Ukwakha Ngokomoya ‘ENdlini Yamatshe’
Igama laleli zwe lase-Afrika lisho ukuthi “iNdlu Yamatshe.” Liyizwe elidume ngeVictoria Falls nangezilwane zasendle ezinhlobonhlobo. Nokho, linezakhiwo zasendulo ezinkulu kunazo zonke eningizimu yeSahara ezenziwa abantu. Inkangala eyi-“granite” idabula phakathi naleli zwe. Isimo sezulu esihle kuleyo nkangala senza ukuba izwe livunde, libe nohlaza. Lena iZimbabwe, ehlala abantu abangaba izigidi ezingu-12.
KUNGANI inegama elithi iNdlu Yamatshe? Ngo-1867, umzingeli nomhloli wamazwe u-Adam Renders wathola izakhiwo ezinkulu zamatshe ezisendaweni engamahektare angaphezu kwangu-720. Ngesikhathi ezihambela ezinkalweni zase-Afrika, lapho imvamisa yemizi yakhiwe khona ngodaka nezingodo futhi ifulelwa ngotshani wazithela phezu kwamanxiwa omuzi omkhulu wamatshe, manje obizwa ngokuthi iGreat Zimbabwe.
La manxiwa aseningizimu yendawo manje ebizwa ngokuthi iMasvingo. Ezinye izindonga zingaphezu kwamamitha angu-9 ukuphakama, zakhiwe ngamatshe e-granite abekwe phezu kwelinye futhi angahlanganisiwe ngodaka. Phakathi kwala manxiwa, kunomboshongo oyindilinga ongavamile ongaba amamitha angu-11 ukuphakama onesisekelo esingamamitha ayisithupha ububanzi. Injongo yangempela yalesi sakhiwo ayikaziwa. La manxiwa awangekhulu lesi-8 C.E., kodwa kunobufakazi bokuthi abantu base behlale kule ndawo amakhulu eminyaka ngaphambi kwalokho.
Ngo-1980 izwe elalaziwa ngokuthi iRhodesia lathola uzibuse eBrithani futhi labe selethiwa kabusha ngokuthi iZimbabwe. Izakhamuzi zalo zakhiwa amaqembu ezizwe ezimbili eziyinhloko—amaShona, okuyiwona ayiqembu elikhulu, bese kuba amaNdebele. Laba bantu banomoya wokungenisa izihambi, njengoba oFakazi BakaJehova beye bakuphawula lokho lapho besemsebenzini wokufakaza endlini ngendlu. Ngezinye izikhathi, ngisho nangaphambi kokuba isihambi sizethule, uma singqongqoza sivele sizwe isimemo esithi “Ngena” futhi “Sicela uhlale phansi.” Iningi labantu baseZimbabwe linenhlonipho ejulile ngeBhayibheli futhi liye lithande ukuba izingane zihlale phansi futhi zilalele lapho kuxoxwa ngeBhayibheli.
Ukunikeza Isigijimi Senduduzo Esakhayo
Igama elithi “ingculaza” nelithi “isomiso” amagama asetshenziswa njalo ezindabeni lapho kuxoxwa ngeZimbabwe. Ukusakazeka kwengculaza kuye kwalithinta kakhulu inani labantu kanye nezomnotho zamazwe ase-Afrika eseningizimu yeSahara. Kula mazwe, abantu balala ezibhedlela ngenxa yezifo ezihlobene nesandulela-ngculaza. Lesi sifo siye sabhubhisa imikhaya eminingi.
Ukuze kusizwe abantu baseZimbabwe, oFakazi BakaJehova bamatasa bamemezela ukuthi indlela engcono kakhulu yokuphila yileyo eqondiswa izimiso zikaNkulunkulu eziseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, iZwi likaNkulunkulu lifundisa ukuthi isipho sikaNkulunkulu sobulili kufanele sijatshulelwe abantu abashadile kuphela, ukuthi uNkulunkulu uyabenqabela ubungqingili nokuthi ukumpontshelwa igazi nokusebenzisa izidakamizwa ngenjongo yokuzijabulisa kuyangqubuzana nomthetho kaJehova. (IzEnzo 15:28, 29; Roma 1:24-27; 1 Korinte 7:2-5; 2 Korinte 7:1) OFakazi basakaza nesigijimi sethemba elinesisekelo esiqinile, bagcizelele ukuthi maduze uMbuso kaNkulunkulu uzoqeda zonke izifo.—Isaya 33:24.
Ukusiza
Eminyakeni eyishumi edlule iZimbabwe iye yahlukunyezwa isomiso. Izilwane zasendle ziye zafa ngenxa yendlala nokoma. Kuye kwafa amakhulu ezinkulungwane ezinkomo. Imililo iye yaqothula amahlathi amakhulu. Izingane eziningi nasebekhulile baye bafa ngenxa yokungondleki kahle. Ngisho namanzi omfula omkhulu iZambezi ancipha kakhulu kwaze kwaba nzima ezikhungweni zikagesi ezisebenza ngamanzi.
Ukuze basize kulowo monakalo, oFakazi BakaJehova bamisa amakomiti angu-8 osizo ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe. Ababonisi abajikelezayo bavakashela amabandla ukuze bahlaziye izidingo zangempela. Lokhu kwaziswa kwadluliselwa ekomitini yosizo efanele. Omunye umbonisi ojikelezayo wabika: “Eminyakeni emihlanu edlule, siye saba ummbila ongaphezu kwamathani ayinkulungwane, amathani ayishumi ezinhlanzi ezomisiwe namathani ayishumi kabhontshisi. Abafowethu abangamaKristu benza amathani amabili e-mufushwa [imifino eyomisiwe]. Sabelana nangezingubo zokugqoka eziningi kakhulu kanye nemali eyayidingeka.” Omunye umbonisi ojikelezayo waphawula: “Lapho ngicabanga ngobunzima esiye sabhekana nabo ukuze sithole imvume edingekayo eZimbabwe naseNingizimu Afrika yokuletha lezi zimpahla kanye nenkinga engapheli yokuswelakala kukaphethiloli no-diesel wokuthutha lezi zinto zosizo ezazidingeka kakhulu, ngingaphetha kuphela ngokuthi impumelelo yethu iwubufakazi obengeziwe besiqinisekiso sikaJesu sokuthi uBaba wethu osezulwini uyazi ukuthi siyazidinga zonke lezi zinto.”—Mathewu 6:32.
Ababonisi abajikelezayo bakwazi kanjani ukubhekana nesimo ngokuphumelelayo lapho besebenza ezindaweni ezinesomiso? Abanye baziphathela ukudla futhi baphathele nomkhaya abazohlala kuwo. Omunye umbonisi wabika ukuthi abanye odade abangamaKristu babezibuza ukuthi kufanele bayeke yini ukushumayela ngalolo suku ukuze bayoma emgqeni balinde usizo oluvela kuhulumeni. Banquma ukuthembela kuJehova ngokugxila emsebenzini wokushumayela nasendleleni izinkinga ezazizoxazululwa ngayo. Alufikanga usizo oluvela kuhulumeni ngalolo suku.
Ngakusasa kwakuhlelwe umhlangano wobuKristu, futhi lab’ odade kwadingeka benze isinqumo. Babezoya yini emhlanganweni, noma babezoyolinda usizo? Bebeka kuqala izinto ezibalulekile, baya emhlanganweni eHholo LoMbuso. (Mathewu 6:33) Ngenkathi becula ingoma yokuphetha, bezwa umsindo weloli. Lelo loli lalilethe izimpahla zosizo, zivela kubafowabo abangokomoya ngekomiti yosizo! Injabulo nokwazisa koFakazi abathembekile ababa khona kulowo mhlangano kwakumangalisa ngempela.
Uthando Luyakha
Ukubonisa abantu bangaphandle kwebandla lobuKristu umusa kuye kwavula amathuba okunikeza ubufakazi obuhle. Umbonisi ojikelezayo eMasvingo wayesemsebenzini wobuvangeli nabanye oFakazi bendawo. Wabona intombazane ilele eduze komgwaqo. OFakazi babona ukuthi yayibangwa nezibi, njengoba yayingakwazi nokukhuluma kahle futhi izwi layo liqhaqhazela. Igama lale ntombazane kwakunguHamunyari, ngesiShona elisho ukuthi “Awunamahloni?” Abazalwane bathola ukuthi yayishiywe amalungu esonto layo ayeya enkonzweni entabeni. OFakazi bayisiza ngothando le ntombazane, bayithatha bayisa endaweni eseduze.
Kuleyo ndawo, abanye abantu babemazi uHamunyari, ngakho bacela izihlobo zakhe ukuba zizomlanda. Maqondana noFakazi, abantu bendawo baphawula: “Lena inkolo yeqiniso. Lolu uthando okufanele luboniswe amaKristu.” (Johane 13:35) Ngaphambi kokuba bahambe, abazalwane bamnika ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Okwengeziwe NgeBhayibheli?a
Ngesonto elilandelayo umbonisi ojikelezayo wakhonza ibandla lalapho kuhlala khona uHamunyari. Wafuna ukwazi ukuthi uHamunyari wafika ephephile yini ekhaya. Wonke umkhaya wawujabule kakhulu ukumbona kanye nabazalwane bendawo. Abazali bakhe bathi: “Nina niyinkolo yeqiniso. Nisindise indodakazi yethu ekufeni njengoba yayishiywe emgwaqweni kusele umndondo.” Babuza amalungu esonto likaHamunyari: “Naningenamahloni, njengoba kusho igama likaHamunyari, ukumshiya efa?” OFakazi baqala ingxoxo yeBhayibheli futhi bahambisela umkhaya wakubo kaHamunyari izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, owacela abazalwane ukuba babuye bazobaqhubela isifundo seBhayibheli. Amanye amalungu alo mndeni ayephikisa oFakazi ngaphambili aye ashintsha isimo sawo sengqondo. Omunye wawo ongumlamu kaHamunyari, wayengumfundisi esontweni lendawo. Wasamukela isifundo seBhayibheli.
Ukwakha Izindlu Zokukhulekela
Imbongi ephefumulelwe yasendulo yabhala: “O Nkulunkulu, . . . umphefumulo wami uyakomela. . . . Ezweni elomile neligwadulekile, lapho kungenamanzi khona.” (IHubo 63:1) Yeka ukuthi lokhu kuye kwaba iqiniso kanjani kubantu abaningi baseZimbabwe! Bahlushwa isomiso ngokwenyama, kodwa ngokomoya bomela uNkulunkulu nobuhle bakhe. Ungakubona lokhu uma ubheka imiphumela yenkonzo yobuKristu eyenziwa oFakazi BakaJehova. Lapho iZimbabwe ithola uzibuse ngo-1980, kwakunoFakazi abangaba ngu-10 000 namabandla angu-476. Manje, ngemva kweminyaka engaba ngu-27, inani loFakazi abashisekayo liye laphindeka kathathu nenani lamabandla licishe laphindeka kabili.
Kula mabandla, ambalwa ayenezindawo zawo zokukhulekela. Ngo-January 2001, emabandleni angaphezu kuka-800 eZimbabwe ayengu-98 kuphela ayenendlu yokukhulekela—iHholo LoMbuso. Amabandla amaningi ayeqhuba imihlangano ngaphansi kwezihlahla noma emaqhugwaneni akhiwe ngezingodo nangodaka ase efulelwa ngotshani.
Ngenxa yeminikelo eminingi evela kubazalwane abangamaKristu emhlabeni wonke nezisebenzi zokuzithandela ezikhuthele, oFakazi baseZimbabwe baye baqala isimiso esenza ukuba amabandla engeziwe abe namaHholo OMbuso angadle ngabunkimbinkimbi kodwa amahle. OFakazi abaningi abavela phesheya kwezilwandle abanamakhono kwezokwakha benza amalungiselelo okuya eZimbabwe futhi basebenza nezisebenzi zokuzithandela zendawo. Omunye uFakazi wendawo wabhala: “Sibabonga kakhulu bonke abazalwane nodade abavela emazweni amaningi abaye beza eZimbabwe bezosisiza ukuba sakhe amaHholo OMbuso amahle. Futhi sinibonga nonke ngeminikelo yenu eniyifake eSikhwameni SamaHholo OMbuso eyenza sikwazi ukwenza lo msebenzi.”
Engxenyeni esempumalanga yaleli zwe, kwase kuyiminyaka engu-50 abazalwane behlangana phansi kwesihlahla esikhulu somkhomo (baobab). Lapho abadala abangamaKristu betshelwa ukuthi kwakuzokwakhiwa indlu yangempela yokukhulekela, oyedwa akakwazanga ukubamba izinyembezi. Ebandleni eliseduze, umdala oneminyaka engu-91 wathi: “Sekuyisikhathi eside ngicela kuJehova ukuba kwenzeke into enjengale!”
Kuye kwashiwo okuningi maqondana nokwakhiwa ngokushesha kwalezi zakhiwo ezinhle. Omunye owayebukele wathi: “Nina nakha emini, kodwa kumelwe ukuba uNkulunkulu wakha ebusuku!” Ubunye nenjabulo yezisebenzi kuyaphawuleka. Kuze kube manje, kuye kwaqedwa amaHholo OMbuso amasha angaphezu kwangu-350 kulo lonke leli. Lokhu kuye kwenza amabandla angu-534 ukuba akwazi ukuqhuba imihlangano emaHholo OMbuso aqinile akhiwe ngezitini.
Ukwakha ngokomoya okubalulekile kuyaqhubeka eZimbabwe. Njengoba sicabanga ngokuye kwafezwa, sishukumiseleka ukuba sidumise uJehova, umthombo walezo zibusiso. Yebo, “ngaphandle kokuba uJehova ngokwakhe eyakha indlu, akusizi ngalutho ukuthi abakhi bayo basebenzé kanzima kuyo.”—IHubo 127:1.
[Umbhalo waphansi]
a Linyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amabalazwe ekhasini 9]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IZIMBABWE
IHARARE
IMasvingo
IGreat Zimbabwe
[Isithombe ekhasini 9]
Umbhoshongo oyindilinga
[Isithombe ekhasini 12]
IHholo LoMbuso Elisha, IBandla LaseConcession
[Isithombe ekhasini 12]
Amalungu eBandla LaseLyndale ngaphandle kweHholo lawo LoMbuso elisha
[Imithombo Yezithombe ekhasini 9]
Ruins with steps: ©Chris van der Merwe/AAI Fotostock/age fotostock; tower inset: ©Ingrid van den Berg/AAI Fotostock/age fotostock