa noLevitikusi 16:20-22.) Ngokungangabazeki lokhu kwadambisa imizwa yecala uDavide ayekade enayo. (Qhathanisa neHubo 32:3.) Nathi singathembela ngokugcwele kuNkulunkulu othethelela izono zalabo abafuna intethelelo yakhe ngesisekelo sokholo lwabo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu. (Mathewu 20:28; qhathanisa no-Isaya 53:12.) Labo abazono zabo uNkulunkulu uziphakamisa ngalendlela futhi azisuse akudingeki baqhubeke bethwele umthwalo wemizwa yecala ngezono zesikhathi esidlule.
9. Asho ukuthini amazwi kaJesu athi: “Usithethelele amacala ethu”?
9 UJesu wasebenzisa ubuhlobo babantu abakweletwayo nababakweletayo ukuze abonise indlela uJehova athethelela ngayo. Ngokwesibonelo, uJesu wasinxusa ukuba sithandaze sithi: “Usithethelele amacala ethu [noma, izikweletu].” (Mathewu 6:12) Kanjalo uJesu wafanisa “izono” nezikweletu. (Luka 11:4) Lapho sona, siba ‘nesikweletu’ kuJehova. Isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “thethelela” singasho “ukudedela, ukuyeka, isikweletu, ngokungabe usasibasela.” Ngomqondo othile, lapho uJehova ethethelela, usula isikweletu ebesingase sifakwe kuyi-akhawunti yethu. Ngakho izoni eziphendukile zingathola induduzo. UJehova akasoze afune inkokhelo yesikweletu asesisulile!—IHubo 32:1, 2; qhathanisa noMathewu 18:23-35.
10, 11. (a) Inkulumo ethi “kusulwe” ekuzEnzo 3:19 iveza muphi umqondo? (b) Ukuphelela kwentethelelo kaJehova kufanekiswa kanjani?
10 KuzEnzo 3:19, iBhayibheli lisebenzisa esinye isifengqo esiphawulekayo ekuchazeni intethelelo kaNkulunkulu: “Ngakho-ke, phendukani futhi niguquke ukuze kusulwe izono zenu.” Igama elithi “kusulwe” lihumusha isenzo sesiGreki esingase sisho “ukusula, ukuhlikiza, ukuhoxisa, noma ukubhubhisa” uma sisetshenziswe njengesingathekiso. Ngokwezinye izazi, umqondo ovezwayo owokusula umbhalo wesandla. Kwakungenzeka kanjani lokhu? Uyinki owawuvame ukusetshenziswa ezikhathini zasendulo wawuyingxube eyayihlanganisa i-carbon, inhlaka namanzi. Ngokushesha ngemva kokubhala ngoyinki onjalo, umuntu wayekwazi ukuthatha isiponji esimanzi asule ngaso umbhalo.
11 Lokhu kukuchaza kahle ukuphelela kwentethelelo kaJehova. Lapho ethethelela izono zethu, kunjengokungathi uthatha isiponji azisule. Akudingeki sesabe ukuthi uyosibalela lezo zono esikhathini esizayo, ngoba iBhayibheli lembula okunye okuphawuleka ngempela ngesihe sikaJehova: Lapho ethethelela, uyakhohlwa!
“Nesono Sabo Angisayikusikhumbula”
12. Lapho iBhayibheli lithi uJehova uyazikhohlwa izono zethu, ingabe lisho ukuthi akakwazi ukuzikhumbula, kungani uphendula kanjalo?
12 Ngomprofethi uJeremiya, uJehova wathembisa lokhu ngalabo abasesivumelwaneni esisha: “Ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.” (Jeremiya 31:34) Ingabe lokhu kusho ukuthi lapho uJehova ethethelela akabe esakwazi ukukhumbula izono? Akunakwenzeka lokho. IBhayibheli lisitshela ngezono zabantu abaningi uJehova abathethelela, kuhlanganise noDavide. (2 Samuweli 11:1-17; 12:1-13) Ngokusobala uJehova usawazi amaphutha abawenza, futhi nathi kufanele siwazi. Umlando wezono zabo, kanye nowokuphenduka nokuthethelelwa kwabo nguNkulunkulu, uye wagcinelwa inzuzo yethu. (Roma 15:4) Lisho ukuthini-ke iBhayibheli lapho lithi uJehova ‘akazikhumbuli’ izono zalabo abathethelelayo?
13. (a) Ihlanganisani incazelo yesenzo sesiHeberu esihunyushwe ngokuthi “angisayikusikhumbula”? (b) Lapho uJehova ethi, “Nesono sabo angisayikusikhumbula,” yini asiqinisekisa ngayo?
13 Isenzo sesiHeberu esihunyushwe ngokuthi “angisayikusikhumbula” sisikisela okungaphezu nje kokukhumbula okwedlule. Ngokwe-Theological Wordbook of the Old Testament, sihlanganisa “nokusikisela okwengeziwe kokuthatha isinyathelo esifanele.” Ngakho, ngalomqondo, ‘ukukhumbula’ isono kuhilela ukuthathela izoni isinyathelo. Lapho umprofethi uHoseya ethi ngama-Israyeli aphambukayo, “[UJehova] uyakhumbula ububi babo,” lomprofethi wayesho ukuthi uJehova wayeyowathathela isinyathelo ngenxa yokungaphenduki kwawo. Ngakho, leli vesi liyanezela: “Uyabahambela ngezono zabo.” (Hoseya 9:9) Ngakolunye uhlangothi, lapho uJehova ethi, “Nesono sabo angisayikusikhumbula,” usiqinisekisa ukuthi uma nje esesithethelele isoni esiphendukile, ngeke asithathele isinyathelo ngenxa yalezo zono esikhathini esizayo. (Hezekeli 18:21, 22) Ngaleyo ndlela ukhohlwa ngomqondo wokuthi akalokhu evusa izono zethu ukuze asimangalele noma asijezise ngokuphindaphindiwe. Kanjalo uJehova usibekela isibonelo esihle kakhulu sokusilingisa ekusebenzelaneni kwethu nabanye. Lapho kuba nokungavumelani, kungcono kakhulu ukungavundululi amacala esikhathi esidlule owawuvumile ukuwathethelela.
Kuthiwani Ngemiphumela?
14. Kungani ukuthethelelwa kungenakusho ukuthi isoni esiphendukile sikhululekile ekubhekaneni nayo yonke imiphumela yenkambo yaso engalungile?
14 Ingabe ukulungela kukaJehova ukuthethelela kusho ukuthi isoni esiphendukile sikhululekile kuyo yonke imiphumela yenkambo yaso engalungile? Akunjalo neze. Asinakona singalindeli isijeziso. UPawulu wabhala: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” (Galathiya 6:7) Singase sibhekane nemiphumela ethile yesenzo sethu noma izinkinga, kodwa ngemva kokusithethelela, uJehova akabangeli ukuba sehlelwe ukuhlupheka. Lapho kuphakama izinkathazo, umKristu akufanele abe nomuzwa wokuthi, ‘Mhlawumbe uJehova ungijezisela izono ezidlule.’ (Qhathanisa noJakobe 1:13.) Ngakolunye uhlangothi, uJehova akasivikeli kuyo yonke imiphumela yezenzo zethu ezimbi. Isehlukaniso, ukukhulelwa okungafunwa, isifo esidluliselwa ngobulili, ukulahlekelwa ukwethenjwa noma yinhlonipho—konke lokhu kungase kube yimiphumela edabukisayo yesono, futhi uJehova ngeke asivikele kuyo. Khumbula ukuthi nakuba athethelela uDavide ngezono zakhe mayelana noBati-Sheba no-Uriya, uJehova akazange amvikele uDavide emiphumeleni eyinhlekelele eyalandela.—2 Samuweli 12:9-14.
15, 16. Umthetho okuLevitikusi 6:1-7 wawuzuzisa kanjani kokubili isisulu nesoni?
15 Izono zethu zingase zibe neminye futhi imiphumela. Ngokwesibonelo, cabanga ngokulandisa okukuLevitikusi isahluko 6. UMthetho kaMose lapha ukhuluma ngesimo lapho umuntu enza isono esibi ngokuthatha izimpahla zomIsrayeli wakubo ngokumphanga, ukumephuca noma ukumkhwabanisela. Isoni sibe sesiphika ukuthi sinecala, sibe nanesibindi sokufunga ngamanga. Kuba ukuphikisana phakathi kwabantu ababili. Nokho, kamuva isoni sihlushwa unembeza bese sisivuma isono saso. Ukuze sithole intethelelo kaNkulunkulu, kudingeka senze izinto ezintathu ezengeziwe: ukubuyisela ebesikuthathile, ukukhokhela isisulu inhlawulo engamaphesenti angu-20, nokunikela ngenqama njengomnikelo wecala. Khona-ke, umthetho uthi: “Umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, aze athethelelwe.”—Levitikusi 6:1-7; qhathanisa noMathewu 5:23, 24.
16 Lomthetho wawuyilungiselelo lesihe elivela kuNkulunkulu. Wawuzuzisa isisulu, esimpahla yaso yayibuyiselwa futhi ngokungangabazeki esasizwa impumuzo enkulu lapho isoni sivuma isono saso ekugcineni. Ngesikhathi esifanayo, lomthetho wawuzusisa lowo onembeza wakhe ekugcineni wawumshukumisele ukuba avume icala lakhe futhi alungise iphutha lakhe. Yebo, uma ayenqabile ukwenza kanjalo, wayengeke ayithole intethelelo kuNkulunkulu.
17. Lapho izono zethu ziye zalimaza abanye, yini uJehova alindele ukuba siyenze?
17 Nakuba singekho ngaphansi koMthetho kaMose, usinika umbono oyigugu ngomqondo kaJehova, kuhlanganise nokucabanga kwakhe ngokuthethelela. (Kolose 2:13, 14) Lapho abanye beye balinyazwa noma baba yizisulu zezono zethu, uJehova uyajabula lapho senza esingakwenza ukuze ‘silungise okungalungile.’ (2 Korinte 7:11) Lokhu kuhilela ukuvuma isono sethu, ukuvuma ukuthi sinecala, ngisho nokuxolisa esisulwini. Khona-ke singanxusa kuJehova ngesisekelo somhlatshelo kaJesu futhi sithole impumuzo kanembeza ohlanzekile nokuqiniseka ukuthi siye sathethelelwa nguNkulunkulu.—Heberu 10:21, 22.
18. Yisiphi isiyalo esingase sihambisane nentethelelo kaJehova?
18 Njenganoma yimuphi umzali onothando, uJehova angase asithethelele kuhambisane nesiyalo esithile. (IzAga 3:11, 12) UmKristu ophendukile kungase kudingeke ahlukane nelungelo lakhe lokukhonza njengomdala, inceku ekhonzayo, noma iphayona. Kungase kube buhlungu kuye ukulahlekelwa okwesikhathi esithile amalungelo abeyigugu kuye. Nokho, isiyalo esinjalo asisho ukuthi uye walahlekelwa umusa kaJehova noma ukuthi uJehova uyigodlile intethelelo. Ngaphezu kwalokho, kumelwe sikhumbule ukuthi isiyalo esivela kuJehova siwubufakazi bothando lwakhe ngathi. Ukusamukela nokusisebenzisa kuzuzisa thina futhi kungaholela ekuphileni okumi phakade.—Heberu 12:5-11.
19, 20. (a) Uma uye wona, kungani kungafanele uzizwe ungafanelwe yisihe sikaJehova? (b) Kuzoxoxwa ngani esihlokweni esilandelayo?
19 Yeka indlela okuqabula ngayo ukwazi ukuthi sikhonza uNkulunkulu ‘okulungele ukuthethelela’! UJehova ubona okungaphezu kwezono zethu namaphutha ethu. (IHubo 130:3, 4) Uyakwazi okusezinhliziyweni zethu. Uma unomuzwa wokuthi inhliziyo yakho yaphukile futhi idabukile ngenxa yamaphutha esikhathi esidlule, ungaphethi ngokuthi awusoze wasifanelekela isihe sikaJehova. Kungakhathaliseki ukuthi uye wenza amaphutha angakanani, uma uye waphenduka ngempela, wathatha izinyathelo zokulungisa okungalungile, futhi wathandazela intethelelo kaJehova ngobuqotho ngesisekelo segazi likaJesu elachithwa, ungaqiniseka ngokugcwele ukuthi amazwi eyoku-1 Johane 1:9 ayasebenza kuwe: “Uma sizivuma izono zethu, yena ukholekile futhi ulungile ukuba asithethelele izono zethu futhi asihlanze kukho konke ukungalungi.”
20 IBhayibheli lisikhuthaza ukuba silingise ukuthethelela kukaJehova ekusebenzelaneni kwethu. Nokho, kulindeleké ukuba sithethelele futhi sikhohlwe ngezinga elingakanani lapho abanye besona? Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokuthakazelisayo, igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “ukubunjwa kwethu” lisetshenziselwa izitsha zobumba ezakhiwa umbumbi.—Isaya 29:16.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kungani uJehova ‘ekulungele ukuthethelela’?
◻ IBhayibheli likuchaza kanjani ukuphelela kwentethelelo kaJehova?
◻ Lapho uJehova ethethelela, ukhohlwa ngamuphi umqondo?
◻ Yini uJehova alindele ukuba siyenze lapho izono zethu ziye zalimaza abanye?
[Isithombe ekhasini 12]
Lapho izono zethu ziye zalimaza abanye, uJehova ulindele ukuba silungise