Ukuphishekela Umusa Ezweni Elinokhahlo
“Into efiselekayo kumuntu wasemhlabeni ngumusa wakhe wothando.”—IZAGA 19:22.
1. Kungani kungaba nzima ukubonisa umusa?
INGABE uzibheka njengomuntu onomusa? Uma kunjalo, ukuphila ezweni lanamuhla kungaba nzima. Yiqiniso, eBhayibhelini umusa uvezwe njengesinye ‘sezithelo zomoya,’ kodwa kungani kunzima kangaka ukubonisa umusa ngisho nasemazweni okuthiwa angawobuKristu? (Galathiya 5:22) Njengoba siphawulile esihlokweni esandulele, ngokwengxenye impendulo itholakala kulokho okwabhalwa umphostoli uJohane—izwe lonke lilawulwa umuntu womoya onokhahlo, uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) UJesu Kristu wathi uSathane ‘ungumbusi waleli zwe.’ (Johane 14:30) Ngakho, leli zwe lilingisa umbusi walo oyisihlubuki, onesimo sengqondo esihambisana nokuziphatha okunonya.—Efesu 2:2.
2. Iziphi izinselele ezingathonya ukubonisa kwethu umusa?
2 Siyahlukumezeka lapho abanye besiphatha ngokhahlo. Lolo khahlo lungase lubonakale komakhelwane abanamagqubu, abantu esingabazi abangenabungane, ngisho nabangane namalungu omkhaya angase enze ngokungacabangi ngezinye izikhathi. Ukuba phakathi kwabantu abachwensayo, abathethisanayo bachaphane ngenhlamba, ngokuvamile kuphula umoya. Ukuntula kwabanye abantu umusa ngale ndlela kungasenza sizizwe sicasukile nathi, futhi singase sicabange ukuphindisela ukhahlo ngokhahlo. Lokho kungase kuholele ngisho nasezinkingeni zempilo engokwenyama noma engokomoya.—Roma 12:17.
3. Iziphi izinkinga ezinkulu abantu ababhekana nazo ezivivinya ukuzimisela kwabo ukuba nomusa?
3 Izimo zezwe ezicindezelayo nazo zingakwenza kube nzima kithi ukubonisa umusa. Ngokwesibonelo, isintu sisonke sizwa ukucindezeleka ngenxa yosongo lwamaphekula nezenzo zawo, nangenxa yokuthi amaqembu ezizwe ezithile angase asebenzise izikhali zamagciwane noma zenuzi. Ngaphezu kwalokho, izigidi zabantu zimpofu, azinakho ukudla, indawo yokufihla ikhanda, izembatho, nezinkonzo zokunakekela impilo. Ukuphishekela umusa kuba inselele lapho isimo sibonakala singathembisi.—UmShumayeli 7:7.
4. Lapho becabanga ukubonisa umusa, abanye bangase baphethe ngani ngokuyiphutha?
4 Umuntu angaphetha kalula ngokuthi ukubonisa umusa akuyona neze into ebalulekile kuye nokuthi kungaba ngisho nawuphawu lobuthakathaka. Angase abe nomuzwa wokuthi kusizakalwa ngaye, ikakhulu lapho abanye bechachaza phezu kwekhanda lakhe. (IHubo 73:2-9) Nokho, iBhayibheli lisinika isiqondiso esifanele lapho lithi: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.” (IzAga 15:1) Ubumnene nomusa yizithelo zomoya ezihlobene eduze futhi ezisebenzayo lapho sibhekene nezimo ezinzima neziyinselele.
5. Iziphi ezinye zezici odingeka kuzo umusa?
5 Njengoba ukubonisa izithelo zomoya ongcwele kaNkulunkulu kubaluleke kakhulu kithi njengamaKristu, kuhle sihlole ukuthi singasibonisa kanjani esinye salezo zithelo—umusa. Kungenzeka yini ukuphishekela umusa ezweni elinokhahlo? Uma kunjalo, iziphi ezinye zezici esinganikeza kuzo ubufakazi bokuthi asivumeli ithonya likaSathane likhinyabeze umusa wethu, ikakhulu ezimweni ezicindezelayo? Ake sihlole izindlela zokuphishekela umusa ekhaya, emsebenzini, esikoleni, komakhelwane, enkonzweni, naphakathi kwesikholwa nabo.
Ukubonisa Umusa Kwabasekhaya
6. Kungani umusa ubaluleke kangaka ekhaya, futhi ungaboniswa kanjani?
6 Ukuze sithole isibusiso nesiqondiso sikaJehova, izithelo zomoya zibalulekile futhi kudingeka sizihlakulele ngokugcwele. (Efesu 4:32) Ake sigxile ngokukhethekile esidingweni sokuba amalungu omkhaya abonisane umusa. Ekuphileni kwansuku zonke, indoda nomkayo kufanele babonisane umusa nokukhathalelana bona bebodwa nezingane zabo. (Efesu 5:28-33; 6:1, 2) Umusa onjalo kudingeka ubonakale endleleni amalungu omkhaya akhulumisana ngayo, izingane zidumise futhi zihloniphe abazali bazo, nabazali baphathe izingane zabo ngendlela efanele. Shesha ukuncoma, uphuze ukugxeka.
7, 8. (a) Hlobo luni lokuziphatha okudingeka silugweme ukuze sibonise umusa wangempela kwabasekhaya? (b) Ukukhulumisana okuhle kusiza kanjani ekusondelaneni komkhaya? (c) Ungawubonisa kanjani umusa ekhaya?
7 Ukuba nomusa kwabasekhaya kuhilela ukulalela isiyalo somphostoli uPawulu: “Ngempela . . . kulahleni konke kude nani, ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo eyihlazo, nenkulumo eyichilo ephuma emlonyeni wenu.” Nsuku zonke, imikhaya yamaKristu kufanele ikhulumisane ngenhlonipho. Ngani? Ngoba ukukhulumisana okuhle kuyisici esisemqoka emikhayeni eqinile nephile kahle. Lapho kuba nokungavumelani, lungisani indaba ngokuzama ukuxazulula inkinga kunokunqoba impikiswano. Amalungu omkhaya ajabulayo azama ngobuqotho ukuthuthukisa umusa nokucabangelana.—Kolose 3:8, 12-14.
8 Umusa uhilela izenzo, usenza sifune ukwenzela abanye okuhle. Ngakho, sifuna ukuwacabangela nokuwasiza ngomoya omuhle amalungu omkhaya. Ukuze umkhaya ubonise umoya omuhle, kudingeka ukuba amalungu awo, ngamanye ngamanye, nomkhaya uwonke uzame ukuba nomusa. Ngenxa yalokho, ngeke umkhaya ugcine ngokuthola isibusiso sikaNkulunkulu, kodwa futhi ebandleni nasemphakathini, uyodumisa uNkulunkulu womusa, uJehova.—1 Petru 2:12.
Ukubonisa Umusa Emsebenzini
9, 10. Chaza ezinye zezinkinga ezingavela emsebenzini, futhi usho ukuthi zingase zisingathwe kanjani ngomusa.
9 Emsebenzini kungase kube yinselele kumKristu ukubonisa umusa kulabo asebenza nabo. Ngenxa yokubangisana kwezisebenzi, esinye isisebenzi esikhohlisayo noma esinobuqili singase senze umsebenzi wakho ubonakale ungagculisi, kukwenze ube umuntu omubi kumqashi. (UmShumayeli 4:4) Akulula ukubonisa umusa ezikhathini ezinjalo. Nokho, njengoba ikhumbula ukuthi into ewumusa iyona elungile ngokuvamile, inceku kaJehova kufanele ilwele ngangokunokwenzeka ukubazuza labo abangathambekele ngokufanele. Ukubonisa isimo sengqondo sokukhathalela kungase kusize kulokhu. Mhlawumbe ungabonisa ukukhathalela uma lowo muntu osebenza naye egula noma egulelwa ilungu lomkhaya. Ngisho nokubuza nje ngalowo ogulayo kungaba nethonya elihle kosebenza naye. Yebo, amaKristu kufanele azame ukuthuthukisa ukuthula noxolo ngangokunokwenzeka. Ngezinye izikhathi amazwi omusa abonisa ukukhathalela angasiza esimweni esingesihle.
10 Kwezinye izimo, umqashi angase aphoqelele imibono yakhe ezisebenzini zakhe futhi angase afune ukuba wonke umuntu ahlanganyele esenzakalweni esithile sokushisekela izwe noma emkhosini ongqubuzana nemiBhalo. Lapho unembeza womKristu ungamvumeli ukuba ahlanganyele, lokhu kungase kuholele ekubeni abonane nomqashi. Ngaleso sikhathi, kungase kungabi ukuhlakanipha ukuchaza yonke imininingwane yokuthi kungaba kubi kangakanani ukwenza njengesicelo somqashi. Kakade, kulabo abangenazo izinkolelo zobuKristu, kungase kubonakale kuyinto elungile lokho okwenziwayo. (1 Petru 2:21-23) Mhlawumbe ungachaza ngomusa izizathu ezenza wena ungahlanganyeli. Ungaphindiseli ukubhuqa ngokubhuqa. Kuhle umKristu alandele iseluleko esihle samaRoma 12:18: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”
Ukubonisa Umusa Esikoleni
11. Iziphi izinselele intsha ebhekana nazo ekuboniseni umusa kulabo efunda nabo?
11 Kungaba inselele yangempela ngentsha ukubonisa efunda nabo umusa. Ngokuvamile, intsha iyathanda ukuqashelwa abanye efunda nabo. Abanye abafana bazenza izingqongqo ukuze bahlonishwe abanye abafundi, baze baxhaphaze abanye esikoleni. (Mathewu 20:25) Enye intsha ithanda ukubukisa ngamakhono ayo ezifundweni, kwezemidlalo, noma kwezinye izinto. Njengoba ibukisa, ngokuvamile iphatha abanye abafundi ngokhahlo, izikhohlisa ngokucabanga ukuthi lawo makhono ayenza ibe ngcono ngandlela-thile. UmKristu osemusha kudingeka aqaphele ukuba angalingisi abantu abanjalo. (Mathewu 20:26, 27) Umphostoli uPawulu wathi “uthando luyabekezela futhi lunomusa,” futhi uthando “alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi.” Ngakho, umKristu unesibopho sokuba angalandeli isibonelo esibi salabo abanokhahlo, kodwa alalele isiyalo semiBhalo endleleni aphatha ngayo labo afunda nabo.—1 Korinte 13:4.
12. (a) Kungani kungase kube inselele kwabasha ukuba nomusa kothisha babo? (b) Abasha bangathembela kubani ongabasiza lapho becindezelwa ukuba babe nokhahlo?
12 Intsha kufanele iphathe nothisha bayo ngomusa. Abafundi abaningi bayakujabulela ukukhungathekisa othisha babo. Bacabanga ukuthi bahlakaniphile lapho belulaza othisha babo ngokwenza izinto eziphula imithetho yesikole. Bangase besabise abanye, babenze bahlanganyele ezenzweni zabo. Lapho umKristu osemusha enqaba, angase ahlekwe noma ahlukunyezwe. Ukubhekana nezimo ezinjalo unyaka wonke esikoleni kuyamvivinya umKristu ekuzimiseleni kwakhe ukubonisa umusa. Nokho, khumbula indlela okubaluleke ngayo ukuba yinceku kaJehova eqotho. Qiniseka ukuthi uyokusekela ngomoya wakhe kulezi zikhathi ezinzima ekuphileni.—IHubo 37:28.
Ukubonisa Umusa Komakhelwane
13-15. Yini engase ithiye umuntu ekuboniseni omakhelwane bakhe umusa, futhi umuntu angabhekana kanjani nalezi zinselele?
13 Kungakhathaliseki ukuthi uhlala endlini, efulethini, noma kwenye indawo, ungacabanga izindlela zokubonisa umusa nokukhathalela inhlalakahle yomakhelwane. Nalokhu akulula njalo.
14 Kuthiwani uma omakhelwane bakho bekubandlulula ngenxa yohlanga, ubuzwe, noma inkolo yakho? Kuthiwani uma bekuchwensa ngezinye izikhathi noma bengakunaki nhlobo? Njengenceku kaJehova, ukubonisa umusa ngezinga okungenzeka ngalo kuyosiza. Uyohluka ngendlela eqabulayo, ulethe udumo kuJehova—lowo oyisibonelo somusa. Ngeke wazi ukuthi isimo sengqondo salowo makhelwane siyoshintsha nini ngenxa yomusa wakho. Angase abe nangumdumisi kaJehova.—1 Petru 2:12.
15 Umusa ungaboniswa kanjani? Okokuqala, ngokuziphatha kwethu ekhaya njengoba wonke umuntu ebonisa izithelo zomoya. Omakhelwane bangase bakuphawule lokhu. Ngezinye izikhathi, ungase ukwazi ukwenzela umakhelwane wakho isenzo esithile somusa. Khumbula ukuthi umusa usho ukuba nesithakazelo esinezenzo enhlalakahleni yabanye.—1 Petru 3:8-12.
Ukubonisa Umusa Enkonzweni Yethu
16, 17. (a) Kungani umusa ubalulekile enkonzweni yethu yasobala? (b) Singawubonisa kanjani umusa emikhakheni ehlukahlukene yenkonzo yasensimini?
16 Umusa kufanele uvelele enkonzweni yethu yobuKristu njengoba sizama ngokuzimisela ukufinyelela abantu emizini yabo, emsebenzini, nasezindaweni zomphakathi. Kufanele sikhumbule ukuthi simelela uJehova, onomusa ngaso sonke isikhathi.—Eksodusi 34:6.
17 Ihlanganisani imizamo yakho yokubonisa umusa enkonzweni? Nasi isibonelo: Lapho ushumayela emgwaqweni, ungabonisa umusa ngokwenza intshumayelo yakho ibe mfushane futhi ucabangele abanye abantu. Unqenqema lomgwaqo luvame ukuphithizela, ngakho qaphela ukuba ungavimbi abantu abadlulayo. Futhi, lapho ushumayela ensimini yamabhizinisi, bonisa umusa ngokungandi kakhulu ngamazwi, ukhumbule ukuthi abathengisi banamakhasimende okumelwe bawanake.
18. Ukuqonda kunayiphi indima ekuboniseni umusa enkonzweni yethu?
18 Enkonzweni yendlu ngendlu, sebenzisa ukuqonda. Ungahlali isikhathi eside kakhulu emzini womuntu, ikakhulu uma isimo sezulu singesihle. Ungabona yini lapho umuntu esephelelwa isineke noma sekuthanda ukumdina imbala ukuba khona kwakho? Mhlawumbe ensimini yenu, oFakazi BakaJehova bafika njalo. Uma kunjalo, bonisa ukucabangela okukhethekile, ube nomusa njalo. (IzAga 17:14) Zama ukusamukela isizathu somninikhaya sokungakulaleli ngalolo suku. Khumbula, cishe ukhona omunye wabafowethu noma udade ozofika kulowo muzi maduze nje. Uma uthola umuntu okuchwensayo, zama ngokukhethekile ukubonisa umusa. Ungaphakamisi izwi noma uhwaqabale, kodwa khuluma ngomoya ozolile. UmKristu onomusa akafuni ukususa impikiswano nomninikhaya. (Mathewu 10:11-14) Mhlawumbe ngelinye ilanga lowo muntu uyozilalela izindaba ezinhle.
Ukubonisa Umusa Emihlanganweni Yebandla
19, 20. Kungani kudingeka umusa ebandleni, futhi ungaboniswa kanjani?
19 Ukubonisa umusa kwesikholwa nabo kubaluleke ngezinga elifanayo. (Hebheru 13:1) Njengoba siyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke, umusa ubalulekile endleleni esiphathana ngayo.
20 Uma ibandla lisebenzisa iHholo LoMbuso kanye nelinye noma amanye amabandla, kubalulekile ukubaphatha ngomusa labo abakwamanye amabandla, sibanike inhlonipho lapho sisebenzelana nabo. Ukubanga akukhuthazi ukubambisana ngokuqondene nokuhlela izikhathi zemihlangano nezidingo ezinjengokuhlanza noma ukulungisa ihholo. Yibani nomusa futhi nicabangelane ngisho noma kungase kube nokungafani kwemibono. Ngale ndlela, umusa uyonqoba, futhi uJehova uyosibusisa ngempela isithakazelo enisibonisayo enhlalakahleni yabanye.
Qhubeka Ubonisa Umusa
21, 22. Ngokuvumelana neyabaseKolose 3:12, yini okufanele sizimisele ukuyenza?
21 Umusa uyimfanelo ebanzi kangangokuthi uthinta zonke izici zokuphila kwethu. Ngakho-ke, kufanele siwenze ingxenye ebalulekile yobuntu bethu bobuKristu. Ukubonisa abanye umusa kufanele kube umkhuba.
22 Kwangathi sonke singaba nomusa kwabanye usuku ngalunye futhi kanjalo ngamunye wethu asebenzise amazwi omphostoli uPawulu: “Njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandwayo, gqokani uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela.”—Kolose 3:12.
Uyakhumbula?
• Yini eyenza kube nzima kumKristu ukubonisa umusa?
• Kungani kubalulekile ukubonisa umusa ekhaya?
• Iziphi ezinye zezinselele ezikhona ekuboniseni umusa esikoleni, emsebenzini, nakomakhelwane?
• Chaza indlela amaKristu angawubonisa ngayo umusa enkonzweni yawo yasobala.
[Isithombe ekhasini 18]
Umusa oboniswa yibo bonke ekhaya uthuthukisa ubunye nokubambisana
[Isithombe ekhasini 19]
Ungabonisa umusa lapho umuntu osebenza naye noma othile emkhayeni wakhe ehlatshwa ukugula
[Isithombe ekhasini 20]
UJehova uyabasekela labo ababonisa umusa ngokwethembeka naphezu kokuhlekwa
[Isithombe ekhasini 21]
Ukusiza umakhelwane odinga usizo kuyisenzo somusa