‘Qhubekani Nihamba Ebunyeni NoKristu’
“Ngakho-ke, njengoba namukele uKristu Jesu iNkosi, qhubekani nihamba ebunyeni naye.”—KOLOSE 2:6.
1, 2. (a) IBhayibheli likuchaza kanjani ukuphila kuka-Enoke kokukhonza uJehova ngokwethembeka? (b) UJehova uye wasisiza kanjani ukuba sihambe naye, njengoba eyabaseKolose 2:6, 7 ibonisa?
WAKE wambukela umfana omncane ehamba noyise? Umfanyana ulingisa konke uyise akwenzayo, ubuso bakhe bumamatheka ngokwazisa; uyise uyamsiza, nobakhe ubuso bumamatheka ngothando nomusa. Ngokufanelekayo, uJehova usebenzisa umfanekiso onjalo kanye ukuze achaze ukuphila kokumkhonza ngokwethembeka. Ngokwesibonelo, iZwi likaNkulunkulu lithi u-Enoke indoda eyayithembekile “wayehamba noNkulunkulu.”—Genesise 5:24; 6:9.
2 Njengoba nje ubaba ocabangelayo ebengasiza indodana yakhe encane ukuba ihambe naye, uJehova uye wasinika usizo olungcono kakhulu esingaluthola. Wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni. Esinyathelweni ngasinye kukho konke ukuphila kwakhe ehamba lapha emhlabeni, uJesu Kristu wamlingisa ngokuphelele uYise wasezulwini. (Johane 14:9, 10; Heberu 1:3) Ngakho ukuze sihambe noNkulunkulu, kudingeka sihambe noJesu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngakho-ke, njengoba namukele uKristu Jesu iNkosi, qhubekani nihamba ebunyeni naye, nigxilile futhi nakhiwa kuye futhi nisimamiswa okholweni, njengoba nje nafundiswa, nichichima ukholo ekubongeni.”—Kolose 2:6, 7.
3. NgokweyabaseKolose 2:6, 7, kungani singathi kuhileleke okwengeziwe ekuhambeni ebunyeni noKristu kunokumane sibhapathizwe?
3 Ngenxa yokuthi bafuna ukuhamba ebunyeni noKristu, bezama ukulandela izinyathelo zakhe eziphelele, abafundi beBhayibheli abanhliziyo ziqotho bayabhapathizwa. (Luka 3:21; Heberu 10:7-9) Emhlabeni wonke, ngo-1997 nje kuphela, abangaphezu kuka-375 000 bathatha lesi sinyathelo esibalulekile—isilinganiso sabangaphezu kwenkulungwane ngosuku. Lokhu kwanda kujabulisa kakhulu! Nokho, amazwi kaPawulu alotshwe kweyabaseKolose 2:6, 7 abonisa ukuthi kuhileleke okwengeziwe ekuhambeni ebunyeni noKristu kunokumane ubhapathizwe. Isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “qhubekani nihamba” sichaza into okumelwe yenziwe ngokuqhubekayo. Ngaphezu kwalokho, uPawulu unezela ukuthi ukuhamba noKristu kuhilela izinto ezine: ukugxila kuKristu, ukwakhiwa kuye, ukusimamiswa okholweni nokuchichima ukubonga. Ake sicabangele ibinzana ngalinye futhi sibone indlela elisisiza ngayo ukuba siqhubeke sihamba ebunyeni noKristu.
Ingabe ‘Ugxilile KuKristu’?
4. Kusho ukuthini ukuba ‘abagxilile kuKristu’?
4 Okokuqala, uPawulu ubhala ukuthi kudingeka sibe ‘abagxilile kuKristu.’ (Qhathanisa noMathewu 13:20, 21.) Umuntu angakusebenzela kanjani ukuba ogxilile kuKristu? Izimpande zesitshalo azibonakali ngaphezulu, kodwa zibalulekile esitshalweni—zisenza sibambelele siqine futhi ziyasondla. Ngokufanayo, isibonelo nokufundisa kukaKristu kuqale kusithonye ngokungabonakali, kwakhele ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu. Lapho, kuyasondla futhi kusiqinise. Lapho sikuvumela ukuba kubuse ukucabanga kwethu, izenzo zethu nezinqumo zethu, sishukumiseleka ukuba sinikezele ukuphila kwethu kuJehova.—1 Petru 2:21.
5. ‘Singakwakha’ kanjani ‘ukulangazelela’ ukudla okungokomoya?
5 UJesu wayeluthanda ulwazi oluvela kuNkulunkulu. Waze walufanisa nokudla. (Mathewu 4:4) Phela, eNtshumayelweni yakhe Yasentabeni, wacaphuna izingxenye ezingu-21 ezincwadini ezingu-8 ezihlukahlukene zemiBhalo YesiHeberu. Ukuze silandele isibonelo sakhe, kumelwe senze njengoba kunxusa umphostoli uPetru—‘sakhe ukulangazelela’ ukudla okungokomoya “njengezinsana ezisanda kuzalwa.” (1 Petru 2:2) Lapho usana olusanda kuzalwa lufuna ukudla, lukwenza kucace lokho kulangazelela okunamandla. Uma njengamanje singazizwa ngaleyo ndlela ngokudla okungokomoya, amazwi kaPetru asikhuthaza ukuba ‘sikwakhe’ lokho kulangazelela. Kanjani? Isimiso esitholakala kumaHubo 34:8 singase sisize: “Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle.” Uma ‘silizwa’ njalo iZwi likaJehova, iBhayibheli, mhlawumbe sifunda ingxenye ethile yalo usuku ngalunye, siyobona ukuthi liyondla ngokomoya futhi lihle. Ngokuhamba kwesikhathi, ukulilangazelela kwethu kuyokhula.
6. Kungani kubalulekile ukuzindla ngalokho esikufundayo?
6 Nokho, kubalulekile ukukugayisisa ukudla ngemva kokuba sikudlile. Ngakho kudingeka sizindle ngalokho esikufundayo. (IHubo 77:11, 12) Ngokwesibonelo, lapho sifunda incwadi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, isihloko ngasinye sizuzisa ngokwengeziwe uma sizinika isikhathi sokuzibuza: ‘Yisiphi isici sobuntu bukaKristu engisibona kulokhu kulandisa, futhi ngingasilingisa kanjani kokwami ukuphila?’ Ukuzindla ngaleyo ndlela kuyosenza sikwazi ukusebenzisa esikufundayo. Khona-ke, lapho sibhekene nesinqumo, singase sizibuze ukuthi uJesu wayengenzenjani. Uma senza isinqumo sethu ngokuvumelana nalokho, sinikeza ubufakazi bokuthi sigxilile ngempela kuKristu.
7. Kufanele ube yini umbono wethu ngokudla okungokomoya okuqinile?
7 UPawulu usinxusa futhi ukuba sidle “ukudla okuqinile,” amaqiniso eZwi likaNkulunkulu athé ukujula. (Heberu 5:14) Ukulifunda lonke iBhayibheli kungase kube umgomo wethu wokuqala kulokhu. Bese kuba nezindaba ezithile esingazitadisha, njengomhlatshelo kaKristu wesihlengo, izivumelwano ezihlukahlukene uJehova azenza nabantu bakhe, noma ezinye zezigijimi ezingokwesiprofetho eziseBhayibhelini. Kunensada yokwaziswa okuyosisiza singenise futhi sigaye lokhu kudla okungokomoya okuqinile. Uyini umgomo wokungenisa ulwazi olunjalo? Awukona ukusinika isizathu sokuziqhayisa, kodwa uwukwakha uthando lwethu ngoJehova nokusondela kakhudlwana kuye. (1 Korinte 8:1; Jakobe 4:8) Uma silungenisa ngenkuthalo lolu lwazi, silusebenzise kithi uqobo, silusebenzise nasekusizeni abanye, siyobe silingisa uKristu ngempela. Lokhu kuyosisiza sibe abagxile ngokunamandla kuye.
Ingabe ‘Uyakhiwa KuKristu’?
8. Kusho ukuthini ‘ukwakhiwa kuKristu’?
8 Ekhuluma ngesici esilandelayo sokuhamba ebunyeni noKristu, uPawulu usuka ngokushesha komunye umfanekiso aye komunye—usuka kowesitshalo aye kowesakhiwo. Lapho sicabanga ngesakhiwo esakhiwayo, asicabangi ngesisekelo kuphela kodwa nangezindonga eziphakama kubhekiwe, kusetshenzwa kanzima. Ngokufanayo, kudingeka sisebenze kanzima ukuze sakhe izimfanelo nemikhuba okunjengokukaKristu. Umsebenzi onzima kanjalo uyaqapheleka, njengoba nje uPawulu abhalela uThimothewu: ‘Intuthuko yakho mayibonakale kubo bonke abantu.’ (1 Thimothewu 4:15; Mathewu 5:16) Yimiphi eminye yemisebenzi yobuKristu esakhayo?
9. (a) Ukuze silingise uKristu enkonzweni yethu, yimiphi imigomo efinyelelekayo esingase sizibekele yona? (b) Sazi kanjani ukuthi uJehova ufuna siyijabulele inkonzo yethu?
9 UJesu wasabela ukuba sishumayele futhi sifundise ngezindaba ezinhle. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Wabeka isibonelo esiphelele, efakaza ngesibindi nangokuphumelelayo. Yiqiniso, asisoze senza kahle njengaye. Nokho, umphostoli uPetru usibekela lo mgomo: “Ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, ngaso sonke isikhathi nilungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Petru 3:15) Uma ungenawo umuzwa wokuthi ‘ngaso sonke isikhathi ukulungele ukuvikela,’ ungalilahli ithemba. Zibekele imigomo engeqisi eyokusiza ukuba usondele kancane kancane kuleyo ndinganiso. Ukulungiselela kusengaphambili kungase kukwenze ukwazi ukushintshashintsha intshumayelo yakho, noma uhlanganise nombhalo owodwa noma emibili. Ungase uzibekele imigomo yokuhambisa izincwadi zeBhayibheli ezengeziwe, ukwenza izimpindelo ezengeziwe, noma ukuqala isifundo seBhayibheli. Akufanele kugcizelelwe inani kuphela—njengenani lamahora, okuhanjisiwe, noma izifundo—kodwa kufanele kugcizelelwe nezinga. Ukubeka imigomo engeqisi nokuzama ukuyifinyelela kungasisiza sikujabulele ukuzinikela kwethu enkonzweni. Yilokho uJehova akufunayo—ukuba simkhonze “ngokujabula.”—IHubo 100:2; qhathanisa neyesi-2 Korinte 9:7.
10. Yimiphi eminye yemisebenzi yobuKristu okudingeka siyenze, futhi isisiza kanjani?
10 Kukhona nemisebenzi esiyenza ebandleni esakhayo kuKristu. Obaluleke kakhulu owokubonisana uthando, ngoba lokhu kuwuphawu oluhlukanisa amaKristu eqiniso. (Johane 13:34, 35) Lapho besafundelwa, abaningi bethu basondelana kakhulu nababebafundela, okuyinto elindelekile. Nokho, ingabe manje singasilandela iseluleko sikaPawulu ‘sokwanuleka’ ngokuba sazi abanye ebandleni? (2 Korinte 6:13) Abadala nabo bayaludinga uthando nokwazisa kwethu. Ngokubambisana nabo, sifune futhi samukele iseluleko sabo esingokomBhalo, siyokwenza umsebenzi wabo onzima ube lula. (Heberu 13:17) Ngesikhathi esifanayo, lokhu kuyoba nesandla ekwakhiweni kwethu kuKristu.
11. Yimuphi umbono ongeqisi okumelwe sibe nawo ngobhapathizo?
11 Ubhapathizo luyisenzakalo esijabulisayo! Nokho, akufanele silindele ukuba sonke isikhathi sokuphila ngemva kwalokho sibe esijabulisa ngendlela efanayo. Ingxenye enkulu yokwakhiwa kwethu kuKristu ihilela ‘ukuhamba ngokuhlelekile ngalomkhondo ofanayo.’ (Filipi 3:16) Lokho akusho indlela yokuphila engathakazelisi nenesithukuthezi. Kumane nje kusho ukuqhubeka sihamba siqonde—ngamanye amazwi, ukwakha imikhuba emihle engokomoya nokuyigcina usuku nosuku, unyaka nonyaka. Khumbula, “lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.”—Mathewu 24:13.
Ingabe ‘Uyasimamiswa Okholweni’?
12. Kusho ukuthini ‘ukusimamiswa okholweni’?
12 Ebinzaneni lesithathu achaza ngalo ukuhamba kwethu ebunyeni noKristu, uPawulu usinxusa ukuba ‘sisimamiswe okholweni.’ Enye inguqulo ithi, “niqinisekiswa ngokuqondene nokholo,” ngoba igama lesiGreki uPawulu alisebenzisa lingasho “ukuqinisekisa nokwenza kube okungenakuguqulwa ngokomthetho.” Njengoba sikhula olwazini, sinikezwa izizathu ezengeziwe zokuba siqiniseke ukuthi ukholo esinalo kuJehova uNkulunkulu lunesisekelo esihle nokuthi, eqinisweni, luqinisekile ngokomthetho. Lokho kuphumela ekubeni sisimame ngokwengeziwe. Kuba nzima ngokwengeziwe kuSathane ukuba asintengantengise. Lokhu kusikhumbuza isiyalo sikaPawulu ‘sokuphokophelela ekuvuthweni.’ (Heberu 6:1) Ukuvuthwa nokusimama kuyahambisana.
13, 14. (a) AmaKristu ekhulu lokuqala aseKolose abhekana naziphi izinsongo ekusimameni kwawo? (b) Yini okungenzeka umphostoli uPawulu wayekhathazeke ngayo?
13 AmaKristu ekhulu lokuqala eKolose abhekana nezinsongo ekusimameni kwawo. UPawulu waxwayisa: “Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona othile oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nenkohliso eyize ngokwesiko labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe futhi hhayi ngokukaKristu.” (Kolose 2:8) UPawulu wayengafuni ukuba abaseKolose, abase beyizikhonzi “embusweni weNdodana yothando [lukaNkulunkulu],” badukiswe basuke esimweni sabo esingokomoya esibusisekile. (Kolose 1:13) Badukiswe kanjani? UPawulu wabhekisela ‘kuyifilosofi,’ okuwukuphela kwendawo leli gama elivela kuyo eBhayibhelini. Ingabe wayekhuluma ngezazi zefilosofi ezingamaGreki, ezinjengoPlato noSocrates? Nakuba lezi zaziwusongo kumaKristu eqiniso, ngalezo zinsuku, igama elithi “ifilosofi” lalisetshenziselwa izinto eziningi. Ngokuvamile lalibhekisela emaqenjini amaningi ezazi—ngisho nawezenkolo. Ngokwesibonelo, amaJuda ekhulu lokuqala anjengoJosephus noPhilo ayebiza inkolo yawo ngokuthi ifilosofi—mhlawumbe ukuze ayenze ikhange ngokwengeziwe.
14 Amanye amafilosofi okungenzeka uPawulu wayekhathazeke ngawo kwakungawenkolo. Kamuva esahlukweni esifanayo sencwadi yakhe kwabaseKolose, wakhuluma nalabo ababefundisa ukuthi, “Ungaphathi, noma unambithe, noma uthinte,” kanjalo begudlisela ezicini zoMthetho KaMose ezaqedwa ukufa kukaKristu. (Roma 10:4) Ngaphezu kwamafilosofi obuqaba, kwakunamanye amathonya ayesongela ingokomoya lebandla. (Kolose 2:20-22) UPawulu waxwayisa ngefilosofi eyayiyingxenye ‘yezinto zokucathula zezwe.’ Imfundiso yamanga enjalo yayisuka kubantu.
15. Singakugwema kanjani ukuntengantengiswa ukucabanga okungasekelwe emiBhalweni esivame ukubhekana nakho?
15 Ukuthuthukiswa kwemibono nokucabanga kwabantu okungasekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu kungaba usongo ekusimameni kobuKristu. Namuhla kumelwe siziqaphele izinsongo ezinjalo. Umphostoli uJohane wanxusa: “Bathandekayo, ningakholwa yizo zonke izinkulumo eziphefumulelwe, kodwa vivinyani izinkulumo eziphefumulelwe ukuze nibone ukuthi zisuka kuNkulunkulu yini.” (1 Johane 4:1) Ngakho uma ofunda naye esikoleni ezama ukukuthonyela ukuba ukholelwe ukuthi ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli kuyisidala, noma uma umakhelwane ethambekele ekukuthonyeleni ukuba ube nesimo sengqondo sokuthanda izinto ezibonakalayo, noma uma osebenza naye ekucindezela ngobuqili ukuba ungawunaki unembeza wakho oqeqeshwe ngeBhayibheli, noma uma ngisho nokholwa naye ekhuluma amazwi okugxeka, angemahle ngabanye ebandleni ngokusekelwe kowakhe umbono, ungakwamukeli nje kalula abakushoyo. Hlunga okungahambisani neZwi likaNkulunkulu. Lapho senza kanjalo, siyolondoloza ukusimama kwethu njengoba sihamba ebunyeni noKristu.
“Nichichima Ukholo Ekubongeni”
16. Yisiphi isici sesine sokuhamba ebunyeni noKristu, futhi yimuphi umbuzo esingase siwubuze?
16 Isici sesine sokuhamba ebunyeni noKristu uPawulu akhuluma ngaso siwukuba ‘sichichime ukholo ekubongeni.’ (Kolose 2:7) Igama elithi ‘ukuchichima’ lisenza sicabange ngomfula odla izindwani. Lokhu kusikisela ukuthi thina njengamaKristu, ukubonga kwethu kufanele kube into eqhubekayo noma ewumkhuba. Ngamunye wethu angenza kahle ukuzibuza, ‘Ingabe ngiyabonga?’
17. (a) Kungani kungase kuthiwe sonke sinokuningi okufanele sikubonge, ngisho nangezikhathi ezinzima? (b) Yiziphi ezinye zezipho ezivela kuJehova ozizwa unomuzwa wokumbonga ngokukhethekile ngenxa yazo?
17 Ngempela, sonke sinezizathu ezanele zokuchichima ukumbonga uJehova zonke izinsuku. Ngisho nangezikhathi ezimbi kakhulu, kungase kube nezinto ezincane ezinikeza impumuzo. Umngane ubonisa uzwela. Umuntu esimthandayo usithinta ngendlela esiqinisekisayo. Ukuphumula kamnandi ebusuku kusenza sivuseleleke. Isidlo esimnandi siqeda indlala. Ukucula kwenyoni, ukuhleka kwengane, isibhakabhaka esiluhlaza esibenyezelayo, umoya ohelezayo oqabulayo—konke lokhu nokunye singase sikuthole ngosuku olulodwa. Kulula ukumane sizithathe kalula zonke lezi zipho. Ingabe zonke azikufanele ukubonga? Zonke zivela kuJehova, uMthombo wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.” (Jakobe 1:17) Futhi uye wasinika izipho ezizidlula kude lezi—ngokwesibonelo, ukuphila ngokwako. (IHubo 36:9) Ngaphezu kwalokho, uye wasinika ithuba lokuphila phakade. Ukuze asiphe lesi sipho, uJehova wenza ukuzidela okukhulu ngokuthumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa, ‘eyayiyintokozo yakhe.’—IzAga 8:30; Johane 3:16.
18. Singabonisa kanjani ukuthi siyambonga uJehova?
18 Khona-ke, yeka indlela amazwi omhubi ayiqiniso ngayo: “Kuhle ukumbonga uJehova.” (IHubo 92:1) Ngokufanayo, uPawulu wakhumbuza amaKristu aseThesalonika: “Nibonge mayelana nakho konke.” (1 Thesalonika 5:18; Efesu 5:20; Kolose 3:15) Ngamunye wethu angase azimisele ukuba obonga ngokwengeziwe. Imithandazo yethu akudingekile ukuba ihlanganise izicelo kuphela kuNkulunkulu ezimayelana nezidingo zethu. Kuhle uma zikhona. Kodwa ake ucabange unomngane okhuluma nawe kuphela uma edinga okuthile kuwe! Ngakho kungani ungathandazi kuJehova ukuze nje umbonge futhi umdumise? Yeka indlela imithandazo enjalo okumelwe ukuba imjabulisa ngayo lapho ebuka phansi kuleli lizwe elingabongi! Inzuzo yesibili iwukuthi imithandazo enjalo ingase isisize sigxile ezicini ezinhle zokuphila, isikhumbuze indlela esibusiseke ngayo ngempela.
19. Inkulumo kaPawulu kweyabaseKolose 2:6, 7 isikisela kanjani ukuthi sonke singaqhubeka sithuthuka ekuhambeni noKristu?
19 Akumangalisi yini ukuthi kungakanani ukuqondiswa okuhlakaniphile okungatholakala endimeni eyodwa yeZwi likaNkulunkulu? Iseluleko sikaPawulu sokuba siqhubeke sihamba noKristu singokuthile ngamunye wethu okufanele afune ukukulalela. Khona-ke masizimisele ukuba ‘abagxilile kuKristu,’ ‘sakhiwe kuye,’ ‘sisimamiswe okholweni’ futhi ‘sichichime ukubonga.’ Iseluleko esinjalo sibaluleke ngokukhethekile kulabo abasanda kubhapathizwa. Kodwa sisebenza kithi sonke. Cabanga indlela impande enkulu ekhula ngayo iya ijula nendlela isakhiwo esakhiwayo esiya siphakama ngayo. Ngakho ukuhamba kwethu noKristu akupheli neze. Sonke sisengakhula kakhulu. UJehova uyosisiza futhi uyosibusisa, ngoba ufuna ukuba siqhubeke sihamba naye neNdodana yakhe ethandekayo phakade.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Yini ehilelekile ekuhambeni ebunyeni noKristu?
◻ Kusho ukuthini ukuba ‘abagxilile kuKristu’?
◻ ‘Singakhiwa’ kanjani ‘kuKristu’?
◻ Kungani kubaluleke kangaka ‘ukusimamiswa okholweni’?
◻ Yiziphi izizathu esinazo ‘zokuchichima ukubonga’?
[Isithombe ekhasini 10]
Izimpande zesihlahla zingase zingabonakali, kodwa zisilethela ukudla futhi zisenze sibambelele siqine