Ingabe Uyababekezelela Ngempela Abanye?
INGABE wake wathukutheliswa ukuziphatha okungafanele kothile? Ingabe uthatha isinyathelo ngokushesha lapho amathonya onakalisayo ehlasela abangane bakho abaseduze?
Ngezinye izikhathi ukuthatha isinyathelo ngokushesha nangokuqinile kuyadingeka ukuze kunqandwe ukusakazeka kwesono esingathi sína. Ngokwesibonelo, lapho ukona kwendelelo kufuna ukungcolisa ama-Israyeli lé ekhulwini le-15 B.C.E., umzukulu ka-Aroni, uFinehasi, wathatha isinyathelo esisheshayo ukuze asuse okubi. UJehova uNkulunkulu wakwamukela akwenza, wathi: “UFinehasi . . . ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo.”—Numeri 25:1-11.
UFinehasi wathatha isinyathelo esasifanelekile ukuze anqande ukusakazeka kokungcola. Kodwa kuthiwani ngentukuthelo engabanjiwe ebangelwa ukushiyeka kwabanye kobuntu nje? Uma singathatha isinyathelo ngokuxhamazela noma ngaphandle kwesizathu esanele, ngeke sibe amaqhawe okulunga kodwa siyoba yisibonelo sokungababekezeleli abanye—umuntu ongakucabangeli ukungapheleli kwabanye. Yini engasisiza sigweme lolu gibe?
‘UJehova Uthethelela Zonke Izono Zakho’
UJehova ‘unguNkulunkulu onomhawu (oshisekayo); uNkulunkulu ongakubekezeleli ukubangiswa.’ (Eksodusi 20:5, umbhalo waphansi we-NW) Njengoba enguMdali, unelungelo lokufuna ukuba sizinikele kuye yedwa. (IsAmbulo 4:11) Nokho, uJehova uyabubekezelela ubuthakathaka bobuntu. Ngakho-ke, umhubi uDavide wahlabelela ngaye wathi: “UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. Akathethi njalonjalo . . . Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.” Yebo, uma siphenduka, uNkulunkulu ‘uthethelela zonke izono zethu.’—IHubo 103:3, 8-10.
Ngenxa yokuthi uyakuqonda ukuthambekela kwabantu esonweni, uJehova ‘akabathethisi njalonjalo’ abenzi bokubi abaphendukile. (IHubo 51:5; Roma 5:12) Eqinisweni, kuyinjongo yakhe ukuqeda isono nokungapheleli. Njengoba lokho kungakafezeki ngokugcwele, uNkulunkulu uthethelela ngomusa ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo sikaJesu Kristu, kunokuba asilethele ‘okusifanele.’ Ukube uJehova ubengasibonisi isihe lapho kufaneleka, akekho kithi obengatholakala efanelwe ukusinda. (IHubo 130:3) Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi uBaba wethu osezulwini, ofuna sizinikele kuye yedwa kufanele, unguNkulunkulu onesihe!
Kudingeka Ukulinganisela
Njengoba iNkosi enguMbusi wendawo yonke ibonisa ukubekezela lapho isebenzelana nabantu abangaphelele, akufanele yini nathi senze okufanayo? Ukubekezelela abanye kungachazwa ngokuthi ukuthambekela kokubekezelela imibono nemikhuba yabanye. Ingabe thina ngokwethu sinako lokho kuthambekela—ukuthambekela kokubonisa ukubekezela nonembe lapho abanye besho noma benza izinto ezingezona izono ezinkulu kodwa mhlawumbe ezingafaneleki ukushiwo noma ukwenziwa?
Yebo, kumelwe sikugweme nokubekezela ngokweqile. Ngokwesibonelo, kudaleka umonakalo omkhulu lapho iziphathimandla zenkolo zibekezelela abapristi abaxhaphazayo abaqhubeka benukubeza abafanyana namantombazanyana. Enye intatheli yase-Ireland yathi: “Njengoba bebheka izingane njengezithintekayo nje esonweni, iziphathimandla zesonto zamane zamthuthela [kwenye indawo] umpristi owonayo.”
Ingabe ukuthuthela umuntu onjalo kwenye indawo kuyisibonelo sokubekezelela abanye okufanele? Lutho neze! Ake sithi ibhodi acceptable, as in “board of directors” ethile yezokwelapha ivumela udokotela ongathembekile ukuba aqhubeke ehlinza, imshintshele kwesinye isibhedlela, yize ebebulala noma egoga iziguli. Umuzwa oyiphutha wokungalahlani kodokotela ungase ubangele “ukubekezela” okunjalo. Kodwa kuthiwani ngezisulu ezafa noma zagogeka ngenxa yobudedengu noma ubugebengu imbala?
Kukhona nengozi yokungababekezeleli abanye. Lapho uJesu esemhlabeni, amaJuda athile ayebizwa ngamaZealot ayefuna ngokungeyikho ukusebenzisa isibonelo sikaFinehasi ukuze azame ukwenza izenzo zawo zibonakale zifanelekile. Esinye sezenzo ezeqisayo zamaZealot athile ‘kwakuwukungena phakathi kwezixuku eJerusalema phakathi nemikhosi nezenzakalo ezinjengayo abese egwaza ngemimese labo ayengabathandi bengazelele.’
NjengamaKristu, asinakulokotha silingise amaZealot ngokubahlasela ngokoqobo labo abasicasulayo. Kodwa ingabe ukungababekezeleli abanye ngezinga elithile kusenza sibahlasele ngezinye izindlela labo esingabathandi—mhlawumbe ngokukhuluma kabi ngabo? Uma sibabekezelela ngempela abanye, ngeke sisebenzise inkulumo enjalo elimazayo.
AbaFarisi bekhulu lokuqala babengelinye futhi iqembu elalingababekezeleli abanye. Babehlale belahla abanye futhi bengakucabangeli ukungapheleli kobuntu. AbaFarisi abaqhoshayo babebabukela phansi abantu abavamile, bebahlambalaza ngokubabiza “ngabantu abaqalekisiwe.” (Johane 7:49) Ngesizathu esihle, uJesu wawalahla lawo madoda ayezibona elungile, wathi: “Maye kinina, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba ninikela okukodwa eshumini kweminti nedile nekhumini, kodwa anizinakanga izindaba zoMthetho ezinesisindo esikhudlwana, okuwukuthi, ubulungisa nesihe nokukholeka. Lezizinto kwakuyisibopho ukuzenza, kodwa hhayi ukuba ningazinaki lezi ezinye izinto.”—Mathewu 23:23.
Ngokusho lawo mazwi, uJesu wayengakululazi ukugcinwa koMthetho KaMose. Wayemane ebonisa ukuthi izici zoMthetho “ezinesisindo esikhudlwana,” noma ezibaluleke kakhudlwana, zazidinga ukusetshenziswa ngokucabangela nangesihe. Yeka indlela uJesu nabafundi bakhe ababehluke ngayo kubaFarisi namaZealot ayengababekezeleli abanye!
UJehova uNkulunkulu noJesu Kristu ababuvuni ububi. Ngokushesha, ‘kuzolethwa impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle.’ (2 Thesalonika 1:6-10) Nokho, ekushisekeleni kwakhe ukulunga, uJesu Kristu akalokothi achezuke ekuboniseni ukukhathalela kukaYise osezulwini okunesineke, isihe nothando kubo bonke abafuna ukwenza okulungile. (Isaya 42:1-3; Mathewu 11:28-30; 12:18-21) Yeka isibonelo esihle uJesu asibekela sona!
Bekezelanani Ngesineke
Nakuba singase sikushisekele kakhulu okulungile, masisebenzise iseluleko somphostoli uPawulu: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.” (Kolose 3:13; Mathewu 6:14, 15) Ukubekezelela abanye kudinga ukubezekelela ukushiyeka namaphutha abo kuleli zwe elingaphelele. Kudingeka silinganisele kulokho esikulindela kwabanye.—Filipi 4:5.
Ukubekezelela abanye akusho neze ukuthi siyahambisana nokona noma sizenza abangawaboni amaphutha. Isici esithile sokucabanga komuntu esikholwa naye noma sokuziphatha kwakhe singase singavumelani kahle nezindinganiso zikaJehova. Nakuba lokho kuphambuka kungenzeka akukakabi kubi kangangokuba kumenze alahlwe nguNkulunkulu, kungase kube yisixwayiso esibonisa ukuthi udinga ukulungiswa okuthile. (Genesise 4:6, 7) Yeka ukuthi kuwukubonisa uthando kanjani lapho labo abanezimfanelo ezingokomoya bezama ukulungisa owonayo ngomoya omnene! (Galathiya 6:1) Nokho, ukuze baphumelele kulo mzamo, kudingeka bathathe isinyathelo ngoba bemkhathalela, hhayi ngomoya wokugxeka.
“Ngomoya Omnene Nangenhlonipho Ejulile”
Kuthiwani ngokubekezelela abantu abanemibono engokwenkolo ehlukile kweyethu? “ISifundo-jikelele” esachonywa kuzo zonke iziKole Zikazwelonke ezamiswa ngo-1831 e-Ireland sithi: “UJesu Kristu wayengahlosile ukuba inkolo yakhe iphoqelelwe ngobudlova kubantu. . . . Ukuxabana nomakhelwane bethu nokubethuka akuyona indlela yokubakholisa ukuthi thina asikho ephutheni, yibo abasephutheni. Kungase kubakholise ukuthi asinawo umoya wobuKristu.”
UJesu wafundisa futhi wenza ngendlela eyadonsela abantu eZwini likaNkulunkulu, nathi kufanele senze kanjalo. (Marku 6:34; Luka 4:22, 32; 1 Petru 2:21) Njengomuntu ophelele nonokuqonda okukhethekile ayekunikwe nguNkulunkulu, wayekwazi ukufunda izinhliziyo. Ngakho-ke, lapho kudingekile, uJesu wayengakhuluma amazwi ahlabayo okulahla izitha zikaJehova. (Mathewu 23:13-33) Ukwenza kwakhe lokhu kwakungekhona ukungababekezeleli abanye.
Ngokungafani noJesu, thina asikwazi ukufunda izinhliziyo. Ngakho, kufanele silandele iseluleko somphostoli uPetru: “Ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, ngaso sonke isikhathi nilungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Petru 3:15) Njengezinceku zikaJehova, kufanele sikuvikele lokho esikukholelwayo ngoba kusekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu. Kodwa lokhu kudingeka sikwenze ngendlela ebonisa ukubahlonipha abanye nezinkolelo zabo abazikholelwa ngobuqotho. UPawulu wabhala: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.”—Kolose 4:6.
ENtshumayelweni yakhe edumile Yasentabeni, uJesu wathi: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Ngakho-ke, masibekezelelane ngesineke futhi sibahloniphe labo esishumayela kubo izindaba ezinhle. Ngokulinganisela phakathi kokushisekela kwethu ukulunga nokubekezelela abanye ngokusekelwe eBhayibhelini, siyomjabulisa uJehova futhi sibe ababekezelela abanye ngempela.
[Isithombe ekhasini 23]
Gwema isimo sengqondo sabaFarisi sokungaba- bekezeleli abanye
[Isithombe ekhasini 23]
UJesu wabonisa umoya kaYise wokubekezelela abanye. Ingabe wena uyawubonisa?