Ukuphila Ngenkululeko Ngokuvumelana Nokuzinikezela KobuKristu
“Lapho kunomoya kaJehova khona, kukhona inkululeko.”—2 KORINTE 3:17.
1. OFakazi BakaJehova bazinikezele kubani, futhi kungani besebenzisa izinhlangano ezingokomthetho?
OFAKAZI BAKAJEHOVA bakholelwa ukuthi inkolo yabo iyohlala phakade. Ngakho-ke babheke phambili ekukhonzeni uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso” phakade. (Johane 4:23, 24) Njengezidalwa ezinenkululeko yokuzikhethela, la maKristu aye azinikezela kuJehova uNkulunkulu ngokungazigodli futhi azimisele ukuphila ngokuvumelana nalokho. Ukuze enze lokho, ancika eZwini likaNkulunkulu nasemoyeni wakhe ongcwele. Njengoba belandela ngenhliziyo yonke inkambo yabo yokuzinikezela kobuKristu, benenkululeko evela kuNkulunkulu, oFakazi babonisa inhlonipho efanele ngendima ‘yamagunya aphakeme’ angohulumeni futhi bazisebenzisa kahle izindlela namalungiselelo omthetho. (Roma 13:1; Jakobe 1:25) Ngokwesibonelo, oFakazi basebenzisa i-Watch Tower Society njengethuluzi elingokomthetho—elinye lamaningi asemazweni ahlukahlukene—ukuze ibasize bafeze umsebenzi wabo wokusiza abantu abaphila nabo, ikakhulukazi ngezindlela ezingokomoya. Kodwa oFakazi bazinikezele kuNkulunkulu, hhayi enhlanganweni ethile engokomthetho, futhi ukuzinikezela kwabo kuJehova kuyoqhubeka phakade.
2. Kungani oFakazi BakaJehova beyazisa kakhulu i-Watch Tower Society nezinhlangano ezingokomthetho ezinjengayo?
2 Njengezinceku ezizinikezele kuNkulunkulu, oFakazi BakaJehova banesibopho sokulandela iziyalezo zikaJesu ‘zokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, bababhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, babafundise.’ (Mathewu 28:19, 20) Lo msebenzi uyoqhubeka kuze kube sekupheleni kwalesi simiso sezinto, ngoba uJesu wathi futhi: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:3, 14) Unyaka ngamunye, izindawo zokunyathelisa ze-Watch Tower Society nezinhlangano ezingokomthetho ezinjengayo zilungiselela oFakazi BakaJehova izigidi zamaBhayibheli, izincwadi, izincwajana ezingangomagazini nomagazini ukuze bakusebenzise emsebenzini wabo wokushumayela emhlabeni wonke. Ngakho-ke lezi zinhlangano ezingokomthetho zibaluleke kakhulu ekusizeni izinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele ukuba ziphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwazo kuye.
3. OFakazi BakaJehova babelisebenzisa ngamuphi umqondo igama elithi “iNhlangano” ngaphambili?
3 Othile angase athi indlela oFakazi abakhuluma ngayo nge-Watch Tower Society—noma nje ngokuvamile “iNhlangano”—ibonisa ukuthi bayibheka njengengaphezu kokuba ithuluzi elingokomthetho. Abayibheki yini njengegunya eliphakeme ezindabeni zokukhulekela? Incwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu icacisa leli phuzu ngokuchaza: “Lapho INqabayokulinda [yesiNgisi ka-June 1, 1938] ikhuluma ‘ngeNhlangano,’ lokhu kwakungasho nje ithuluzi elingokomthetho, kodwa kwakusho indikimba yamaKristu agcotshiwe ayakha leyonhlangano engokomthetho futhi eyisebenzisa.”a Ngakho-ke leli gama lalimelela “isigqila esikholekile nesiqondayo.” (Mathewu 24:45) Kungalo mqondo oFakazi ngokuvamile ababelisebenzisa ngawo igama elithi “iNhlangano.” Yebo, inhlangano engokomthetho ‘nesigqila esikholekile nesiqondayo’ akuwona amagama asho into efanayo. Abaqondisi be-Watch Tower Society bayakhethwa, kanti oFakazi abakha “isigqila esikholekile” bagcotshwa umoya ongcwele kaJehova.
4. (a) OFakazi abaningi bakhuluma kanjani ukuze bagweme ukungaqondwa kahle? (b) Kungani kufanele sibe abalinganiselayo ngokuqondene namagama asetshenziswayo?
4 Ukuze bagweme ukungaqondwa kahle, oFakazi BakaJehova bazama ukuqaphela indlela abakhuluma ngayo. Kunokuba bathi, “iNhlangano ifundisa ukuthi,” oFakazi abaningi bakhetha ukusebenzisa inkulumo enjengokuthi, “iBhayibheli lithi” noma, “ngokuqonda kwami, iBhayibheli lifundisa ukuthi.” Ngale ndlela bagcizelela ukuzinqumela uFakazi ngamunye aye wakwenza ngokwamukela izimfundiso zeBhayibheli futhi bagwema ukunikeza umbono ongewona wokuthi ngandlela-thile oFakazi baboshwe imiyalo yehlelo elithile lenkolo. Yebo, ukusikisela ngokuqondene namagama okusetshenziswa akufanele neze kube indaba okuphikiswana ngayo. Kakade, ukuthi kusetshenziswa maphi amagama kubaluleke nje kuphela ekuvimbeleni ukungaqondwa kahle. Ukulinganisela kobuKristu kuyadingeka. IBhayibheli lisiyala ukuba ‘singalwi ngamazwi.’ (2 Thimothewu 2:14, 15) ImiBhalo inikeza nalesi simiso: “Ngaphandle kokuba nikhulume ngolimi inkulumo eqondakala kalula, kuyokwaziwa kanjani lokho okukhulunywayo?”—1 Korinte 14:9.
Umoya KaNkulunkulu Unciphisa Isidingo Semithetho
5. Kufanele iqondwe kanjani eyoku-1 Korinte 10:23?
5 Umphostoli uPawulu wathi: “Zonke izinto zingokomthetho; kodwa akuzona zonke izinto ezinosizo.” Wanezela: “Zonke izinto zingokomthetho; kodwa akuzona zonke izinto ezakhayo.” (1 Korinte 10:23) Ngokusobala uPawulu wayengasho ukuthi kungokomthetho ukwenza izinto iZwi likaNkulunkulu elizilahla ngokucacile. Uma kuqhathaniswa nemithetho engaba ngu-600 eyanikezwa u-Israyeli wasendulo, imbalwa imiyalo ecacile eqondisa ukuphila kobuKristu. Ngakho, izinto eziningi zishiyelwa kunembeza womuntu. Umuntu oye wazinikezela kuJehova ujabulela inkululeko elethwa ukuqondiswa umoya kaNkulunkulu. Njengoba eye wenza iqiniso laba elakhe, umKristu ulandela unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli, athembele nasekuqondisweni uNkulunkulu ngomoya ongcwele. Lokhu kusiza umKristu ozinikezele ukuba anqume ukuthi yini eyoba ‘eyakhayo’ neyoba “nosizo” kuye nakwabanye. Uyaqaphela ukuthi izinqumo azenzayo ziyothinta ubuhlobo bakhe noNkulunkulu, azinikezele kuye.
6. Emihlanganweni yobuKristu, singabonisa kanjani ukuthi siye senza iqiniso laba elethu?
6 UFakazi ubonisa ukuthi uye wenza iqiniso laba elakhe ngokunikeza izimpendulo emihlanganweni yobuKristu. Ekuqaleni, angase aphinde lokho okushiwo encwadini efundwayo. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, uyothuthukela eqophelweni lokuba asho izimfundiso zeBhayibheli ngawakhe amazwi. Kanjalo unikeza ubufakazi bokuthi uyalithuthukisa ikhono lakhe lokucabanga, akamane nje aphinde lokho osekushiwo abanye. Ukubeka imiqondo ngamazwi akhe nokukhuluma amazwi aqondile eqiniso ngokusuka enhliziyweni kuyomlethela injabulo futhi kubonise ukuthi uyaqiniseka engqondweni yakhe.—UmShumayeli 12:10; qhathanisa namaRoma 14:5b.
7. Yiziphi izinqumo izinceku zikaJehova eziye zazenza ngenkululeko?
7 OFakazi BakaJehova bashukunyiswa uthando ngoNkulunkulu nangabantu abaphila na-bo. (Mathewu 22:36-40) Yiqiniso, isibopho sothando olunjengolukaKristu sibenza basondelane kakhulu njengenhlangano yabazalwane yomhlaba wonke. (Kolose 3:14; 1 Petru 5:9) Kodwa njengesidalwa esinenkululeko yokuzikhethela, ngamunye uye wazinqumela ukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ukungathathi hlangothi kwezombangazwe, ukugwema igazi, ukugwema izinhlobo ezithile zokuzijabulisa nokuphila ngezindinganiso zeBhayibheli. Lezi akuzona izinqumo abaphoqelelwa ukuba bazamukele. Yizinqumo eziyingxenye yendlela ekhethwa ngokukhululekile yilabo abangase babe oFakazi ngaphambi kokuba bathathe isinyathelo sokuzinikezela kobuKristu.
Ingabe Banesibopho Sokulandisa ENdikimbeni Ebusayo?
8. Imuphi umbuzo odinga ukucaciswa?
8 IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi amaKristu eqiniso awamkhonzi uNkulunkulu ngokuphoqwa. Lithi: “UJehova unguMoya; futhi lapho kunomoya kaJehova khona, kukhona inkululeko.” (2 Korinte 3:17) Kodwa leli qiniso lingavunyelaniswa kanjani nomqondo wokuba ‘nesigqila esikholekile nesiqondayo’ neNdikimba Ebusayo yaso?—Mathewu 24:45-47.
9, 10. (a) Isimiso sobunhloko sisebenza kanjani ebandleni lobuKristu? (b) Ukulandela isimiso sobunhloko kwabangela isidingo sani ebandleni lobuKristu lekhulu lokuqala?
9 Ukuze siphendule lo mbuzo, kumelwe sikhumbule isimiso esingokomBhalo sobunhloko. (1 Korinte 11:3) Kweyabase-Efesu 5:21-24, uKristu ubizwa ngokuthi “inhloko yebandla,” lowo ibandla ‘elimthobelayo.’ OFakazi BakaJehova bayaqonda ukuthi isigqila esikholekile nesiqondayo sakhiwa abafowabo bakaJesu abangokomoya. (Heberu 2:10-13) Lesi sigaba sesigqila esikholekile siye samiswa ukuba sinikeze abantu bakaNkulunkulu ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele.’ Kulesi sikhathi sokuphela, uKristu uye wamisa lesi sigqila ‘phezu kwakho konke okungokwakhe.’ Ngakho-ke isikhundla saso sisenza sifanelwe ukuhlonishwa yinoma ubani othi ungumKristu.
10 Injongo yobunhloko iwukulondoloza ubunye nokuqinisekisa ukuthi ‘zonke izinto zenzeka ngokufaneleyo nangohlelo.’ (1 Korinte 14:40) Ukuze kufezwe lokhu ekhulwini lokuqala, amaKristu agcotshiwe amaningana esigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo akhethwa ukuba amelele lonke iqembu. Njengoba izenzakalo ezalandela zabonisa, ukwengamela kwale ndikimba ebusayo yekhulu lokuqala kwakuvunyelwe uJehova futhi ekubusisa. AmaKristu ekhulu lokuqala alamukela ngenjabulo leli lungiselelo. Yebo, empeleni ayamukela futhi ayijabulela imiphumela emihle elayiveza.—IzEnzo 15:1-32.
11. Kufanele ibhekwe kanjani iNdikimba Ebusayo yanamuhla?
11 Ilungiselelo elinjalo lisabalulekile. Njengamanje, iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova yakhiwe amaKristu agcotshiwe ayishumi, wonke anamashumi athile eminyaka yokuhlangenwe nakho kobuKristu. Anikeza oFakazi BakaJehova isiqondiso esingokomoya, njengoba kwakwenza indikimba ebusayo yekhulu lokuqala. (IzEnzo 16:4) NjengamaKristu okuqala, ngokuzithandela oFakazi balindela ukuthola kulaba bafowethu abavuthiwe beNdikimba Ebusayo isiqondiso esisekelwe eBhayibhelini ezindabeni zokukhulekela. Nakuba amalungu eNdikimba Ebusayo eyizigqila zikaJehova noKristu, njengoba enjalo namaKristu akanye nawo, iBhayibheli liyasiyala: “Lalelani labo abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe, ngoba baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa; ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokububula, ngoba lokhu bekuyonilimaza.”—Heberu 13:17.
12. UmKristu ngamunye kumelwe alandise kubani?
12 Ingabe isikhundla sokwengamela, imiBhalo esinika iNdikimba Ebusayo, sisho ukuthi ngamunye woFakazi BakaJehova kumelwe alandise kuyo ngemisebenzi yakhe? Akunjalo ngokwamazwi uPawulu awasho kumaKristu aseRoma: “Kungani wahlulela umfowenu? Noma kungani futhi ubukela phansi umfowenu? Ngoba sonke siyokuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu . . . Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.”—Roma 14:10-12.
13. Kungani oFakazi BakaJehova bebika umsebenzi wabo wokushumayela?
13 Nokho, akulona yini iqiniso ukuthi oFakazi ngabanye kulindeleke ukuba babike umsebenzi wabo wokushumayela? Yebo, kodwa injongo yalokhu ichazwe ngokucacile encwadini ethile yoFakazi, ethi: “Abalandeli bokuqala bakaJesu Kristu baba nesithakazelo embikweni wentuthuko yomsebenzi wokushumayela. (Marku 6:30) Njengoba umsebenzi wawuchuma, imibiko eyizibalo yayihlanganiswa kanye nemibiko yokuhlangenwe nakho okuvelele yalabo ababenengxenye ekushumayeleni izindaba ezinhle. . . . (IzEnzo 2:5-11, 41, 47; 6:7; 1:15; 4:4) . . . Yeka indlela okwakukhuthaza ngayo ngalezozisebenzi ezingamaKristu athembekile ukuzwa imibiko yalokho okwakufezwa! . . . Ngendlela efanayo, inhlangano kaJehova yosuku lwanamuhla izama ukugcina imibhalo eqondile yomsebenzi owenziwayo ekugcwalisekeni kukaMathewu 24:14.”
14, 15. (a) Eyesi-2 Korinte 1:24 isebenza kanjani eNdikimbeni Ebusayo? (b) UmKristu ngamunye kufanele enze izinqumo zakhe ngasiphi isisekelo, eqaphela liphi iqiniso?
14 INdikimba Ebusayo iyilungiselelo lothando nesibonelo sokholo olufanelekela ukulingiswa. (Filipi 3:17; Heberu 13:7) Ngokunamathela nokulandela kwayo uKristu njengesibonelo, ingenanela amazwi kaPawulu: “Akukhona ukuthi singamakhosi phezu kokholo lwenu, kodwa siyizisebenzi ezikanye nani ngenjongo yenjabulo yenu, ngoba nimi ngokholo lwenu.” (2 Korinte 1:24) Ngokuqaphela ukuthambekela okuthile, iNdikimba Ebusayo yenza kuqashelwe izinzuzo zokulalela iseluleko seBhayibheli, inikeze ukusikisela ngokuphathelene nokusebenzisa imithetho nezimiso zeBhayibheli, ixwayise ngezingozi ezicashile, futhi inikeze ‘izisebenzi ezikanye nayo’ isikhuthazo esidingekayo. Ngaleyo ndlela, ifeza ubuphathi bayo bobuKristu, isize lezi zisebenzi ukuba zilondoloze injabulo yazo, futhi izakhe okholweni ukuze zikwazi ukuma ziqinile.—1 Korinte 4:1, 2; Thithu 1:7-9.
15 Uma uFakazi enza isinqumo ngokusekelwe eselulekweni seBhayibheli esinikezwe yiNdikimba Ebusayo, wenza kanjalo ngokuzithandela ngoba ukuzitadishela iBhayibheli kuye kwamgculisa ukuthi lena inkambo efanele. UFakazi ngamunye uthonywa iZwi likaNkulunkulu uqobo ukuba asebenzise iseluleko esinengqondo esingokomBhalo esinikezwa yiNdikimba Ebusayo, eqaphela ngokugcwele ukuthi izinqumo azenzayo ziyothinta ubuhlobo bakhe noNkulunkulu, azinikezele kuye.—1 Thesalonika 2:13.
Ukuba Abafundi Namasosha
16. Nakuba izinqumo eziphathelene nokuziphatha ziyindaba yomuntu ngokwakhe, kungani abanye besuswa ekuhlanganyeleni?
16 Kodwa uma izinqumo ezimayelana nokuziphatha ziyindaba yomuntu ngokwakhe, kungani abanye boFakazi BakaJehova besuswa ekuhlanganyeleni? Akekho ozinqumela yedwa ukuthi ukwenza isono esithile kudinga ukuba umuntu asuswe ekuhlanganyeleni. Kunalokho yimiBhalo ethi lesi senzo masenziwe kuphela lapho ilungu lebandla lenza izono ezimbi kakhulu lingaphenduki, njengalezo ezibalwe esahlukweni sesihlanu kweyabaseKorinte bokuQala. Ngakho, nakuba umKristu engase asuswe ekuhlanganyeleni ngenxa yokwenza ubufebe, kuba njalo kuphela uma lowo muntu enqaba ukwamukela usizo olungokomoya lwabelusi abanothando. Akubona bodwa oFakazi BakaJehova abalandela lo mkhuba wobuKristu. I-Encyclopedia of Religion iyaphawula: “Noma iliphi iqembu labantu linelungelo lokuzivikela emalungwini enza okuphambene angase asongele inhlalakahle yalo lonke. Endabeni engokwenkolo leli lungelo ngokuvamile liye lagcizelelwa ngenkolelo yokuthi unswinyo [oluwukunqunywa ebandleni] luthinta ukuma komuntu phambi kukaNkulunkulu.”
17, 18. Ukufaneleka kokususa ekuhlanganyeleni kungafanekiswa kanjani?
17 OFakazi BakaJehova bangabafundi beBhayibheli. (Joshuwa 1:8; IHubo 1:2; IzEnzo 17:11) Isimiso semfundo yeBhayibheli esinikezwa yiNdikimba Ebusayo singase sifaniswe nezifundo zesikole ezihlelwe yibhodi yezemfundo. Nakuba ibhodi ngokwayo ingewona umthombo wokwaziswa okufundiswayo, ihlela izifundo, inqume indlela yokufundisa, futhi inikeze iziqondiso ezidingekayo. Uma noma ubani enqaba ngendelelo ukuphila ngokuvumelana nezimfuneko zesikole, edalela abafundi afunda nabo izinkinga, noma ehlaza isikole, angase axoshwe. Iziphathi-mandla zesikole zinelungelo lokuthatha isinyathelo ukuze kuzuze abafundi bebonke.
18 Ngaphandle kokuba abafundi, oFakazi BakaJehova bangamasosha kaJesu Kristu, ayalwe ukuba ‘alwe ukulwa okuhle kokholo.’ (1 Thimothewu 6:12; 2 Thimothewu 2:3) Kulindelekile ukuthi ukuziphatha okungafanele nokuphikelelayo kwesosha elingumKristu kungase kubangele ukuba lingamukelwa ngokwaphezulu. Njengomuntu onenkululeko yokuzikhethela, isosha elingumKristu linganquma ngokuthanda kwalo, kodwa kumelwe libhekane nemiphumela yesinqumo salo. UPawulu wathi: “Akekho umuntu okhonza njengesosha ozihilela emabhizinisini ezentengiselwano okuphila, ukuze akwazi ukuthola ukwamukelwa yilowo owambhalisa njengesosha. Ngaphezu kwalokho, uma noma ubani esemncintiswaneni ngisho nasemidlalweni, akathweswa umqhele ngaphandle kokuba encintisene ngokuvumelana nemithetho.” (2 Thimothewu 2:4, 5) AmaKristu avuthiwe, kuhlanganise naweNdikimba Ebusayo, aqhubeka engaphansi koMholi wawo ngokuphelele, uJesu Kristu, egcina ‘imithetho’ ukuze akwazi ukuzuza umklomelo wokuphila okumi phakade.—Johane 17:3; IsAmbulo 2:10.
19. Njengoba sesiye sahlola amaqiniso ngokuzinikezela kobuKristu, yini esingaqiniseka ngayo?
19 Ingabe amaqiniso awakwenzi kucace ukuthi oFakazi BakaJehova bayizinceku zikaNkulunkulu, hhayi izigqila zabantu? NjengamaKristu azinikezele, bajabulela inkululeko uKristu abakhululela yona, bavumela umoya kaNkulunkulu neZwi lakhe kubuse ukuphila kwabo njengoba bekhonza ngobunye nabafowabo ebandleni likaNkulunkulu. (IHubo 133:1) Ubufakazi balokhu kufanele bususe nanoma ikuphi ukungaqiniseki ngomthombo wamandla abo. Bangahlabelela nomhubi bathi: “UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembé kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.”—IHubo 28:7.
[Umbhalo waphansi]
a Yanyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc. ngo-1993.
Ungaphendula Kanjani?
◻ I-Watch Tower Society nezinhlangano ezingokomthetho ezifana nayo zibasiza kanjani oFakazi BakaJehova?
◻ AmaKristu azuza kanjani endimeni yeNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova?
◻ Kungani abantu bakaJehova bebika umsebenzi wabo wokushumayela?
◻ Kungaphansi kwaziphi izimo lapho kufaneleka khona ukuba asuswe umKristu ozinikezele?
[Isithombe ekhasini 19]
Indikimba ebusayo yekhulu lokuqala yalondoloza ubunye ezimfundisweni
[Izithombe ekhasini 23]
Emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova bajabulela inkululeko uKristu abakhululela yona