Basha—Qeqeshani Amandla Enu Okuqonda!
“Ukudla okuqinile kungokwabantu abavuthiwe, labo okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.”—HEBERU 5:14.
1, 2. (a) Isimo sethu namuhla sifana kanjani nesamaKristu asendulo e-Efesu? (b) Yimaphi amakhono anganivikela engozini, futhi ningawahlakulela kanjani?
“QAPHELISISANI ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi.” (Efesu 5:15, 16) Kusukela umphostoli uPawulu aloba lawo mazwi eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, ‘abantu ababi nabakhohlisi baye baqhubeka besuka kokubi beya kokubi kakhulu.’ Siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ noma njengoba enye inguqulo ikubeka, izikhathi “ezigcwele ingozi.”—2 Thimothewu 3:1-5, 13; Phillips.
2 Nokho, ningakugwema ukulinyazwa izingozi ezingase ziniqamekele endleleni, ngokuba nibe ‘nokuhlakanipha ukwazi nekhono lokucabanga.’ (IzAga 1:4, qhathanisa ne-NW.) IzAga 2:10-12 zithi: “Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho. [“Ikhono lokucabanga liyakukulinda,” NW], ukuqonda kukugcine, ukuze wophulwe endleleni yobubi nakubantu abakhuluma okuphambeneyo.” Kodwa ningawahlakulela kanjani lawo makhono? EyamaHeberu 5:14 ithi: “Ukudla okuqinile kungokwabantu abavuthiwe, labo okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” Njenganoma yiliphi ikhono, ukukwazi ukusebenzisa amandla okuqonda kudinga ukuqeqeshwa. Igama lesiGreki elasetshenziswa uPawulu ngokwezwi nezwi lisho ‘ukuba oqeqeshwe njengomvocavoci womzimba.’ Ukuqeqesha okunjalo ukuqala kanjani?
Ukuqeqesha Amandla Akho Okuqonda
3. Ungawasebenzisa kanjani amandla akho okuqonda lapho kudingeka wenze isinqumo?
3 Phawula ukuthi amandla akho okuqonda—ikhono lakho lokuhlukanisa okulungile kokungalungile—aqeqeshwa ‘ngokusetshenziswa.’ Lapho kumelwe wenze isinqumo esithile, ukuqagela, ukwenza izinto ngokungacabangi, noma ukumane ulandele umbimbi kuyothukela kukwenzé wakhetha ngokuhlakanipha. Ukuze wenze izinqumo ezihlakaniphile, kumelwe usebenzise amandla akho okuqonda. Kanjani? Okokuqala, ngokuhlolisisa isimo nokuthola wonke amaqiniso endaba. Buza imibuzo uma kudingeka. Thola ukuthi imaphi amathuba akuvulekele. IzAga 13:16 zithi: “Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi.” Yibe usuzama ukuthola ukuthi imiphi imithetho noma izimiso zeBhayibheli ezihilelekile endabeni. (IzAga 3:5) Yebo, ukuze ukwazi ukwenza lokho kudingeka ube nolwazi ngeBhayibheli. Yingakho uPawulu esikhuthaza ukuba sidle “ukudla okuqinile”—sifunde “ububanzi nobude nokuphakama nokujula” kweqiniso.—Efesu 3:18.
4. Kungani lubalulekile ulwazi lwezimiso zikaNkulunkulu?
4 Ukwenza kanjalo kubalulekile, ngoba asiphelele, sithambekele esonweni. (Genesise 8:21; Roma 5:12) “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi,” kusho uJeremiya 17:9. Ngaphandle kokuqondiswa izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu, singazikhohlisa sicabange ukuthi okuthile okubi kuhle—ngoba nje inyama yethu ikufisa. (Qhathanisa no-Isaya 5:20.) Umhubi wabhala: “Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho. Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.”—IHubo 119:9, 104.
5. (a) Kungani enye intsha ilandela izindlela zamanga? (b) Osemusha othile walenza kanjani iqiniso laba elakhe?
5 Kungani enye intsha ekhuliswe emikhayeni yamaKristu iye yalandela izindlela zamanga? Kungenzeka yini ukuthi intsha enjalo yayingazange ‘izitholele ngokwayo intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo’? (Roma 12:2) Enye kungenzeka ukuthi iya emihlanganweni nabazali bayo futhi iyakwazi ukusho ezinye zezimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli. Kodwa lapho icelwa ukuba inikeze ubufakazi bezinkolelo zayo noma ukuba ichaze ezinye zezinto ezijulajulile zeZwi likaNkulunkulu, ulwazi lwayo luye lubonakale luluncane ngendlela edumazayo. Intsha enjalo ingadukiswa kalula. (Efesu 4:14) Uma kunjalo ngawe, kungani unganqumi ukwenza izinguquko? Omunye udade osemusha uyakhumbula: “Ngangicwaninga. Ngangizibuza, ‘Ngazi ngani ukuthi lena inkolo okuyiyona yona? Ngazi ngani ukuthi kunoNkulunkulu ogama lakhe linguJehova?’”a Ukuhlolisisa imiBhalo kwamqinisekisa ngokuthi izinto ayezifunde kubazali bakhe zazinjalo ngempela!—Qhathanisa nezEnzo 17:11.
6. ‘Ungaqinisekisa kanjani ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini,’ uJehova?
6 Lapho usuhlome ngolwazi lwezimiso zikaJehova, kuyoba lula ngawe ukuba ‘uqinisekise ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.’ (Efesu 5:10) Kodwa kuthiwani uma ungaqiniseki ngenkambo ewukuhlakanipha ongayithatha esimweni esithile? Thandazela isiqondiso sikaJehova. (IHubo 119:144) Zama ukuxoxa ngendaba nabazali bakho noma nomKristu ovuthiwe. (IzAga 15:22; 27:17) Isiqondiso esiwusizo singatholakala nangokwenza ucwaningo eBhayibhelini nasezincwadini ze-Watch Tower. (IzAga 2:3-5) Lapho uwasebenzisa kakhudlwana amandla akho okuqonda, ayoba bukhali ngokwengeziwe.
Ukubonisa Ukuqonda Endabeni Yokuzilibazisa
7, 8. (a) Ungawasebenzisa kanjani amandla akho okuqonda lapho unquma ukuba uye yini embuthanweni othile noma cha? (b) Uyini umbono weBhayibheli ngezokuzilibazisa?
7 Manje ake sibone ukuthi amandla akho okuqonda ungawasebenzisa kanjani ezimweni ezithile. Ngokwesibonelo, ake sithi umenyelwe embuthanweni othile. Kungenzeka nokuthi uthole nesimemo esikhuluma ngalowo mcimbi. Utshelwa ukuthi kuzobe kukhona intsha eningi engoFakazi. Kodwa kuzokhokhwa imali yokuhlangabezana nezindleko. Kufanele yini uye?
8 Sebenzisa amandla akho okuqonda. Okokuqala, thola amaqiniso. Uzoba mkhulu kangakanani lo mbuthano? Kuzobe kukhona bani? Uzoqala nini? Uzophela nini? Kuhlelwe ukuba kwenziweni? Uzoqondiswa kanjani? Yibe sewenza ukucwaninga, ubheke isihloko esithi “Social Gatherings [Imibuthano Yokuzijabulisa],” nesithi “Entertainment [Ukuzijabulisa]” kuyi-Watch Tower Publications Index.b Yini ongase uyithole ekucwaningeni kwakho? Phakathi kokunye, ungathola ukuthi uJehova akakwenqabeli ukubuthana ndawonye ngenjongo yokuzijabulisa. Eqinisweni, umShumayeli 8:15 uthi kanye nokusebenza kanzima, “umuntu akanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla, nokuphuza, nokujabula.” Angithi noJesu Kristu ngokwakhe waya ezidlweni ezikhethekile nasemshadweni okungenani owodwa. (Luka 5:27-29; Johane 2:1-10) Uma kugcinwa kusesilinganisweni, ukuzijabulisa kungaba nenzuzo.
9, 10. (a) Eminye imibuthano ingase ibe naziphi izingozi? (b) Yimiphi imibuzo ongazibuza yona ngaphambi kokunquma ukuthi uyaya yini embuthanweni othile noma cha?
9 Noma kunjalo, imibuthano engahleliwe kahle ingadala inkathazo. Kweyoku-1 Korinte 10:8, sifunda indlela ukuzihlanganisa nabathile ngokungahlakaniphile okwaholela ngayo ebufebeni nasekubulaweni kwama-Israyeli angathembekile ‘ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu ngosuku olulodwa.’ Esinye isixwayiso esisangulukisayo sikweyabaseRoma 13:13: “Masihambeni ngokufaneleyo njengasesikhathini sasemini, hhayi ngemibuthano exokozelayo nangezikhathi zokudakwa, hhayi ngobuhlobo bobulili obungemthetho nangokuziphatha okuxekethile, hhayi ngokuxabana nangomhawu.” (Qhathanisa neyoku-1 Petru 4:3.) Yiqiniso, ngeke kumiswe nani eliqondile labantu abangaba sembuthanweni othile. Kodwa okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi lapho umbuthano umkhulu, kuba nzinyana ukuwuqondisa. Mancane amathuba okuba imibuthano emincane, eqondiswe kahle ibe “imibuthano engalawuleki.”—Galathiya 5:21, Byington.
10 Ngokungangabazeki ukucwaninga kwakho kuyophakamisa eminye imibuzo, enjengokuthi: Ingabe ayobe ekhona amaKristu avuthiwe kulo mbuthano? Ubani ngempela ozokhokhela izindleko? Ingabe inhloso yalo mbuthano ukuthuthukisa ubudlelwane obakhayo noma ukuzuzisa othile ngokwezimali? Ikhona yini imingcele yokuthi obani abangaba khona? Uma lo mbuthano ungempelasonto, ingabe uzophela ngesikhathi esikahle ukuze labo abakhona bakwazi ukuhlanganyela enkonzweni yobuKristu ngakusasa? Uma kuzobe kunomculo nomdanso, uzobe uhambisana yini nezindinganiso zobuKristu? (2 Korinte 6:3) Kungase kungabi lula ukubuza imibuzo enjalo. Kodwa izAga 22:3 ziyaxwayisa: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.” Yebo, ungazigwema izimo ezingakufaka engozini ngokusebenzisa amandla akho okuqonda.
Ukusebenzisa Ukuqonda Lapho Uhlela Imfundo Yakho
11. Intsha ingawasebenzisa kanjani amandla ayo okuqonda lapho ihlela ikusasa layo?
11 IBhayibheli lithi kuwukuhlakanipha ukuhlelela ikusasa. (IzAga 21:5) Ingabe wena nabazali bakho senixoxile ngekusasa lakho. Mhlawumbe uceba ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona. Ngempela, awukho umsebenzi ongawukhetha ongakunikeza ukwaneliseka okungaphezu kongakuthola kulo msebenzi. Uma uhlakulela imikhuba emihle yokutadisha namakhono enkonzweni, uhlelela lo msebenzi ojabulisayo. Usucabangile ngokuthi uzoziphilisa kanjani enkonzweni? Uma esikhathini esizayo ukhetha ukuba nomkhaya, ingabe uyokwazi ukunakekela lowo mthwalo wemfanelo owengeziwe? Ukwenza izinqumo ezinjalo ezibonisa ukulinganisela nokubhekana namaqiniso kudinga ukuba usebenzise amandla akho okuqonda.
12. (a) Eminye imikhaya ikhethe ukuzivumelanisa kanjani nesimo somnotho esishintshayo? (b) Ingabe ukuthola imfundo ethile yokwenezela kuyashayisana nokuba nomgomo wokuphayona? Chaza.
12 Kwamanye amazwe kusenzeka ukuba umuntu athi eqeqeshelwa ikhono elithile noma umsebenzi othile, abe esebenza khona futhi. Kukhona intsha efunda amakhono athile ebhizinisini lomkhaya noma ethola ukuqeqeshwa kubangane abadala abanamabhizinisi. Enye ifunda izifundo ezithile esikoleni eziyoyisiza ikwazi ukuziphilisa kamuva. Lapho amathuba anjalo engekho khona, ngemva kokucabangisisa kahle, abazali bangase bahlele ukuba izingane zabo zithole imfundo yokwenezela ngemva kokuphothula esikoleni. Ukuhlela kanje kusengaphambili ukuze ukwazi ukunakekela imithwalo yemfanelo yomuntu omdala, futhi ikakhulu ngenjongo yokuba ukwazi ukuhlanganyela enkonzweni yokuphayona isikhathi eside, akushayisani nokubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala. (Mathewu 6:33) Futhi imfundo yokwenezela ayisho ukuthi awunakuphayona. Ngokwesibonelo, kwase kuyisikhathi eside omunye uFakazi osemusha efuna ukuphayona. Ngemva kokuphothula esikoleni, abazali bakhe—abangamaphayona avamile nabo—bahlela ukuba athole imfundo yokwenezela. Wakwazi ukuphayona ngesikhathi efunda, futhi manje usenekhono azisekela ngalo njengoba eqhubeka nokuphayona.
13. Imikhaya kufanele izibale kanjani izindleko zemfundo yokwenezela?
13 Endabeni yemfundo yokwenezela, umkhaya ngamunye unelungelo nomthwalo wemfanelo wokuzenzela isinqumo sawo. Uma imfundo enjalo ikhethwa ngenjongo enhle, ingaba usizo. Nokho, ingaba ugibe. Uma ucabangela leyo mfundo, uyini umgomo wakho? Ingabe uwukuzilungiselela ukuba ukwazi ukuthwala imithwalo yemfanelo yomuntu omdala ngendlela ehloniphekile? Noma ingabe ‘uzifunela izinto ezinkulu’? (Jeremiya 45:5; 2 Thesalonika 3:10; 1 Thimothewu 5:8; 6:9) Kuthiwani ngokuphishekela imfundo yokwenezela kude nasekhaya, mhlawumbe uhlale esikoleni? Ingabe kungaba ukuhlakanipha lokho uma ucabangela isixwayiso sikaPawulu esithi “ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo”? (1 Korinte 15:33; 2 Thimothewu 2:22) Khumbula futhi ukuthi “isikhathi esesisele sinciphile.” (1 Korinte 7:29) Singakanani isikhathi oyosichitha kuleyo mfundo? Ingabe iyothatha iminyaka eminingi yobusha bakho? Uma kunjalo, uyosisebenzisa kanjani isikhuthazo seBhayibheli ‘sokukhumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho’? (UmShumayeli 12:1) Ngalé kwalokho, ingabe izifundo ozenzayo ziyokunikeza isikhathi semisebenzi yobuKristu ebalulekile njengokuba semihlanganweni, enkonzweni yasensimini nokwenza isifundo somuntu siqu? (Mathewu 24:14; Heberu 10:24, 25) Uma amandla akho okuqonda ebukhali, ngeke ulahlekelwe umbono wemigomo engokomoya lapho wena nabazali bakho nihlelela ikusasa lakho.
Ukugcina Ukuthandana Kuhloniphekile
14. (a) Yiziphi izimiso okufanele ziqondise imibhangqwana ethandanayo lapho ibonisana uthando? (b) Kwenzeke kanjani ukuba eminye imibhangqwana ihluleke ukubonisa ukwahlulela okuhle kule ndaba?
14 Esinye isici okudingeka kuso amandla akho okuqonda yileso sokuthandana. Kumane kungokwemvelo ukufuna ukumbonisa uthando umuntu omkhathalelayo. Ngokusobala umbhangqwana omsulwa wesiHlabelelo seziHlabelelo wawuzenza izinto ezithile ezibonisa uthando ngaphambi kokuba ushade. (IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:2; 2:6; 8:5) Namuhla, eminye imibhangqwana ethandanayo ingase ibe nomuzwa wokuthi ukubambana ngezandla, ukuqabulana nokwangana kuyafaneleka, ikakhulu uma umshado ususeduze. Kodwa khumbula: “Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula.” (IzAga 28:26) Ngeshwa, imibhangqwana eminingi iye yabonisa ukuntula ukwahlulela okuhle, yazibeka ezimweni ezilingayo. Ukubonisana uthando kuye kwaba namandla futhi kwangathibeka; kwaholela ezenzweni ezingcolile futhi zaphenduka ukuziphatha okubi kobulili.
15, 16. Yiziphi izinyathelo zokuphepha ezinengqondo imibhangqwana engazithatha ukuze iqikelele ukuthi ukuthandana kwayo kuhlala kuhloniphekile?
15 Uma uthandana nothile, usuke uhlakaniphile uma ugwema ukuba naye ezimweni ezingafaneleki. Ngakho kungaba kuhle kakhulu ukujabulela ukuba ndawonye phakathi kweqembu labantu noma ezindaweni zomphakathi. Eminye imibhangqwana ihlela ukuba ibe nomgadi. Futhi cabangela amazwi kaHoseya 4:11: “Iwayini newayini elisha kususa umqondo.” Utshwala bungenza umuntu angakwazi ukusebenzisa ukwahlulela okuhle futhi benze umbhangqwana wenze ngendlela oyozisola ngayo kamuva.
16 IzAga 13:10 zithi: “Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela, kepha [“kwababonisanayo,” NW] kukhona ukuhlakanipha.” Yebo, ‘bonisanani’ futhi nixoxe ngokuthi nizoziphatha kanjani. Bekani imingcele ekubonisaneni uthando, ngamunye ahloniphe imizwa nonembeza womunye. (1 Korinte 13:5; 1 Thesalonika 4:3-7; 1 Petru 3:16) Ukuxoxa ngale ndaba ebucayi kungase kube nzima ekuqaleni, kodwa kungavimbela izinkinga ezingathi sína kamuva.
Ukufundiswa Kusukela ‘Ebusheni’
17. UDavide wamenza kanjani uJehova waba ‘ithemba lakhe kwasebusheni,’ futhi yisiphi isifundo intsha namuhla engasifunda kulokhu?
17 Ukugwema izingibe zikaSathane kuyodinga ukuba uhlale uqaphile—futhi ngezinye izikhathi kudinge isibindi esikhulu. Phela, ngezinye izikhathi ungazithola ungangqubuzani nje nontanga yakho kuphela, kodwa nezwe lonke. Umhubi uDavide wathandaza: “Wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami. Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.” (IHubo 71:5, 17)c UDavide uyaziwa ngesibindi sakhe. Kodwa waba nini naso? Esemusha! Ngisho nangaphambi kokubhekana kwakhe noGoliyati okudumile, uDavide wayesebonise isibindi esingavamile lapho evikela umhlambi kayise—ebulala ingonyama nebhere. (1 Samuweli 17:34-37) Nokho, uDavide wanika uJehova lonke udumo ngobuqhawe abubonisa, embiza ngokuthi “ithemba lami kwasebusheni bami.” Ikhono likaDavide lokuncika kuJehova lamenza wakwazi ukubhekana nanoma yiziphi izilingo. Nawe uzothola ukuthi uma uncika kuJehova, uzokunika isibindi namandla ‘okunqoba izwe.’ —1 Johane 5:4.
18. Intsha ehlonipha uNkulunkulu inikezwa siphi isikhuthazo namuhla?
18 Izinkulungwane zentsha enjengani ziye zathatha ukuma okubonisa isibindi futhi manje zikhonza njengabamemezeli bezindaba ezinhle ababhapathiziwe. Siyambonga uNkulunkulu ngokholo nesibindi senu nina basha! Hlalani nizimisele ukubalekela ukonakala kwaleli zwe. (2 Petru 1:4) Qhubekani nisebenzisa amandla enu okuqonda aqeqeshwe yiBhayibheli. Ukwenza kanjalo kuyonivikela enhlekeleleni manje futhi kuqinisekise ukusindiswa kwenu ekugcineni. Ngempela, njengoba isihloko sethu sokugcina sizobonisa, niyokwenza ukuphila kwenu kuphumelele.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingalenza Kanjani Iqiniso Libe Elami?” esikuyi-Phaphama! ka-October 22, 1998.
b Isihloko esithi “Ukuzijabulisa—Jabulela Izinzuzo, Gwema Izingibe” esikuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 1992, sinokwaziswa okuningi ngale ndaba.
c Kubonakala sengathi IHubo 71 liwukuqhutshwa kweHubo 70, lelo amazwi abhalwe ekuqaleni kwalo abonisa ukuthi elikaDavide.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Osemusha uwaqeqesha kanjani amandla akhe okuqonda?
◻ Osemusha angawasebenzisa kanjani amandla akhe okuqonda lapho kuziwa ekuyeni emibuthanweni yamaKristu?
◻ Yiziphi izici umuntu angase azicabangele ekuhleleni imfundo yakhe?
◻ Imibhangqwana ethandanayo ingalugwema kanjani ugibe lokuziphatha okubi ngokobulili?
[Isithombe ekhasini 15]
Ukufunda ukwenza ukucwaninga kuyokusiza uqeqeshe amandla akho okuqonda
[Isithombe ekhasini 16]
Imibuthano emincane kulula ukuyiqondisa futhi mancane amathuba okuba ibe imibuthano exokozelayo nengalawuleki
[Isithombe ekhasini 16]
Abazali kufanele basize izingane zabo ekuhleleni imfundo yazo
[Isithombe ekhasini 17]
Ukuba nothandana naye phakathi kweqembu kuyisivikelo