Ukuthola Ukuthula Kwangempela Ezweni Elinezinkathazo
Emuva ngo-1969, omunye umbiko wathi: “Udlame olwesabekayo lwamahlelo lubhidlangile.” Kwakungesikhathi sokuqala kokwanda kweZinkathazo, inkathi yamanje yezinxushunxushu eNyakatho Ireland.
UDLAME nokubulalana kwamahlelo kwaba insakavukela lapho ababulali abangamaProthestani nabangamaKatolika, “abesilisa abanobudlova ezinhlangothini zombili” zengxabano engokwezombangazwe nengokwenkolo, beqinisa umzabalazo wokubusa i-Ireland. I-Irish Times ibika ukuthi kusukela ngaleso sikhathi “kuye kwabulawa abantu abangaphezu kuka-3 600 futhi kwagogeka izinkulungwane kule minyaka ethi ayibe ngu-30 yodlame.”
Yiqiniso, lona akuwona umzabalazo omusha. Usukhathaze i-Ireland amakhulu eminyaka. Eminyakeni yamuva nje kuye kwabhekanwa nemiphumela yawo ebulalayo eNyakatho Ireland, kodwa ukuphila kwabantu kulo lonke elase-Ireland kuye konakaliswa ukudabuka nezingxabano oye wakubangela.
Esimweni esinjalo, sekungaphezu kwekhulu leminyaka manje oFakazi BakaJehova bekhomba ekhambini langempela lalezi zinkinga eziye zahlupha leli zwe elinezinkathazo. Lelo khambi uMbuso kaNkulunkulu ophethwe uJesu Kristu. (Mathewu 6:9, 10) Ekuqaleni kweZinkathazo ngo-1969, kwakunoFakazi BakaJehova abangu-876 e-Ireland. Manje kunabangaphezulu kakhulu kuka-4 500, emabandleni angaphezu kwekhulu. Nakhu okuhlangenwe nakho okumbalwa kwabanye abaye bafulathela ezombangazwe namabutho ezempi.
“Uma Sengimdala, Ngizojoyina I-IRA!”
UMichaela wakhula engumKatolika eRepublic of Ireland. Esikoleni wafundiswa umlando othile nge-Ireland nokuxabana kwayo neBrithani osekuthathe amakhulu eminyaka. Lapho esemncane, wawazonda kakhulu amaNgisi, lawo ayewabheka ‘njengabacindezeli babantu base-Ireland.’ Lapho eneminyaka eyishumi ubudala, wathi kugogo wakhe, “Uma sengimdala, ngizojoyina i-IRA!” (I-Irish Republican Army) “Wangimukula ngempama engisayikhumbula kuze kube namuhla,” esho. Kamuva wathola ukuthi umkhulu wakhe wayesebuthweni lezempi laseBrithani phakathi neMpi Yezwe I. Kwake kwadingeka ukuba ugogo wakhe ame phambi kukamkhulu wakhe ukuze amvikele ekudutshulweni amalungu e-IRA.
Noma kunjalo, lapho uMichael esekhulile, wafuna ukwenza okuthile ukuze asize amaKatolika ayekanye nawo eNyakatho Ireland. Uthi: “Ngaleso sikhathi kimina, ukuphela kwabantu engangibona benza okuthile ukuze basize amaKatolika aseNyakatho Ireland kwakuyi-IRA.” Eshukunyiswa yilokho ayekubona kuyinkambo efanele, waba yilungu le-IRA futhi waqeqeshelwa ukusebenzisa izikhali. Abathathu babangane bakhe badutshulwa babulawa amabutho ezempi amaProthestani eNyakatho Ireland.
Ekugcineni uMichael wasanguluka ngokuphathelene nomzabalazo webutho lezempi, ephazanyiswe, ngokwesibonelo, ingxabano eshubile eyayiqhubeka phakathi kwamabutho ezempi amaqembu ahlukahlukene. Lapho eboshelwe icala eliphathelene nomsebenzi we-IRA, wathandaza kuNkulunkulu emcela ukuba amsize athole indlela yangempela eholela ekuthuleni nasebulungiseni obuhlala njalo. Ngemva kwesikhathi esithile oFakazi BakaJehova bafika kwakhe. Nokho, ubandlululo lwakudala lwakha imingcele. OFakazi babengamaNgisi. Inzondo yakhe egxilile yenza kwaba nzima ukuba alalele. Uthi: “Ngangingabonisi ngaso sonke isikhathi ukuthi ngangikujabulela ukubabona, kodwa babekhuthazela beza futhi bexoxa nami, ngaqala ukubona ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyoqeda konke ukungabi nabulungisa kwezombangazwe nokwezenhlalo engangilwela ukukuqeda.”—IHubo 37:10, 11; 72:12-14.
Kwafika isimo esibucayi ngokunye ukuhlwa lapho uMichael ehlangana nomkhuzi wezempi we-IRA, owathi, “Sinomsebenzi okufanele uwenze.” “Ngaba nomuzwa wokuthi kudingeka ngenze isinqumo khona lapho,” kusho uMichael, “ngakho ngadonsa umoya kakhulu ngabe sengithi, ‘Sengingomunye woFakazi BakaJehova,’ nakuba ngangingakabhapathizwa ngaleso sikhathi. Ngangazi ukuthi ngangifuna ukuba inceku kaJehova.” “Kufanele umiswe odongeni udutshulwe,” kuphendula lo mkhuzi wezempi. Naphezu kokusongelwa, uMichael wayishiya i-IRA. Isibindi sokwenza lokhu wasithola ngokuvumela amazwi kaJehova athonye ingqondo nenhliziyo yakhe. “Ngokuhamba kwesikhathi umkami nezinye zezingane zethu nabo banikezela ukuphila kwabo kuJehova. Manje sinokuthula kwangempela ezinhliziyweni zethu. Futhi siyohlala simbonga uJehova ngokusivumela ukuba sifunde iqiniso futhi sihlanganyele ekusakazeni isigijimi esinokuthula ezweni elinezinkathazo.”—IHubo 34:14; 119:165.
Ukungathathi Hlangothi Kuyisivikelo Sangempela
UPatrick uthi: “Ngakhulela emaphandleni eCounty Derry eNyakatho Ireland. Ngiseyingane, ngangingazi lutho ngaphandle kweZinkathazo. Kusobala ukuthi leso simo sathonya umbono wami nendlela yami yokucabanga.” UPatrick waba nemibono eyeqisayo ethonywe ubuzwe obunamandla nobandlululo olujulile ngamaNgisi. Wabona abantu benkolo ezinhlangothini zombili zomzabalazo wezombangazwe bephula izimiso ezibalulekile zobuKristu kanye nezimiso eziyisisekelo zokuzihlonipha komuntu. Ngenxa yalokho, wayifulathela inkolo, wagcina esengumuntu ophika ubukhona bukaNkulunkulu nomlandeli oqinile kaMarx.—Qhathanisa noMathewu 15:7-9; 23:27, 28.
UPatrick uthi: “Izinto zakudala kakhulu engizikhumbulayo ukuduba ukudla okwenziwa iziboshwa ze-republic eNyakatho. Zangithonya ngokujulile. Ngiyakhumbula ngibeka amafulege ase-Ireland futhi ngibhala iziqubulo ezimelene neBrithani yonke indawo engangingabhala kuyo. Lapho ngineminyaka engu-15 nje kuphela, ngaba unogada emngcwabeni womunye walabo ababedube ukudla owayeshonele ejele.” Njengabaningi abanye ababephakathi kwesiyaluyalu nokudideka kwangaleso sikhathi, uPatrick waba nengxenye ezinxushunxushwini nasemamashini ezikhalazo ephishekela lokho ayekubona njengobulungisa nokulingana ngokwezenhlalo. Waba umngane omkhulu wabantu abaningana abashisekela ubuzwe ngokweqile, abaningi babo ababoshwa iziphathimandla zaseBrithani.
“Khona-ke,” kusho uPatrick, “ngenxa yezizathu ezingokomnotho, ngachitha isikhathi esithile eNgilandi. Ngesikhathi ngilapho, amaphoyisa aseBrithani abopha omunye wabangane bami owayethunywe ukuba ayobhomba.” Nakuba uPatrick ayesayivuna kakhulu inkambo yobuzwe, isimo sakhe sengqondo saqala ukushintsha. Waqala ukubona ukuthi ukubandlulula kwakhe wonke amaNgisi kwakungenazisekelo ezizwakalayo. Uthi: “Ngaqala ukubona nokuthi imisebenzi yebutho lezempi ngeke izixazulule ngempela izinkinga futhi iqede ukungabi nabulungisa okwakungicindezela. Kwakunenkohlakalo eningi kakhulu nokunye ukungalungi phakathi kwalabo ababephethe izinhlangano zamabutho ezempi.”—UmShumayeli 4:1; Jeremiya 10:23.
Ekugcineni uPatrick wabuyela eNyakatho Ireland. “Lapho ngifika lapho, umngane wami othile wangazisa koFakazi BakaJehova.” Esifundweni seBhayibheli ayesiqhutshelwa oFakazi, uPatrick waqala ukubona ikhambi langempela lezimpi nezingxabano zabantu. Wathuthuka ngokushesha ngokomoya njengoba izimiso zeBhayibheli zithonya ingqondo nenhliziyo yakhe. (Efesu 4:20-24) Uthi: “Manje, kunokuba ngenze uzungu lokugumbuqela umbuso okhona, ngizithola ngishumayela isigijimi sokuthula esiseBhayibhelini, ngisho nasezindaweni zabasekela umbuso ebengingeke ngilokothe ngingene kuzo ngaphambili. Eqinisweni, ngesikhathi amahlelo ebulala kakhulu abantu eBelfast, ukuphela kwabantu ababengahamba ngokukhululekile bengahambi ngezinqola zempi ezindaweni zabasekeli bombuso nabalwela ubuzwe kwakungoFakazi BakaJehova.” Njengabanye oFakazi baseNyakatho Ireland phakathi naleso sikhathi, wathola ukuthi ukungathathi hlangothi, njengamaKristu okuqala, kuyisivikelo sangempela. (Johane 17:16; 18:36) Uyaphetha: “Kuyakhulula kakhulu ukubona ukuthi uJehova ngoJesu Kristu uyonikeza sonke isintu ubulungisa nokukhululeka kwangempela ekucindezelweni.”—Isaya 32:1, 16-18.
“Izibhamu Zami Zaziwukuphela Kwesivikelo Sami”
“Ngakhulela ngakolunye uhlangothi lwengxabano yezombangazwe neyenkolo,” kusho uWilliam. “Ngangingene shí obandlululweni lwamaProthestani futhi ngizonda kakhulu noma yini ephathelene namaKatolika. Ngangingangeni ngisho nasezitolo zamaKatolika uma kungenzeka, futhi ngavakashela kanye nje eRepublic of Ireland. Ngahileleka emaqenjini nasezinhlanganweni ezihlukahlukene zamaProthestani, njenge-Orange Order—inhlangano ezinikezele ekulondolozweni kwenkolo nendlela yokuphila yamaProthestani.” Lapho eneminyaka engu-22 ubudala, uWilliam wajoyina i-Ulster Defense Regiment, ingxenye yebutho lezempi laseBrithani labantu bendawo. Iningi lamalungu ayo kwakungamaProthestani. Wayezimisele ukubulala ukuze avikele inkolo yakhe eyifa. “Nganginezibhamu eziningana futhi ngangingeke ngingabaze ukuzisebenzisa uma kudingekile. Ngangibeka esinye ngaphansi komcamelo ebusuku.”
Kodwa kwabe sekufika ushintsho. “Ngaqala ukuqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova babenokuthile okukhethekile lapho ngisebenza nomunye wabo silungisa indlu endala. Lona engangisebenza naye waba nethonya elinamandla kimi. Lapho sakha le ndlu ndawonye, ngakwazi ukumbuza imibuzo eminingi eyayingikhathaza ngokuphathelene neZinkathazo, inkolo noNkulunkulu. Izimpendulo zakhe ezilula nezicacile zangisiza ukuba ngibone lokho oFakazi BakaJehova abayikho—indikimba yabantu abanobunye, abangenabudlova nabangathathi hlangothi kwezombangazwe, abaphawuleka ngothando ngoNkulunkulu nangomakhelwane.”—Johane 13:34, 35.
Kungakapheli nezinyanga ezine eqale ukufunda iBhayibheli, uWilliam wasula kuzo zonke izinhlangano zezinkolo nezombangazwe ayehlanganyela nazo. Uyakhumbula: “Lesi kwakuyisinyathelo esikhulu kimi, ngoba kwadingeka ngilahle amasiko amaningi okwase kunesikhathi eside ngiwazisa.” Nokho, uvivinyo lwakhe olukhulu lwaluseza. “Ngenxa yesimo saseNyakatho Ireland, nganginomuzwa wokuthi izibhamu zami zaziwukuphela kwesivikelo sami. Amabutho ezempi e-IRA ayengibheka ‘njengesisulu esifanelekayo.’ Ngakho kwakunzima kakhulu ukuyeka lezi zikhali.” Nokho, kancane kancane, iseluleko seBhayibheli njengaleso esiku-Isaya 2:2-4, sawushintsha umbono wakhe. Wabona ukuthi ekugcineni uJehova nguye owayeyisivikelo sakhe sangempela, njengoba nje ayenjalo kumaKristu ekhulu lokuqala. UWilliam wabe esenikezela ngezibhamu zakhe.
Uthi: “Enye yezinto engiyijabulela kakhulu ukuthi manje nginobuhlobo obuseduze nobuqhubekayo nabantu ngaphambili ebengingababheka njengezitha ezibulalayo. Futhi, kuwumthombo wenjabulo yangempela ukukwazi ukuyisa isigijimi sethemba esiseBhayibhelini kulokho ngaphambili ‘okwakuyizindawo engingenakungena kuzo.’ Ukucabanga ngalokho iqiniso eliye langenzela kona mina nomkhaya wami kungenza ngimbonge phakade uJehova nenhlangano yakhe.”
‘Okwakwenzeka Kwakungenangqondo’
URobert noTeresa bavela ezizindeni ezihluke ngokuphelele. URobert uthi: “Ngivela emkhayeni wamaProthestani aqinile. Ezinye zezihlobo zami ziye zahileleka emisebenzini yamabutho ezempi. Nami ngajoyina i-Ulster Defense Regiment yebutho laseBrithani lapho ngineminyaka engu-19 ubudala. Esiningi saleso sikhathi ngangisichitha ngigada indawo uTeresa ayehlala kuyo. Ngobunye ubusuku ngashintshwa esabelweni sami esivamile sokugada nganikwa eminye imisebenzi. Ngalobo busuku i-Land-Rover okwakufanele ngabe ngangihamba ngayo yabhonjwa. Kwafa amasosha amabili amanye amabili alimala.”
URobert waqala ukuzibuza ngenjongo yokuphila. “Bengilokhu ngikholelwa kuNkulunkulu, kodwa lapho ngibheka lonke elaseNyakatho Ireland, okwakwenzeka ngangikubona kungenangqondo. Ngaqala ukuthandaza kuNkulunkulu. Ngabuza uNkulunkulu ukuthi wayekhona ngempela yini, uma ekhona, ngamcela ukuba angibonise indlela efanele yokuphila ukuphila kwami. Ngiyakhumbula ngithi kuNkulunkulu kumelwe kube nenhlangano eyodwa yeqiniso ndawana-thile!” Ngemva nje kwezinsuku ezimbalwa, omunye woFakazi BakaJehova wahambela uRobert futhi wamshiyela izincwadi. Lapho ebuya ekhaya evela ukuyogada ngalobo busuku, uRobert waqala ukuzifunda, waze waziqeda ngehora lesihlanu ekuseni. Uthi: “Ngaqaphela ngokushesha ukuthi zazikhuluma iqiniso, futhi ngangibona ukuthi konke kwakuvela eBhayibhelini ngokuqondile.” (2 Thimothewu 3:16) Waqala ukuba nesifundo seBhayibheli, futhi ngemva kwesikhathi esingeside, wanikezela ukuphila kwakhe kuNkulunkulu.
“OFakazi Babesiqondisa EBhayibhelini Njalo”
UTeresa, ngakolunye uhlangothi, unesizinda sobuKatolika, esivuna kakhulu ubuzwe. “Lapho ngiseyintombazanyana, ngajoyina i-Sinn Féin.”b UTeresa uyavuma: “Lokhu kwangenza ngahileleka ekusekeleni umsebenzi webutho lezempi. Ngasiza ekuqoqeni imali yomzabalazo wempi. Ngangihlala ngazisa i-IRA ngalokho okwakwenzeka endaweni yakithi. Ngahileleka ezinxushunxushwini nasekujikijeleni amaphoyisa ngamatshe namasosha agadayo.”
Lapho abanye bakubo kaTeresa beqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, naye waqala ukuba nelukuluku lokufuna ukwazi. Amandla eZwi likaNkulunkulu amthonya kakhulu. Uthi: “OFakazi babesiqondisa eBhayibhelini njalo ukuze sithole izimpendulo zemibuzo. Isithembiso esikuDaniyeli 2:44 sangisangulukisa ngempela. Ngabona ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawuyiyona ndlela yangempela yokuqeda konke ukungabi nabulungisa engangikuzabalazela.” Wazizwa eya ngokuya ebenyanya obunye bobudlova obabenziwa amabutho ezempi. Ngokwesibonelo, uTeresa wayengaqondi ukuthi kungani umuntu onesihawu nonokuziphatha okuhle engajabulela izindaba zezenzo zamaphekula lapho kubulewe noma kulinyazwe amasosha noma abanye abantu nalapho imikhaya ikhungathekiswe usizi nobuhlungu obukhulu. Naye wasabela eqinisweni leBhayibheli futhi wavumela ukuba izimiso zikaNkulunkulu zishintshe ukucabanga kwakhe. Wanikezela ukuphila kwakhe kuNkulunkulu futhi ngokushesha wabhapathizwa.—IzAga 2:1-5, 10-14.
UTeresa wahlangana noRobert lapho bobabili beze emihlanganweni kwelinye lamabandla oFakazi BakaJehova eNyakatho Ireland. Uthi: “Lapho ngihlangana noRobert okokuqala, ngakuthola kunzima ukukholelwa ukuthi ngangikhuluma ngokuzola nangokuthula okungako nomuntu, kuze kube muva nje, ebengingambheka njengesinye sezikhali zempi zaseBrithani. IZwi likaNkulunkulu lalingisize ngokuqinisekile ukuba ngisuse inzondo nobandlululo okwakugxilile.” Yena noRobert bathola ukuthi kunokuba bahlukaniswe inzondo nobandlululo oluvela emasikweni abo ahlukene, manje base benezinto eziningi ezifanayo. Enamandla kunazo zonke kulezi kwakuwuthando ngoJehova uNkulunkulu. Bashada. Manje basebenza ndawonye ekuletheni isigijimi sikaNkulunkulu sokuthula kwangempela kubantu bazo zonke izizinda nezinkolo kuleli zwe elinezinkathazo.
Nabanye e-Ireland baye baba nokuhlangenwe nakho okufanayo. Ngokulalela nokwamukela izimfundiso zeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, baye bagqashula ‘efilosofini nasenkohlisweni eyize’ yabantu. (Kolose 2:8) Manje babeka ithemba labo lonke ezithembisweni zikaNkulunkulu eziseBhayibhelini. Bayakujabulela ukulihlanganyela nanoma ubani oyolalela ithemba labo lekusasa elinokuthula—elingeke libe nalo nhlobo udlame lwamahlelo nolwezinye izinhlobo.—Isaya 11:6-9.
[Imibhalo yaphansi]
a Amagama ashintshiwe.
b Yinhlangano yezombangazwe ehlobene kakhulu ne-IRA Yesikhashana.
[Izithombe ekhasini 10]
Umzabalazo webutho lezempi uye wadunyiswa ezindongeni zalo lonke elaseNyakatho Ireland