Indaba Yokuphila
Ukuthembela Ekunakekeleni KukaJehova Kothando
ILANDISWA U-ANNA DENZ TURPIN
“Awuve uthanda ukubuza,” kusho umama emamatheka. Lapho ngiseyintombazanyana, ngangikuthanda ukuhloma abazali bami ngemibuzo engapheli. Kodwa umama nobaba babengalokothi bangithethise ngale mibuzo yami yobuntwana. Kunalokho, babengifundisa ukuba ngicabangisise ngezinto nokuba ngizenzele izinqumo ezivumelana nonembeza oqeqeshwe ngeBhayibheli. Yeka ukuthi loko kuqeqeshwa kwaba usizo kanjani! Ngolunye usuku lapho ngineminyaka engu-14 ubudala, amaNazi angihlukanisa unomphela nabazali bami abathandekayo.
UBABA, u-Oskar Denz, nomama, u-Anna Maria, babehlala eLörrach, idolobha laseJalimane eduze nomngcele weSwitzerland. Besebasha, babengené shi kwezombusazwe, ngakho umphakathi wawubazi futhi ubahlonipha. Kodwa ngo-1922, ngemva nje kokushada, abazali bami bawushintsha umbono wabo ngezombusazwe kanye nemigomo yabo ekuphileni. Umama waqala ukufunda iBhayibheli nabaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngaleso sikhathi, futhi wajabula kakhulu lapho ethola ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyoletha ukuthula emhlabeni. Ngokushesha ubaba naye waqala ukufunda nomama, futhi baqala ukuya emihlanganweni yabaFundi BeBhayibheli. Ngalowo nyaka, ubaba waze wakhisimusa umama ngencwadi yokutadisha iBhayibheli ethi, The Harp of God. Mina ngazalwa ngo-March 25, 1923, ngiwukuphela kwengane kwethu.
Yeka izinkumbulo ezinhle enginazo ngokuphila kwasekhaya—lapho siqombola i-Black Forest ethulile ehlobo nalapho umama engifundisa ukunakekela ikhaya! Ngisambona namanje emi ekhishini ebuka indodakazi yakhe encane ipheka. Okubaluleke kunakho konke, abazali bami bangifundisa ukuba ngithande uJehova uNkulunkulu nokuba ngimethembe.
Ibandla lethu lalinabashumayeli boMbuso abamatasa abangaba ngu-40. Abazali bami babenesiphiwo esikhethekile sokukwazi ukuvula amathuba okukhuluma ngoMbuso. Ngenxa yokuthi ngaphambili babehileleke ezintweni zomphakathi, babengabesabi abantu, futhi abantu babebamukela kalula nje. Lapho ngiba neminyaka engu-7 ubudala, nami ngafuna ukushumayela endlini ngendlu. Lapho ngiqala ngqá ukuyoshumayela, engangihamba naye wanginika izincwadi ezithile, wangikhombisa umuzi wayesemane nje ethi, “Ngena la ubone ukuthi bayakufuna yini lokhu.” Ngo-1931, saya emhlanganweni wabaFundi BeBhayibheli eBasel, eSwitzerland, futhi abazali bami babhapathizwa lapho.
Ukusuka Ezinxushunxushwini Kuya Ekubusweni Umashiqela
Ngalezo zinsuku kwakunezinxushunxushu ezinkulu eJalimane, futhi amaqembu ahlukahlukene ezombusazwe ayebambana ngezihluthu emigwaqweni. Ngobunye ubusuku, ngavuswa uku-klabalasa kwabathile emzini kamakhelwane. Amabhungu amabili ayebulele umfowabo omdala ngemfologo yotshani ngoba engavumelani nemibono yakhe yezombusazwe. Ukuzonda amaJuda nako kwakudlondlobala. Esikoleni enye intombazane kwadingeka ime yodwa ekhoneni ngenxa nje yokuthi yayingumJuda. Ngayidabukela kakhulu, ngingazi ukuthi ngokushesha nje ngangizozizwela mathupha ukuthi kunjani ukukhishwa inyumbazane.
Ngo-January 30, 1933, u-Adolf Hitler waba yishansela laseJalimane. Simi buqamamana nje, sabona lapho amaNazi ephakamisa ngesasasa elikhulu ifulege le-swastika ehholo likamasipala. Esikoleni, uthisha wethu owayeshiseka kakhulu wasifundisa ukuba sisho isiqubulo esithi “Heil Hitler!” Ntambama ngalolo suku, ngatshela ubaba ngalokhu. Wakhathazeka, wathi: “Angiyithandi neze lento. Igama elithi ‘Heil’ lisho insindiso. Khona-ke, uma sithi ‘Heil Hitler,’ siyobe sisho ukuthi nguHitler osisindisayo, akuyena uJehova. Angicabangi-ke ukuthi kulungile lokho, kodwa ungazibonela nawe ukuthi kufanele wenzeni.”
Izingane engangifunda nazo zaqala ukungikhipha inyumbazane ngoba nganquma ukuba ngingamshayeli indesheni uHitler. Abanye abafana babengishaya nokungishaya lapho othisha bengasibhekile. Ekugcineni, bayeka ukungihlupha, kodwa ngisho nabangane bami imbala bangitshela ukuthi oyise babanqabele ukudlala nami. Ngangiyingozi enkulu.
Ngemva kwezinyanga ezimbili amaNazi ethathe umbuso waseJalimane, awuvala umsebenzi woFakazi BakaJehova, bethi bayingozi eMbusweni. Amasosha amaNazi avala ihhovisi laseMagdeburg asivimbela nanokuba sibe nemihlangano. Kodwa ngenxa yokuthi sasihlala ngasemngceleni, ubaba wasitholela imvume yokudlula emngceleni siye eBasel, lapho sasifike siye emihlanganweni yakhona ngeSonto. Ubaba wayevame ukuthi ufisa sengathi nabazalwane bethu baseJalimane bebengakuthola loku kudla okungokomoya ukuze kubasize bakwazi ukubhekana nekusasa ngesibindi.
Ukushaywa Umoya Okuyingozi
Ngemva kokuvalwa kwehhovisi laseMagdeburg, uJulius Riffel, owayeyisisebenzi sakhona, wabuyela edolobheni lakubo eLörrach, eyohlela umsebenzi wokushumayela ngomshoshaphansi. Ubaba wavumela phezulu ukuthi uzosiza. Wasihlalisa phansi mina nomama wayesesichazela ukuthi uye wavuma ukufaka isandla ekuthutheni izincwadi azilethe ngapha eJalimane zisuka eSwitzerland. Wathi lo msebenzi uyoba yingozi enkulu washo nanokuthi wayengaboshwa noma nini. Wayengafuni ukuba sizizwe sicindezelekile ukuba nathi sifake isandla ngoba wawuyoba yingozi enkulu nakithi. Ngaphandle kokunanaza umama wathi, “Mina ngizokusiza.” Bobabili bangibuka, ngabe sengithi, “Nami futhi ngizokusiza!”
Umama weluka isikhwama esincane esilingana nomagazini INqabayokulinda. Wayeshutheka izincwadi esikhaleni angakaseluki abese esivala ngokuseluka. Wathungela izikhwama ezingabonakali ezingutsheni zikababa, wayesethungela mina naye izingubo zangaphansi esasifihla kuzo ngobuhlakani izincwadi ezincane zokufunda iBhayibheli. Isikhathi ngasinye sifika ekhaya nale ngcebo yomshoshaphansi, sasikhululeka futhi sibonge uJehova ngakho. Lezi zincwadi sasizithukusa egumbini elincane eliphezulu ekhaya.
Ekuqaleni, amaNazi ayengasisoli nakancú. Ayengasibuzi mibuzo, engaseshi nasekhaya. Nakuba kunjalo, savumelana ngenhlaba mkhosi esasizoxwayisa ngayo abafowethu abangokomoya uma kuthuka kuvela inkinga—u-4711, igama lesiqholo esasithandwa kakhulu. Uma kubonakala kuzoba ingozi kakhulu ukuza ekhaya, sasizohlaba umkhosi—ngandlela-thize sisebenzisa le nombolo. Ubaba wabuye wathi kumelwe baqale babheke phezulu efasiteleni legumbi lokuphumula ngaphambi kokuba bangene ekhaya. Uma ifasitela elingakwesobunxele livuliwe, babeyokwazi-ke ukuthi kukhona okungahambanga kahle, ngakho kwakufanele bangasondeli.
Ngo-1936 nango-1937, amaGestapo aqala umkhankaso wokubopha uquqaba lwabantu ngasikhathi sinye futhi agquma izinkulungwane zoFakazi emajele nasemakamu okuhlushwa, lapho zaphathwa khona ngonya nangesihluku esikhulu kakhulu. Ukuze lilobe incwadi ethi Kreuzzug gegen das Christentum (Impi Yokulwa NobuKristu) eyayiyodalula izenzo zamaNazi zobugebengu, ihhovisi legatsha laseBern, eSwitzerland, laqala ukuhlanganisa imibiko, kuhlanganise nethile eyayishushumbiselwe ngaphandle isuka emakamu. Saqala ukwenza lo msebenzi oyingozi kakhulu wokushushumbisa le mibiko eyimfihlo siyiyisa ngale komngcele, eBasel. Ukube nje ayengake asibambe amaNazi nalezo zincwadi eziyicala elibomvu, sasiyovalelwa ngaso leso sikhathi. Ngakhala lapho ngifunda indlela ababehlukunyezwa ngayo abafowethu. Noma kunjalo, angizange ngingenwe ukwesaba. Ngaba nethemba lokuthi uJehova nabazali bami, abangani bami abakhulu kunabo bonke, babeyonginakekela.
Ngaphothula esikoleni ngineminyaka engu-14 ubudala ngabe sengithola umsebenzi wokuba umabhalane esitolo sezinto zokwakha. Sasivame ukuthatha uhambo lwethu lokuthutha izincwadi ngoMgqibelo ntambama noma ngeSonto, lapho ubaba engasebenzi. Ngokwesilinganiso, sasihamba njalo ngemva kwamasonto amabili. Sasifana nje neminye imikhaya eshaywa umoya ngempelasonto, futhi cishe iminyaka emine, onogada basemngceleni babengasivimbi noma bazame ukusisesha—okungukuthi, kwaze kwaba ngosuku oluthile ngo-February 1938.
Sabanjwa!
Angisoze ngayilibala indlela ubaba áshintsha ngayo ebusweni lapho sifika endaweni esasithatha kuyo izincwadi eduze naseBasel futhi sibona isitaki esikhulu sezincwadi esasilinde thina. Ngenxa yokuthi omunye umkhaya othutha izincwadi wawusuboshiwe, saba nezincwadi ezengeziwe okumelwe sizithuthe. Lapho sifika emngceleni, isikhulu sakhona sasibuka sasisola sabe sesisimisa ukuze sisiseshe. Lapho sithola izincwadi, sasiqhuba ngesibhamu sisiyisa ezimotweni zamaphoyisa ezazilindile. Njengoba amaphoyisa ehamba nathi ngemoto, ubaba wangithi ngqí esandleni wayesengihlebela ethi: “Ungabi imbuka. Ungadaluli muntu!” “Ngeke ngilokothe,” ngisho ngimqinisekisa. Lapho sifika eLörrach, amaphoyisa ahamba nobaba wami othandekayo. Ngambona ngamgcina lapho emvalela ejele.
Amadoda amane amaGestapo angiphenya ngemibuzo amahora amane, engiphoqa ukuba ngiwatshele amagama namakheli abanye oFakazi. Lapho ngenqaba, esinye isikhulu sathukuthela sagan’ unwabu sabe sesingisongela sithi, “Sinezinye izindlela ezizokwenza ukhulume!” Angizange ngiwatshele lutho la madoda. Khona-ke asibuyisela ekhaya mina nomama, futhi afike asesha ekhaya, eqala ngqá. Umama ambopha, mina angiyisa emzini kamamkhulu futhi amnika igunya lokuba angikhulise, engazi ukuthi kwayena umamkhulu unguFakazi. Nakuba ngangivunyelwe ukuba ngiye emsebenzini, emzini kamamkhulu ngaphambili kwakuhlale kumi imoto enamadoda amane amaGestapo ayebeke iso kukho konke engikwenzayo ngesikhathi elinye iphoyisa elaliqaphile, lehla lenyuka nomgwaqo oseceleni.
Ezinsukwini ezimbalwa kamuva ngesikhathi sokudla kwasemini, lapho ngiphuma endlini ngabona udade othile osemusha eza ngakimi ngebhayisikili. Njengoba eya esondela, ngabona ukuthi kukhona ipheshana afuna ukungiphonsela lona. Ngathi ngingalinqaka nje, ngathi jeqe ngibheka ukuthi akubonile yini amaGestapo engikwenzile. Ngamangala lapho ngibona ukuthi ngawo kanye lowo mzuzu, wonke ayeqethukise amakhanda, efíle insini!
Leli pheshana likadade lalithi angifike kubo ngo-12 emini. Kodwa njengoba ngangihlale ngiqashwe amaGestapo, ngangingakwenza kanjani nje lokho ngidonsele abazali bakhe amanzi ngomsele? Ngabheka la madoda amane amaGestapo ayesemotweni ngaphinde ngabheka naleli phoyisa elilokhu lehla lenyuka nomgwaqo. Zavele zayima emthumeni, ngase ngithandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni ngicela usizo. Mahlayeni, leli phoyisa lasuka laya ngasemotweni yamaGestapo lafike lakhuluma nawo. Khona manjalo lagibela emotweni, zaya kakhulu!
Khona manjalo, kwaqhamuka umamkhulu ekhoneni. Wayeseshayile kakade u-12. Walifunda naye leli pheshana wayesecabanga ukuthi kufanele siye kulo muzi okuthiwa asiye kuwo, ethi hleze abazalwane sebenze amalungiselelo okungiyisa eSwitzerland. Lapho sifika kulowo muzi, umkhaya walapho wangethula kwenye indoda engangingayazi, uHeinrich Reiff. UHeinrich wathi uyajabula ukuthi ngikwazile ukuphunyula wathi futhi uzelé ukuzongisiza ngeqele eSwitzerland. Wabe esethi angihlangane naye ehlathini ngemva kwesigamu nje sehora.
Ukuphila Ezweni Engangibalekele Kulo
Ngahlangana noMzalwan’ uReiff ngikhala mí izinyembezi, ngidatshukiswa indaba yokushiya abazali bami ngemuva. Konke kwenzeka ngokuphazima kweso. Ngemva kwesikhashana amaphaphu ephezulu, savele sangena esixukwini sabantu abahamba bebuka amazwe sawela umngcele waseSwitzerland ngokuphepha.
Lapho ngifika ehhovisi legatsha eBern, ngathola ukuthi abazalwane balapho yibona ababehlele ukuba ngeqe. Ngomusa banginika indawo yokuhlala. Ngangisebenza ekhishini, futhi ngangiwujabulela impela lo msebenzi. Kodwa kwakungeve kunzima ukuphila kuleli zwe engangibalekele kulo, ngibe ngingazi ukuthi kuyokwenzekani kubazali bami, bobabili ababegwetshwe iminyaka emibili ejele. Ngezinye izikhathi ngangivele ngigajwe usizi nexhala, bese ngiyozivalela endlini yangasese maqede ngisidinde isililo. Kodwa-ke ngangikwazi ukubabhalela njalo abazali bami, futhi babengikhuthaza ukuba ngihlale ngiqotho.
Ngishukunyiswa isibonelo sabazali bami sokholo, nganikezela ukuphila kwami kuJehova futhi ngabhapathizwa ngo-July 25, 1938. Ngemva kokuhlala eBethel unyaka owodwa, ngahamba ngayosebenza eChanélaz, ipulazi elathengwa igatsha laseSwitzerland ukuze likhiqize ukudla komkhaya waseBethel futhi lihlalise abazalwane ababebalekela ushushiso.
Lapho izigwebo zabazali bami ziphela ngo-1940, amaNazi athi azobakhulula uma nje belahla ukholo lwabo. Bama beqinile futhi ngenxa yalokho bathunyelwa emakamu okuhlushwa, ubaba wathunyelwa eDachau umama yena wathunyelwa eRavensbrück. Ngobusika buka-1941, umama nabanye abesifazane abangoFakazi ababesekamu benqaba ukwenzela amasosha umsebenzi othile. Bajeziswa ngokumiswa emakhazeni izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu base bevalelwa ezitokisini ezimnyama khwíshi benikwa amanembe nje okudla izinsuku ezingu-40. Ngemva kwalokho babhambabulwa. Umama washona ngo-January 31, 1942, ngemva kwamasonto amathathu eshaywe ngonya.
Ubaba wasuswa eDachau wayiswa eMauthausen e-Austria. Kuleli kamu amaNazi ayebulala iziboshwa ngendlala nangomsebenzi okhandlayo. Kodwa ngemva kwezinyanga eziyisithupha umama eshonile, amaNazi ambulala ngendlela ehlukile ubaba—ngokuhlola kwezokwelapha. Odokotela bakuleli kamu babehlola ngeziboshwa, bezifaka igciwane lesifo sofuba ngamabomu. Ngemva kwalokho babezijova enhliziyweni ngomjovo obulalayo. Umbiko ongokomthetho uthi ubaba wabulawa ‘isifo senhliziyo—omunye umsipha wayo wawubuthaka.’ Wayeneminyaka engu-43 ubudala. Ngaze ngezwa ngalokhu kubulawa ngonya kwabazali bami sekudlule izinyanga. Ngisakhala namanje uma ngicabanga ngabazali bami abathandekayo. Nokho, kusukela ngaleso sikhathi kuze kube yinamuhla, ngisaduduzwa ukwazi ukuthi umama nobaba, ababenethemba lokuyophila ezulwini, baphephile ezandleni zikaJehova.
Ngemva kweMpi Yezwe II, ngaba nelungelo lokuya ekilasini le-11 le-Watchtower Bible School of Gilead eNew York. Yeka injabulo okwakuyiyo ukugxila ekutadisheni imiBhalo nje kuphela izinyanga ezinhlanu! Ngemva kokuphothula kulesi sikole ngo-1948, ngathunyelwa eSwitzerland ukuze ngiyoba yisithunywa sevangeli khona. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngahlangana noJames L. Turpin, umzalwane othembekile owayephothule ekilasini lesihlanu laseGileyadi. Lapho kumiswa ihhovisi legatsha lokuqala eTurkey, waba umbonisi walo. Sashada ngo-March 1951, futhi ngokushesha nje ngemva kwalokho sathola ukuthi sizoba abazali! Sathuthela e-United States kwathi ngo-December sathola indodakazi yethu, uMarlene.
Kuyo yonke le minyaka mina noJim siye sathola injabulo enkulu enkonzweni yethu yoMbuso. Ngiyaye ngimkhumbule ngenjabulo uPenny, intokazi yomShayina engangiyiqhubela isifundo seBhayibheli. Wayengeve ekuthanda ukufunda iBhayibheli. Wabhapathizwa futhi kamuva washada noGuy Pierce, manje oseyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Abantu abanjalo engibathandayo baye basiza ekuvaleni isikhala esavulwa ukushona kwabazali bami.
Ekuqaleni kuka-2004, abazalwane baseLörrach, idolobha lenkaba yabazali bami, bakha iHholo LoMbuso kuStich Street. Uqaphela okwenziwa oFakazi BakaJehova, umkhandlu wedolobha wanquma ukwenza isikhumbuzo sokuhlonipha abazali bami ngokuwuqamba kabusha lo mgwaqo, ngokuthi u-Denzstraße (Denz Street). Iphephandaba lendawo, i-Badische Zeitung, esihlokweni esikhulu esithi, “Egameni Lokukhumbula Umbhanqwana WakwaDenz Owabulawa: Umgwaqo Uqanjwe Kabusha,” lathi abazali bami “babulawa ekamu lokuhlushwa ngesikhathi sokubusa kwamaNazi, ngenxa yokholo lwabo.” Kimina, lesi senzo somkhandlu wedolobha kwakuyisenzo esasingalindelekile neze kodwa futhi esasibonisa ukushintsha kwezimo okwakuthinta inhliziyo ngempela.
Ubaba wayevame ukuthi kufanele sihlele izinto njengokungathi i-Armagedoni ngeke ifike sisaphila kodwa siphile njengokungathi izofika kusasa—iseluleko esiyigugu engiye ngazama ngaso sonke isikhathi ukusisebenzisa. Akulula ngaso sonke isikhathi ukubekezela ngibe ngibheke ukugcwaliseka kwezinto engizilindele ngabomvu, ikakhulu njengoba ngingasakwazi ukuphuma endlini ngenxa yokuguga. Noma kunjalo, angikaze nanini ngisingabaze isithembiso sikaJehova kuzo zonke izinceku zakhe ezithembekile: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho . . . Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:5, 6.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 29]
AMAZWI AYIGUGU AKUDALA
Owesifazane othile owayehlala emaphandleni aqhelile wavakashela eLörrach ngawo-1980. Ngaleso sikhathi, abantu bakuleli dolobha babeletha izinto abangasazifuni esigcawini lapho abanye babengazikhethela khona izinto abazifunayo. Lona wesifazane wathola ibhokisi lokuthunga wayesegoduka nalo. Kamuva, kulelo bhokisi phansi, wathola izithombe zentombazanyana nezincwadi ezazibhalwe emaphepheni okubhala asekamu lokuhlushwa. Wafisa kakhulu ukwazi ngalezi zincwadi, futhi ezibuza ukuthi kazi ingubani le ntombazanyana eluke amagoda.
Ngolunye usuku ngo-2000, lona wesifazane wabona isihloko sephephandaba esasikhuluma ngombukiso othile womlando owawuseLörrach. Lesi sihloko sachaza umlando woFakazi BakaJehova ngeminyaka yamaNazi, kuhlanganise nomkhaya wakithi. Sasinezithombe zami ngisemusha. Ebona ukufana okuthile, lona wesifazane wathintana nentatheli wayeseyitshela ngalezi zincwadi—ezingu-42 sezizonke! Emasontweni ambalwa kamuva, zase zisezandleni zami. Kwakuyizona impela izincwadi zabazali bami ababezibhalela umamkhulu befuna ukwazi njalo ngami. Abazange bayeke ukungikhathalela ngothando. Kuyamangalisa ukuthi lezi zincwadi bezilokhu zikhona yonke le minyaka engaphezu kwengu-60!
[Izithombe ekhasini 25]
Umkhaya wakithi ojabulayo wahlukaniswa phakathi lapho uHitler eqala ukubusa
[Umthombo]
Hitler: U.S. Army photo
[Izithombe ekhasini 26]
1. Ihhovisi laseMagdeburg
2. AmaGestapo abopha izinkulungwane zoFakazi
[Isithombe ekhasini 28]
Mina noJim siye sathola injabulo enkulu enkonzweni yethu yoMbuso