Ingabe Ingane Yami Kufanele Iye Esikoleni?
BEKUNGABA njani nje ukube ubungakwazi ukufunda amagama akuleli khasi? Ake sithi ubungakwazi ukukhuluma ulimi olusemthethweni lwezwe lakini, ngabe kunjani? Kuthiwani ukube ubungakwazi ukukhomba izwe lakini ebalazweni lomhlaba? Izingane eziningi zizokhula zikuleso simo. Kuthiwani ngengane yakho?
Ingabe ingane yakho kufanele iye esikoleni? Emazweni amaningi imfundo yamabanga aphansi naphakathi iyimpoqo futhi ngokuvamile ayikhokhelwa. INgqungquthela Yamalungelo Ezingane ibheka imfundo yasesikoleni njengeyilungelo eliyisisekelo. I-Universal Declaration of Human Rights nayo iyibheka kanjalo. Nokho, kwamanye amazwe imfundo ingase ingatholakali mahhala futhi ingase ibe umthwalo onzima kubazali ngokwezimali. Ake sibheke le ndaba ngeso labazali abangamaKristu abafuna izingane zabo zikwazi ukufunda nokubhala, ngokuba ziye esikoleni noma ngezinye izindlela.
Izibonelo ZaseBhayibhelini Zabantu Ababekwazi Ukufunda Nokubhala
Izinceku eziningi zikaNkulunkulu okukhulunywa ngazo eBhayibhelini zazikwazi ukufunda nokubhala. Abaphostoli bakaJesu, uPetru noJohane, babengamaJuda abangabadobi kodwa babhala izincwadi zeBhayibheli ngesiGreki, hhayi ngolimi lwabo lwesigodi lwaseGalile.a Kusobala ukuthi abazali babo baqiniseka ukuthi izingane zabo ziyayithola imfundo eyisisekelo. Phakathi kwababhali beBhayibheli ababenjalo kwakungumalusi uDavide, umlimi u-Amose, uJuda umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa, okungenzeka ukuthi wayengumbazi.
UJobe wayekwazi ukufunda nokubhala, futhi incwadi yeBhayibheli ebizwa ngegama lakhe ibonisa ukuthi wayenolwazi oluthile lwesayensi. Kungenzeka nokuthi wayenekhono lokuloba, ngoba amazwi akhe acashunwe encwadini kaJobe asesimweni senkondlo. Siyazi futhi ukuthi amaKristu okuqala ayekwazi ukufunda nokubhala ngoba kuye kwatholakala lokho okungenzeka ukuthi kwakungamaphuzu awo emiBhalo ezindengezini, izingcezu eziphukile zobumba.
Imfundo Ibalulekile KumaKristu
Wonke amaKristu kudingeka athuthuke olwazini lweBhayibheli ukuze ajabulise uNkulunkulu. (Filipi 1:9-11; 1 Thesalonika 4:1) Ukusebenzisa ngenkuthalo imiBhalo nezinsiza-kufunda ezisekelwe eBhayibhelini kungakhuthaza intuthuko engokomoya. Njengoba uNkulunkulu esinikeze iZwi lakhe elilotshiwe, ulindele ukuba abakhulekeli bakhe bakwazi ukufunda ngangokusemandleni abo. Ukufunda iBhayibheli uliqonde kwenza kube lula ukusebenzisa iseluleko salo. Kuyiqiniso ukuthi ezinye izingxenye zalo kungadingeka sizifunde ngokuphindaphindiwe ukuze siqonde amaphuzu futhi sikwazi ukuzindla ngawo.—IHubo 119:104; 143:5; IzAga 4:7.
Unyaka ngamunye, abantu bakaJehova bathola intilibathwa yokwaziswa okubhaliwe okuwusizo okulungiselelwe ngaphansi kwesiqondiso ‘senceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Izincwadi ezinjalo zikhuluma ngokuphila komkhaya, amasiko, inkolo, isayensi, nezinye izindaba eziningi. Okubaluleke nakakhulu, ziqukethe iseluleko semiBhalo mayelana nezindaba ezingokomoya. Uma izingane zakho zingakwazi ukufunda, ziyolahlekelwa ukwaziswa okuningi okubalulekile.
Ukufunda ngomlando wesintu kubalulekile ngoba kusisiza siqonde ukuthi kungani kudingeka uMbuso kaNkulunkulu. Kuhle nokuba nolwazi oluyisisekelo lomumo womhlaba. IBhayibheli likhuluma ngezindawo eziningi, njengezwe lakwa-Israyeli, iGibhithe, iGrisi. Ingabe ingane yakho ingazikhomba lezi zindawo ebalazweni lomhlaba? Ingalikhomba izwe lakubo? Ukungakwazi ukufunda ibalazwe kungenza nokuba umuntu angakwazi ukufeza kahle inkonzo yakhe endaweni ayabelwe.—2 Thimothewu 4:5.
Amalungelo Ebandleni
Abadala abangamaKristu nezinceku ezikhonzayo banemithwalo yemfanelo eminingi ehilela ukufunda. Ngokwesibonelo, kumelwe kulungiselelwe izingxenye zemihlangano yebandla. Kunesidingo sokugcina imibhalo yezincwadi ezikhona neminikelo. Ngaphandle kwemfundo eyisisekelo, umuntu angakuthola kunzima ukusingatha le misebenzi ngokuphumelelayo.
Emakhaya aseBethel emhlabeni wonke kukhonza izisebenzi zokuzithandela. Ukuze lezi zisebenzi zikwazi ukuxhumana kahle futhi zenze imisebenzi yazo, enjengokuhumusha izincwadi nokukhanda imishini, kumelwe zikwazi ukufunda nokubhala ulimi olusemthethweni lwezwe ezihlala kulo. Ukuze izingane zakho zikwazi ukujabulela amalungelo anjengalawa esikhathini esizayo, ngokuvamile kudingeka imfundo eyisisekelo. Iziphi ezinye zezizathu ezinhle zokuba ingane yakho iye esikoleni?
Ubumpofu Nokukholelwa Ezeni
Abantu abampofu bangase bangabi namandla nhlobo ezimweni ezithile. Nokho, kwezinye izimo imfundo eyanele ingasisiza thina nezingane zethu ukuba sigweme ukuhlupheka okungadingekile. Iningi labantu abangafundile liphila ngokucacamezela. Ngezinye izikhathi izingane ngisho nabazali bayafa ngoba bengakwazi ukuthola usizo lwezokwelapha ngenxa yokuba nemali encane. Ngokuvamile abantu abangafundile noma abafunde kancane abondlekile futhi bahlala ezindlini ezingekho ezingeni elifanele. Imfundo noma okungenani ikhono lokufunda nokubhala kungaba usizo kulezi zimo.
Ukukwazi ukufunda nokubhala kunciphisa nokuthambekela ekukholelweni ezeni. Yiqiniso, ukukholelwa ezeni kwandile naphakathi kwabantu abafundile. Kodwa abangafundile bangase bakhohliswe futhi baxhashazwe kalula kunabanye, ngoba bengakwazi ukufunda ukwaziswa okudalula inkohliso enjalo. Ngakho bona bavama kakhulu kunabanye ukukholelwa ezeni nokukholelwa ukuthi umelaphi osebenzisa imimoya angelapha ngesimangaliso.—Duteronomi 18:10-12; IsAmbulo 21:8.
Imfundo Akuyona Eyokuthola Umsebenzi Kuphela
Abaningi bacabanga ukuthi injongo eyinhloko yemfundo ukuthola imali. Kodwa, abanye abantu abafundile abasebenzi noma abatholi iholo elanele lokubhekana nezidingo eziyisisekelo. Ngenxa yalokho abanye abazali bangase bacabange ukuthi akusizi ukuyisa ingane esikoleni. Kodwa ukufunda akugcini nje ngokulungiselela umuntu ukuba akwazi ukuthola imali; kwenza izingane zikuhlomele ukuphila. (UmShumayeli 7:12) Uma umuntu ekwazi ukukhuluma, ukufunda nokubhala ulimi olusemthethweni lwezwe ahlala kulo, kuba lula ukusebenzelana nabezokwelapha, iziphathimandla, noma nezisebenzi zasemabhange, kunokuba kube yinto esabisayo.
Kwezinye izindawo, izingane ezingayanga esikoleni zinikelwa kothile ukuba azifundise ukubeka isitini, ukudoba, ukuthunga, noma omunye umsebenzi wezandla. Kuhle ukufunda umsebenzi wezandla, kodwa uma lezi zingane zingalokothi ziye esikoleni, cishe ngeke zikwazi ukufunda nokubhala kahle. Akungabazeki ukuthi beziyokwazi kangcono ukugwema ukuxhashazwa futhi zibe nokuphila okwanelisa kakhudlwana ukube beziqale ngokuthola imfundo eyisisekelo zase-ke zifunda umsebenzi wezandla.
UJesu waseNazaretha wayengumbazi futhi kusobala ukuthi wafundiswa usingayise, uJosefa. (Mathewu 13:55; Marku 6:3) UJesu wayekwazi futhi ukufunda nokubhala, ngoba lapho eneminyaka engu-12, wakwazi ukuba nengxoxo enengqondo namadoda afundile ethempelini. (Luka 2:46, 47) Ukufunda umsebenzi wezandla akumvimbanga uJesu ukuba athole nezinye izinhlobo zemfundo.
Afundiswe Namantombazane?
Ngezinye izikhathi abazali bayisa izingane zabo zabafana esikoleni bangaziyisi ezamantombazane. Mhlawumbe abanye abazali bacabanga ukuthi kubiza kakhulu ukufundisa amadodakazi abo futhi bakholelwa ukuthi amantombazane angaba usizo kangcono konina uma ehlala ekhaya usuku lonke. Kodwa ukungafundi kuyayikhinyabeza ingane yentombazane. Incwadi ethile ye-United Nations Children’s Fund (UNICEF) ithi: “Ukuhlola okuningi kubonise ukuthi ukufundisa amantombazane kungenye yezindlela ezingcono kakhulu zokuqeda ubumpofu.” (Poverty and Children: Lessons of the 90s for Least Developed Countries) Amantombazane afundile akuhlomele kangcono ukuphila futhi enza izinqumo ezingcono, ngaleyo ndlela kuzuze bonke emkhayeni.
Ukuhlola mayelana nokufa kwezinsana eBenin, eNtshonalanga Afrika, kwabonisa ukuthi omama abangafundile, uma bethathwa njengeqembu, bafelwa abantwana abangu-167 kwabayi-1 000 abangaphansi kweminyaka emihlanu, kuyilapho abesifazane abafunde bafika emabangeni aphakathi befelwa abangu-38. I-UNICEF iphetha ithi: “Ngakho izinga lemfundo yilo elinquma izinga lokufa kwezinsana eBenin, njengoba kunjalo emhlabeni wonke.” Ngakho, ukufundisa amadodakazi akho kungaba nezinzuzo eziningi ezihlukahlukene.
Ingabe Amakilasi Okufunda Ukufunda Nokubhala Anele?
Lapho kunesidingo khona, oFakazi BakaJehova baqhuba amakilasi okufundisa amalungu amabandla abo ukufunda nokubhala.b Ngokuvamile la makilasi asiza abantu ukuba bafunde ukufunda ulimi lwabo. Ingabe lokhu kuthatha indawo yemfundo yasesikoleni? Ingabe kufanele kulindelwe ukuba amabandla afundise izingane zakho ngisho noma zikhona izikole ezivamile?
Nakuba amakilasi okufunda ukufunda nokubhala eyilungiselelo lomusa elenziwa amabandla oFakazi BakaJehova, ahloselwe abantu abadala abangalitholanga ithuba lokuya esikoleni beseyizingane. Kungenzeka ukuthi abazali babo babengakuqapheli ukubaluleka kokufunda, noma zazingekho izikole. Abantu abanjalo bangasizwa ngokufunda kula makilasi okufunda ukufunda nokubhala aqhutshwa emabandleni. Kodwa la makilasi awasithathi isikhundla semfundo evamile yasesikoleni futhi awaklanyelwe ukunikeza imfundo yasemabangeni aphansi. Izifundo ezinjengesayensi, izibalo nezomlando azifundiswa kula makilasi okufunda ukufunda nokubhala. Kodwa, ziyafundwa esikoleni esivamile.
E-Afrika, amakilasi okufunda ukufunda nokubhala aqhutshwa ikakhulukazi ngezilimi zendawo hhayi ngolimi lwezwe olusemthethweni. Nokho, ngokuvamile esikoleni kusetshenziswa ulimi lwezwe olusemthethweni. Lokhu kuyinzuzo ngokwengeziwe ezinganeni ngoba ziningi izincwadi nezinye izinto ezihlukahlukene ezifundwayo ezitholakala ngolimi lwezwe olusemthethweni. Nakuba amakilasi okufunda ukufunda nokubhala engase anezele emfundweni yengane yasesikoleni, awanakuyithatha indawo yayo. Ngakho-ke, akufanele yini, uma kungenzeka, izingane zithole imfundo yasesikoleni?
Umthwalo Wabazali
Amadoda aholayo ekunakekeleni izidingo zebandla ezingokomoya kumelwe abe amaKristu ayisibonelo. Kumelwe engamele imikhaya yawo nabantwana bawo “ngendlela enhle.” (1 Thimothewu 3:4, 12) Ukwengamela “ngendlela enhle” kungahlanganisa nokwenza konke okusemandleni ukusiza izingane zethu zingakhinyabezeki esikhathini esizayo.
UNkulunkulu ubanikeze umthwalo omkhulu abazali abangamaKristu. Kufanele bakhulise izingane zabo ngokweZwi lakhe bazisize zibe ‘ezithanda ulwazi.’ (IzAga 12:1; 22:6; Efesu 6:4) Umphostoli uPawulu wabhala wathi: “Ngokuqinisekile uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” (1 Thimothewu 5:8) Izingane zethu kumelwe ziyithole imfundo efanele.
Ngezinye izikhathi isikole singase singafundisi kahle ngenxa yokugcwala kakhulu, ukuntuleka kwezimali, noma mhlawumbe othisha abangajabule, abaholelwa kancane. Ngakho kubalulekile ukuba abazali bazihluphe ngalokho izingane zabo ezikufunda esikoleni. Kuwukuhlakanipha ukujwayelana nothisha, ikakhulukazi ekuqaleni konyaka, ufune ngisho namacebiso kubo okuthi izingane zakho zingaba kanjani abafundi abangcono. Ngaleyo ndlela othisha bangase bazizwe baziswa futhi bakhuthazeke ukwenza okwengeziwe ukuze bazifundise kangcono izingane.
Imfundo iyingxenye ebalulekile yokukhula kwengane. “Abahlakaniphile yilabo ababekelela ulwazi,” kusho izAga 10:14. Kunjalo ikakhulukazi ngolwazi lweBhayibheli. Abantu bakaJehova—abasha nabadala—kumelwe babe nalo lonke ulwazi abangaba nalo ukuze basize abanye ngokomoya ‘nokuba bazinikele bamukeleka kuNkulunkulu bengenamahloni ngalutho, bephatha izwi leqiniso ngokufanele.’ (2 Thimothewu 2:15; 1 Thimothewu 4:15) Ngakho-ke, ingabe izingane zakho kumelwe ziye esikoleni? Akungabazeki ukuthi uzophetha ngokuthi kumelwe, nakuba kuzoya kakhulu ngokuthi yikuphi okusebenzayo ezweni lakini. Kodwa abazali abangamaKristu kudingeka baphendule lo mbuzo obalulekile, ‘Ingabe izingane zami kufanele zifunde?’ Kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi, awuvumi yini ukuthi impendulo kufanele ibe nguyebo omkhulu?
[Imibhalo yaphansi]
a Ulimi lwabo kwakuyisi-Aramu saseGalile noma isiHebheru sesigodi. Bheka i-Insight on the Scriptures, Umqulu 1, amakhasi 144-6, ekhishwa oFakazi BakaJehova.
b Bheka i-Phaphama! ka-December 22, 2000, amakhasi 8 no-9.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12, 13]
LAPHO KUNGENAKWENZEKA UKUYA ESIKOLENI
Kwezinye izimo akunakwenzeka ukuya esikoleni. Ngokwesibonelo, umagazini i-Refugees wabika ukuthi yingane eyodwa kuphela kwezinhlanu ekwazi ukuya esikoleni emakamu ababaleki. Kwezinye izimo izikole zivalwa isikhathi eside ngenxa yeziteleka. Kwezinye izindawo izikole zingase zibe kude kakhulu noma zingabi khona nhlobo. Ukushushiswa kwamaKristu kungabangela ukuba izingane zixoshwe esikoleni.
Ungazisiza kanjani izingane zakho ezimweni ezinjalo? Yini engenziwa uma unezingane eziningi futhi uhlala endaweni eyenza kungenzeki ukuziyisa zonke esikoleni ngenxa yokuthi kuyabiza? Ungakwazi yini ukuyisa esikoleni ingane eyodwa noma ezimbili ngaphandle kokulifaka engozini ingokomoya lazo? Uma kungenzeka, zingase zikwazi ukusiza zifundise ezinye lokho ezikufunda esikoleni.
Kwamanye amazwe kukhona lokho okubizwa ngokuthi isikole sasekhaya.c Kule ndlela yokufunda, oyedwa kubazali ngokuvamile uthatha amahora ambalwa efundisa ingane usuku ngalunye. Ngezikhathi zezinzalamizi, abazali babephumelela impela ekufundiseni izingane zabo. Kusobala ukuthi ngenxa yokuqeqeshwa kahle abazali bakhe, uJosefa indodana kaJakobe, waba nekhono lokwengamela esemncane.
Ezindaweni ezinjengasemakamu ababaleki kungase kube nzima ukuthola uhlelo lwezifundo, kodwa abazali bangase bakwazi ukusebenzisa izincwadi ezikhishwa oFakazi BakaJehova bafundise ngazo. Ngokwesibonelo, INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ingaba usizo ekufundiseni izingane ezincane. I-Phaphama! inezihloko ezikhuluma ngezindaba eziningi ezihlukahlukene. Incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? ingasetshenziswa ekufundiseni izifundo zesayensi. INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova inebalazwe elincane futhi ikhuluma ngokuphila kwasemazweni ahlukahlukene nangemisebenzi yokushumayela khona.
Kuningi okungafezwa uma izifundo zilungiselelwe kahle futhi zivunyelaniswa nezinga lezingane lokuqonda. Uma ziqhubeka zifunda futhi zingenisa ulwazi, ziyokwazi ukujwayelana kalula nokufunda esikoleni uma ziphinde zikwazi ukuya khona. Ngokuthatha isinyathelo kuqala nangomzamo, ungazisiza izingane zakho zibe ezifundile. Akuve kungajabulisa lokho!
[Umbhalo waphansi]
c Bheka isihloko esithi “Isikole Sasekhaya—Ingabe Sikufanele?” kuyi-Phaphama! ka-April 8, 1993, amakhasi 9-12.
[Isithombe]
Yini engenziwa uma uhlala lapho izingane zakho zingakwazi khona ukuya esikoleni?