Indaba Yokuphila
Ukwazi Isizathu Esenza UNkulunkulu Avumele Ukuhlupheka Kwashintsha Ukuphila Kwami
ILANDISWA UHARRY PELOYAN
Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Nangesikhathi ngingumfanyana, wawungikhathaza kakhulu lo mbuzo. Abazali bami babengabantu abasebenza kanzima, abathembekile futhi bewuthanda umkhaya wabo. Ubaba wayengasonti, umama yena wayazi okuncane nje ngoNkulunkulu. Ngakho, babengakwazi ukuphendula lo mbuzo wami.
WANGIHLUPHA nakakhulu lowo mbuzo phakathi neMpi Yezwe II, ngesikhathi ngiseButhweni Lempi Lasolwandle lase-United States iminyaka engaphezu kwemithathu. Ngemva kokuphela kwempi, ngabelwa ukusebenza emkhunjini owathunyelwa ukuhambisa izinto eziwusizo eChina. Ngahlala lapho cishe unyaka wonke futhi ngabona abantu abaningi behlupheka.
Abantu baseChina bakhuthele futhi bahlakaniphile. Kodwa abaningi babebhekene nobunzima obukhulu ngenxa yobumpofu nobudlova obabubangelwe iMpi Yezwe II. Izinganyana ezinhle zazingidabula kakhulu. Eziningi zazo ezazingondlekile futhi zigqoka amanikiniki zazisicela ukudla uma sehla emkhunjini.
Kungani?
Ngazalelwa eCalifornia, e-U.S.A. ngo-1925 futhi ngakhulela khona. Ngangiqala ukubona ubunzima obunjeya. Ngakho ngangizibuza ngizibuzile, ‘Uma ekhona uMdali onguMninimandla onke, kungani evumela izinto ezinje zihluphe abantu abaningi kangaka, ikakhulukazi izingane ezingenacala?’
Ngangizibuza nokuthi uma ekhona ngempela uNkulunkulu, kungani eye wavumela ukubulawa kwabantu uyaca nokuhlupheka isintu esiye sabhekana nakho wonke la makhulu eminyaka—ikakhulukazi phakathi neMpi Yezwe II, okwafa kuyo abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-50. Ngaphezu kwalokho, ngesikhathi impi isabambene, ngangizibuza ukuthi kungani abefundisi bekhuthaza abantu abasenkolweni eyodwa ukuba babulalane ngenxa yokuthi banobuzwe obungefani?
Isibonakude
Lapho kuqala iMpi Yezwe II ngo-1939 futhi kufa inqwaba yabantu emhlabeni wonke, ngavele ngabona ukuthi akunakwenzeka ukuthi uNkulunkulu ukhona. Kodwa ngesikhathi ngisafunda, sake sanikezwa umsebenzi njengabafundi ekilasini lesayensi ukuba umfundi nomfundi akhe into ethile ewubuciko besayensi. Njengoba-ke nganginesithakazelo ezifundweni zezinkanyezi, nganquma ukwakha isibonakude esikhulu esinengilazi yokubona engamasentimitha angu-20.
Ukuze ngakhe lesi sibonakude, ngathenga ucezu lwengilazi ewugqinsi ngamasentimitha angaphezudlwana kwangu-2.5 futhi olungamasentimitha angu-20 ububanzi, ngalusika lwaba yindilinga ngomshini wokusika ingilazi. Ngabe-ke sengisebenza kanzima ngilukhuhla ngesandla ngilugweda. Sonke isikhathi engangisithola phakathi nezinyanga eziyisithupha ngangisichitha ngenza lo msebenzi. Sengiqedile ukwenza le ngilazi yokubona, ngayifaka epayipini lensimbi elide ngabe sengifaka kulesi sibonakude izingilazi (lenses) zokubuka ezinamazinga okubonisa angefani.
Ngobusuku obuthile obucwathile, ngathatha isibonakude sami engase ngisiqedile, ngabheka ngokokuqala ngqá izinkanyezi namaplanethi asesimisweni sethu sikanozungezilanga. Kwangikhexisa umlomo ukubona ukuthi kanti ziningi kangaka izinto ezilé esibhakabhakeni nokubona indlela ezihleleke kahle ngayo zonke. Ngamangala nakakhulu lapho ngithola ukuthi empeleni ezinye “izinkanyezi” ziyimithala efana nomthala wethu obizwa ngokuthi iMilky Way, nokuthi ngamunye unezigidi zezigidi zezinkanyezi.
Ngacabanga, ‘Impela, akunakwenzeka ukuthi konke lokhu kwamane kwazenzakalela. Ayikho into ehleleke kanje evele izenzakalele. Indawo yonke ihleleke kahle ngendlela yokuthi ibonakala sengathi yenziwa ungqondongqondo wongqondongqondo. Kungenzeka yini ukuthi empeleni ukhona uNkulunkulu?’ Engangikubona ngesibonakude kwangenza ngacabanga kabili kathathu ngenkolelo enganginayo yokuthi uNkulunkulu akekho.
Ngabe sengizibuza: ‘Uma kanti ekhona ngempela uNkulunkulu onamandla nohlakaniphile, okwazi ukudala indawo yonke emangalisa kangaka, ngeke yini akwazi ukulungisa isimo esisemhlabeni esidabukisayo? Waluvumelelani kwasekuqaleni lolu sizi?’ Uma ngibuza abantu abasontayo le mibuzo, babengangiphenduli ngendlela enganelisayo.
Ngemva kokuqeda isikole nokufunda iminyakana ethile ekolishi, ngajoyina iButho Lempi Lasolwandle lase-United States. Nokho, abefundisi bamasosha nabo abakwazanga ngempela ukuphendula imibuzo yami. Abantu abasontayo babevame ukusho into enjengokuthi: “INkosi isebenza ngezindlela esingaziqondiyo.”
Ngaqhubeka Ngifuna Izimpendulo
Ngemva kokuhamba eChina, yangihlupha nakakhulu imibuzo enganginayo mayelana nokuvumela kukaNkulunkulu ukuhlupheka. Ngangicabanga ngayo njalo, ikakhulukazi lapho ngibona amangcwaba amasosha eziqhingini ezihlukahlukene esasizidlula ePacific sesibuyela emakhaya. Cishe wonke lawo mangcwaba alele izinsizwa ezafa zingakayi nakuphi nokuphila.
Lapho ngifika e-United States, ngakhululwa ebuthweni lasolwandle. Ngangisalelwe unyaka owodwa ukuba ngiqede eHarvard University eCambridge, eMassachusetts. Ngemva kwalowo nyaka ngathola iziqu, kodwa angizange ngibuyele ekhaya eCalifornia. Nganquma ukuhlala isikhashana oGwini oluseMpumalanga ye-United States ukuze ngizame ukuthola izimpendulo zemibuzo yami. Ekuqaleni ngangithi ngizoya eNew York City lapho kwakunezinkolo eziningi khona ukuze ngisonte emasontweni ahlukahlukene ngazi ukuthi afundisani.
Umam’ khulu wami ohlala eNew York u-Isabel Kapigian wangicela ukuba ngizohlala naye. Yena namadodakazi akhe amabili, uRose noRuth babengoFakazi BakaJehova. Ngenxa yokuthi ngangingacabangi ukuthi ngingazithanda izinkolelo zabo, ngaqala ukuya ezinkonzweni kwamanye amasonto, ngixoxa nabantu bakhona futhi ngifunde izincwadi zabo. Ngangivame ukubabuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka, kodwa babefana nami nje, bengayazi impendulo. Ngaphetha ngokuthi mhlawumbe akekho vele uNkulunkulu.
Ukuthola Izimpendulo
Ngabe sengicela kumam’ khulu nasemadodakazini akhe ukufunda ezinye zezincwadi zabo ukuze ngifunde ngemibono yoFakazi BakaJehova. Lapho ngizifunda, ngasheshe ngaphawula ukuthi oFakazi bahluke kakhulu kwezinye izinkolo. Izimpendulo zazisekelwe eBhayibhelini futhi zanganelisa kakhulu. Ngesikhashana nje, imibuzo yami mayelana nokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka yaphenduleka.
Angitholanga lokho kuphela. Ngathola nokuthi oFakazi BakaJehova bazifakazela ngezenzo izimpendulo zabo ezisekelwe eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, ngabuza umam’ khulu ukuthi zénzani izinsizwa ezingoFakazi BakaJehova eJalimane phakathi neMpi Yezwe II. Ngafuna ukwazi ukuthi zaya yini empini nokuthi zasho yini ukuthi “Heil Hitler!,” zashayela ifulege lakhona indesheni? Wathi cha, azikwenzanga lokho. Wangitshela ukuthi ngenxa yokungathathi-hlangothi kwazo, zathunyelwa emakamu okuhlushwa lapho iningi lazo labulawa khona. Wangichazela ukuthi bonke oFakazi BakaJehova emhlabeni bénza into efanayo phakathi nempi—abazange baluthathe uhlangothi. Ngisho nasemazweni abuswa ngentando yeningi, izinsizwa ezingoFakazi BakaJehova zafakwa emajele ngenxa yokungathathi kwazo uhlangothi.
Umam’ khulu wabe esengicela ukuba ngifunde uJohane 13:35, othi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” AmaKristu eqiniso emhlabeni wonke kumelwe abonakale ngalolo phawu. Ngeke uwathole ebulalana wodwa ezimpini ngoba enobuzwe obungefani! Wabe esengibuza: “Ungacabanga yini ngoJesu nabafundi bakhe bethatha uhlangothi ezimpini zaseRoma, bebulalana?”
Wathi mangifunde neyoku-1 Johane 3:10-12. Le ncwadi ithi: “Abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaDeveli babonakala ngalokhu: Wonke umuntu ongaqhubeki enza ukulunga akaveli kuNkulunkulu nalowo ongamthandi umfowabo. . . . Kufanele sithandane; singafani noKhayini, owayevela komubi futhi wabulala umfowabo.”
IBhayibheli aligwegwesi. AmaKristu eqiniso ayathandana, kungakhathaliseki ukuthi ahlalaphi. Ngakho, ngeke uwathole ebulala abafowabo abangokomoya noma ubani-ke omunye. Yingakho uJesu ayengase asho la mazwi ngabalandeli bakhe: “Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.”—Johane 17:16.
Okwenza Avumele Ukuhlupheka
Ngabe sengithola ukuthi iBhayibheli lisitshela isizathu esiye senza uNkulunkulu wavumela ukuhlupheka. Lichaza ukuthi lapho uNkulunkulu edala abazali bethu bokuqala, wabenza baphelela wababeka ensimini eyipharadesi. (Genesise 1:26; 2:15) Wabapha nesipho esihle kakhulu—inkululeko yokuzikhethela. Kodwa kwakudingeka balisebenzise kahle lelo khono. Uma babelalela uNkulunkulu nemithetho yakhe, babeyoqhubeka bephila bephelele epharadesi. Babeyolinweba lelo pharadesi kuze kube yilapho wonke umhlaba uba ipharadesi. Inzalo yabo nayo yayiyophelela, ngokuhamba kwesikhathi lo mhlaba ube ipharadesi elihle kakhulu elihlalwa abantu abaphelele nabajabulayo.—Genesise 1:28.
Nokho, uma u-Adamu no-Eva babekhethe ukuzenzela umathanda, bangafuni ukubuswa uNkulunkulu, khona-ke wayengeke abagcine bephelele. (Genesise 2:16, 17) Kwenzeka okubuhlungu-ke esintwini ngoba abazali bethu bokuqala bayisebenzisa kabi inkululeko yabo yokuzikhethela, bakhetha ukungabuswa uNkulunkulu. Isidalwa somoya esiyisihlubuki kamuva esabizwa ngokuthi uSathane uDeveli, sabashoshozela ukwenza lokhu. Safisa ukungabuswa uNkulunkulu safuna ukukhulekelwa okungokukaNkulunkulu kuphela.—Genesise 3:1-19; IsAmbulo 4:11.
USathane waba kanjalo-ke “unkulunkulu walesi simiso sezinto.” (2 Korinte 4:4) IBhayibheli lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) UJesu wabiza uSathane ngokuthi “umbusi waleli zwe.” (Johane 14:30) Ukungalaleli kukaSathane nabazali bethu bokuqala kwalethela sonke isintu ukungapheleli, ubudlova, ukufa, usizi nokuhlupheka.—Roma 5:12.
“Akukona Okomuntu”
Ukuze kubonakale ukuthi ukungayilaleli imithetho yoMdali kungawenzani umkhaya wesintu, uNkulunkulu wavumela ukuba imiphumela yako iqhubeke izinkulungwane zeminyaka. Lesi sikhathi siye sanikeza sonke isintu ithuba elanele lokubona iqiniso lalokho okushiwo iBhayibheli: “Indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe. Ngiqondise, Jehova.”—Jeremiya 10:23, 24.
Njengoba sekudlule amakhulu eminyaka, siyabona ukuthi ukwenqaba ukubuswa uNkulunkulu kuye kwaba nemiphumela ebuhlungu. Ngakho, uNkulunkulu uhlose ukuyiqeda imiphumela eyenziwa ukufuna kwabantu ukuzibusa nokungafuni ukulalela imithetho yakhe.
Ikusasa Elihle Kakhulu
Isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi maduze uNkulunkulu uzoqeda lesi simiso sezinto esinabantu abanonya: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho . . . Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:10, 11.
Isiprofetho esikuDaniyeli 2:44 sithi: “Ezinsukwini zalawo makhosi [zonke izinhlobo zokubusa ezikhona manje] uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” Abantu ngeke baphinde bavunyelwe ukuba babuse. Wonke umhlaba uyobuswa uMbuso kaNkulunkulu. Njengoba kuyobe kubusa wona, wonke umhlaba uyoba ipharadesi futhi isintu siyophelela siphile phakade ngenjabulo. IBhayibheli liyathembisa: “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:4) Yeka ikusasa elimangalisayo uJehova afuna sibe nalo!
Ukuphila Okuhlukile
Ukuthola izimpendulo ezanelisayo kwashintsha ukuphila kwami. Kusukela ngaleso sikhathi, ngafuna ukukhonza uNkulunkulu ngisize nabanye bathole izimpendulo zemibuzo enganginayo. Ngaqonda ukuthi ibaluleke kangakanani incwadi yoku-1 Johane 2:17, ethi: “Izwe [lesi simiso sezinto esilawulwa uSathane] liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” Ngakulangazelela ngempela ukuphila phakade ezweni elisha likaNkulunkulu. Nganquma ukuhlala eNew York, ngaqala ukuhlanganyela nebandla loFakazi BakaJehova lalapho, futhi ngaba nokuhlangenwe nakho okuningi ngisiza abanye bafunde ngalokho nami engase ngikufundile.
Ngo-1949, ngahlangana noRose Marie Lewis. Yena, unina uSadie nodadewabo abayisithupha babengoFakazi BakaJehova. URose wayekhonza uNkulunkulu eyisikhonzi sesikhathi esigcwele. Wayenezimfanelo ezinhle eziningi, ngakho ngavele ngamthanda. Sashada ngo-June 1950 sahlala eNew York. Sasikujabulela esasikwenza futhi silijabulela ithemba lokuphila phakade ezweni elisha likaNkulunkulu.
Ngo-1957, mina noRose Marie sacelwa ukuba siyoba izikhonzi zesikhathi esigcwele endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York. Ngo-June 2004 sase sineminyaka engu-54 sishadile, sihleli kamnandi ndawonye, engu-47 yayo sikhonza endlunkulu yaseBrooklyn. Lena iminyaka eyaba mnandi kakhulu sikhonza uJehova nezinkulungwane zabafowethu.
Usizi Oluzedlula Zonke
Ngokudabukisayo, ekuqaleni kuka-December 2004, kwatholakala ukuthi uRose Marie unesimila esinomdlavuza ephashini. Odokotela babevumelana ngokuthi sasikhula masinyane futhi kwakudingeka sikhishwe. Wahlinzwa ngasekupheleni kwakhe u-December, futhi ngemva kwesonto, udokotela ohlinzayo wangena egumbini likaRose nami ngikhona, wathi: “Rose Marie, hamb’ uyekhaya. Usuphilile!”
Nokho, enezinsuku ezimbalwa ebuyile, uRose Marie wahlaselwa izinhlungu esiswini nakwezinye izindawo. Zamqinisa impela ngakho wabuyela esibhedlela ukuze bamhlole futhi. Kwatholakala ukuthi ngasizathu simbe kwakwakheka amahlule egazi ezibilinini zakhe, okwakwenza zingakwazi ukuthola umoyampilo. Odokotela bazama konke okusemandleni ukulungisa le nkinga kodwa behluleka. Ngemva nje kwamasonto ambalwa, ngabhekana nosizi oluzedlula zonke. Ngo-January 30, 2005, laduma ladlula noRose Marie wami othandekayo.
Ngaleso sikhathi, ngangineminyaka ecishe ibe ngu-80 futhi ngase ngibone ukuhlupheka kwabantu okuningi, kodwa lokhu kwakwehlukile. Mina noRose Marie sasiyilokhu okushiwo iBhayibheli, ‘sasinyamanye.’ (Genesise 2:24) Ngilubonile usizi lwabanye, futhi nami ngokwami ngike ngaba lusizi lapho ngishonelwa abangane nezihlobo. Kodwa ubuhlungu engabuzwa ngokushona komkami bunzima kakhulu futhi abupheli. Manje ngiluqonda kahle usizi sonke njengabantu esiba nalo lapho kushona umuntu esimthandayo.
Noma kunjalo, ukwazi ukuthi ukuhlupheka kwabangelwa yini nokuthi kuyoqedwa kanjani kuyangiduduza. IHubo 34:18 lithi: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.” Isihluthulelo sokukhuthazelela lokhu kuhlupheka sisekwazini ukuthi iBhayibheli lifundisa ukuthi kuyoba novuko, ukuthi labo abasemathuneni bayobuya, babe nethuba lokuphila phakade ezweni elisha likaNkulunkulu. IzEnzo 24:15 zithi: “Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” URose Marie wayemthanda kakhulu uNkulunkulu. Ngiyaqiniseka ukuthi noNkulunkulu wayemthanda ngendlela efanayo nokuthi uyomkhumbula ambuyise ngesikhathi saKhe esifanele, futhi ngethemba ukuthi uzobuya maduze.—Luka 20:38; Johane 11:25.
Nakuba usizi lokushonelwa umuntu omthandayo lunzima kakhulu, injabulo yokubamukela lapho bevuswa iyoba nkulu nakakhulu. (Marku 5:42) IZwi likaNkulunkulu liyathembisa: “Abafileyo bakho bayophila. . . . Nomhlabathi ngokwawo uyovumela ukuba labo abangenamandla ekufeni baqathake bezalwa.” (Isaya 26:19) Abaningi phakathi ‘kwabalungile’ abashiwo kuyizEnzo 24:15 cishe bayovuswa kuqala. Yeka ukuthi kuyoba isikhathi esijabulisa kanjani leso! Phakathi kwalabo abayovuswa kuyobe kunoRose Marie. Sonke thina esimthandayo siyomamukela ngezandla ezifudumele! Yeka indlela okuyokwanelisa ngayo ukuphila ezweni elingenakho ukuhlupheka nosizi!
[Izithombe ekhasini 9]
Ngesikhathi ngiseChina ngabona abantu abaningi behlupheka
[Izithombe ekhasini 10]
Bengilokhu ngikhonza endlunkulu yoFakazi BakaJehova eBrooklyn kusukela ngo-1957
[Isithombe ekhasini 12]
Ngashada noRose Marie ngo-1950
[Isithombe ekhasini 13]
Ngonyaka ka-2000 lapho sigubha iminyaka engu-50 sishadile