Ithemba Esimweni Esingathembisi—Umhlangano Ekamu Lababaleki
IKAMU lababaleki iKakuma lisenyakatho yeKenya, eduze komngcele waseSudan. Lihlala abantu abangaphezu kuka-86 000. Lisendaweni egagadekile, enamazinga okushisa afinyelela ku-50°C emini. Buvamile ubudlova phakathi kwababaleki. Kwabaningi, leli kamu liyindawo engenathemba. Nokho, abanye banalo ithemba.
Kubabaleki kunoFakazi BakaJehova abaningana, abamemezela izindaba ezinhle zoMbuso ngentshiseko. Bayingxenye yebandla elincane laseLodwar, elingamakhilomitha angu-120 eningizimu yekamu. Ukuya kwelinye ibandla eliseduze kwelaseLodwar kungathatha amahora angu-8 ngemoto.
Njengoba ababaleki bengakwazi ukuphumela ngaphandle kwekamu, abaningi abayi emihlanganweni yesifunda neyesigodi eqhutshwa oFakazi BakaJehova. Ngenxa yalokhu, kwénziwa amalungiselelo okuba kube nomhlangano okhethekile wosuku olulodwa khona kanye ekamu.
Ukuya Enyakatho
Ukuze bayosiza kulowo mhlangano, oFakazi abangu-15 basedolobheni i-Eldoret, elingamakhilomitha angu-480 eningizimu yekamu, ngokuzithandela bánquma ukuthatha lolu hambo olunzima oluya enyakatho eyomile, futhi babehamba nomuntu ofundelwayo owavuma ukuba kusetshenziswe ikhumbi yakhe nomshayeli wayo. Isifiso sabo esiqotho sasiwukuba bakhuthaze futhi baqinise abafowabo.
Lolu hambo lwaqala ekuseni kakhulu kusemakhaza enkangala esentshonalanga yeKenya. Umgwaqo onezikhinsi wawukhuphuka udabule emasimini nasemahlathini bese wehlela ogwadule olushisayo olunezimila ezibhashile. Imihlambi yezimbuzi neyamakamela yayiklabé kulolu gwadule. Abantu bendawo babevunule ngezomdabu, abaningi behamba bephethe izagila nemicibisholo. Ngemva kokuhamba amahora angu-11, oFakazi bafika eLodwar, indawo eshisayo futhi enothuli ehlala abantu abacishe babe ngu-20 000. Sezibingelelwe ngemfudumalo oFakazi ezifikele kubo, izihambi zanquma ukuba ziyophumula ukuze zilungele impelasonto eyayizoba matasa.
Ngakusasa ekuseni, izivakashi zahamba zayobona izinto ezinhle zasendaweni. Indawo enhle ezazifuna ngabomvu ukuyibona kwakuyiLake Turkana, ichibi elikhulu kunawo wonke eKenya. Leli chibi lizungezwe izihlahla eziningi zasogwadule futhi lihlala izingwenya eziningi kunazo zonke izindawo emhlabeni. Amanzi ane-alikhali asiza abantu abambalwa abahlala ogwini lwalo. Kusihlwa izihambeli zajabulela iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo nebandla lendawo. Leli bandla lineHholo LoMbuso elihle, elakhiwa ngo-2003 kusetshenziswa isimiso soFakazi sokwakha emazweni anezimali ezilinganiselwe.
Umhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa
NgeSonto kwakuwusuku lomhlangano okhethekile. IBandla LaseLodwar kanye nezivakashi babenikezwe imvume yokungena ekamu ngo-8:00 ekuseni, ngakho babefisa ukuqala ekuseni kakhulu. Umgwaqo ogwingcizayo wawudabula ogwadule uya ngasemngceleni waseSudan. Izintaba ezimangelengele zazilengela phezu komgwaqo. Umuzi waseKakuma wawusubonakala kahle. Izulu lalinile, futhi umgwaqo owubhuqu oya ekamu wawunezikhukhula ezindaweni ezithile. Izindlu eziningi zazakhiwe ngodaka futhi zifulelwe ngothayela noma ngoseyili. Amaqembu abaseTopiya, abaseSomalia, abaseSudan nabanye babehlala ezindaweni zabo bodwa. Ababaleki bábingelela izihambi ngemfudumalo.
Umhlangano waqhutshelwa esikhungweni sokuqeqeshwa. Imidwebo eyayisodongeni yayibonisa ukuphila kwababaleki okushaqisayo, kodwa isimo esasingaphakathi kwehholo ngalolo suku kwakungesethemba. Zonke izinkulumo zazibekwa ngesiNgisi nangesiSwahili. Ezinye izikhulumi ezizikhuluma zombili lezi zilimi ngokushelelayo zazize zizihumushele. Umzalwane ongumbaleki waseSudan wanikeza inkulumo yokuvula eyayithi “Ukuhlola Inhliziyo Yethu Engokomfanekiso.” Ezinye izinkulumo zanikezwa abadala ababevakashile.
Isici esikhethekile sayo yonke imihlangano ubhapathizo. Ekupheleni kwenkulumo yobhapathizo, wonke amehlo ayethé njo kumuntu owayezobhapathizwa njengoba esukuma. UGilbert wayebaleke noyise besuka enkabeni yabo ngo-1994 ngesikhathi kuqothulwa uhlanga. Ekuqaleni babenethemba lokuthi bazophepha eBurundi, kodwa ngokushesha baqaphela ukuthi babesalokhu besengozini. UGilbert wabalekela eZaire, wabe eseya eTanzania—ngezinye izikhathi ecasha emahlathini—futhi ekugcineni wafika eKenya. Amehlo abantu abaningi agcwala izinyembezi njengoba isikhulumi sasimamukela njengomfowethu ebandleni. Eme phambi kwabantu abangu-95 ababesemhlanganweni, uGilbert wayiphendula ngokucacile nangokuqiniseka “ngo-Ndiyo!”—okungu-“Yebo!” ngesiSwahili—imibuzo emibili ayeyibuzwe isikhulumi. Yena nabazalwane abathile babegubhe ngezandla ichibi elincane base belifaka useyili owawuwuphahla lwendlu yakhe ekamu. Ebonisa indlela ayemagange ngayo ukubhapathizwa, ngalo lolo suku ekuseni wayegcwalise lelo chibi ngamanzi eyedwa, ewakha ephindelela ngebhakede!
Okunye okuvelele esimisweni santambama kwaba ukulandiswa kokuhlangenwe nakho okuphathelene nesimo esingavamile soFakazi abangababaleki. Omunye umzalwane wachaza indlela áxoxa ngayo nendoda eyayiphumule ngaphansi kwesihlahla.
“Ake ungitshele, kuphephile njalo yini ukuhlala ngaphansi kwesihlahla?”
Le ndoda yaphendula: “Yebo.” Yabe isinezela, “Kodwa hhayi ebusuku.”
Umzalwane wabe eseyifundela incwadi kaMika 4:3, 4: “Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele.” Wachaza: “Uyabona, ezweni elisha likaNkulunkulu kuyoba okuphephile njalo ukuhlala ngaphansi kwesihlahla.” Le ndoda yathatha incwadi yokutadisha iBhayibheli.
Omunye udade owayefike eKakuma wayesanda kushonelwa amalungu amathathu omkhaya wakhe. Ekhuluma ngabazalwane basekamu wathi: “Lena indawo enobunzima obukhulu; kodwa baye bagcina ukholo lwabo luqinile. Baphila endaweni engajabulisi, kodwa bakhonza uJehova ngenjabulo. Banokuthula noNkulunkulu. Lokhu kuye kwangikhuthaza ukuba nami ngibe nokuthula futhi ngiqhubeke ngikhonza uJehova. Akukho engingakhononda ngakho!”
Ngokushesha umhlangano waphela. Enkulumweni yokuphetha, isikhulumi sathi kulo mhlangano kunezihambeli ezivela emazweni ahlukahlukene angu-8. Omunye uFakazi ongumbaleki waphawula ukuthi lo mhlangano waba ubufakazi bobunye nothando olukhona phakathi koFakazi BakaJehova ezweni elihlukene. Ubuzalwane babo buwubuKristu beqiniso.—Johane 13:35.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 25]
ABAFANA ABANGENABANI BASESUDAN
Kusukela ngo-1983 lapho kuqala impi yombango eSudan, abantu abayizigidi ezinhlanu baye babaleka emakhaya abo. Phakathi kwabo kunezingane ezingaba ngu-26 000, ezáhlukana nabakubo. Izinkulungwane zazo zabalekela emakamu ababaleki eTopiya, lapho zahlala khona cishe iminyaka emithathu. Njengoba zaphoqeleka ukuba ziphinde zihambe, zahamba ngezinyawo unyaka wonke zidabula eSudan ziya enyakatho yeKenya, zahlukunyezwa amasosha, izigcwelegcwele, izifo nezilwane zasendle. Kwasinda kuphela ingxenye yalezi zingane kulolu hambo olunzima, ekugcineni zaba ingxenye eyinhloko yekamu laseKakuma. Izinhlangano zosizo zabiza lezi zingane ngokuthi abafana abangenabani baseSudan.
Manje ikamu lababaleki iKakuma liyikhaya lezizwe ezihlukahlukene ezivela eSudan, eSomalia, eTopiya nakwamanye amazwe. Lapho umbaleki efika ekamu, unikezwa izinto ezithile eziyisisekelo zokwakha kanye noseyili wokufulela. Kabili ngenyanga, umbaleki ngamunye unikezwa ufulawa ongaba amakhilogremu ayisithupha, ubhontshisi oyikhilogremu, amafutha okupheka nosawoti. Ababaleki abaningi bahweba ngokunye kwalokhu ukuze bathole ezinye izinto abazidingayo.
Abanye balaba bafana abangenabani baye baphinde bahlangana nabakubo noma baphinde bahlaliswa kwamanye amazwe. Kodwa ngokweHhovisi Lokwabela Ababaleki Izindawo, “izinkulungwane ezengeziwe ziye zaqhubeka zihlala ekamu lababaleki iKakuma elinothuli futhi elinezimpukane, lapho kuye kwadingeka khona zizifunele ukudla futhi zisebenze kanzima ukuze zithole imfundo.”
[Umthombo]
Courtesy Refugees International
[Ibalazwe ekhasini 23]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IKENYA
Ikamu iKakuma
ILake Turkana
ILodwar
I-Eldoret
INairobi
[Isithombe ekhasini 23]
Kwemukeliswa isilinganiso esincane samanzi ekamu iKakuma
[Isithombe ekhasini 23]
OFakazi baseKenya besohambweni olunzima beya enyakatho ukuze bayokhuthaza abafowabo
[Isithombe ekhasini 23]
Kuyinselele ukuhlala ekamu
[Isithombe ekhasini 24]
Isithunywa sevangeli sihumusha inkulumo enikezwa iphayona elikhethekile lendawo
[Isithombe ekhasini 24]
Ichibi lokubhapathizwa
[Umthombo Wesithombe ekhasini 23]
Rationing water and Kakuma Refugee Camp: Courtesy Refugees International