“Usizo Lwami Luvela Kujehova”
Izixuku Zamukela Ukukhulekela KukaJehova
IZIPROFETHO zeBhayibheli zabikezela ukuthi osukwini lwethu abantu abavela kuzo zonke izizwe bayothutheleka ekukhulekeleni kukaJehova okuphakeme. Ngokwesibonelo, ngomprofethi uHagayi, uJehova uNkulunkulu wamemezela: “Ngizozamazamisa zonke izizwe, futhi izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe zizongena; ngizoyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo.” (Hagayi 2:7) Bobabili u-Isaya noMika baprofetha ukuthi ngesikhathi sethu—‘ingxenye yokugcina yezinsuku’—izizwe nabantu babeyokhulekela uJehova ngendlela eyamukelekayo.—Isaya 2:2-4; Mika 4:1-4.
Ingabe lezo ziprofetho ziyagcwaliseka ngempela namuhla? Ake sihlole amaqiniso. Eminyakeni eyishumi kuphela edlule, abantu abangaphezu kuka-3 110 000 abavela emazweni angaphezu kuka-230 baye bazinikezela kuJehova. Ngempela, oFakazi BakaJehova abayisithupha kwabayishumi abakhonza uJehova manje babhapathizwa phakathi neminyaka eyishumi edlule. Ngokwesilinganiso, ngo-2004, ngemizuzu emibili edlulayo, inceku entsha kaNkulunkulu iye yazinikezela izihlanganisa nebandla lobuKristu!a
Namuhla, njengasekhulwini lokuqala, ‘isibalo esikhulu sesingamakholwa futhi sesiphendukele eNkosini.’ Nakuba ukwanda kwenani ngokwako kungebona ubufakazi besibusiso sikaNkulunkulu, kunikeza ubufakazi bokuthi “isandla sikaJehova” sinabantu bakhe. (IzEnzo 11:21) Yini eyenza izigidi ukuba zikhulekele uJehova? Futhi lokhu kwanda kukuthinta kanjani wena siqu?
Abantu Abanezinhliziyo Ezilungile Badonseleka KuJehova
Engagwegwesi, uJesu wathi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.” (Johane 6:44) Ngakho, nguJehova odonsa abantu ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ (IzEnzo 13:48) Umoya kaNkulunkulu ungenza abantu baqaphele isidingo sabo esingokomoya. (Mathewu 5:3) Unembeza okhathazekile, ukulifuna ngabomvu ithemba, noma inhlekelele engalibaleki kungaholela abanye ukuba bafune uNkulunkulu futhi bafunde ngezinjongo zakhe ngesintu.—Marku 7:26-30; Luka 19:2-10.
Abantu abaningi badonseleka ekukhulekeleni kukaJehova ngenxa yokuthi imfundo engokweBhayibheli etholakala ebandleni lobuKristu ibasiza ukuba bathole izimpendulo zemibuzo ebadidayo.
“Uma uNkulunkulu ekhona, kungani abantu beqhubeka behlushwa ukungabi nabulungisa?” Lowo kwakuwumbuzo owawuhlupha uDavide, umshushumbisi wezidakamizwa e-Italy. Wayengenasithakazelo ezindabeni zenkolo, ngakho wayephakamisa lo mbuzo oyinkinga ukuze avuse impikiswano. Uthi: “Ngangingacabangi ukuthi ngiyoke ngithole impendulo enengqondo futhi engigculisayo. Kodwa uFakazi owaxoxa nami wayenesineke kakhulu futhi wayefakazela ayekusho ngamavesi eBhayibheli. Leyo ngxoxo yangithonya kakhulu.” UDavide walungisa ukuphila kwakhe futhi manje ukhonza uJehova.
Abanye bakhangwa inhlangano kaJehova yasemhlabeni ngenxa yokuthi bafuna injongo yokuphila. Udokotela wezifo zengqondo eZagreb, eCroatia, wayefuna usizo ngezinkinga zakhe ezingokomzwelo, ngakho wavakashela omunye udokotela odumile. Wamangala lapho lo dokotela emnikeza izinombolo zocingo zegatsha loFakazi BakaJehova eliseZagreb, kanye negama lomunye uFakazi ayemazi. Wathi: “Uyabona, ngicabanga ukuthi la bantu bangakusiza. Uma ngithi yiya esontweni, uzothola kuphela izithombe ezingaphili—akukho muntu okhuluma into ephilayo, futhi basebumnyameni. Ngicabanga ukuthi isonto ngeke likusize. Ngiye ngathumela ezinye iziguli koFakazi BakaJehova, futhi ngicabanga ukuthi nawe kuzoba ngcono uye kubo.” Ngomusa, oFakazi bamvakashela futhi ngokushesha baqala isifundo seBhayibheli naye. Ngemva kwamasonto ambalwa, lo dokotela wezifo zengqondo washo ngenjabulo ukuthi ukwazi ngenjongo kaNkulunkulu kuye kwamenza waba nenjongo ekuphileni.—UmShumayeli 12:13.
Lapho bebhekana nosizi, abaningi baye bathola ukuthi yiqiniso leBhayibheli kuphela elinganikeza induduzo yangempela. EGrisi, umfanyana oneminyaka engu-7 wawa ophahleni lwesikole ayefunda kuso futhi washona. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, oFakazi ababili bahlangana nonina futhi bazama ukumduduza ngokuxoxa naye ngethemba lovuko. (Johane 5:28, 29) Lo mama wavele wakhala ezimathonsi. Lab’ odade bambuza: “Uma ungathanda ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli, singakuvakashela nini?” Waphendula: “Khona manje.” Lo mama wahamba nabo waya kwakhe, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Namuhla, yena nawo wonke umkhaya wakhe bakhonza uJehova.
Ingabe Unengxenye Kulo Msebenzi?
Okuhlangenwe nakho okufana nalokhu kuyizinto ezenzekayo kuwo wonke umhlaba. UJehova uqoqa futhi aqeqeshe isixuku esikhulu sezizwe zonke sabakhulekeli beqiniso. Leli qembu lezizwe ngezizwe linethemba elijabulisayo lokusinda ekupheleni kwalesi simiso esibi sezinto okusondelayo futhi liphile ezweni elisha lokulunga.—2 Petru 3:13.
Ngenxa yesibusiso sikaJehova, lo msebenzi wokuqoqa owenziwa ngezinga elingakaze libonwe uqhubekela phambili ngokungenakuvinjwa futhi ufezeka ngokugcwele. (Isaya 55:10, 11; Mathewu 24:3, 14) Ingabe uhlanganyela ngentshiseko kulo msebenzi wokushumayela ngoMbuso? Uma kunjalo, ungaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyakusekela futhi ungenanela la mazwi omhubi: “Usizo lwami luvela kuJehova.”—IHubo 121:2.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2005, September/October.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
“Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.”—JOHANE 6:44
[Ibhokisi ekhasini 8]
UBANI OBANGELA LOKHU KWANDA?
“Ngaphandle kokuba uJehova ngokwakhe eyakha indlu, akusizi ngalutho ukuthi abakhi bayo basebenzé kanzima kuyo.”—IHubo 127:1.
“UNkulunkulu waqhubeka ekhulisa; kangangokuthi lowo otshalayo akalutho nalowo oniselayo akalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo nguye owutho.”—1 Korinte 3:6, 7.