Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izimo Ezishintshayo
Abadala abane abangamaKristu abahlala eNetherlands uPum, uJan, uDries, no-Otto, banezinto eziningi abafana ngazo. Bobane bashadile futhi banezi-ngane. Ngaphezu kwalokho, eminyakeni ethile edlule, bonke babesebenza isikhathi esigcwele futhi behlala emakhaya athokomele. Nokho, bonke bayeka ukusebenza baqala ukunikela ngaso sonke isikhathi namandla abo ukuze baqhubekisele phambili izithakazelo zoMbuso. Yini eyabenza bakwazi ukwenza lolu shintsho? Bobane bazisebenzisa kahle izimo ezishintshayo.
ININGI lethu ligcina libhekene nezimo ezishintshayo. Izinguquko eziningi, ezinjengokushada, ukuba nabantwana noma ukunakekela abazali asebekhulile, zandisa imithwalo yemfanelo. Nokho, ezinye zisinikeza inkululeko eyengeziwe yokwandisa inkonzo yethu yobuKristu. (Mathewu 9:37, 38) Ngokwesibonelo, izingane zethu esezikhulile zingase zihambe ekhaya noma thina sithathe umhlalaphansi.
Ngaphezu kwalokho, nakuba kuyiqiniso ukuthi izimo zethu zingase zishintshe sithanda noma singathandi, amanye amaKristu aye aphumelela ukwenza izinguquko ezimweni zawo eziye zawavulela amathuba okuhlanganyela kakhudlwana enkonzweni. Yilokho kanye okwenziwa uPum, uJan, uDries no-Otto. Bakwenza kanjani?
Lapho Izingane Zihamba Ekhaya
UPum wayengumgcini-zincwadi enkampanini ethaka imithi. Yena nomkakhe u-Anny, namadodakazi abo amabili babevame ukuba amaphayona asizayo. UPum no-Anny babebuye benze namalungiselelo okuba nobudlelwane nabanye abangamaphayona. Balandisa bathi: “Lokhu kwavimbela izinkinga ezazingase zibangelwe ukuba nobudlelwane nolunye uhlobo lwabantu.” Ekhuthazwa isibonelo sabazali bawo, womabili amadodakazi abo aba amaphayona avamile lapho ephothula esikoleni esiphakeme.
Lapho izingane zabo zihamba ekhaya, uPum no-Anny babona ukuthi lokhu kushintsha kwezimo kwakubanikeza inkululeko nemali eyengeziwe ababengayisebenzisela ukuvakashela izindawo ezithakazelisayo noma ukuba bajabulele olunye uhlobo lokuzijabulisa. Nokho, esikhundleni sokwenza lokho, lo mbhanqwana wanquma ukusebenzisa izimo zawo ezishintshile ukuze wandise inkonzo yawo yobuKristu. Ngakho uPum wacela kumqashi wakhe imvume yokungasebenzi usuku olulodwa isonto ngalinye. Kamuva, uPum wenza amalungiselelo ayezomenza akwazi ukuqala emsebenzini ngo-7:00 ekuseni ashayise ngo-2:00 ntambama. Kuyiqiniso ukuthi ukusebenza isikhathi esincishisiwe kwakusho ukuphila ngeholo elincane. Noma kunjalo, baphumelela, futhi ngo-1991, uPum waba iphayona elivamile kanye nomkakhe.
Ngokulandelayo, uPum wacelwa ukuba abe ngumsizi womnakekeli weHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova. Leso sicelo sasisho ukuthi lo mbhangqwana kwakufanele uthuthe ekhaya owawusuhlale kulo iminyaka engu-30 uyohlala endlini esemagcekeni eHholo LoMhlangano. Bathutha. Kwakunzima? U-Anny uphendula athi njalo lapho ezwa ekhumbule ekhaya, wayezibuza, ‘Ingabe nami sengingumkaLoti?’ Wenqaba ‘ukubheka emuva.’—Genesise 19:26; Luka 17:32.
UPum no-Anny banomuzwa wokuthi isinqumo sabo sibalethele izibusiso eziningi. Phakathi kwezinye izinto, bayayijabulela inkonzo abayenza eHholo LoMhlangano, ukulungiselela imihlangano yesigodi, nokuxhumana nababonisi bezifunda (izikhonzi ezijikelezayo) abanikeza izinkulumo ehholo. Ngezikhathi ezithile bavakashela amabandla ahlukahlukene uma uPum ekhonza njengombonisi wesifunda obambele.
Yini eyenza ukuba lo mbhangqwana uphumelele ekwandiseni inkonzo yawo? UPum uthi: “Lapho kwenzeka izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakho, kufanele uzimisele ukuzisebenzisa kangcono ngangokunokwenzeka izimo ezintsha.”
Ukwenza Ukuphila Kube Lula
UJan nomkakhe, uWoth, banezingane ezintathu. NjengoPum nomkhaya wakhe, uJan wazisebenzisa kahle izimo ezishintshile. Kwase kuyiminyaka uJan esesikhundleni esiholela kahle ebhange futhi umkhaya wakhe uphila ngokunethezeka. Nokho, wazizwa enesifiso esikhulayo sokwandisa inkonzo yakhe. Uyachaza: “Njengoba isikhathi siqhubeka, ukwazisa kwami iqiniso kwakujula, nothando lwami ngoJehova lwalukhula.” Ngakho ngo-1986, uJan wazishintsha izimo zakhe. Uthi: “Lapho kuhlelwa kabusha ehhovisi ngalithatha lelo thuba ngaqala ukusebenza amahora ambalwa. Engangisebenza nabo ababemangele bangiqamba bathi nginguDiwodo ngoba ngangisebenza kuphela ngoLwesibili [dinsdag], ngoLwesithathu [woensdag] nangoLwesine [donderdag]. Iholo lami lehla ngamaphesenti angu-40. Ngawudayisa umuzi wethu ngathenga isikebhe esiyindlu ukuze sikhonze lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso. Kamuva, ngasheshe ngathatha umhlalaphansi; iholo lami laphinde lehla ngamaphesenti angu-20, kodwa ngo-1993, ngakwazi ukuqala ukukhonza njengephayona elivamile.”
Namuhla, uJan uyilungu leKomiti Yokubonisana Nezibhedlela futhi uye wakhonza kaningana njengombonisi womhlangano. Naphezu kwempilo ebuthaka, uWoth uvamile ukuba iphayona elisizayo. Zontathu izingane zabo manje zishadile, futhi zona nabangane bazo bomshado, ziyizikhonzi ezishisekayo zoMbuso.
UJan noWoth bakwaze kanjani ukuzivumelanisa nezinga lokuphila eliphansi? UJan uphendula athi: “Ngesikhathi sisami kahle, sasiqiniseka ukuthi asizithandi kakhulu izinto ezibonakalayo. Namuhla kungase kube nzinyana ukulinda isikhathi esithile ngaphambi kokuba sithole okuthile, kodwa izibusiso ezingokomoya namalungelo esiye sawathola kuyasivala kakhulu leso sikhala.”
NjengoJan noWoth, uDries nomkakhe uJenny, nabo benza isinqumo sokugcina ukuphila kwabo kulula ukuze bathole isikhathi esengeziwe sezithakazelo zoMbuso. UDries noJenny baba amaphayona baze bathola umntwana. Ngakho-ke, ukuze anakekele umkhaya wakhe, uDries wathola umsebenzi wokuba umphathi enkampanini enkulu. Abaqashi bakhe babewazisa umsebenzi wakhe ngakho bamnika isikhundla esiphakeme. Nokho, uDries wasenqaba leso sikhundla ngoba ukusamukela kwakuyosho ukuthi wayesezoba nesikhathi esincane sokwenza imisebenzi yobuKristu.
Ukukhulisa umkhaya—kanye nokunakekela umama kaJenny ogulayo—kwakuthatha isikhathi esiningi salo mbhangqwana namandla awo. Noma kunjalo, waqhubeka uhlakulela umoya wobuphayona. Yini eyawusiza ukuba wenze lokhu? UJenny uyachaza: “Sasihlala namaphayona, siwamema ukuba azokudla nathi, futhi sihlalisa nababonisi abajikelezayo.” UDries uyanezela: “Sasigcina ukuphila kulula futhi sigwema nezikweletu. Senza isinqumo sokuba singahileleki ebhizinisini elikhulu noma sithenge indlu, ukuze kuthi esikhathini esizayo zingasibambi lezi zinto.”
Isinqumo sikaDries noJenny sokwakha izimo ezaziyobanika isikhathi esengeziwe sokunaka izithakazelo zoMbuso saba nemiphumela emihle. Womabili amadodana abo manje akhonza njengabadala, futhi eyodwa iyaphayona kanye nomkayo. UDries noJenny baba amaphayona akhethekile, futhi kamuva uJenny wahambisana noDries emsebenzini wokujikeleza. Manje bayizisebenzi zokuzithandela eBethel, lapho uDries eyilungu leKomiti Legatsha khona.
Ukusheshe Uthathe Umhlalaphansi
NjengoDries noJenny, u-Otto nomkakhe uJudy, baphayona ngaphambi kokuba bathole amadodakazi abo amabili. Ngesikhathi uJudy ekhulelwe ingane yabo yokuqala, u-Otto wathola umsebenzi wokuba uthisha.
Lapho izingane zisakhula, u-Otto noJudy babevame ukubungaza amaphayona emzini wabo ukuze amadodakazi abo abone injabulo yezisebenzi ezingamaKristu zesikhathi esigcwele. Ngokuhamba kwesikhathi indodakazi yabo endala yangenela inkonzo yobuphayona. Kamuva yaya eSikoleni SaseGileyadi, futhi manje yona nomyeni wayo bayizithunywa zevangeli ezweni elithile e-Afrika. Indodakazi yabo encane yaqala ukuphayona ngo-1987, noJudy waqala ukuphayona.
Lapho izimo ezishintshile zivumela u-Otto ukuba asebenze amahora ambalwa esikoleni, leso sikhathi wasisebenzisela ukuphayona. Ekugcineni wawuyeka ngokuphelele umsebenzi wakhe. Namuhla, emsebenzini wakhe wokujikeleza, u-Otto usebenzisa ikhono lakhe lokufundisa ukuba aqinise amabandla ngokomoya.
U-Otto ubeluleka athini labo abasheshe bathathe umhlalaphansi? “Lapho uthatha umhlalaphansi, ungazitsheli ukuthi uzophumula noma mhlawumbe unyaka. Kulula ukujwayela ‘ukuphumula.’ Ngokushesha, uyobe usukhohliwe ukuphayona. Kunalokho, zisuka nje qala ukwandisa inkonzo yakho.”
Sebenzisa Ulwazi Oluthole Ekuphileni
Kuyiqiniso ukuthi abazalwane abanjengoPum, uJan, uDries, no-Otto abasenawo amandla ababenawo besebasha. Kodwa banokuvuthwa, ulwazi nokuhlakanipha okuthé xaxa. (IzAga 20:29) Bayazi ukuthi kusho ukuthini ukuba ubaba, futhi ngenxa yokusebenza nomkabo, banalo ulwazana lokuthi kuhilelani ukuba umama. Benomkabo, baye basingatha izinkinga zomkhaya futhi babekela abantwana babo imigomo engokwasezulwini. U-Otto uthi: “Uma nginikeza iseluleko njengombonisi wesifunda ezindabeni ezimayelana nomkhaya, kuyasiza ukuthi nami ngokwami ngiye ngakhulisa umkhaya.” Kungokufanayo nangoDries. Ulwazi lwakhe lokuba ubaba manje lumenza abe usizo emkhayeni waseBethel, onezisebenzi eziningi ezisencane.
Yebo, ulwazi olunjengalolu luyabasiza abazalwane abanjengalaba ukuba banakekele izidingo ezihlukahlukene emabandleni. Singathi nje ulwazi lwabo luye lwawalola amathuluzi abo abawasebenzisayo ukuze basebenzise amandla abo ngendlela engcono kakhulu. (UmShumayeli 10:10) Eqinisweni, uma kungabekwa isikhathi, bangafeza lukhulu kunalabo abanamandla omzimba kodwa abanolwazi oluncane.
Abazalwane abanjalo nomkabo, bayizibonelo ezinhle kwabasha phakathi kwabantu bakaJehova. Abantu abasha bayabona ukuthi imibhangqwana enjengalena iye yathola izinselele nezibusiso eziningi ezibikwa ezincwadini zethu zobuKristu. Kuyakhuthaza ukubona amadoda nabesifazane ababonisa umoya onjengokaKalebi okwathi noma esekhulile ngeminyaka, wacela isabelo esinzima.—Joshuwa 14:10-12.
Lingisa Ukholo Lwabo
Kungenzeka yini mhlawumbe ulingise ukholo nezenzo zemibhangqwana okukhulunywe ngayo kulesi sihloko? Khumbula, yenza iqiniso laba indlela yayo yokuphila. Yakha isifiso sokuphayona ezinganeni zayo. Lokho yakwenza njengoba uJan ekubeka, “ngokuba isibonelo ekuthandeni uJehova nenhlangano yakhe, ngokuhlela ukuba nobudlelwane nabantu abakahle, nangokufundisa izingane ukuba zizimele.” Babesebenza futhi bedlala ndawonye njengomkhaya. UPum uyakhumbula, “ngamaholide kwakuyisiko lethu ukuba ekuseni siye koshumayela njengomkhaya kuthi ntambama sizijabulise ndawonye.”
Ngaphezu kwalokho, la maKristu ahlela kusengaphambili, ukuze kuthi lapho izimo zawo zishintsha, akulungele ukuzisebenzisa kahle izimo ezishintshile. Abeka imigomo enza nezinqumo ezenza asheshe ayifinyelela imigomo yawo. Afuna izindlela zokuba angahileleki kakhulu emsebenzini wokuziphilisa futhi ayezimisele ukuphila ngemali encane. (Filipi 1:10) Amakhosikazi abasekela ngokuphelele abayeni bawo. Bonke babenesifiso esinamandla sokungena ‘ngomnyango omkhulu oholela emsebenzini,’ futhi ngenxa yalokho, bajabulela izibusiso ezinhle ezivela kuJehova.—1 Korinte 16:9; IzAga 10:22.
Ingabe nawe unesifiso sokwandisa ingxenye yakho enkonzweni? Uma kunjalo, ukuzisebenzisa ngokuhlakanipha izimo ezishintshayo kungase kube yikho okudingayo ukuze wenze kanjalo.
[Isithombe ekhasini 20]
UPum no-Anny benakekela iHholo LoMhlangano
[Isithombe ekhasini 20]
UJan noWoth besemsebenzini wokushumayela
[Isithombe ekhasini 21]
UDries noJenny bekhonza eBethel
[Isithombe ekhasini 21]
U-Otto noJudy belungiselela ukuhambela ibandla elilandelayo