Ingabe Uphila Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwakho?
“Noma ngabe yini eniyenzayo, yisebenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu.”—KOLOSE 3:23.
1. Ngokwezwe, lisikiselani igama elithi “ukuzinikela”?
ABASUBATHI bafinyelela kanjani ezingeni eliphakeme kakhulu? Ebholeni lomphebezo, kwelikanobhutshuzwayo, kwelomnqakiswano, kuyi-baseball, ekugijimeni, egalofwini, nakunoma yimuphi omunye umdlalo, izingqwele ziphumelela kuphela ngenxa yokuzinikela ngokuphelele. Ukuzilolonga ngokomzimba nangokwengqondo kubaluleke kakhulu. Lokhu kufanelana kahle nenye yezincazelo zegama elithi “nikezelwe,” ethi “nikelwe ngokuphelele enkambweni ethile yokucabanga noma yesenzo.”
2. Lisho ukuthini eBhayibhelini elithi “ukuzinikezela”? Bonisa.
2 Nokho, kusho ukuthini “ukunikezela” ngomqondo weBhayibheli? Elithi “nikezela” lihumusha isenzo sesiHeberu esisho ukuthi “gcina kuhlukile; hluka; hoxa.”a Kwa-Israyeli wasendulo, umPristi Ophakeme u-Aroni wayefaka esigqokweni sakhe “uphawu olungcwele lokuzinikezela,” olwaluwucwecwe olubenyezelayo lwegolide elihlanzekile oluqoshwe amagama esiHeberu asho ukuthi “Ubungcwele bungobukaJehova.” Lokho kwakukhumbuza umpristi ophakeme ukuthi kumelwe agweme ukwenza noma yini eyongcolisa indlu engcwele “ngoba uphawu lokuzinikezela, amafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe, [lwaluphezu] kwakhe.”—Eksodusi 29:6; 39:30; Levitikusi 21:12; qhathanisa ne-NW.
3. Ukuzinikezela kufanele kukuthinte kanjani ukuziphatha kwethu?
3 Kulo mongo singabona ukuthi ukuzinikezela kuyindaba engathi sína. Kusikisela ukuzichaza ngokuzithandela njengenceku kaNkulunkulu, futhi kudinga ukuziphatha okuhlanzekile. Ngakho-ke, singaqonda ukuthi kungani umphostoli uPetru acaphuna uJehova ethi: “Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.” (1 Petru 1:15, 16) NjengamaKristu azinikezele, sinomthwalo wemfanelo onzima wokuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu, sithembeke kuze kube sekugcineni. Kodwa yini ehilelekile ekuzinikezeleni kobuKristu?—Levitikusi 19:2; Mathewu 24:13.
4. Sisifinyelela kanjani isinyathelo sokuzinikezela, futhi kungafaniswa nani ukuzinikezela?
4 Ngemva kokuba sizuzé ulwazi olunembile lukaJehova uNkulunkulu nezinjongo zakhe nolukaJesu Kristu nendima yakhe kulezo zinjongo, senza isinqumo somuntu siqu sokukhonza uNkulunkulu ngenhliziyo yethu yonke, ingqondo, umphefumulo namandla. (Marku 8:34; 12:30; Johane 17:3) Lokho kungabhekwa nanjengesifungo somuntu siqu, ukuzinikezela kuNkulunkulu okungenakuzigodla. Ukuzinikezela kwethu asikwenzanga ngenxa yokuthatheka okungokomzwelo okudlulayo. Sacabanga ngako ngokucophelela nangomthandazo, sisebenzisa amandla okucabanga. Ngakho, kwakungesona isinqumo sesikhashana. Asinakuba njengomuntu oqala ukulima insimu abese ethi esephakathi nayo ayeke ngoba kuwumsebenzi onzima kakhulu noma ngoba isivuno sibonakala sikude kakhulu noma sibonakala singaqinisekile neze. Cabanga ngezibonelo zabathile abaye ‘babeka izandla zabo egejeni’ lomthwalo ongokwasezulwini kungakhathaliseki ubunzima abahlangabezana nabo.—Luka 9:62; Roma 12:1, 2.
Abakulahlanga Ukuzinikezela Kwabo
5. UJeremiya waba kanjani yisibonelo esivelele senceku kaNkulunkulu ezinikezele?
5 Inkonzo kaJeremiya njengomprofethi yahlanganisa iminyaka engaphezu kuka-40 (kusukela ngo-647 kuya ku-607 B.C.E.), futhi yayingesona isabelo esilula. Wayekuqaphela kakhulu ukulinganiselwa kwakhe. (Jeremiya 1:2-6) Wayedinga isibindi nokukhuthazela ukuze abhekane nabantu bakwaJuda abanenkani nsuku zonke. (Jeremiya 18:18; 38:4-6) Nokho, uJeremiya wayethembele kuJehova uNkulunkulu, owamqinisa ukuze abe yinceku yaKhe ezinikezele ngempela.—Jeremiya 1:18, 19.
6. Yisiphi isibonelo asibekela sona umphostoli uJohane?
6 Kuthiwani ngomphostoli othembekile uJohane, owadingiselwa esiqhingini esiwugwadule sasePhatmose esegugile ngenxa “yokukhuluma ngoNkulunkulu nangenxa yokufakaza ngoJesu”? (IsAmbulo 1:9) Wakhuthazela futhi waphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwakhe njengomKristu iminyaka engaba ngu-60. Waphila kwaze kwafika futhi kwadlula ukubhujiswa kweJerusalema ngamabutho amaRoma. Waba nelungelo lokubhala iVangeli, izincwadi ezintathu eziphefumulelwe nencwadi yesAmbulo, abona kuyo kusengaphambili impi ye-Armagedoni. Ingabe wayeka lapho eqaphela ukuthi i-Armagedoni yayingeke ifike esaphila? Ingabe wabe esezithela ngabandayo? Cha, uJohane wahlala ethembekile kwaze kwaba sekufeni kwakhe, azi ukuthi nakuba ‘isikhathi esimisiwe sasiseduze,’ ukugcwaliseka kwemibono yakhe kwakuzokuza kamuva.—IsAmbulo 1:3; Daniyeli 12:4.
Izibonelo Zanamuhla Zokuzinikezela
7. Omunye umzalwane waba kanjani yisibonelo sokuzinikezela kobuKristu?
7 Ezikhathini zanamuhla, izinkulungwane zamaKristu athembekile ziye zanamathela ngentshiseko ekuzinikezeleni kwazo naphezu kokuba zingazange ziphile zize zibone i-Armagedoni. Omunye wabanjalo ngu-Ernest E. Beavor waseNgilandi. Waba nguFakazi ngo-1939, ekuqaleni kweMpi Yezwe II futhi wadela ibhizinisi elichumayo lokuthatha izithombe zamaphephandaba ukuze angenele inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngenxa yokuthi walondoloza ukungathathi-hlangothi kobuKristu, wavalelwa ejele iminyaka emibili. Umkhaya wakhe wamsekela, futhi ngo-1950 izingane zakhe ezintathu zaya e-Watchtower Bible School of Gilead eNew York, ziyoqeqeshelwa ukuba yizithunywa zevangeli. UMfoweth’ uBeavor wayeshiseka emsebenzini wakhe wokushumayela kangangokuba abangane babembiza ngokuthi u-Armageddon Ernie. Ngokwethembeka, waphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwakhe, futhi wamemezela ukuba seduze kwempi kaNkulunkulu ye-Armagedoni kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1986. Ukuzinikezela kwakhe akakubhekanga njengesivumelwano sesikhashana asenzé noNkulunkulu!b—1 Korinte 15:58.
8, 9. (a) Yisiphi isibonelo esabekwa yizinsizwa eziningi eSpain ngesikhathi sombuso kaFranco? (b) Yimiphi imibuzo efanelekayo?
8 Esinye isibonelo sentshiseko enganciphi sivela eSpain. Phakathi nombuso kaFranco (ngo-1939 kuya ku-1975), amakhulu entsha ezinikezele engoFakazi awathathanga-hlangothi. Eziningi zalezi zinsizwa zavalelwa iminyaka eyishumi noma ngaphezulu emajele amasosha. Omunye uFakazi, uJesús Martín, wanqwatshelaniselwa izigwebo ezafinyelela eminyakeni engu-22 esejele. Washaywa kanzima lapho eboshwe ejele lamasosha eNyakatho Afrika. Kwakungelula neze lokhu, kodwa wenqaba ukuhlehla ezimisweni.
9 Ezimweni eziningi, lezi zinsizwa zazingazi nakancane ukuthi zaziyodedelwa nini, uma zaziyoke zidedelwe, ngoba zazinikwa izigwebo eziningi ezidonswa esinye emva kwesinye. Nokho, zagcina ubuqotho futhi zalondoloza intshiseko yazo ngenkonzo lapho zivalelwe. Lapho ekugcineni isimo siqala ukuba ngcono ngo-1973, abaningi balab’ oFakazi, ababesanda kweva eminyakeni engu-30 ubudala ngaleso sikhathi, badedelwa emajele futhi ngokushesha bangenela inkonzo yesikhathi esigcwele, abanye baba amaphayona akhethekile nababonisi abajikelezayo. Baphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwabo ejele, futhi iningi liye laqhubeka lenza kanjalo kusukela ladedelwa.c Kuthiwani ngathi namuhla? Ingabe siyathembeka ekuzinikezeleni kwethu njengalaba abaqotho?—Heberu 10:32-34; 13:3.
Umbono Ofanele Ngokuzinikezela Kwethu
10. (a) Kufanele sikubheke kanjani ukuzinikezela kwethu? (b) UJehova uyibheka kanjani inkonzo yethu kuye?
10 Sikubheka kanjani ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu ukuba senze intando yakhe? Ingabe kuyinto eza kuqala ekuphileni kwethu? Kungakhathaliseki izimo zethu, noma ngabe sibancane noma sibadala, sishadile noma asishadile, sinempilo enhle noma siyagula, kufanele sizame ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu, kuye ngezimo zethu. Isimo somunye umuntu singase simvumele ukuba akhonze enkonzweni yesikhathi esigcwele njengephayona, njengesisebenzi sokuzithandela ehhovisi legatsha le-Watch Tower Society, noma njengesithunywa sevangeli, noma enkonzweni yokujikeleza. Ngakolunye uhlangothi, abanye abazali bangase babe matasa kakhulu ekunakekeleni izidingo ezingokwenyama nezingokomoya zomkhaya. Ingabe amahora ambalwa abawasebenza enkonzweni inyanga ngayinye ayigugu kancane emehlweni kaJehova kunamahora amaningi asetshenzwa yizinceku zesikhathi esigcwele? Cha. UNkulunkulu akalokothi alindele ukuba simnike into esingenayo. Umphostoli uPawulu wanikeza lesi simiso: “Uma ukulungela kukhona kuqala, kwamukeleka ngokukhethekile ngokwalokho umuntu anakho, hhayi ngokwalokho umuntu angenakho.”—2 Korinte 8:12.
11. Ixhomekephi insindiso yethu?
11 Noma ngabe yikuphi, insindiso yethu ayixhomekile kokuthile esingase sikwenze, kodwa emseni kaJehova ongafanelwe ngoKristu Jesu, iNkosi yethu. UPawulu wachaza ngokucacile: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu, futhi kunjengesipho samahhala ukuthi ngomusa wakhe ongafanelwe kuthiwa balungile ngokukhululwa ngesihlengo esakhokhwa uKristu Jesu.” Nokho, imisebenzi yethu iwubufakazi bokholo lwethu oluphilayo ezithembisweni zikaNkulunkulu.—Roma 3:23, 24; Jakobe 2:17, 18, 24.
12. Kungani kungafanele siziqhathanise nabanye?
12 Asikho isidingo sokuziqhathanisa nabanye mayelana nesikhathi esisisebenza enkonzweni kaNkulunkulu, izincwadi esizihambisayo, noma inani lezifundo zeBhayibheli esiziqhubayo. (Galathiya 6:3, 4) Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyifezayo enkonzweni yobuKristu, sonke kufanele sikhumbule amazwi kaJesu athobisayo: “Kanjalo nani, lapho nenze zonke izinto enabelwe zona, anothi, ‘Siyizigqila ezingelusizo lwalutho. Lokho esikwenzile yilokho obekufanele sikwenze.’” (Luka 17:10) Kukaningi kangakanani lapho singasho khona ukuthi senze ‘zonke izinto esabelwe’ zona? Ngakho umbuzo uwukuthi, Kufanele libe njani izinga lenkonzo yethu kuNkulunkulu?—2 Korinte 10:17, 18.
Ukwenza Usuku Ngalunye Lube Nenjongo
13. Yisiphi isimo sengqondo esisidingayo njengoba sifeza ukuzinikezela kwethu?
13 Ngemva kokweluleka amakhosikazi, amadoda, izingane, abazali nezigqila, uPawulu uyabhala: “Noma ngabe yini eniyenzayo, yisebenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu, ngoba niyazi ukuthi umvuzo ofanele wefa niyowuthola kuJehova. Yibani izigqila zeNkosi, uKristu.” (Kolose 3:23, 24) Asikhonzi ngenjongo yokuhlaba abantu umxhwele ngalokho esikufezayo enkonzweni kaJehova. Sizama ukukhonza uNkulunkulu ngokulandela isibonelo sikaJesu Kristu. Wafeza inkonzo yakhe emfushane ngomuzwa wokuphuthuma.—1 Petru 2:21.
14. Yisiphi isixwayiso uPetru asinikeza ngezinsuku zokugcina?
14 Umphostoli uPetru naye wabonisa umuzwa wokuphuthuma. Encwadini yakhe yesibili, waxwayisa ngokuthi ezinsukwini zokugcina kwakuyoba nabahleki bosulu—izihlubuki nabangabazayo—ababeyophakamisa imibuzo mayelana nokuba khona kukaKristu ukuze bafeze izifiso zabo. Nokho, uPetru wathi: “UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabangela ukwephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni. Nokho usuku lukaJehova luyofika njengesela.” Yebo, usuku lukaJehova luyofika nakanjani. Ngakho-ke, kufanele sikukhathalele nsuku zonke ukuthi ukholo lwethu esithembisweni sikaNkulunkulu luqiniseke futhi luqine kangakanani ngempela.—2 Petru 3:3, 4, 9, 10.
15. Kufanele silubheke kanjani usuku ngalunye ekuphileni kwethu?
15 Ukuze siphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu ngobuqotho, kufanele sidumise uJehova usuku ngalunye. Ekupheleni kosuku ngalunye, ingabe singalubheka futhi sibone indlela esinikele ngayo ngandlela-thile ekungcwelisweni kwegama likaNkulunkulu nasekumenyezelweni kwezindaba ezinhle zoMbuso? Mhlawumbe sikwenzé ngokuziphatha kwethu okuhlanzekile, ingxoxo eyakhayo, noma ukukhathalela umkhaya nabangane bethu ngothando. Ingabe siye sawasebenzisa amathuba atholakalayo ukuze sihlanganyele ithemba lobuKristu nabanye? Ingabe siye sasiza othile ukuba acabange ngokujulile ngezithembiso zikaNkulunkulu? Usuku ngalunye masiqongelele okuthile okuhle ngomqondo ongokomoya, njengokungathi sakha i-akhawunti enhle yasebhange engokomoya.—Mathewu 6:20; 1 Petru 2:12; 3:15; Jakobe 3:13.
Gcina Umbono Wakho Ucacile
16. Yiziphi izindlela uSathane azama ngazo ukwenza ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu kube buthaka?
16 Siphila ezikhathini eziya ziba nzima kumaKristu. USathane namanxusa akhe bazama ukufiphaza umahluko phakathi kokuhle nokubi, okuhlanzekile nokungcolile, ukuziphatha okuhle nokubi, okuqotho nokungeqotho. (Roma 1:24-28; 16:17-19) Uye wakwenza kwaba lula kakhulu ukuba singcolise izinhliziyo nezingqondo zethu nge-TV noma nge-computer. Umbono wethu ongokomoya ungafiphazeka, bese singawaqapheli amaqhinga akhe. Uma sihlehla ezindinganisweni zethu ezingokomoya, ukuzimisela kwethu ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kungaba buthaka futhi sithambe isandla sethu “egejeni.”—Luka 9:62; Filipi 4:8.
17. Iseluleko sikaPawulu singasisiza kanjani ukuba silondoloze ubuhlobo bethu noNkulunkulu?
17 Ngakho-ke amazwi kaPawulu ebandleni laseThesalonika afaneleka kakhulu: “Yilokhu uNkulunkulu akuthandayo, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni; ukuze ngamunye wenu azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo, kungabi ngesifiso sobulili sokukhanuka esinjengaleso nalezozizwe ezingamazi uNkulunkulu ezinaso.” (1 Thesalonika 4:3-5) Ukuziphatha okubi kuye kwaholela ekubeni abanye basuswe ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu—labo abaye bangakunaka ukuzinikezela kwabo kuNkulunkulu. Bavumela ubuhlobo babo noNkulunkulu baba buthaka, wangabe esabaluleka ekuphileni kwabo. Nokho, uPawulu wathi: “UNkulunkulu wasibiza mayelana nokungcweliswa, hhayi ukuba avumele ukungahlanzeki. Ngakho-ke, umuntu obonisa ukunganaki, akabonisi ukunganaki umuntu, kodwa uNkulunkulu, ofaka umoya wakhe ongcwele kini.”—1 Thesalonika 4:7, 8.
Yini Ozimisele Ukuyenza?
18. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?
18 Uma sikuqonda ukungathi sína kokuzinikezela kwethu kuJehova uNkulunkulu, yini okufanele sizimisele ukuyenza? Kufanele sizimisele ngokunamandla ukulondoloza unembeza omuhle mayelana nokuziphatha kwethu nenkonzo yethu. UPawulu wanxusa: “Yibani nonembeza omuhle, ukuze kuleyonto abakhuluma kabi ngani kuyo bahlazeke labo abakhuluma ngokululazayo ngokuziphatha kwenu okuhle mayelana noKristu.” (1 Petru 3:16) Kungase kudingeke sibhekane nokuhlukunyezwa ngenxa yokuziphatha kwethu kobuKristu, kodwa noKristu wabhekana nakho ngenxa yokholo lwakhe nobuqotho bakhe kuNkulunkulu. UPetru wathi: “Ngakho njengoba uKristu ahlupheka enyameni, nani futhi hlomani ngesimo sengqondo esifanayo; ngoba umuntu oye wahlupheka enyameni uziyekile izono.”—1 Petru 4:1.
19. Sifuna kuthiweni ngathi?
19 Yebo, ukuzimisela kwethu ngokunamandla ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuyosivikela ezihibeni zezwe likaSathane eligulayo ngokomoya, ngokuziphatha nangokwenyama. Kodwa ngaphezu kwalokho, siyoqiniseka ukuthi siyamukeleka kuNkulunkulu, okuyinto engcono kakhulu kunanoma yini uSathane namanxusa akhe abangasinika yona. Ngakho, makungashiwo neze ukuthi silushiyile uthando esasinalo lapho siqala ukwazi iqiniso. Kunalokho, makushiwo ngathi okwashiwo ngalabo basebandleni laseThiyathira lekhulu lokuqala: “Ngiyazazi izenzo zakho, nothando lwakho nokholo nenkonzo nokukhuthazela, nokuthi izenzo zakho zamuva zingaphezulu kunalezo zangaphambili.” (IsAmbulo 2:4, 18, 19) Masingabi sivivi mayelana nokuzinikezela kwethu, kodwa ‘masivuthe emoyeni,’ sishiseke kuze kube sekupheleni—futhi ukuphela kuseduze.—Roma 12:11; IsAmbulo 3:15, 16.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-April 15, 1987, ikhasi 31.
b Bheka INqabayokulinda ka-September 15, 1980, amakhasi 8-11, ukuze uthole indaba eningiliziwe yokuphila kuka-Ernest Beavor.
c Bheka INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1978 (yesiNgisi), amakhasi 156-8, 201-18, eyanyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Uyakhumbula?
• Kuhilelani ukuzinikezela?
• Yiziphi izibonelo zasendulo nezanamuhla zezinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele okufanelekayo ukuba sizilingise?
• Kufanele siyibheke kanjani inkonzo yethu eya kuNkulunkulu?
• Yini okufanele sizimisele ukuyenza mayelana nokuzinikezela kwethu kuNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 15]
UJeremiya wahlala ethembekile naphezu kokuhlukunyezwa
[Isithombe ekhasini 16]
U-Ernest Beavor wabekela izingane zakhe isibonelo njengomKristu oshisekayo
[Isithombe ekhasini 17]
Amakhulu oFakazi abasebasha agcina ubuqotho bawo emajele aseSpain
[Izithombe ekhasini 18]
Masibekelele okuthile okuhle ngomqondo ongokomoya usuku ngalunye