“Sondelani KuNkulunkulu, Naye Uyosondela Kini”
Ngaphambi Nangemva Kokufunda IZwi LikaNkulunkulu—Ukuphila Kwakhe Kwaguquka
YEKA ukuthi ukuphila kukaMatsepang kwakungasajabulisi futhi kuyize kangakanani! Wayeyintombazanyana esencane yaseLesotho, izwe elisenkabeni yeNingizimu Afrika. UMatsepang wakhula engumKatolika. Esikhundleni sokusizwa ukuba asondele kuNkulunkulu, wanukubezwa iminyaka eminingi yizindela ezazimfumbathisa imali ukuze zimyengele ezenzweni zokuziphatha okubi.
Ngenxa yalokho, uMatsepang, yamdumaza inkolo futhi wakuthola kunzima ukukholwa ukuthi kunoMdali onothando oyikhathalela ngempela indalo yakhe engabantu. Ngenxa yokunganakwa nokunukubezwa abhekana nakho, uMatsepang waba namanxeba angokomzwelo ajulile nemizwa yokungabi yilutho. Wakhula waba yisidlova nophumasilwe. Lokhu kwaholela ekubeni abe yisigebengu.
Ekugcineni waba yilungu leqembu lezigelekeqe elaliphanga abantu ezitimeleni. Waboshwa futhi wagqunywa ejele eNingizimu Afrika. Kamuva wabuyiselwa ezweni lakubo, eLesotho, lapho aqhubeka khona ephila ngobugebengu, ubudakwa, ubudlova, nokuziphatha okubi.
Ecindezeleke kakhulu ekuphileni kwakhe, uMatsepang wathandaza kuNkulunkulu ecela usizo. Wathembisa wathi, “Nkulunkulu, uma ngingasinda, ngizokwenza konke okusemandleni ukuba ngikukhonze.”
Ngokushesha, uMatsepang wahanjelwa izithunywa zevangeli ezingoFakazi BakaJehova. Zacela ukufunda naye iBhayibheli. Esifundweni sakhe, wafunda ukuthi uNkulunkulu akayena ongenandaba nongakhathaleli. Eqinisweni, waqonda ukuthi uSathane, “uyise wamanga,” usebenzisa amaqhinga namasu okukhohlisa ukuze akhuthaze kwabanye imizwa yokuba yize nokubenza bakholelwe ukuthi uJehova akasoze abathanda.—Johane 8:44; Efesu 6:11.
Ngokuphambene nalokho, yeka ukuthi waduduzeka kanjani uMatsepang lapho efunda ukuthi singaphila ukuphila okuhloniphekile nokunempilo uma siphenduka ezonweni zethu, sifune intethelelo kaNkulunkulu, silwele ukumjabulisa! Wasizwa ukuba aqonde ukuthi “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu” futhi usibheka ngendlela engase ihluke kakhulu kuleyo esizibheka ngayo.—1 Johane 3:19, 20.
Kwamjabulisa kakhulu uMatsepang ukufunda la mazwi omhubi uDavide: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.” (IHubo 34:18) Njengomunye walabo “abanomoya ochobozekile,” wabona ukuthi uJehova akazilahli izinceku zakhe, ngisho noma ezinye zidangala noma zizizwa zingabalulekile. Kwamqinisa idolo ukufunda ukuthi uNkulunkulu uzikhathalela zonke izimvu zakhe nokuthi uyaziqinisa ngezikhathi zobunzima. (IHubo 55:22; 1 Petru 5:6, 7) Wathintwa ngokukhethekile amazwi athi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8.
Amandla eZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ngokushesha aba sobala ekuphileni kukaMatsepang. Waqala ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu futhi walahla imikhuba yakhe engqubuzana nemiBhalo. Umphumela? Akasazizwa engalufanelekele uthando nomusa kaNkulunkulu. Selokhu abhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova, usesebenze izinkulungwane zamahora enkonzweni yamaKristu yokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso. Naphezu kwamanxeba esikhathi esidlule, uMatsepang manje usephila ukuphila okujabulisayo nokunenjongo. Yeka ukubonakaliswa kwamandla eBhayibheli okwenza ngcono ukuphila kwabantu!—Hebheru 4:12.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
“Nkulunkulu, uma ngingasinda, ngizokwenza konke okusemandleni ukuba ngikukhonze.”
[Ibhokisi ekhasini 9]
Izimiso ZeBhayibheli Ezisebenzayo
Izimiso zeBhayibheli eziye zaduduza izisulu zokuhlukunyezwa zihlanganisa nalezi:
“Lapho imicabango yami engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi, induduzo yakho [Nkulunkulu] yaqala ukuwotawota umphefumulo wami.” (IHubo 94:19) “Induduzo” kaJehova etholakala eZwini lakhe ingumthombo omkhulu wesikhuthazo. Ukucabanga ngayo lapho uzindla nalapho uthandaza kuyasiza ekuxosheni imicabango encisha ukuthula futhi kwakhe ithemba kuNkulunkulu njengoMngane oqondayo.
“[UJehova] uphulukisa abanenhliziyo eyaphukile, abophe izindawo zabo ezibuhlungu.” (IHubo 147:3) Uma siwazisa umusa kaJehova nelungiselelo lakhe lokusibekela izono zethu ngomhlatshelo kaJesu wesihlengo, singaya ngesibindi kuNkulunkulu ngaphandle kokuzizwa silahliwe enhliziyweni. Lokhu kungasilethela induduzo nokuthula kwengqondo okungenakulinganiswa.
“Akekho umuntu ongeza kimi [kuJesu Kristu] ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa; futhi mina ngizomvusa ngosuku lokugcina.” (Johane 6:44) Ngomoya wakhe ongcwele nangomsebenzi wokushumayela ngoMbuso, uJehova ngokwakhe usidonsela eNdodaneni yakhe futhi asinike ithemba lokuphila okuphakade.